ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 25
Badala—Fundani Esibonelweni SikaGideyoni
“Isikhathi sizongishiya uma ngiqhubeka ngilandisa ngoGideyoni.”—HEB. 11:32.
INGOMA 124 Yiba Qotho Njalo
AMAZWIBELAa
1. Ngokusho kweyoku-1 Petru 5:2, abadala banaliphi ilungelo?
ABADALA abangamaKristu baphathiswe umsebenzi wokunakekela izimvu zikaJehova eziyigugu. La madoda azinikele ayalazisa ilungelo lawo lokukhonza abafowabo nodadewabo futhi asebenza kanzima ukuze abe ‘abelusi abelusa ngempela.’ (Jer. 23:4; funda eyoku-1 Petru 5:2.) Sibonga kakhulu ngokuba namadoda anjalo emabandleni ethu!
2. Yiziphi izinselele abanye abadala abangase babhekane nazo?
2 Abadala babhekana nezinselele eziningi lapho benza imisebenzi abayiphathisiwe. Okokuqala, ukunakekela ibandla kuwumsebenzi omkhulu. UTony, umdala wase-United States, kwadingeka afunde ukuba nesizotha kakhudlwana ngokuthi angamukeli yonke imisebenzi ayinikwayo. Uyachaza: “Lapho kuqala ubhubhane lwe-COVID-19, ngazama ukwenza imisebenzi eminingi yokuhlela imihlangano nenkonzo yasensimini. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi ngangisebenza kangakanani, umsebenzi wawungapheli. Ekugcineni, uhlelo lwami lokufunda iBhayibheli, isifundo somuntu siqu nokuthandaza, kwaphazamiseka.” U-Ilir, umdala waseKosovo, yena wabhekana nenselele ehlukile. Ngenkathi ehlala endaweni enempi, wakuthola kunzima ukulalela isiqondiso senhlangano. Uthi: “Kwadingeka ngibonise isibindi lapho ihhovisi legatsha linginika umsebenzi wokusiza abafowethu nodadewethu ababehlala endaweni eyingozi. Ngangesaba, kanti nesiqondiso engangisinikiwe kwakubonakala kungeke kube lula ukusilandela.” UTim, isithunywa sevangeli sase-Asia, wakuthola kunzima ukwenza zonke izinto okwakudingeka azenze usuku nosuku. Uthi: “Ngezinye izikhathi ngangizizwa ngikhandlekile futhi ngikhathele.” Yini engasiza abadala ababhekene nezinselele ezifanayo?
3. Singazuza kanjani sonke ngokuhlola isibonelo sikaMahluleli uGideyoni?
3 Abadala bangafunda esibonelweni sikaMahluleli uGideyoni. (Heb. 6:12; 11:32) Wayengumvikeli nomalusi wabantu bakaNkulunkulu. (AbaHl. 2:16; 1 IziKr. 17:6) NjengoGideyoni, abadala banikezwe umsebenzi wokunakekela abantu bakaNkulunkulu phakathi nezikhathi ezibucayi kakhulu. (IzE. 20:28; 2 Thim. 3:1) Singafunda esibonelweni sikaGideyoni sokuba umuntu onesizotha, othobekile nolalelayo. Kwadingeka akhuthazele njengoba ayefeza izabelo zakhe. Kungakhathaliseki ukuthi singabadala noma cha, singafunda ukubazisa nakakhulu abadala. Singawasekela la madoda asebenza kanzima ukuze anakekele ibandla.—Heb. 13:17.
LAPHO ISIZOTHA NOKUTHOBEKA KWAKHO KUVIVINYWA
4. UGideyoni wabonisa kanjani ukuthi unesizotha futhi uthobekile?
4 UGideyoni wayeyindoda enesizotha nethobekile. Lapho ingelosi kaJehova itshela uGideyoni ukuthi wayekhethiwe ukuba asindise u-Israyeli kwabakwaMidiyani abanamandla, leyo ndoda ethobekile yaphendula yathi: “Umndeni wakithi mncane kunayo yonke kwaManase, futhi mina angilutho endlini kababa.” (AbaHl. 6:15) Wazizwa engafaneleki ukwenza leso sabelo, kodwa uJehova wayazi ukuthi angasenza. Ngosizo lukaJehova, uGideyoni wasifeza ngempumelelo isabelo sakhe.b
5. Yiziphi izimo ezingavivinya isizotha nokuthobeka komdala?
5 Abadala benza konke okusemandleni ukuze babonise ukuthi banesizotha futhi bathobekile kuzo zonke izinto. (Mika 6:8; IzE. 20:18, 19) Abaziphakamisi ngalokho abakwazi ukukwenza noma abakufezile; futhi abaziboni bengelutho ngenxa yokushiyeka kwabo noma izinto abahluleka ukuzenza. Noma kunjalo, umdala angase abhekane nezimo ezimvivinyayo. Ngokwesibonelo, angase amukele izabelo eziningana bese kuba nzima ukuzifeza zonke. Noma angase agxekwe ngendlela enze ngayo isabelo esithile noma anconywe ngendlela enze ngayo esinye. Yini abadala abangayifunda kuGideyoni ezobasiza ezimweni ezinjalo?
6. Yini abadala abangayifunda esibonelweni sikaGideyoni sokubonisa isizotha? (Bheka nesithombe.)
6 Cela usizo. Umuntu onesizotha uyazi ukuthi kunezinto angeke akwazi ukuzenza. UGideyoni wabonisa ukuthi unesizotha, wacela usizo kwabanye. (AbaHl. 6:27, 35; 7:24) Abadala abahlakaniphile nabo benza okufanayo. UTony, ocashunwe ekuqaleni uthi: “Ngenxa yendlela engakhuliswa ngayo, ngangivame ukwamukela umsebenzi ongaphezu kwamandla ami. Ngakho, nganquma ukuthi ekukhulekeleni komndeni sixoxe nangezihloko ezikhuluma ngesizotha, ngacela nomkami aveze lokho akucabangayo. Ngaphinde ngaya ku-jw.org ngabukela ividiyo ethi Qeqesha, Uthembe Futhi Uqinise Abanye Njengoba Kwenza UJesu.” UTony wabe esecela abanye ukuba bamsize ngomsebenzi ayenawo. Waba yini umphumela? UTony uthi: “Umsebenzi wasebandleni uyenziwa futhi senginesikhathi esengeziwe sokuqinisa ubuhlobo bami noJehova.”
7. Abadala bangamlingisa kanjani uGideyoni uma begxekwa? (Jakobe 3:13)
7 Ungabi nolaka lapho ugxekwa. Olunye uvivinyo abadala ababhekana nalo ukugxekwa. Nalapha futhi, isibonelo sikaGideyoni singasiza. Ngenxa yokuthi wayazi ukuthi naye unesono, wahlala ezolile lapho abakwa-Efrayimi bemgxeka. (AbaHl. 8:1-3) UGideyoni akazange aphendule ngolaka. Wabonisa ukuthobeka ngokulalela izikhalo zabo, ngobuhlakani wadambisa isimo esasishubile. Abadala abahlakaniphile balingisa uGideyoni ngokulalelisisa nangokuphendula ngendlela emnene lapho begxekwa. (Funda uJakobe 3:13.) Ngaleyo ndlela baba nesandla ekwenzeni ibandla libe nokuthula.
8. Amadoda amisiwe kufanele enzenjani lapho edunyiswa? Nikeza isibonelo.
8 Udumo luyise kuJehova. Ngesikhathi uGideyoni edunyiswa ngenxa yokunqoba abakwaMidiyani, wayisa udumo kuJehova. (AbaHl. 8:22, 23) Amadoda amisiwe angamlingisa kanjani uGideyoni? Angayisa udumo kuJehova ngalokho akufezayo. (1 Kor. 4:6, 7) Ngokwesibonelo, uma umdala enconywa ngekhono lakhe lokufundisa, angaveza ukuthi lolo lwazi uluthole eZwini likaNkulunkulu noma uqeqeshwe yinhlangano kaJehova. Ngezikhathi ezithile, abadala kungase kudingeke bazihlole ukuthi indlela abafundisa ngayo yenza kunakwe bona ngokungenasidingo yini noma idumisa uJehova. Cabanga ngalokho okwenzeka kumdala okuthiwa uTimothy. Ngesikhathi esanda kuba umdala, wayekuthanda ukwenza izinkulumo zeningi. Uthi: “Ngangivame ukwenza izethulo nemifanekiso emide neyinkimbinkimbi. Abantu babevame ukungincoma ngenxa yalokho. Ngeshwa, lokho kwakwenza ukuba kunakwe mina kunokuba kugxilwe eBhayibhelini noma kuJehova.” Ngokuhamba kwesikhathi, uTimothy wabona ukuthi kudingeka ashintshe indlela afundisa ngayo ukuze angenzi kunakwe yena ngokungenasidingo. (IzAga 27:21) Kwaba namiphi imiphumela? Uthi: “Manje abafowethu nodadewethu abahlukahlukene bangitshela indlela inkulumo yami ebasize ngayo bakwazi ukunqoba inkinga ethile, bakwazi ukukhuthazelela uvivinyo, noma indlela ebasize ngayo basondelana nakakhulu noJehova. Izinto abazishoyo zingijabulisa kakhulu kunezinto ababezisho eminyakeni edlule ezazidumisa mina.”
LAPHO KUNZIMA UKULALELA NOMA UKUBONISA ISIBINDI
9. Yini eyenza kwaba nzima ngoGideyoni ukuba alalele futhi abonise isibindi? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)
9 Ngemva kokuba uGideyoni emiswe njengomahluleli, kwadingeka alalele, abonise nesibindi. Wanikezwa isabelo esiyingozi sokudiliza i-altare likaBhali okwakungelikayise. (AbaHl. 6:25, 26) Kamuva, ngemva kokuhlanganisa ibutho, uGideyoni wayalwa izikhathi ezimbili ukuba alinciphise. (AbaHl. 7:2-7) Ekugcineni, wayalwa ukuba ahlasele ikamu lesitha phakathi nobusuku.—AbaHl. 7:9-11.
10. Kunini lapho umdala engase akuthole kunzima khona ukulalela?
10 Abadala kufanele ‘basheshe ukulalela.’ (Jak. 3:17) Umdala olalelayo uhlale ekulungele ukwenza okushiwo imiBhalo nokulalela iziqondiso zenhlangano kaNkulunkulu. Ngaleyo ndlela ubabekela isibonelo esihle abanye. Nakuba kunjalo, ukulalela kwakhe kungavivinywa. Ngokwesibonelo, angase akuthole kunzima ukuhambisana nazo zonke iziqondiso eziningi ezifikayo. Kwezinye izimo, angase azibuze ukuthi isiqondiso esithile siyadingeka ngempela yini noma sihlakaniphile yini. Noma angase acelwe ukuba enze isabelo esingase simenze aboshwe. Abadala bangasilingisa kanjani isibonelo sikaGideyoni sokulalela ezimweni ezinjengalezi?
11. Yini engasiza abadala balalele?
11 Silalelisise isiqondiso futhi usisebenzise. UNkulunkulu watshela uGideyoni ukuthi alidilize kanjani i-altare likayise, ukuthi alakhe kuphi i-altare likaJehova nokuthi yisiphi isilwane okwakufanele asenze umhlatshelo. UGideyoni akazange asingabaze leso siqondiso—wamane wasilalela nje. Namuhla, abadala bathola iziqondiso ezivela enhlanganweni kaJehova ngezincwadi, izaziso neziqondiso ezisisiza sihlale siphephile futhi sisondelene noJehova. Sibathanda kakhulu abadala ngokuzilalela ngokwethembeka iziqondiso ezivela enhlanganweni. Lonke ibandla liyazuza.—IHu. 119:112.
12. Abadala bangayisebenzisa kanjani eyamaHebheru 13:17 uma inhlangano kaJehova ibatshela ukuba benze izinto ngendlela ehlukile?
12 Zimisele ukuzivumelanisa nezimo. Khumbula ukuthi ngemva kokuthola isiqondiso esivela kuJehova, uGideyoni wanciphisa ibutho lakhe kwasala amadoda ambalwa kakhulu. (AbaHl. 7:8) Kungenzeka wazibuza: ‘Sikhona ngempela yini isidingo salolu shintsho? Ingabe lokhu kuzosebenza?’ Noma kunjalo, uGideyoni walalela. Abadala namuhla balingisa uGideyoni ngokulalela iziqondiso ezivela enhlanganweni ezithi abenze izinto ngendlela ehlukile. (Funda eyamaHebheru 13:17.) Ngokwesibonelo, ngo-2014 iNdikimba Ebusayo yayishintsha indlela ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso namaHholo OMhlangano okusekelwa ngayo ngokwezimali. (2 Kor. 8:12-14) Amabandla kwakungeke kusadingeka akhokhe isikweletu. Kunalokho, imali evela emabandleni emhlabeni wonke yayihlanganiswa ukuze kwakhiwe izakhiwo zenhlangano noma kuphi lapho zazidingeka khona, kungakhathaliseki ukuthi ibandla elikuleyo ndawo linawo yini amandla okukhokha noma cha. Lapho uJosé ezwa ngalolu shintsho, wayengaqiniseki ukuthi luzosebenza. Wacabanga: ‘Akukho ngisho nelilodwa iHholo LoMbuso eliyophinde lakhiwe. Azenziwa kanjalo izinto kuleli lakithi.’ Yini eyamsiza ukuba asekele leso siqondiso? Uthi: “Amazwi asencwadini yezAga 3:5, 6 angikhumbuza ukuba ngithembele kuJehova. Imiphumela ibe mihle kakhulu! Asigcini nje ngokwakha amaHholo OMbuso engeziwe, kodwa sesifunde nokunikela ngezindlela ezihlukahlukene ukuze kube khona ukulingana.”
13. (a) Yini uGideyoni ayeqiniseka ngayo? (b) Abadala bangamlingisa kanjani uGideyoni? (Bheka nesithombe.)
13 Yenza intando kaJehova ngesibindi. UGideyoni walalela uJehova naphezu kokwesaba nezingozi ezazihilelekile. (AbaHl. 9:17) Ngemva kokuba uJehova emqinisekisile, uGideyoni waqiniseka ngokuphelele ukuthi uzomsiza avikele abantu baKhe. Abadala abahlala ezindaweni umsebenzi wethu ovinjelwe kuzo balingisa uGideyoni. Ngesibindi, bayahola emihlanganweni yebandla nasenkonzweni yasensimini nakuba lokho kubabeka engcupheni yokuboshwa, ukuphenywa ngemibuzo, ukulahlekelwa umsebenzi noma ukuhlukunyezwa.c Phakathi nosizi olukhulu, abadala kuyodingeka babe nesibindi ukuze balalele iziqondiso abayozithola—kungakhathaliseki ukuthi yiziphi izingozi ezihilelekile. Iziqondiso zingase zihlobane nokuhambisa umyalezo ofana nesichotho nalokho okumele sikwenze ukuze sisinde lapho kuhlasela uGogi wakwaMagogi.—Hez. 38:18; IsAm. 16:21.
LAPHO KUNZIMA UKUKHUTHAZELA
14. Kungani kwakunzima ngoGideyoni ukuba akhuthazele?
14 Isabelo sikaGideyoni sokuba umahluleli sasidinga amandla amaningi. Lapho abakwaMidiyani bebaleka phakathi nempi ebusuku, uGideyoni wabajaha besuka eSigodini SaseJizreyeli baze bayofika eMfuleni iJordani, cishe okwakuyindawo eyayizungezwe izihlahla eziningi. (AbaHl. 7:22) Ingabe uGideyoni wama eJordani? Cha! Nakuba ayekhathele, yena namadoda angu-300 baliwela, baqhubeka bebajaha. Ekugcineni, babafica abakwaMidiyani, babanqoba.—AbaHl. 8:4-12.
15. Kunini lapho kungaba nzima khona ngomdala ukukhuthazela?
15 Ngezinye izikhathi umdala angase akhathale emzimbeni, engqondweni, noma ngokomzwelo ngenxa yokunakekela ibandla nomndeni wakhe. Ezimweni ezinjalo, abadala bangamlingisa kanjani uGideyoni?
16-17. Yini eyasiza uGideyoni ukuba akhuthazele, futhi abadala bangaqiniseka ngani? (Isaya 40:28-31) (Bheka nesithombe.)
16 Qiniseka ukuthi uJehova uzokupha amandla. UGideyoni wayeqiniseka ukuthi uJehova uzomnika amandla futhi ngempela wamnika. (AbaHl. 6:14, 34) Ngesinye isikhathi, uGideyoni namadoda akanye naye babejaha amakhosi amabili akwaMidiyani ngezinyawo, wona okungenzeka ayegibele amakamela. (AbaHl. 8:12, 21) Nokho, ngosizo lukaNkulunkulu, la ma-Israyeli azikhandlayo anqoba. Abadala nabo bangancika kuJehova, ‘ongakhathali noma aphelelwe amandla.’ Uyobanika amandla lapho bewadinga.—Funda u-Isaya 40:28-31.
17 Cabanga ngesibonelo sikaMatthew, oyilungu leKomiti Yokubonisana Nezibhedlela. Yini emsiza ukuba akhuthazele? UMatthew uthi: “Ngikubonile ukuba yiqiniso kwamazwi akweyabaseFilipi 4:13. Kaningi lapho ngikhathele futhi ngitubekile, ngiye ngathandaza ngokujulile kuNkulunkulu ngimcela ukuba angiphe amandla engiwadingayo ukuze ngisize abafowethu. Ezikhathini ezinjalo, ngiwuzwile umoya kaJehova ungipha amandla, ungisiza ukuba ngikhuthazele.” NjengoGideyoni, abadala abazinikele emsebenzini wabo bangase babhekane nezinkinga lapho benza konke abangakwenza ukuze beluse umhlambi. Kuyavunywa, kudingeka baqonde ukuthi kungakanani abanamandla okukwenza, bangazami ukwenza okungaphezu kwamandla abo. Nokho, bangaqiniseka ngokuthi uJehova uzobezwa lapho becela usizo futhi uzobanika amandla okukhuthazela.—IHu. 116:1; Fil. 2:13.
18. Uma sesibuyekeza, abadala bangamlingisa kanjani uGideyoni?
18 Abadala bangathola izifundo abangazisebenzisa nezifike ngesikhathi esibonelweni sikaGideyoni. Kumele babonise isizotha nokuthobeka lapho benquma ukuthi ungakanani umsebenzi abazowamukela nasendleleni abasabela ngayo lapho begxekwa noma benconywa. Kumele balalele futhi babonise isibindi, ikakhulukazi njengoba ukuphela kwaleli zwe kusondela. Kudingeka baqiniseke nangokuthi kungakhathaliseki ukuthi babhekana naziphi izinkinga, uNkulunkulu uzobanika amandla. Ngokuqinisekile, siyabazisa laba belusi abasebenza kanzima futhi ‘siyaqhubeka sibheka amadoda alolu hlobo njengathandekayo.’—Fil. 2:29.
INGOMA 120 Lingisa Ubumnene BukaKristu
a UGideyoni wamiswa uJehova ukuba eluse abantu bakhe futhi abavikele phakathi nesikhathi esinzima kakhulu emlandweni wesizwe sakwa-Israyeli. UGideyoni wasifeza ngokwethembeka leso sabelo iminyaka ecishe ibe ngu-40. Noma kunjalo, wabhekana nezinselele eziningi. Sizoxoxa ngokuthi isibonelo sakhe singabasiza kanjani abadala namuhla lapho bevivinywa.
b Isizotha nokuthobeka yizimfanelo ezicishe zifane. Sibonisa ukuthi sinesizotha ngokuba nombono ofanele ngathi nangokwazi ukuthi amandla ethu ahamba aphele kuphi. Sibonisa ukuthi sithobekile ngokuhlonipha abanye nangokubabheka njengabakhulu kunathi. (Fil. 2:3) Ngokuvamile, umuntu onesizotha usuke ethobekile futhi.
c Bheka isihloko esithi “Qhubeka Ukhonza UJehova Lapho Umsebenzi Wethu Uvinjelwe” kuyi-Nqabayokulinda kaJulayi 2019, kk. 10-11, izig. 10-13.