U-Isaya
40 “Duduzani, duduzani abantu bami,” kusho uNkulunkulu wenu. +
2 “Khulumani nenhliziyo* yeJerusalema
Litsheleni ukuthi inkonzo yalo eyimpoqo isiphelile,
Ukuthi icala lalo selikhokhelwe. +
Lithole inkokhelo egcwele* yazo zonke izono zalo esandleni sikaJehova.” +
3 Kukhona omemeza ehlane ethi:
“Lungisani indlela kaJehova! +
Yenzelani uNkulunkulu wethu umgwaqo omkhulu oqondile + onqamula ogwadule. +
4 Maziphakanyiswe zonke izigodi,
Kwehliswe zonke izintaba namagquma.
Indawo eneziduli kumele yenziwe iqonde,
Nemagebhugebhu ibe yithafa. +
5 Inkazimulo kaJehova iyokwambulwa, +
Bonke abantu bayoyibona kanyekanye, +
Ngoba umlomo kaJehova ukhulumile.”
6 Lalela! Othile uthi: “Memeza!”
Omunye uyabuza athi: “Ngimemeze ngithini?”
“Bonke abantu bawutshani obuluhlaza
Lonke uthando lwabo oluqotho lunjengembali yasendle. +
Ngokuqinisekile abantu bawutshani obuluhlaza.
8 Utshani obuluhlaza buyoma,
Imbali iyabuna,
Kodwa izwi likaNkulunkulu wethu lihlala kuze kube phakade.” +
Phakamisa izwi lakho ngamandla,
Wena wesifazane olethela iJerusalema izindaba ezinhle.
Liphakamise, ungesabi.
Yithi emadolobheni akwaJuda: “Nangu uNkulunkulu wenu.” +
Bheka! Iphethe umvuzo wayo,
Nenkokhelo eyikhokhayo iphambi kwayo. +
11 Iyokwelusa* umhlambi wayo njengomalusi. +
Ngengalo yayo iyoqoqela ndawonye amawundlu,
Iwagone esifubeni sayo.
Izindlezane* iyozihola ngesineke. +
14 Ngubani obonisane naye ukuze aqonde,
Noma ngubani omfundisa indlela yobulungisa,
Noma omfundisa ulwazi,
Noma ombonisa indlela yokuqonda kwangempela? +
15 Bheka! Izizwe zinjengethonsi lamanzi eliphuma ebhakedeni,
Zibhekwa njengongwengwezi lothuli esikalini. +
Bheka! Uphakamisa iziqhingi njengothuli olucolekile.
16 Ngisho nehlathi laseLebhanoni alanele ukugcina umlilo uvutha,*
Nezilwane zalo zasendle azanele ukwenza umnikelo oshiswayo.
18 Ningamqhathanisa nobani uNkulunkulu? +
Ningamfanisa nani? +
Uzifunela ingcweti enekhono
Ukuze yenze isithombe esibaziwe esingeke siwe. +
21 Anazi yini?
Anikezwa yini?
Anizange yini nitshelwe kwasekuqaleni?
Anizange yini niqonde kusukela ekubekweni kwezisekelo zomhlaba? +
Welula amazulu njengendwangu elula,
Awendlale njengetende okuzohlalwa kulo. +
24 Abakatshalwa,
Abakahlwanyelwa,
Isiqu sabo asikamili zimpande emhlabeni,
Bayapheshulwa bese boma,
Umoya ubaphephula njengezinhlanga. +
25 “Ningangifanisa nobani ukuze ngilingane naye?” kusho oNgcwele.
26 “Phakamiselani amehlo enu ezulwini nibone.
Ngubani odale lezi zinto? +
YiLowo okhipha ibutho lazo ngesibalo;
Zonke uzibiza ngamagama. +
Ngenxa yamandla akhe amakhulu namangalisayo, +
Ayikho neyodwa engekho endaweni yayo.
27 O Jakobe, kungani usho lokhu, O Israyeli, kungani umemezela uthi,
‘Indlela yami ifihlekile kuJehova,
UNkulunkulu akangibonisi ubulungisa’? +
28 Awazi yini? Awukezwa yini?
UJehova, uMdali wemikhawulo yomhlaba, unguNkulunkulu kuze kube phakade. +
Akakhathali noma aphelelwe amandla. +
Ukuqonda kwakhe akuphenyeki. *+
30 Abafana bayokhathala baphelelwe amandla,
Nezinsizwa ziyokhubeka ziwe,
31 Kodwa labo abathembele kuJehova bayothola amandla kabusha.
Bayokhuphuka ngamaphiko njengezinkozi. +
Bayogijima bangaphelelwa amandla;
Bayohamba bangakhathali.” +