Amaphuzu Avelele EBhayibheli AmaHubo 73 kuya ku-106
“Bongani UJehova”—Kungani?
Ubani kithi ongebonge lapho sicabanga ngakho konke lokho uJehova aye wakwenza, akwenzayo, nasazosenzela khona? Ngempela, izinhliziyo zethu kumelwe zisishukumisele ukuba sibonge uNkulunkulu wethu. Ukuthi sinesizathu esanele sokubonga uJehova kugcizelelwe kahle eNcwadini yesiThathu neyeSine yamaHubo. Njengoba manje sicabangela amaHubo 73 kuya ku-106, zibuze, ‘Iziphi izizathu mina ngokwami enginazo zokubonga uJehova?’
Ungabi Namhawu Ngababi
Siza ufunde amaHubo 73 kuya ku-77. Lawa angaka-Asafa, ngokusobala kuhlanganise namadodana akhe. UAsafa uyavuma ukuthi waba nomhawu ngababi—kwaze kwaba yilapho esanguluka. (IHubo 73) Khona-ke kulilelwa ukubhujiswa kweJerusalema. (IHubo 74) Ngokulandelayo kutholakala izinkulumo zokubonga uNkulunkulu “owesabekayo,” zilandelwa umthandazo oya “kuNkulunkulu oPhakeme” ukuba akhumbule abantu bakhe abahluphekayo.—AmaHubo 75-77.
◆ 73:24—Iyiphi “inkazimulo” uJehova ayisa kuyo umHubi?
Kuze kube yilapho umhubi eqaphela ukuthi ‘ukusondela kuNkulunkulu kumlungele,’ wayeye waba nomuzwa wokuthi ababi bayabusa kunabalungile. (IHubo 73:2-12, 28) Ukuvumela “iseluleko” sikaNkulunkulu simhole kwaphumela ekubeni athole “inkazimulo,” okungukuthi, umusa noJehova, ubuhlobo obubusisiwe naYe.
◆ 76:6—“Inqola” kanye “nehashi” ‘kwehlelwa kanjani ubuthongo’?
AmaIsrayeli afundiswa ukuba athembele kuJehova kunokuba athembele emahhashini nasezinqoleni. (IHubo 20:7; IzAga 21:31) Ayengenasizathu sokwesaba amahhashi nezinqola ezibaziwe zezitha zawo, ngoba uJehova wayengenza izitha zawo zingabi namandla, ‘ezilalisa ubuthongo.’ Lapha kubhekiselwe ‘ebuthongweni obuphakade’—ukufa ngokwakho. (Jeremiya 51:39) Lokhu kumelwe kube isixwayiso kubaholi bezwe namuhla abathembela ezikhalini zabo.—IHubo 76:12.
Isifundo Esisitholayo: IHubo 75 liqukethe isixwayiso ngokumelene nokuqhosha lapho lithi, “Ningaluphakamiseli phezulu uphondo lwenu.” (Ivesi 5) Uphondo lwaluyisibonakaliso samandla. (Duteronomi 33:17) Ukuphakamisa komuntu uphondo kwakuwukuziphatha ngokuzidla. Lapha umhubi uxwayisa ababi ukuba bangathathi isimo sokuqhosha ngesikhundla sabo samandla esibonakala silondekile, ngoba ‘izimpondo zababi ziyakunqunywa’ nguJehova. (IHubo 75:10) Ukwazi lokhu kukhuthaza izinceku zikaNkulunkulu ukuba zihlale zithembekile kuye naphezu kokuba ababi bebonakala bechuma.—Qhathanisa neHubo 144:11-15a.
Lalela “OPhezukonke”
Funda amaHubo 78 kuya ku-83. AmaHubo ka-Asafa ayaqhubeka. Izifundo zomlando wakwaIsrayeli ziyaphindwa. (IHubo 78) Khona-ke kulilelwa ukushiywa kwethempeli, kulandelwa umthandazo wokubuyiselwa kukaIsrayeli. (AmaHubo 79, 80) Ngemva kwengoma yokukhumbula ukukhululwa nguNkulunkulu futhi enxusa abantu bakhe ukuba bamlalele, kunokuncenga kokuba uJehova akhiphe isahlulelo phezu kwabahluleli abonakele naphezu kwezitha zikaIsrayeli.—AmaHubo 81-83.
◆ 82:1−UNkulunkulu wahlulela kanjani “phakathi kwawonkulunkulu”?
Ngokusobala, “onkulunkulu” babengabahluleli bakwaIsrayeli. Babebizwa ngokuthi onkulunkulu ngoba babenamandla ekwahluleleni. UJehova njengoMahluleli oMkhulu, wayenelungelo laphezulu lokungena phakathi kwabahluleli abanjalo ukuze abasole ngokwehluleka ukwahlulela ngokomthetho wakhe.—Isaya 33:22; IHubo 82:2-4.
◆ 83:9-15—Ingabe impindiselo yayiyisisusa somhubi?
Lutho neze. Wayethandazela ukuba uNkulunkulu akhiphe isahlulelo phezu kwalabo “abazonda” uJehova. (Ivesi 2) Khona-ke ezinye izizwe zaziyofunda ukuthi uNkulunkulu ogama lakhe linguJehova ngempela “ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” (Ivesi 18) Lokhu kuboniswa kwamandla kwakuyophumela ekudunyisweni kwegama likaNkulunkulu, uJehova, emhlabeni wonke.
Isifundo Esisitholayo: Ukuthi uJehova ubavuza ngokucebile labo abamlalelayo kuboniswe ngokubhekisela “kokukhuluphele kukakolweni.” (IHubo 81:16, NW) Lapha igama elithi “okukhuluphele” lisetshenziswe ngendlela engokomfanekiso ukuze lisho okuhle kakhulu. (Qhathanisa neHubo 63:5.) Ukuba amaIsrayeli ‘ayelalele izwi likaJehova,’ wayeyowabusisa “ngokukhuluphele kukakolweni”—okuhle kakhulu, okungcono kakhulu phakathi kwezinto. (IHubo 81:11; Duteronomi 32:13, 14) Ngokufanayo, uma ‘silalela izwi likaJehova,’ uyosibusisa ngokucebile.—IzAga 10:22.
Ukuya KuNkulunkulu
Funda amaHubo 84 kuya ku-89. Abahubi bazwakalisa ukulangazelela indlu kaNkulunkulu. (IHubo 84) Ngokulandelayo, abathunjwa ababuyisiwe bacela ukuba intukuthelo kaNkulunkulu ihoxiswe. (IHubo 85) UDavide uthandazela isiqondiso nesivikelo, eqiniseka ngokuthi uJehova uzomphendula. (IHubo 86) Ihubo ngalabo ‘abazalelwe eSiyoni’ lilandelwa ukunxusela ohluphekayo. (IHubo 87, 88) Khona-ke kulandela ihubo eliqokomisa umusa kaJehova njengoba uboniswe esivumelwaneni sikaDavide.—IHubo 89.
◆ 84:3—Kungani kukhulunywa “ngezinyoni”?
Umhubi, umzukulu kaKora ongumLevi, walangazelela ukuba ‘sezindlini’ zikaJehova. (Amavesi 1, 2) Kodwa kwakunamashumi ezinkulungwane zamaLevi. Kanye kuphela njalo ngengxenye yonyaka ingxenye yamaLevi yayizokwabelwa ukukhonza isikhathi esiyisonto eTabernakele. Ngokuphambene, ngisho nezinyoni ezincane zazinekhaya elihlala njalo endaweni engcwele ngokwakha kwazo izidleke lapho. Yeka indlela umhubi ayeyojabulela ngayo ukudumisa uJehova ngokuba naye ngokufanayo ahlale njalo endlini kaJehova!
◆ 89:49, NW—Zaziyini “izenzo zomusa wothando”?
Inkulumo ethi “izenzo zomusa wothando,” ibhekisela esivumelwaneni soMbuso nazo zonke izici esizihlanganisayo. Ezikhathini zobunzima, kwakufaneleka ngamaIsrayeli ukuba adonsele lezithembiso ekunakekeleni kukaJehova, hhayi ngoba ayengabaza isivumelwano, kodwa ngendlela yokucela kuNkulunkulu esisekelweni saso.
Isifundo Esisitholayo: IHubo 85 ligcizelela lokho okumelwe kusenze silangazelele isimiso esisha sezinto sikaNkulunkulu. Kukhulunywe kancane ngezibusiso zezinto ezibonakalayo. (Ivesi 12) Kugcizelelwe ngokuyinhloko izibusiso ezingokomoya: umusa wothando, iqiniso, ukulunga, nokuthula. (Amavesi 10-13) UJehova akasihahisi ukuba silangazelele izinto ezibonakalayo kodwa ubonisa ukuthi izibusiso ezingokomoya zesimiso esisha kumelwe zibe amandla amakhulu kakhulu ashukumisayo kithi.
‘UJehova UseyiNkosi!’
Funda amaHubo 90 kuya ku-100. UMose uqhathanisa ubuphakade bukaNkulunkulu nobufushane bokuphila komuntu, abese eqokomisa uJehova njengomthombo wethu wokulondeka. (AmaHubo 90, 91) Izimfanelo zikaJehova eziphakeme ziyaphakanyiswa, futhi amahubo alandelayo aqokomisa amandla kaNkulunkulu, umusa wothando, nokulunga kanye nesihloko soMbuso.—AmaHubo 92-100.
◆ 90:10—UMose akazange yini aphile isikhathi eside kakhulu kuneminyaka engama-80?
UMose, owaphila iminyaka eyi-120, wayengafani nabantu bebonke. Ngokwalokho okushiwo uMose, esizukulwaneni esingakholwa esaphuma eGibithe, ababalwa “kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu,” babezofa phakathi neminyaka engama-40. (Numeri 14:29-34) Ukukhulumela kokuthi esikhathini sokufa kukaMose “iso lakhe lalingafiphele, amandla akhe ayengakanciphi” kubonisa ukuthi wayenamandla kaNkulunkulu asekelayo.—Duteronomi 34:7.
◆ 95:3—Kukanjani uJehova ‘eyiNkosi phezu kwawonkulunkulu bonke’?
NjengoMbusi Wendawo Yonke, uJehova uphakeme futhi uyiNkosi phezu kwabo bonke onkulunkulu bamanga ngokuthi ungaphezulu kakhulu kwabo. Kumane nje akukho ukuqhathanisa okukhona phakathi kukaJehova uNkulunkulu nanoma yiziphi izingelosi noma yini enye abathile abangase bayikhulekele, kuhlanganise nonkulunkulu bamanga abangaphili.
Isifundo Esisitholayo: IHubo 91 liqokomisa esinye isizathu esinaso sokubonga uJehova—“ekusithekeni koPhezukonke.” (Ivesi 1) Kuyindawo yokulondeka okungokomoya, yokuvikeleka ekulimaleni okungokomoya, yalabo abagcwalisa izimfuneko ezibekwe kulelihubo. ‘Isithekile’ ngokuthi ayaziwa abantu bezwe, abantula umbono ongokomoya. Iqiniso lokuthi iyindawo esithekile ‘yoPhezukonke’ libonisa ukuthi siyothola ukulondeka kuyo kuphela uma sisekela uhlangothi lukaJehova empikiswaneni yokubuswa kwendawo yonke.
“Dumisani UJehova Nina Bantu!”
Funda amaHubo 101 kuya ku-106. Lapha uDavide uchaza indlela yakhe yokuphatha izindaba zobukhosi. (IHubo 101) Ohluphekayo uthandaza kuJehova ukuba ‘akhe iSiyoni.’ (IHubo 102) Isimemo ‘sokudumisa uJehova’ silandela amahubo adonsela ukunakekela emseni kaNkulunkulu, ubukhosi, nemisebenzi yokudala. Kulapha, futhi, lapho kuvela khona isenzakalo sokuqala sezenzakalo ezingaphezu kwama-20 kumaHubo senkulumo ethi, “Dumisani uJehova nina bantu!” (AmaHubo 103, 104) Ekugcineni, amahubo amabili angokomlando abonga uJehova ngezenzo zakhe ngenxa yabantu bakhe.—AmaHubo 105, 106.
◆ 102:25—Ubani “owasekela umhlaba”?
Umhubi wayekhuluma ngoNkulunkulu, kodwa umphostoli uPawulu wasebenzisa lamazwi kuJesu Kristu. (Heberu 1:10, 11) Njengoba kuvela, lamazwi ayasebenza nakuJesu, ngoba wasebenza njengeSithunywa sikaJehova ekudaleni indawo yonke. (Kolose 1:15, 16) Ngakho noJesu, kungashiwo ukuthi ‘wasekela umhlaba.’
◆ 103:14—Lisho ukuthini igama elithi “ukubunjwa”?
Igama elihunyushwe ngokuthi “ukubunjwa” lapha lihlobene nesenzo ‘ukwenza,’ esisetshenziswe kuGenesise 2:7, nebizo “umbumbi,” elisetshenziswe ngokubhekisele kothile owenza ubumba. (Isaya 29:16; Jeremiya 18:2-6) Ngakho umhubi usikhumbuza ukuthi uJehova uMbumbi oMkhulu, usiphatha ngokucabangela azi ukuthi sibuthakathaka njengezitsha zobumba.—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 4:7.
◆ 104:4—UJehova ‘uzenza kanjani izingelosi zibe yimimoya’?
Njengoba izingelosi ziyizidalwa zomoya kakade, lokhu akunakubhekisela emizimbeni yazo yomoya. Nokho, igama elithi “umoya” lingasho futhi umoya ovunguzayo noma “amandla ayisiphekupheku.” Khona-ke uNkulunkulu angasebenzisa izingelosi zakhe njengamandla amakhulu ekufezeni intando yakhe. Zingasetshenziswa futhi njengezisebenzi zokwahlulela—“njengelangabi lomlilo.” Kuyawaqinisa amaKristu ukwazi ukuthi umsebenzi wawo wokushumayela usekelwa izidalwa eziyizingelosi ezinamandla kanjalo.—Qhathanisa nesAmbulo 14:6, 7.
Isifundo Esisitholayo: IHubo 106 lisisiza ukuba siqaphele ukuthi uKora, uDathani, noAbiramu abavukelayo baba nomhawu ngesikhundla sikaMose njengomqondisi wesizwe sikaNkulunkulu. (IHubo 106:16; Numeri 16:2-11) Ekugcineni, ukuvukela kwaqedwa lapho “kokheleka umlilo” phakathi kwabavukeli. (IHubo 106:18) Ngokuqinisekile izingozi zokuqhosha nomhawu ziveziwe lapha. Ukukhuluma ngokumelene nezinceku zikaJehova ezimisiwe namuhla ngokufanayo kungaletha ulaka lwakhe.—Heberu 13:17; Juda 4, 8, 11.
Ngempela, uJehova uye wasinika okuningi okumelwe simbonge ngakho. Lapho sicabanga ngazo zonke izibusiso aye wasithululela zona, ingabe akumelwe senze njengoba umhubi anxusa, “Mbonge uJehova, mphefumulo wami”?—IHubo 103:1.