UMikayeli ISikhulu Esiqhamileyo Uyama
“Futhi ngalesosikhathi uMikayeli uyokuma, isikhulu esiqhamileyo esimile ngenxa yabantwana babantu bakho.”—DANIYELI 12:1, NW.
1. Iziphi izenzakalo zezwe zesikhathiesizayo ezibikezelwa eBhayibhelini, futhi yimuphi umbuzo ophakamayo ngabantu” bakaNkulunkulu ngenxa yalokhu?
UJEHOVA unikeze isixwayiso esihle: Akusoze kwaba khona ukuthula emhlabeni uma umbango phakathi kwenkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu usaqhubeka. Lemibuso emibili iyolokhu ingezwani. Ngaphezu kwalokho, emvuthwandaba wokuzondana kwawo, inkosi yasenyakatho iyosongela isimo esingokomoya sabantu bakaNkulunkulu ngaphambi kokuba ‘iye ekupheleni kwayo.’ (Daniyeli 11:44, 45) Ingabe abantu bakaNkulunkulu bayosinda ekuhlaselweni? Futhi kwenzekani enkosini yaseningizimu lapho imbangi yayo enkulu ifika ekupheleni kwayo?
2, 3. (a) Isiphi isiprofetho esisithola encwadini kaHezekeli esisisiza ukuba siqonde isiprofetho ngenkosi yasenyakatho nenkosI yaseningizimu? (b) Ngokwesiprofetho sikaHezekeli, uyoba yini umphumela wokuhlaselwa okukhulu kokugcina kwabantu bakaNkulunkulu?
2 Isiprofetho somngane kaDaniyeli uHezekeli sisisiza ukuba siphendule lemibuzo. Ngokufanayo, uHezekeli waphefumlelwa ukuba akhulume ‘ngengxenye yokugcina yezinsuku,’ futhi waxwayisa ngokuhlasela okuzayo ‘kukaGogi wakwaMagogi’ izwe labantu bakaNkulunkulu. (Hezekeli 38:14-16; Daniyeli 10:14) Kulesosiprofetho, uGogi wafanekisela uSathane, futhi amabutho akhe afanekisela wonke amanxusa kaSathane asemhlabeni ayezokwenza umzamo wokugcina nomkhulu, wokushanela abantu bakaNkulunkulu. Njengoba lokhu kuhlasela, njengalokho kwenkosi yasenyakatho, kwenzeka engxenyeni yokugcina yezinsuku, kunengqondo ukuphetha ngokuthi ‘ukumisa kwenkosi yasenyakatho itende lendlu yayo yobukhosi phakathi kolwandle nentaba enhle engcwele’ kusekela ukuhlasela kukaGogi. (Daniyeli 11:40, 45) Ingabe lokho kuhlasela kuyophumelela?
3 UHezekeli waprofetha: “Kuyakuthi ngalolosuku lapho uGogi efika ezweni lakwaIsrayeli, isho iNkosi uJehova, ukufutheka kwami kukhuphukele emakhaleni ami. Ngiyakumahlulela ngesifo nangegazi, nginise phezu kwakhe, namaviyo akhe, nabantu abaningi abanaye imvula ekhukhulayo, namatshe esichotho, nomlilo, nesibabule.” (Hezekeli 38:18, 22) Cha, lokho kuhlasela ngeke kuphumelele. AmaKristu eqiniso ayophephiswa, futhi isixulu sikaGogi siyobhujiswa.—Hezekeli 39:11.
4. Ingabe inkosi yaseningizimu iyosinda ekupheleni kwenkosi yasenyakatho? Iziphi ezinye iziprofetho ezisekela lempendulo?
4 Khona-ke, ngokusobala isikhathi sokuphela kwenkosi yasenyakatho siyisikhathi sokuphela kukaGogi naso sonke isixuku sakhe, kuhlanganise nenkosi yaseningizimu. Lokhu kuyavumelana nezinye iziprofetho encwadini kaDaniyeli. Ngokwesibonelo, sifunda ukuthi ngemva kokuba uMbuso kaNkulunkulu usumisiwe, “uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso [kuhlanganise kokubili inkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu], wona uqobo ume phakade.” (Daniyeli 2:44) Futhi, embonweni kaDaniyeli wenqama nempongo, umbuso ongokwezombangazwe wamaNgisi namaMelika umelelwe uphondo oluncane. Loluphondo oluncane, ‘ekugcineni kokubusa kwalo,’ lubhujiswa yinxusa elingaphezu komuntu, hhayi inkosi yasenyakatho: “Ichotshozwe kungengasandla [somuntu].”—Daniyeli 7:24-27; 8:3-10, 20-25.
UMikayeli ISikhulu Esiqhamileyo
5. Ubani oyoba yiNkosi kaJehova yokusindiswa kwabantu baKhe, futhi kungani lokhu kufaneleka?
5 Ngokulandelayo ingelosi yembula iNxusa uJehova azolisebenzisa ekuletheni ukuphela kwayo yonke lemibuso. Ithi: “Ngalesosikhathi uMikayeli uyakuvela [“uyokuma,” NW] isikhulu esiqhamileyo esimela [“esimile ngenxa,” NW] abantwana babantu bakho; kuyakuba-yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibekhona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube-yilesosikhathi; ngalesosikhathi abantu bakho bayakukhululwa, bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini.” (Daniyeli 12:1) Ekuqaleni kwe siprofetho sengelosi, kwakukhulunywa ngoMikayeli njengolwa nesikhulu sasePheresiya nesaseGrisi ngenxa kaIsrayeli. (Daniyeli 10:20, 21) Manje, njengoba isiprofetho sesiphela, loMikayeli ofanayo ‘umela,’ abantu bakaDaniyeli. Ubani lommeleli wabantu bakaNkulunkulu?
6, 7. (a) Ngokwezinye izazi zeLobukholwa, ubani uMikayeli? (b) Yibuphi ubufakazi obungokweBhayibheli obusisiza ukuba sazi ngokuqondile ukuthi ubani uMikayeli?
6 Emuva ekuqaleni kwawo-1800, isazi seBhayibheli uJoseph Benson sathi ukuchazwa kukaMikayeli njengoba kutholakala eBhayibhelini “ngokusobala kukhomba kuMesiya.” UE. W. Hengstenberg ongumLuthela wekhulu leshumi nesishiyagalolunye leminyaka wavuma ukuthi “akekho omunye onguMikayeli ngaphandle kukaKristu.” Ngokufanayo, umfundisi uJ. P. Lange, lapho ekhulumela isAmbulo 12:7, wabhala: “Sikholelwa ukuthi uMikayeli . . . kusukela ekuqaleni, unguKristu esesimweni esinjengesempi elwa noSathane.” Ingabe iBhayibheli liyayisekela lencazelo? Yebo, liyayisekela.a
7 Ngokwesibonelo, ngokwengelosi, uMikayeli “uyakuma.” Esiprofethweni sengelosi, “ukusukuma” noma “ukuma” (ngesiHeberu, ‛a·madhʹ) kungasho “ukusekela.” (Daniyeli 11:1) Kungasho futhi “ukunqoba,” “ukuvukela,” “ukuphikisa,” noma “ukumelana.” (Daniyeli 11:6, 11, 14, 15, 16a, 17, 25) Kodwa ezikhathini eziningi, kubhekisela esinyathelweni senkosi, kungaba ukuthatha amandla ayo ombuso noma ukusebenza esikhundleni sayo njengenkosi. (Daniyeli 11:2-4, 7, 16b, 20, 21, 25) Lena incazelo efanelana kahle kakhulu namazwi engelosi kuDaniyeli 12:1. Futhi ngokuqinisekile isekela iqiniso lokuthi uMikayeli nguJesu Kristu, njengoba uJesu eyiNkosi kaJehova emisiwe, ethunywe ukuba ibhubhise zonke izizwe eArmagedoni. (IsAmbulo 11:15; 16:14-16; 19:11-16) Iyavumelana futhi nezinye iziprofetho ezikhomba esikhathini lapho uMbuso kaNkulunkulu, ngaphansi kukaJesu Kristu, uthatha isinyathelo sokumelana nezizwe zalomhlaba.—Daniyeli 2:44; 7:13, 14, 26, 27.
8, 9. (a) Ekuqaleni babengobani ‘abantu bakaDaniyeli,’ futhi bangobani manje? (b) Siye saboniswa kanjani isithakazelo sikaMikayeli esijulile ‘kubantu bakaDaniyeli’ kuyo yonke leminyaka?
8 Sekuyisikhathi eside uMikayeli ezihlanganise ‘nabantu bakaDaniyeli,’ amaIsrayeli. Wayenawo ehlane, futhi wawasekela ‘ezikhulwini’ zomoya zemibuso yasendulo. (Daniyeli 10:13, 21; Eksodusi 23:20, 21; Juda 9) Futhi wazalwa emhlabeni njengomuntu uJesu ukuba abe uMesiya owayesenesikhathi eside elindelwe, “inzalo” eyathenjiswa ukhokho kaDaniyeli uAbrahama. (Genesise 22:16-18; Galathiya 3:16; IzEnzo 2:36) Ngokudabukisayo, uIsrayeli wemvelo wamenqaba uJesu; ngalokho, uJehova wamenqaba njengesizwe sakhe esikhethekile. (Mathewu 21:43; Johane 1:11) Wazimisela ukubeka igama lakhe esizweni esisha, “uIsrayeli kaNkulunkulu” ongokomoya, esakhiwe yikho kokubili amaJuda emvelo nabangemaJuda abanokholo kuJesu.—Galathiya 6:16; IzEnzo 15:14; 1 Petru 2:9, 10.
9 Lesisizwe esisha, ibandla lamaKristu agcotshiwe, saqala ukuphila ngo-33 C.E., futhi ngemva kwalokho sakhonza njengoIsrayeli kaNkulunkulu. Kusukela lapho kuqhubeke lesi sasizoba ‘abantu bakaDaniyeli.’ (Roma 2:28, 29) Ngaphambi kokuvuselwa kwakhe ezulwini ngo-33 C.E., uJesu wathembisa ukuqhubeka esekela ‘abantu bakaDaniyeli’ lapho etshela ababezoba amalungu alowoIsrayeli omusha: “Bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube-sekupheleni kwezwe.”—Mathewu 28:20; Efesu 5:23, 25-27.
‘Ukuma’ Ngenxa Yabantu BakaDaniyeli
10. Ngokwamazwi engelosi kuDaniyeli, uMikayeli uzosithatha kanjani isinyathelo esiwujuqu, futhi lokhu kuphakamisa miphi imibuzo?
10 Kodwa manje ingelosi ithi uMikayeli uzothatha isinyathelo ngendlela ethile ekhethekile. Isebenzisa igama elithi ‘ukuma’ kabili, ithi: “Futhi ngalesosikhathi uMikayeli uyokuma, isikhulu esiqhamileyo esimile ngenxa yabantwana babantu bakho.” (Daniyeli 12:1) Kusho ukuthini ukuthi uJesu ‘uyama’? Futhi ‘angama’ kanjani uma kakade ‘emile ngenxa yabantu [bakaDaniyeli]’? Ngaphambi kokuba siphendule lemibuzo, cabangela okunye ukwaziswa okuyisisekelo.
11. Kungayiphi indlela kungaba okufanelekile ukuthi uJesu ‘ubemile’ kusukela ngo-1914?
11 Ngemva kokuvuka kwakhe ngo-33 C.E., uJesu watshela abalandeli bakhe: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni.” (Mathewu 28:18) UJesu usenesikhathi eside esebenzisa lawomandla ezincekwini zakhe ezigcotshiwe emhlabeni. (Kolose 1:13) Nokho, isikhathi sokuba uJesu asebenzise amandla njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu asikafi-ki. Kunalokho, ngemva kokwenyuka kwakhe ‘wahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu ezulwini’ kwaze kwaba yisikhathi sokumiswa kwalowoMbuso. (IHubo 110:1, 2; IzEnzo 2:34, 35) Lesosikhathi safika ngo-1914, ‘isikhathi esinqunyiweyo.’ (Daniyeli 11:29) Ngalowonyaka, uJesu wabekwa esihlalweni sobukhosi njengeNkosi ebusayo yoMbuso kaNkulunkulu, futhi ngokushesha, njengoMikayeli ingelosi enkulu, waxosha uSathane ezulwini. (IsAmbulo 11:15; 12:5-9) Ngakho, kusukela ngo-1914, uJesu ‘umile’ njengeNkosi.—IHubo 2:6.
12, 13. Iziphi izibusiso ezivelele abantu bakaNkulunkulu abaye bazijabulela phakathi neminyaka kusukela ngo-1914, ezibonisa ukuthi uJesu ‘ubemile ngenxa yabantu bakaDaniyeli’?
12 ‘Ukuma’ kukaJesu kuye kwaba yisibusiso esikhulu ‘kubantwana babantu bakaDaniyeli.’ Ukuthatha kwakhe amandla ombuso nokulahlela uSathane emhlabeni kwahlanza ikhaya labo lasezulwini lesikhathi esizayo. (Johane 14:2, 3) Ngemva kwalokho, labo kakade abase befe bethembekile babengavuselwa efeni labo lasezulwini. (1 Thesalonika 4:16, 17) Insali yabo eyayisesemhlabeni yashushiswa kakhulu phakathi nempi yezwe yokuqala, eyacishe yamisa umsebenzi wabo wokushumayela. Kodwa ngo-1919 yafakwa umoya futhi yazalwa emhlabeni njengesizwe esisha.—Isaya 66:7, 8; IsAmbulo 9:14; 11:11, 12.
13 Ngemva kwalokho, uJesu wagcwalisa isithembiso sakhe ‘sokukhipha embusweni wakhe konke okukhubekisayo nabenza okubi.’ (Mathewu 13:41) Ngalendlela, uye walondoloza ibandla elihlanzekile lamaKristu agcotshiwe aye ‘amazi uNkulunkulu wawo, abanamandla, aphikelela.’ Aye ashumayela izindaba ezinhle zoMbuso kuwo wonke umhlaba, ngaleyondlela ‘afaka ukuqonda kwabaningi.’ (Daniyeli 11:32, 33; Mathewu 24:14) Kusukela ngo-1935 uJehova uye wahlanganisa nalelibandla isibalo esikhulayo ‘sezinye izimvu,’ ezijabulela ithemba lasemhlabeni neziye zahlanganyela ngokwethembeka emsebenzini wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.—Johane 10:16; IsAmbulo 7:9, 14, 15.
14. Uye waba yini umphumela ‘wokuma kukaJesu ngenxa yabantu bakaDaniyeli’ kuzo zonke izinsuku zokugcina?
14 Khona kanye ukuba khona kwaleliqembu lamaKristu namuhla kungokuphawulekayo. Ezweni elihlukene ngokwezombangazwe, aye alondoloza ukungathathi-hlangothi okungaxheguli njengezikhonzi zoMbuso kaNkulunkulu. (Johane 17:14) Ngenxa yalokho, aye ashushiswa yiwo womabili amakhosi. Ngokufanayo, inkolo yamanga iye yahlangana futhi yabopha uzungu lokuwashanela angabi bikho. Esikhundleni sokuba kwenzeke lokho, aye achuma futhi namuhla atholakala emazweni angaphezu kwama-200 futhi angabantu abathembekile abangaphezu kwezigidi ezintathu. Ajabulela ipharadesi elingokomoya ngaphansi kokubusa kukaKristu eliphambene nobumnyama nokuphelelwa yithemba kwalelizwe. (Isaya 65:13, 14) Ngakho, uJesu ubelokhu “emile ngenxa yabantwana babantu [bakaDaniyeli]” zonke lezinsuku zokugcina.—Daniyeli 12:1.
UMikayeli ‘Uyama’
15. Kungayiphi indlela uJesu ‘ema,’ futhi lokhu kwenzeka nini?
15 Ngakho kwenzeka kanjani ukuba uJesu, ‘omile’ kakade, ‘ame’ ngalesosikhathi? (Daniyeli 12:1) Ngokuthi, ngomqondo ongokomfanekiso, ukubusa kwakhe kuba nesici esisha. Sekuyisikhathi sokuba athathe isinyathelo ngendlela evelele ukuze asindise ‘abantu bakaDaniyeli’ ekubhujisweni ohulumeni babantu. (Hezekeli 38:18, 19) ‘Isikhathi’ okubhekiselwe kuso lapha ngokusobala ‘isikhathi sokuphela’ kwenkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu, lapho inkosi yasenyakatho isongela isimo esingokomoya sabantu bakaNkulunkulu. (Daniyeli 1:40-45) Ngaphambi kwale sikhathi, yilabo abathembekile abasemhlabeni abangaphansi koMbuso kaJesu kuphela abebekuthatha ngokungathi sína ukubusa kwakhe. (IHubo 2:2, 3) Nokho, manje yisikhathi ‘sokwambulwa kweNkosi uJesu,’ lapho wonke umuntu ezophoqeleleka ukuba aqaphele ubukhosi bakhe. (2 Thesalonika 1:7, 8) Lokhu kuzohilela ukubhujiswa kwawo wonke amabutho aphikisayo, kulandele ukuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane kukaJesu nababusi abakanye naye, lapho uMbuso uyoba ukuphela kukahulumeni phezu kwesintu.—IsAmbulo 19:19-21; 20:4.
16. Uyini umphumela ‘wokuma’ kukaJesu ezizweni ezingamesabi uNkulunkulu?
16 Ngokuvumelana nalokhu, ingelosi ithi lapho uMikayeli ema, “kuyakuba-yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe-khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube-yilesosikhathi.” (Daniyeli 12:1; qhathanisa noMathewu 24:21.) Kuyoba yisikhathi sokubhujiswa kwababi nokusindiswa kwabathembekile. (IzAga 2:21, 22) Lalela ukusabela okuqhutshwa uvalo kwesintu esingathembekile ngalesosikhathi: “Base bethi ezintabeni nasemaweni: Welani phezu kwethu, nisisithe ebusweni balowo ohlezi esihlalweni sobukhosi nasolakeni lweWundlu, ngokuba usuku olukhulu lolaka lwabo selufikile; ngubani-ke onamandla okuma na?”—IsAmbulo 6:16, 17.
17. Khona-ke yini eyokwenzeka emabuthweni kaSathane asemhlabeni, kuhlanganise nenkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu?
17 Umphumela walesi “sikhathi sokuhlupheka” kwamabutho kaSathane asemhlabeni sichazwe esiprofethweni sikaHezekeli ngoGogi wakwaMagogi: “Uyakuwa ezintabeni zakwaIsrayeli, wena namaviyo akho onke, nabantu abanawe.” (Hezekeli 39:4) UJeremiya, ekhuluma ngesikhathi esifanayo sokuhlupheka, wathi: “Ngalolosuku ababuleweyo bakaJehova bayakusukela komunye umkhawulo womhlaba, baze bafike komunye.” (Jeremiya 25:33) Ngempela kuyoba isikhathi sokuhlupheka. UJesu uyophetha umlando omude wezimpi zabantu lapho ‘ema’ ukuba asuse imibuso yabantu enecala.—IHubo 46:9; 1 Korinte 15:25.
Abasinda ‘Esikhathini Sokuhlupheka’
18. (a) Kuyoba yini okuhlangenwe nakho kwabakhulekeli beqiniso lapho uMikayeli ‘ema’? (b) Kusho ukuthini ‘ukulotshwa encwadini’?
18 Nakuba abantu bakaJehova beyoyizwa imiphumela yenzondo yesitha, ngokuyinhloko lesi kuyoba “isikhathi sokuhlupheka” kwababi. (IHubo 37:20) Ingelosi itshela uDaniyeli: “Ngelesosikhathi abantu bakho bayakukhululwa, bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini.” (Daniyeli 12:1) Ngalesikhathi abaningi ‘babantwana babantu bakaDaniyeli’ bayobe sebefile futhi bathola umvuzo wabo wasezulwini. Ngokungangabaze ki laba bayohlanganyela noMikayeli kulokhu kunqoba kwempi okukhulu. (IsAmbulo 2:26, 27; IHubo 2:8, 9) Labo abasele emhlabeni ngeke babe nengxenye ekulweni; kodwa bayoba abagcini bobuqotho, ngakho bayosinda. (IsAmbulo 17:14; 19:7, 8) Abangane babo “isixuku esikhulu,” nabo, bayosinda. (IsAmbulo 7:14) Ngakho kokubili insali egcotshiwe “nezinye izimvu” bayobe ‘befunyenwe belotshiwe encwadini,’ okungukuthi, amagama abo ayobe elotshiwe njengabasohlwini lokwamukela isipho sokuphila okuphakade, ezulwini noma emhlabeni.—Johane 10:16; Eksodusi 32:32, 33; Malaki 3:16; IsAmbulo 3:5.
19. (a) ‘Ukuma’ kukaMikayeli kuyokuletha kanjani ukuthula emhlabeni? (b) Yimuphi umbuzo okusamelwe uphendulwe?
19 Laba bayoba nelungelo lokubona ukumiswa kokuthula kweqiniso emhlabeni wonke. Bayozibonela ngokwabo ukugcwaliseka kwe sithembiso sikaJehova: “Ngokuba ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.” (IHubo 37:9) Ngenxa yokuthi uMbuso kaNkulunkulu uyobe usuwukuphela kukahulumeni phezu komhlaba, wonke umuntu ophilayo uyobe eyinceku kaJehova. (Isaya 11:9) Ngakho, “ngesikhathi sokuphela” kwamakhosi amabili, uMikayeli “uyokuma” ukuze alethe ukuthula esintwini. Akukho-kunqwatshelaniswa kwezikhali zemibuso emikhulu noma amanye amasu angamisa lesenzakalo. Nokho, ingabe lokho kusho ukuthi kumelwe silinde kuze kube yilesosikhathi ukuze sijabulele ukuthula? Cha, kunokuthula amaKristu angakujabulela ngisho kwamanje—ngempela, uhlobo olungcono lokuthula kunokungabikho nje kwempi. Kuyini lokhu kuthula? Isiprofetho sengelosi kuDaniyeli siyaqhubeka sikhanyisa lokhu.
[Imibhalo yaphansi]
a Njengoba uMikayeli ebizwa ngokuthi ingelosi enkulu, abanye banomuzwa wokuthi ukumbiza ngoJesu ngandlelathile kuyaphambana nesithunzi noma isikhundla sikaJesu. (Juda 9) Nokho, ubufakazi obumelela ukumbiza kanjalo baholela izazi zeLobukholwa ezishiwo ngenhla ukuba ziqaphele uMikayeli njengoJesu naphezu kweqiniso lokuthi kwakuthiwa zikholelwa kuZiquzintathu.
Uyakhumbula?
◻ Ubani uMikayeli iSikhulu Esiqhamileyo?
◻ Bangobani abantu bakaDaniyeli namuhla?
◻ Kukanjani uMikayeli manje emile ngenxa yabantu bakaDaniyeli?
◻ Kukanjani uMikayeli ngokushesha ezokuma ngendlela evelele?
◻ Obani abayosinda esikhathini sokuma kukaMikayeli?
[Isithombe ekhasini 16]
Umzamo wokugcina omkhulu wokushanela abantu bakaNkulunkulu uyokwehluleka—kodwa kanjani?
[Isithombe ekhasini 18]
Abantu bakaNkulunkulu bayothola insindiso lapho uMikayeli ‘ema’ ukuze aqede umbango wamakhosi amabili