UJesu, Isibonelo Sokulandelwa Eduze
“Ngokuba nabizelwa khona lokho; ngokuba uKristu wahlushwa ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe.”—1 PETRU 2:21.
1, 2. UPetru wayeluhlobo luni lomfundi phakathi nenkonzo yakhe rioJesu?
PHAKATHI nesikhathi esiyiminyaka emithathu nengxenye, uSimoni, owaziwa ngokuthi uKhefase, noma uPetru, waba nelungelo lokujabulela ubungane obuseduze noKristu Jesu. (Johane 1:35-42) Cishe ngemva konyaka engumfundi, wamiswa njengomunye wabaphostoli abayi-12. (Marku 3:13-19) Ukulandisa kwamaVangeli kubonisa ukuthi uPetru wayenesibindi, enamandla, futhi eyisikhulumi. Nguye owathi wayengeke amphike uKristu, kungakhathaliseki ukuthi kwakwenzekani. Nokho, ngaphansi kokucindezeleka, wamphika izikhathi ezintathu, njengoba nje uJesu ayeprofethile.—Mathewu 26:31-35; Marku 14:66-72.
2 UPetru nguye owayengumphostoli owathi kuJesu, “Awusoze wageza izinyawo zami naphakade.” Khona-ke lapho uJesu emkhuza, weqisa futhi wathi, “Nkosi, akungabi-yizinyawo zodwa kepha nezandla nekhanda.” (Johane 13:1-17) YiloSimoni Petru ofanayo okwathi, lapho uJesu eboshwa, wenza ngesibindi wakhipha inkemba yakhe futhi wanquma indlebe yangakwesokudla kaMalkusi, inceku yompristi omkhulu. Lokho futhi kwenza uJesu wamkhuza: “Faka inkemba emgodleni wayo; angiyikusiphuza kanti isitsha enginiké sona uBaba na?”—Johane 18:10, 11.
3. Yini esingayifunda esibonelweni sikaPetru?
3 Lesi kanye nezinye izenzakalo zibonisani ngoPetru? Ukuthi ezikhathini eziningi wayengacabangi njengoJesu. Nokuthi, wayengenawo ngaso sonke isikhathi umqondo kaKristu. Lokhu ngokuvamile kunjalo nangathi. Siyehluleka ukubheka izindaba ngokuvumelana nendlela kaJesu yokucabanga. Ukusabela kwethu konakaliswa isimo sethu esingaphelele sobuntu.—Luka 9:46-50; Roma 7:21-23.
4. Iziphi izenzakalo kamuva ezathinta indlela kaPetru yokucabanga? (Bheka abaseGalathiya 2:11-14.)
4 Nokho, izinto zaqala ukushintsha kuPetru kusukela ngePentekoste kuya phambili. Eshukunyiswe umoya engcwele, wahola emsebenzini wokushumayela phakathi kwamaJuda eJerusalema. (IzEnzo, izahluko 2-5) Ngaphansi kokukhanyiselwa umoya ongcwele, walungisa futhi ukucabanga kwakhe ukuze kuvumelane nomqondo kaKristu ngokuqondene nabeZizwe. (IzEnzo, isahluko 10) UPetru wabonisa ukuzithoba, imfanelo ebalulekile kithi uma sifuna ukuba sekuvumelaneni noKristu.—Mathewu 18:3; 23:12.
Okungabonwayo Kodwa Okwaziwayo
5, 6. Ingabe iqiniso lokuthi asikaze simbone uKristu liyasivimbela ekulandeleni kwethu isibonelo sakhe?
5 Ngesikhathi uPetru ebhala incwadi yakhe yokuqala ephefumlelwe, cishe ngo-62-64 C.E., wayebe nesikhathi sokuzikhumbuza ngenkonzo yakhe noJesu nokuqonda kangcono umqondo kaJesu ngezindaba. Ekuqaleni kwalencwadi umphostoli wamukela iqiniso elisobala—lokuthi abazalwane abaningi baseAsia Minor babengazange bamazi ngokoqobo uJesu njengoba yena ayemazile. Kodwa ingabe lokho kwakuvimbela ukuba nomqondo kaKristu nokulingisa isibonelo sakhe? UPetru uthi: “Enimthanda ningambonanga, enithi ningamboni manje nikholwe nguye, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo netusekayo, namukela isigcino sokukholwa kwenu esiyinsindiso yemiphefumulo.”—1 Petru 1:8, 9.
6 Amazwi kaPetru kumelwe asebenze ngokufanayo kubo bonke abantu bakaJehova namuhla. Asimazanga ngokoqobo uKristu, kodwa uma ‘sifunisisa siphenyisisa’ futhi ‘siqhubeka sihlola’ njengoba kwenza abaprofethi, khona-ke nathi, ngokwezinga elikhulu, singaba nomqondo kaKristu.—1 Petru 1:10, 11, qhathanisa neNW.
UJesu, Isibonelo Esiphelele
7, 8. (a) Isiphi iseluleko uPetru asinikezayo encwadini yakhe yokuqala? (b) Iyini incazelo eyisisekelo yelithi hy·po·gram·mosʹ? UPetru ulisebenzisa kanjani?
7 Ngokuqonda kwakhe okukhanya ngokwengeziwe ngokucabanga kukaJesu nangaphansi kokuqondisa komoya ongcwele, uPetru wayenganikeza ayekholwa kanye nabo iseluleko ngendlela yokukhumbula umqondo kaKristu ezimweni zabo ezihlukahlukene. (2 Thimothewu 3:16) Kanjalo, unxusa wonke amaKristu “njengabafokazi nezihambi” ukuba adede ezinkanukweni zenyama. Nakuba ehlupheka ngenxa yokulunga, uwakhuthaza ukuba alondoloze ukuziphatha okuhle ekuphileni kwawo kwansuku zonke.—1 Petru 2:11, 12.
8 Emigqeni emibalwa kamuva uPetru usebenzisa umfanekiso wokuhlakanipha, ethi: “Uma nibekezela lapho nenzé okuhle nihlushwa, lokho kuyabongeka kuNkulunkulu. Ngokuba nabizelwa khona lokho; ngokuba uKristu wahlushwa ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe.” (1 Petru 2:20, 21) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “isibonelo” lithi hy·pogram·mosʹ. Lokhu ngokwezwi nezwi kusho “umbhalo ongaphansi,” noma “ikhophi lokubhala, kuhlanganise nazo zonke izinhlamvu zamagama, ezinikezwa abaqalayo njengosizo lokufunda ukuzibhala.” (A Greek-English Lexicon of the New Testament, J. H. Thayer) Kanjalo, ngezinye izikhathi abafana besikole babenikezwa izileti uthisha ayebhale kuzo ngendlela eyisibonelo esebenzisa ipeni elisansimbi. Umfundi kwakumelwe alandele isibonelo futhi azame ukwenza ngezansi ikhophi efana ncimishí naleyo. Lapha uPetru uveza iphuzu elinamandla, ngoba uwukuphela komlobi wemiBhalo yesiGreki osebenzisa igama elithi hy·pogram·mosʹ. Ngaleyondlela uqokomisa iphuzu lokuthi uJesu washiyela abalandeli bakhe isibonelo esiphelele ukuba basilingise.
9. Lisho ukuthini igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “isimo sengqondo”? (Qhathanisa noMathewu 20:28.)
9 Kamuva, uPetru usinika isifundo asithatha ekukhuthazeleni kukaKristu ukuhlupheka. “Ngakho-ke njengoba uKristu ahlupheka enyameni, hlomani nani isimo sengqondo [ngesiGreki enʹnoi·an] esifanayo.” (1 Petru 4:1, NW) Nalapha futhi usebenzisa igama elingajwayelekile, elithi enʹnoi·a elitholakala kabili kuphela emiBhalweni yesiGreki. (Bheka amaHeberu 4:12, The Kingdom Interlinear Translation.) Ngokuka-J. H. Thayer, elithi enʹnoi·a lisho “umqondo, ukuqonda, inhloso; indlela yokucabanga nokuba nomuzwa.” Ngakho-ke, kumelwe sizifanelanise nendlela kaKristu yokucabanga nayezizwa ngayo. Kodwa singakwenza kanjani lokho? Kumelwe kwenziwe ngaliphi izinga?
10. UPetru usho ukuthini ngezwi elithi “hlomani”?
10 UPetru usebenzisa ubunye besenzo sesiGreki esithi ho·pliʹsa·sthe, esisho ‘ukuhloma komuntu njengesosha.’ Cishe akunakwenzeka nganoma iliphi isosha elingahlomile ngokugcwele ukuba liphile isikhathi eside empini. Ngakho-ke amazwi kaPetru awakuvumeli ukuyilingisa ngendlela esivivi indlela kaJesu yokucabanga. Kumelwe sibe ngomphefumulo wonke esifisweni sethu sokuba “nesimo sengqondo” sikaKristu, noma “indlela yokucabanga.” (1 Petru 4:1, Today’s English Version) Lokhu kusikhumbuza ngendlela uPawulu agcizelela ngayo ukuthi umKristu kumelwe ahlome “izikhali zonke zikaNkulunkulu” ukuze akwazi ukumelana ngokuqinile noSathane nezwe lakhe.—Efesu 6:11-18.
Isimo Sengqondo SikaKristu Ngabafazi
11. Isiphi iseluleko uPetru asinikeza abafazi abangamaKristu?
11 Phakathi nencwadi yakhe, uPetru uphendulela ukunakekela kwakhe kubafazi namadoda. Kulelozwe lasendulo lobuqaba, lapho abesifazane babenamalungelo ambalwa kakhulu, kwakunzima kakhulu ngowesifazane ongumKristu ukulondoloza ubuqotho bakhe uma ayenendoda engakholwa. Wayethukwa, ehlushwa, futhi engase adivoswe ngenxa yokushiya onkulunkulu bawokhokho. Isimo asihlukile kakhulu ezikhathini zanamuhla. Kodwa uPetru futhi ugcizelela ukubaluleka kokuba nesimo sengqondo sikaKristu, sizimisele ukuhlupheka ngenxa yokulunga. Uthi: “Kanjalo [ngendlela enjengekaKristu, njengoba kukhulunywe ngayo emavesini angaphambili], bafazi, thobelani amadoda enu, ukuze kuthi, uma ekhona angakholwa yizwi, azuzwe ngaphandle kwezwi ngenkambo yabafazi bawo, ebona inkambo yenu emhlophe esekwesabeni [“kanye nenhlonipho ejulile,” NW].”—1 Petru 3:1, 2.
12. (a) Umoya womfazi wokuzithoba, omnene usibonisa kanjani isibonelo sikaJesu? (1 Korinte 11:3) (b) UNkulunkulu uwubheka kanjani umoya wakhe omnene? Futhi mhlawumbe nendoda yakhe?
12 Yebo, ngezinye izikhathi umngane womshado ongakholwa angazuzwa, hhayi ngamasu okushumayela ngokuphikelelayo, kodwa ‘ngenhlonipho ejulile’ nangesibonelo ‘sokwethembeka nesishukunyiswa unembeza’ somfazi ozithobayo. (1 Petru 3:2, The Jerusalem Bible) ‘Umoya wakhe omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu,’ nakho kungasiza indoda yakhe ukuba iqonde imiphumela yokuba nomqondo kaKristu ekuphileni kwansuku zonke. (1 Petru 3:4) Kungani lowomoya omnene ubonisa isimo sikaJesu? Ngoba uJesu ngokwakhe wathi: “Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo.”—Mathewu 11:29.
Isimo Sengqondo SikaJesu Ngamadoda Ashadile
13. Amadoda kumelwe abaphathe kanjani omkawo? (Efesu 5:28, 29, 33)
13 Ngokufanayo amadoda ashadile kumelwe akhumbule isimo sengqondo sikaKristu njengoba ebonisa uthando lweqiniso ngabafazi bawo. UPetru uphinda uyanxusa: “Kanjalo, madoda, hlalani nabo ngokokwazi, njengalokhu owesifazane eyisitsha esibuthakathaka, nibanike udumo.” (1 Petru 3:7) Ngalelozwe lasendulo lobuqaba, leseluleko sasimangalisa—kunikezwe owesifazane udumo! Kodwa ibandla lobuKristu kwakumelwe lihluke ezweni. Emshadweni wobuKristu, kwakumelwe kube nesizotha nokuhloniphana.—1 Petru 4:3, 4.
14. Indoda ingakubonisa kanjani ukwazisa nokucabangela umkayo?
14 Ngaso sonke isikhathi uKristu wayebacabangela abafundi bakhe nezixuku ezazimlandela. (Marku 6:30-44) Lokhu kuhlangana kahle neseluleko sikaPetru esasiya emadodeni sokuba acabangele isimo sobuthakathaka somkawo. Inguqulo yesiPanishi ikubeka ngalendlela: “Ngokuqondene namadoda: yibani nokuhlakanipha ekuphileni kwenu enikuhlanganyelayo, nibonisa ukumcabangela owesifazane, ngoba ukwakhiwa kwakhe kubuthakathaka ngokwengeziwe.” (Nueva Biblia Española) Uma indoda ilandela isibonelo sikaKristu, iyocabangela uhlangothi olubuthakathaka lokuphila komkayo. Lokhu kuhlanganisa lezozinsuku ezinzima lapho edinga umusa, ukubekezela, nokucabangela okwengeziwe. Ngokuqinisekile indoda enothando iyozithiba ngezikhathi ezinjalo. Uthando lweqiniso luyazidela.—Qhathanisa noLevitikusi 15:24; 20:18; 1 Korinte 7:3-6.
15. Isiphi isibonelo uJesu asibeka ezindabeni zobunhloko?
15 Yiqiniso, “indoda iyinhloko yomfazi.” Kodwa ubani oyisibonelo sayo ekusebenziseni lobo bunhloko? Lokhu uPawulu ukucacisa ngokunezela, “njengokuba noKristu uyinhloko yebandla.” (Efesu 5:23) Lamazwi alinganiselayo awabuvumeli ubushiqela nokuba uzwi lakhe ebuhlotsheni bomshado wobuKristu. Ekusebenzelaneni kwakhe nabafundi, uKristu akakaze awasebenzise kabi amandla akhe (ubunhloko bakhe) kodwa, kunalokho, wasebenzisa amandla akhe ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli.—Qhathanisa noMathewu 16:13-17, 20; Luka 9:18-21.
Isibonelo SikaKristu Ngamadoda
16. (a) Kungani uPetru ayesiqaphela kakhulu isidingo sokuzithoba? (b) Obani ngokukhethekile okumelwe babonise lemfanelo?
16 Enkonzweni yakhe uJesu wayiqokomisa njalo imfanelo yokuzithoba. Emfanekisweni wakhe walabo ababemenyelwe edilini lomshado, wathi: “Ngokuba oziphakamisayo uzakuthotshiswa; nozithobayo uzakuphakanyiswa.” (Luka 14:11) UPetru wayesiqaphela kakhulu isimo sengqondo sikaJesu kulokhu. Wayengenakusikhumbula yini isibonelo sikaJesu sokugeza izinyawo zabafundi? (Johane 13:4-17) Ngakho-ke, encwadini yakhe yokuqala unxusa amadoda amadala nabancane ukuba babonise isimo sokuzithoba. Abadala ‘akumelwe bazenze amakhosi phezu kwamabandla kodwa kumelwe babe yizibonelo zomhlambi.’ Amadoda asemancane kumelwe azithobe kwabadala. Kodwa bonke, abancane nabadala, kumelwe ‘bembathe ukuthobeka, ngoba uNkulunkulu umelana nabazidlayo kepha abathobekileyo ubapha umusa.’—1 Petru 5:1-5.
17. Isenzo sesiGreki esithi “yembathani” siyiqokomisa kanjani inkonzo yokuthobeka?
17 Nalapha futhi uPetru usebenzisa ngokungavamile igama elithile ukuze aveze iphuzu lokuzithoba. Uthi: “Yembathani [ngesiGreki, eg·kom·boʹsa·sthe] ukuthobeka.” Lesisenzo sithathwe emsukeni osho ukushaya ifindo noma ukubopha, futhi incazelo yaso ihlangene “nesikhafu esimhlophe noma iphinifa lezigqila, elaliboshelwa emphethweni wengubo yangaphansi . . . futhi lalihlukanisa izigqila kwabakhululekileyo; ngakho-ke, . . . yembathani ukuzithoba njengengubo yenu yobugqili . . . okungukuthi ngokwembatha ukuthobeka bonisani ukuzithoba kwenu komunye nomunye.”—A Greek-English Lexicon of the New Testament, J. H. Thayer.
18. (a) Yini amadoda azinikezele okumelwe ayikhumbule ngokuqondene nesisusa sawo? (b) Kungayiphi indlela ekhethekile odade abaningi abayizibonelo zokuthobeka ngayo?
18 Amadoda azinikezele angasisebenzisa kanjani lesiseluleko namuhla? Ngokuqaphela ukuthi noma isiphi isikhundla somthwalo wemfanelo ebandleni lobuKristu siyisabelo senkonzo yokuzithoba. Abanye ngephutha bangase bacabange ukuthi ukuba yinceku ekhonzayo, umdala webandla, umbonisi wesifunda, wesigodi, noma waseBethel kuwukufinyelela isikhundla esiphambili negunya. Ngalokho abanawo umqondo kaKristu ngalendaba. Ayikho indawo yesifiso sobugovu uma sinesimo sengqondo sikaKristu. Isisusa sethu sokukhonza uNkulunkulu nabafowethu kumelwe sibe ngesihlanzekile. Ngokwesibonelo, odadewethu abaningi abangamaKristu bayahola enkonzweni yobuphayona neyezithunywa zevangeli. Abanye bangabashumayeli abashisekayo bezindaba ezinhle naphezu kokushushiswa noma ukuphikiswa kwasekhaya. Futhi konke lokhu bakwenza ngaphandle kwanoma isiphi isisusa sokuba babe yizinceku ezikhonzayo noma ababonisi!
Uthando—Isisekelo Sesibonelo SikaKristu
19. Siyini isisekelo sesibonelo sikaKristu? Sikwazi kanjani lokho?
19 Yini uPetru ayigcizelela ngaphezu kwakho konke ngokuqondene nomqondo kaKristu? Uyabhala: “Kunakho konke yibani-nokuthandana okunganqamukiyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono.” (1 Petru 4:8) UJesu walubonisa kanjani lolothando? Wafundisa: “Yiló umyalo wami wokuba nithandane, njengalokho nginithandile. Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe.” (Johane 15:12, 13) Ngokushesha ngemva kwalokho, uJesu wanikela ngokuphila kwakhe ngenxa yesintu. Futhi ngokuqinisekile uthando lwakhe luye lwasibekela inqwaba yezono! Ngakho-ke, uma ngempela sinesimo sengqondo esifana naleso uKristu ayenaso, nathi, ngokufanayo, siyobonisa “ukuthandana okunganqamukiyo” futhi sithethelele.—Kolose 3:12-14; IzAga 10:12.
20. Uma sifuna ukulandela isibonelo sikaKristu eduze, yini sonke okumelwe siyenze?
20 Isibonelo sikaKristu sifushaniswa egameni elilodwa—uthando. Uma ngempela silandela isibonelo sikaJesu eduze kukho konke esikucabangayo, esikushoyo, nesikwenzayo, siyoba futhi nothando. Njengoba uPetru asho: “Okokugcina, manibe-nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe-nobubele nokuthobeka, ningaphindisi okubi ngokubi nokuthuka ngokuthuka, kepha kakhulu manibusise, ngokuba nabizelwa lokho ukuba nidle ifa lokubusiswa.”—1 Petru 3:8, 9.
Uyakhumbula?
◻ Kumelwe sisilandele kanjani isibonelo uKristu asishiyela sona?
◻ Umfazi ongumKristu kumelwe asilandele kanjani isibonelo sikaKristu?
◻ Amadoda angamaKristu kumelwe abazise kanjani omkawo?
◻ UPetru wakugcizelela kanjani ukuthobeka?
◻ Siyini isisekelo sesibonelo sikaKristu?
[Isithombe ekhasini 18]
Uthisha wabhala umbhalo wobuciko emigqeni ephezulu; umfundi wazama ukwenza ikhophi efana ncimishi (hy·po·gram·mosʹ)