‘Ngubani Oye Wazi Umqondo KaJehova Na?’
“Ngokuba ngubani owawazi umqondo [kaJehova] na? Nokuba ngubani owabangumluleki [Wakhe] na?”—ROMA 11:34; ISAYA 40:13.
1. (a) Imuphi umbuzo oyinselele uPawulu awucaphuna kuIsaya 40:13? (b) Igama eliyisihluthulelo engcaphunweni yakhe lihluka kanjani esiHeberwini sakuqala?
EMINYAKENI engaphezu kwezi-2 700 edlule kwaphakanyiswa umbuzo obeka inselele phambi kwesizwe sakwaIsrayeli sasendulo, njengoba wacashunwa owake waba umFarisi ongumJuda encwadini yakhe, kumaRoma 11:34: “Ngokuba ngubani owawazi umqondo [kaJehova, NW] na? Nokuba ngubani owabangumluleki [wakhe] na?” Lombuzo wacashunwa umphostoli uPawulu enguqulweni eyenziwa iSeptuagint Version yesiGreki yasendulo kaIsaya 40:13, futhi lenguqulo lapho isebenzisa igama elithi “umqondo” (nous) esikhundleni segama elisho “umoya” njengoba litholakala embhalweni wakuqala wesiHeberu.
2. Yini esiyiqondayo ‘ngomqondo’ womuntu? Bonisa.
2 Manje, isho ukuthini inkulumo ephefumlelwe ethi ‘umqondo kaJehova’? Kithina njengezidalwa ezingabantu, umqondo umelele izinqubo zethu zokucabanga. Ngokwesibonelo, ‘singanquma,’ ukuba ‘nomqondo owawukhona nakuKristu Jesu.’ (Filipi 2:5; bheka futhi uGenesise 11:6, NW.) Amandla ethu engqondo aphakeme kunawanoma iziphi izilwane.
3-5. (a) UIsaya 55:8, 9 ubonisani ‘ngomqondo kaJehova? (b) Kungani kungamangalisi ukuthi uPawulu wababaza njengoba kulotshwe kumaRoma 11:33? (c) Usho ukuthini umphostoli ngenkulumo yakhe kumaRoma 11:34? (d) Kungani abalobi bangaphambi kobuKristu babengenakuwa” “umqondo” kaJehova?
3 Lokho uJehova uNkulunkulu, uMdali akucabangayo kuphakeme ngokungenakulinganiswa kunalokho thina zidalwa ezingabantu ezingaphelele esingase sikucabange noma sibe nombono wakho ngathi. Udonsela ukunakekela kuleliphuzu elibalulekile esiprofethweni sikaIsaya 55:8, 9, lapho kubhalwe khona ukuthi: “Ngokuba imicabango yami ayisiyo imicabango yenu, nezindlela zenu azisizo izindlela zami, usho uJehova. Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu.” Ngakho-ke, unenhloso yokuthile okungcono kakhulu ngezidalwa zakhe ezingabantu, ikakhulukazi ngalabo abangena ebuhlotsheni besivumelwano naye, kunalokho thina zidalwa lapha emhlabeni esingakuceba. Akumangalisi-ke, ukuthi, ngemva kokukhuluma ngesici esiyingqayizivele kunazo zonke zelungiselelo likaJehova nangendlela elifezwa ngayo, “umphostoli wabezizwe” washukunyiselwa ukuba athi: “Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!” (Roma 11:13, 33) Ngokuqinisekile akekho umuntu owake waqonda izindlela zikaNkulunkulu ngaphambi kwakhe. Ngakho-ke, umphostoli ophefumlelwe uqhubeka athi: “Ngokuba ngubani owawazi umqondo [noun] wenkosi na? Ngokuba ngubani owaba-ngumluleki wayo na?” (Roma 11:34) IThe Jerusalem Bible ifundeka kanje lapha: “Ubani owayengazi umqondo weNkosi? Ubani owayengaba umeluleki wayo?”
4 Ngalawomazwi umphostoli akasho ukuthi, ngemva kokuba uNkulunkulu esembule okusengqondweni yakhe, umuntu ngeke awazi noma awuqonde umqondo waKhe. Cha! Ngoba uNkulunkulu uye wembula umqondo wakhe kithina bantu emakhasini eZwi lakhe eliphefumlelwe, imiBhalo eNgcwele. Lokho umphostoli akushoyo ukuthi akukho muntu, ngokuziqambela kwakhe futhi ngaphambi kokuhlela kukaNkulunkulu umqondo waKhe noma injongo, owayengahlela noma enze into efanayo ngamandla akhe okucabanga! Ngaphambi kokumbula kukaNkulunkulu, akukho muntu oye wenza kanjalo. Khona-ke, kuyiqiniso, ngaphambi kwesambulo saphezulu esilotshwe eBhayibhelini, akukho muntu owake wazi “umqondo [kaJehova].” Akukho noyedwa wababhali bangaphambi kobuKristu bezincwadi ezingama-39 zokuqala zemiBhalo eNgcwele owenza kanjalo, hhayi ngisho nomniki-mthetho uMose.
5 Ngokwesibonelo, akekho noyedwa owayengaqonda lokho uJehova ayekucabanga ekusebenzelaneni noAbrahama nenzalo yakhe, futhi akekho owayengaqonda ukuthi konke lokho kwakuthintene ngani nezehlakalo zekhulu lokuqala leminyaka C.E.
“Umqondo” KaJehova ‘Ngomnqumo’
6. (a) Yisiphi isithembiso uPawulu ayekade ekhuluma ngaso kumaRoma isahluko 11? (b) UAbrahama wayeboniswe kanjani umusa omkhulu, futhi ngenxa yani?
6 KumaRoma isahluko 11, umphostoli wayekhuluma ‘ngenzalo ka-Abrahama’ ebikezelwe, kuze kube sevesini lama-34. Ngokwemibhalo kaMose kuGenesise 12:3 naku-22:17, 18, uJehova uNkulunkulu wathembisa ukubusisa inzalamizi esigugile uAbrahama ngomntanakhe, noma “inzalo”; kulenzalo, noma ngayo, uNkulunkulu ka-Abrahama wayeyobusisa yonke imindeni nezizwe zomhlaba ngesikhathi sakhe esifanelekile. Yeka isithembiso esenqabile sokuba indlalifa kuso, futhi yeka umvuzo wokholo nokulalela okwakuyiwo kuAbrahama ukuba abe yindlalifa kulesosithembiso!
7. (a) Izingxenye ‘zomnqumo’ ongokomfanekiso zimelelani? (b) “Amagatsha” ayesohlwini lokuba abe yini? (c) Ngokuphathelene ‘nenzalo,’ yini ‘esemqondweni’ kaJehova eyayisazokwembulwa?
7 Umphostoli ufanisa lokho uJehova ayekucabanga kwasekuqaleni nokukhula komuthi womnqumo, umuthi ovamile ezweni lakubo lakwaIsrayeli. Ngokuvumelana nalomfanekiso, impande yalomuthi womnqumo ongokomfanekiso kwakunguAbrahama ngokwakhe. Isiqu esaphuma kuAbrahama njengempande engokomfanekiso sasenziwe indodana yakhe ethandekayo ulsaka, umzukulu wakhe uJakobe, noma uIsrayeli, namadodana ayi-12 kaJakobe, oyise bezizwe eziyi-12 zakwaIsrayeli. Ngokwemvelo zonke izizukulwane zalezo zinzalamizi eziyi-12 zazingamagatsha kulowo muthi womnqumo ongokomfanekiso. Ngaleyondlela, ngokuqondile zazisohlwini lokuba “inzalo ka-Abrahama” ethenjisiwe imindeni nezizwe zomhlaba ezaziyobusiswa ngayo ngokwenjongo noma “umqondo” wothando kaJehova. Kodwa ezazingakwazi ‘ngalenzalo’ kwakuwukuthi yayingenakuba yinzalo engokwenyama ngokudabuka ngokwemvelo enzalamizini uAbrahama, ngoba kwakumelwe ibe “inzalo” engokomoya. Ngakho uyise wayezoba othile omkhulu kunoAbrahama, ophakeme kunaye. Lona kwakungenakuba omunye ngaphandle koMniki-Kuphila omkhulu, uJehova uNkulunkulu ngokwakhe. Ubani-ke, owayezoba ngoyinhloko ‘walenzalo’?
8. (a) UJesu waba kanjani omkhulu kunolsaka? (b) Kungani umhlatshelo kaJesu nokuvuselwa kwakhe ezulwini kwakudingekile ukuze kubusiswe yonke imlndeni yomhlaba?
8 Lona wayemkhulu kunolsaka, indodana yobuxhegu buka-Abrahama. ‘Kwakuwumuntu uKristu Jesu,’ owayeyinzalo kalsaka kepha emkhulu kunolsaka nendodana yakhe uJakobe, noma uIsrayeli, namadodana ayi-12 kaJakobe, izisekelo eziyi-12 zesizwe sakwaIsrayeli. (1 Thimothewu 2:5) Umntwana owayezokwethiwa ngokuthi uJesu ‘wayeyiNdodana kaNkulunkulu,’ ngoba wakhula esibelethweni sikanina oyincasakazi uMariya ngomoya kaJehova uNkulunkulu. Eqinisweni, ukuphila kwakhe kwagudlulwa endaweni yomoya kwayiswa esibelethweni sikaMariya, futhi umyeni wakhe, uJosefa, wayengusingayise kaJesu wasemhlabeni kuphela. (Luka, izahluko 1-3) Kodwa, njengoba izinto zaba kanjalo, uJesu akazange abe umbusisi wemindeni nezizwe zomhlaba njengendoda emhlabeni. Yiqiniso, ngomhlatshelo wakhe wobuntu ophelele, ongenasono eKhalvari ngaphandle kweJerusalema ngo-33 C.E., uJesu angasebenza njengesibusiso saso sonke isintu. Kodwa ngosuku lwesithathu lokufa kwakhe ngo-33 C.E., uJehova uNkulunkulu, uYise wasezulwini, wamvusa kwabafileyo futhi kamuva wabuyela ezulwini njengeNdodana kaNkulunkulu yomoya. Ubusisa yonke imindeni nezizwe zomhlaba elapho.
9. (a) Umuthi womnqumo ongokomfanekiso manje uba nayiphi incazelo ebanzi? (b) Liyini inani lamagatsha angokomoya, futhi sazi kanjani? (c) AbaseGalathiya 3:28, 29 basikhanyisela kanjani ngokuphathelene ‘nalamagatsha’?
9 Ngokwalombono, umfanekiso womphostoli womuthi womnqumo uba nencazelo entsha nenkulu kakhulu. “Impande” yalowo muthi womnqumo ongokomoya ibonakala inguJehova uNkulunkulu, uMniki-Kuphila oMkhulu kunabo bonke, omkhulu kunenzalamizi uAbrahama. INdodana ezelwe yodwa yaloAbrahama oMkhulu ibonakala inguJesu Kristu, omkhulu kunolsaka. Lolsaka oMkhulu ubonakala eyiNhloko yebandla lobuKristu elizelwe ngomoya ka-Abrahama oMkhulu, uJehova uNkulunkulu. Amalungu ebandla lobuKristu angamagatsha angokomoya ahluma kulomuthi womnqumo ongokwasezulwini, futhi ngokwesAmbulo 7:1-8 no-14:1-3, ekugcineni, kumelwe abe inani lamalungu ayizi-144 000. Kungakho kwabaseGalathiya 3:28, 29 sifunda ukuthi: “Akakho umJuda nomGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu. Kepha uma ningabakaKristu, seniyinzalo ka-Abrahama, niyizindlalifa ngokwesithembiso.”
10. (a) Obani ababengabokuqala ohlwini lokuba amagatsha angokomoya? (b) Obani balaba ‘abasindiswa,’ futhi uPawulu wasicaphuna kanjani isiprofetho ukuba abonise lokhu?
10 AmaJuda emvelo osuku lukaJesu, ngokuba abafowabo ngokwemvelo, ayengawokuqala ohlwini lokuba “amagatsha” kulowomuthi womnqumo ongokomoya ngenxa yohlu lozalo olungokwemvelo olusuka enzalamizini uAbrahama. Ayesesivumelwaneni soMthetho noAbrahama oMkhulu ngomkhulumeli uMose. UJesu weza ngokuqondile “ezimvini ezilahlekileyo zendlu kaIsrayeli” emhlabeni hhayi komunye umuntu. (Mathewu 10:6) Ngakho abokuqala bokuba “amagatsha” kulowomuthi womnqumo ongokomoya, ompande yawo inguJehova uNkulunkulu, babengamaJuda emvelo, abaphostoli bakaJesu Kristu abathembekile abayi-12 nezinkulungwane zamanye amaJuda emvelo. Kodwa “insali” encane kuphela yamaJuda emvelo ‘eyasindiswa’ ukuba ibe inzalo ka-Abrahama oMkhulu futhi ibe izindlalifa ‘zesithembiso’ sakhe, njengoba kwabikezelwa kuIsaya 10:22. UPawulu ucaphuna lesisiprofetho kumaRoma 9:27.
11. (a) Ababezoba “amagatsha” banqunywa nini? (b) “Amagatsha” omnqumo wasendle manje axhunyelelwa kanjani, futhi kumuphi umuthi womnqumo?
11 Ukunqunywa kwababezoba “amagatsha” ‘enzalo ka-Abrahama’ kwaqala ngokuphenduka kwamaSamariya asokiwe, futhi kwaba namandla eminyakeni emithathu nengxenye ngemva kokufa nokuvuka kukaJesu Kristu, ulsaka oMkhulu. Ngalesosikhathi, abokuqala abakholwayo abangewona amaJuda, abangasokiwe, induna yekhulu engumRoma uKorneliyu nomkhaya wakhe nabangane abakholwayo, baphendulwa umphostoli uPetru futhi, ngemva kokuba bezelwe futhi bagcotshwa ngomoya kaJehova babhapathizwa. (IzEnzo, isahluko 10) Kanjalo “amagatsha” avela emthini womnqumo wasendle axhunyelelwa emthini womnqumo ongokomoya uJehova uNkulunkulu ‘ayimpande’ yawo enikeza ukuphila.
12. (a) Yini eyayingenzeka uma “amagatsha” anqunyiwe ephenduka? Bonisa. (b) Lokhu kwabonisani? (c) NjengoPawulu, kumelwe sisabele kanjani ekwembulweni okunjalo ‘komqondo’ kaJehova?
12 Nokho, uma noma ibaphi bamaJuda emvelo anqanyulwa bephinda becabangela izindaba futhi bephenduka, njengoAkwila noPrisila, babeyobuye baxhunyelelwe elungelweni elingokomoya isizwe samaJuda esasililahle ngokungakholelwa kulsaka oMkhulu, uJesu Kristu. (IzEnzo 18:1-4, 26; Roma 16:3; 1 Korinte 16:19) Lokhu kwabonisa umusa wothando kaJehova uNkulunkulu, uAbrahama oMkhulu. Ububele obunjalo obuncomekayo bukaJehova uNkulunkulu kumaJuda emvelo, ayesathandeka kuNkulunkulu ngenxa yokhokho bawo, yibo obabangela ukuba umphostoli athi, “Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu!” Ingabe lokhu kwembulwa ‘komqondo’ kaJehova nakithi kuvusa umuzwa wokwazisa ovela enhliziyweni?
Ukuthanda UNkulunkulu Ngayo Yonke Inhliziyo Yakho Nangayo Yonke Ingqondo Yakho
13, 14. (a) UNkulunkulu wawunikeza kanjani uMthetho, futhi ngayiphi injongo? (b) UJesu wathini ngokuphathelene nalowoMthetho, futhi kukuyiphi “inhliziyo” abhekisela kuyo lapha? (c) Imiphi imiyalo emibili eyacashunwa uJesu, futhi kungani kumelwe siyigcine?
13 UJehova uNkulunkulu wenza isivumelwano nenzalo yemvelo yenzalamizi uAbrahama, isizwe sakwaIsrayeli, umprofethi uMose ekhonza njengomkhulumeli. Lokho kwakusemuva ngonyaka ka-1513 B.C.E. ehlane leNhlonhlo yaseSinayi eNtabeni iSinayi. Wabanikeza uMthetho wakhe lapho. Ngokuphathelene naloMthetho umphostoli uPawulu wabhala: “Njalo-ke umthetho sewaba-ngumlayi wethu wokusiyisa kuKristu, ukuze silungisiswe ngokukholwa.” (Galathiya 3:24) Manje uKristu Jesu wathini ngoMthetho njengoba wanikezwa ngoMose? Lapho ebuzwa ukuthi imuphi “umyalo omkhulu” wencwadi yoMthetho, uJesu waphendula: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo [isiGreki: kar·diʹa] yakho, nangawo wonke umphefumulo [psy·kheʹ] wakho, nangayo yonke ingqondo [di·a·noiʹa] yakho. Yilowo umyalo omkhulu nowokuqala. Owesibili ofana nawo uthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena. Kuleyomiyalo emibili kubambelela umthetho wonke nabaprofethi.” (Mathewu 22:35-40) Lapha, inhliziyo kubhekiselwe kuyo ngokuhlobene nomqondo, okubonisa ukuthi kumelwe kube “inhliziyo” ngenqondo engokomfanekiso.
14 UJesu lapho wayecaphuna kuDuteronomi 6:5: “Wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo [isiHeberu: le·babʹ] yakho, nangawo wonke umphefumulo [neʹphesh] wakho, nangawo onke amandla akho.” NakuLevitikusi 19:18: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena; nginguJehova.” Ngakho uJesu wabeka leyomiyalo emibili ngokuthi omkhulu nomunye omkhulu ofana nawo wesivumelwano soMthetho kaMose. Thina namuhla asikho ngaphansi koMthetho kaMose, kodwa lezozimfuneko eziyisisekelo azikaphelelwa isikhathi. Kumelwe sizigcine.
15. (a) Yini eshukumisa inhliziyo yenyama, futhi isebenza kanjani? (b) Yibuphi ubuhlobo inhliziyo yenyama enabo nobuchopho nomqondo?
15 Siyazi ukuthi “umoya wokuphila” oshukumisa inhliziyo yenyama. (IsAmbulo 11:11; Genesise 7:22) Lamandla okuphila ashukumisa inhliziyo yenyama ephilayo ukuze impompele igazi lokuphila kuzo zonke izingxenye zomzimba womuntu, kuhlanganise nobuchopho. UJehova uNkulunkulu wathi: “Umphefumulo [neʹphesh] wenyama yonke, igazi layo lihlangene nomphefumulo wayo; ngalokho ngathi kubantwana bakwaIsrayeli: Maningadli igazi lenyama noma iyiphi, ngokuba umphefumulo wenyama yonke uyigazi layo.” (Levitikusi 17:14) Ukuze umzimba wonke uphile, inhliziyo yenyama kumelwe iqhubele igazi elilondoloza ukuphila kuzo zonke izingxenye zawo, noma lokhu kujikeleza kwegazi kungaba ngenhliziyo yomuntu yemvelo ayinikwa uNkulunkulu, ngenhliziyo ethathwe emzimbeni womunye umuntu noma ngenhliziyo ewumshini engenayo imizwa engeyona inyama. Kanjalo igazi limpontshelwa ebuchosheni, amandla abo okucabanga ayashukunyiswa nengqondo isebenze. Ngakho-ke, kuba sobala ukuthi inhliziyo yenyama yondla ubuchopho ngenxa yokubunikeza igazi eliqukethe amandla okuphila ashukumayo, “umoya wokuphila.” Kungakhathaliseki noma umuntu uyakuzwa noma cha, inhliziyo iqhubeka impompela igazi ebuchosheni nakwezinye izingxenye zomzimba.
16. (a) NgokweBhayibheli, iyini inhliziyo engokomfanekiso? (b) Yini efunekayo kithi ekuthandeni uJehova “ngayo yonke inhliziyo”? (c) Simthanda kanjani ngayo yonke “ingqondo” yethu?
16 Kodwa-ake sibheke ngalé kwenhliziyo yoqobo eyinyama ephilayo. Njengoba isetshenziswa eBhayibhelini, inhliziyo imelele indawo yesisusa neyemizwelo. Lena inhliziyo engokomfanekiso, leyo eqinisweni esho ubuthina bethu bangaphakathi. Ku-1 Petru 3:4 ichazwa ‘njengomuntu osithekileyo wenhliziyo,’ “umuntu oyimfihlo wenhliziyo” (NW), “ubuwena bangaphakathi” (New International Version). Ngakho singaphansi komyalo wokuthanda uJehova uNkulunkulu “ngayo yonke inhliziyo.” Futhi siyalwa ukuba sithande uJehova uNkulunkulu ngawo wonke umphefumulo wethu, ngabo bonke ubuthina bethu. Lokhu kudinga ukuba sithande uNkulunkulu oyedwa ophilayo noweqiniso, uMninimandla onke, ngawo onke amandla ethu okuphila, siqondisa onke amandla ekwenzeni intando kaNkulunkulu eyembuliwe nasekwenzeni ngokugcwele umsebenzi wakhe phakathi nalesi “siphelo sesimiso sezinto.” (Mathewu 24:3, NW) Ngaphezu kwalokhu, kumelwe kube nokuthanda uNkulunkulu weBhayibheli ngayo yonke “ingqondo” yethu, amandla ethu engqondo.—Marku 12:29-31.
17. (a) Uma sithanda uJehova ngayo yonke inhliziyo nengqondo yethu, ikuphi ukuqiniseka esinakho? (b) NgokwabaseFilipi 4:7, ukuthula kukaNkulunkulu kuyozithinta kanjani izinhliziyo nezingqondo zethu?
17 Kusobala-ke ukuthi uma sibonisa uthando lwethu ngoJehova uNkulunkulu ngayo yonke inhliziyo yethu nengqondo, uyokujabulela ukuphendula imikhuleko yethu, futhi lokhu kuqinisekiswa kuyosikhulula ekukhathazekeni. Siyojabulela ukuthula lelizwe eliyaluzayo elingakujabuleli futhi elingenakukuqonda. Ngani? Ngoba, njengoba umphostoli uPawulu aqinisekisa amaKristu athandekayo eFilipi lasendulo, eGreece, “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda [isiGreki: noun] konke kuyakulondoloza izinhliziyo [kar·diʹas] zenu nemicabango [no·eʹma·ta: “izingqondo,” Authorized Version: RS] yenu kuKristu Jesu.” (Filipi 4:7) Kanjalo izinhliziyo zethu ezingokomfanekiso azinakuvuselwa kunoma iziphi izisusa ezingalungile zokuphamazela novalo olungokomzwelo, futhi amandla engqondo noma ingqondo ayinakukhungatheka noma isonteke. UmKristu uyoqhubeka elandelela inkambo yakhe ngokweBhayibheli likaNkulunkulu eliphefumlelwe kanye nosizo lomHoli, uKristu Jesu.
Ungaphendula Yini?—
□ Yini eshiwoyo ‘ngomqondo’ kaJehova?
□ Umuthi womnqumo ongokwasezulwini wasetshenziswa kanjani uPawulu ekuboniseni “umqondo” kaJehova?
□ lyini “inhliziyo” engokomfanekiso?
□ “Inhliziyo” ‘nomqondo’ kuhileleke kanjani ekuthandeni kwethu uNkulunkulu?
[Isithombe ekhasini 9]
Umuthi womnqumo ongokwasezulwini: “Amagatsha” angamaJuda angalaleliyo anqunywa, athathelwa isikhundla abaphendukile abangamaSamariya nabeZizwe abangasokile
[Isithombe ekhasini 11]
Inhliziyo engokoqobo iqhubela igazi elisekela ukuphila ebuchosheni