Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Ukufundisa Okuqhubekayo Ngosuku Lwesikhombisa
USUKU lokugcina loMkhosi wamaDokodo, usuku lwesikhombisa, lusaqhubeka. UJesu ufundisa engxenyeni yethempeli ebizwa ngokuthi “umphongolo weminikelo.” Lena ngokusobala isendaweni ebizwa ngokuthi iGceke Labesifazane enamabhokisi abantu abafaka kuwo iminikelo yabo.
Njalo kusihlwa phakathi nomkhosi, kunezibani zokukhanyisa ezikhethekile kulendawo yethempeli. Kumiswe izinti zezibani ezine ezinkulu, ngasinye sinezitsha ezinkulu ezine ezigcwele amafutha. Ukukhanya okuphuma kulezitsha eziyi-16 zamafutha avuthayo kunamandla anele ukuba kukhanyise indawo ezungezile eyibanga elide ebusuku. Lokho uJesu akushoyo manje kungase kukhumbuze izilaleli zakhe ngalokhu kukhanya. UJesu uthi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba-nokukhanya kokuphila.”
“Uyazifakazela wena; ubufakazi bakho abuqinisile,” kuphikisa abaFarisi.
Ephendula uJesu uthi: “Noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buqinisile, ngokuba ngiyazi ukuthi ngavelaphi nokuthi ngiyaphi; kepha nina anazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi.” Uyanezela: “Mina ngingozifakazelayo; noBaba ongithumileyo ufakaza ngami.”
“Uphi uyihlo na?” abaFarisi bafuna ukwazi.
UJesu uyaphendula: “Anazi nami naBaba; uma beningazi mina, nga nimazi noBaba.” Ngisho nakuba abaFarisi besafuna ukuba uJesu abanjwe, akekho omthintayo.
“Ngiyamuka mina,” kusho uJesu futhi. “Lapho ngiya khona mina, ningeze nina.”
Kulokhu amaJuda aqala ukuzibuza: “Imbala uzakuzibulala yini, lokhu ethi: Lapho ngiya khona mina, ningeze nina, na?”
“Nina ningabaphansi,” kuchaza uJesu. “Mina ngingowaphezulu; nina ningabalelizwe, mina angingowalelizwe.” Khona-ke uyanezela: “Uma ningakholwa ukuthi nginguye, nizakufela ezonweni zenu.”
Yebo, uJesu ubhekisela ekuphileni kwakhe kwangaphambi kobuntu naseqinisweni lokuthi unguMesiya othenjisiwe, noma uKristu. Nokho, bayabuza, ngokungangabazeki ngokweyisa okukhulu bathi: “Wena ungubani na?”
Naphezu kokumenqaba kwabo, uJesu uyaphendula: “Lokho enganitshela khona kwasekuqaleni.” Nokho uyaqhubeka ethi: “Ongithumileyo uqinisile, nami engakuzwa kuye ngikukhuluma ezweni.” UJesu uyaqhubeka: “Nxa seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, khona-ke nizakwazi ukuthi nginguye nokuthi angenzi-lutho ngokwami, kodwa ngikhuluma lokhu njengokuba uBaba engifundisile. Ongithumileyo unami, kangishiyanga ngedwa, ngokuba ngenza njalo okuthandeka kuye.”
Lapho uJesu ekhuluma lezizinto, abaningi bayakholwa nguye. Kulaba uthi: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”
“Siyinzalo ka-Abrahama thina” kugaxela abamphikisayo, “asibonange sibe-yizigqila zamuntu; wena usho kanjani ukuthi: Nizakuba-ngabakhululekileyo na?”
Nakuba amaJuda ngokuvamile ebelokhu ebuswa amazwe angaphandle, awabheki noma yimuphi umcindezeli njengombusi. Ayenqaba ukubizwa ngokuthi ayizigqila. Kodwa uJesu uveza ukuthi ngempela ayizigqila. Ngayiphi indlela? UJesu uthi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono.”
Ukwenqaba ukuvuma ubugqila bawo esonweni kubeka amaJuda esimweni esiyingozi. “Isigqila kambe asihlali phakade endlini,” kuchaza uJesu. “Indodana ihlala phakade.” Njengoba isigqila singenamalungelo okudla ifa, singase sibe sengozini yokuxoshwa noma nini. Kuphela yindodana ezelwe ngempela noma etholiwe kulowomkhaya ehlala “phakade,” okuwukuthi, uma nje isaphila.
“Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula,” kuqhubeka uJesu, “niyakuba-ngabakhululekileyo impela.” Ngakho-ke, iqiniso elikhulula abantu yiqiniso eliphathelene neNdodana, uJesu Kristu. Kungomhlatshelo wokuphila kwakhe kobuntu okuphelele kuphela ukuthi umuntu angakhululwa esonweni esibulalayo. Johane 8:12-36.
◆ Kukuphi lapho uJesu efundisa khona ngosuku lwesikhombisa? Yini eyenzekayo lapho kusihlwa, futhi lokhu kuhlangene kanjani nemfundiso kaJesu?
◆ UJesu uthini ngemvelaphi yakhe, futhi lokhu kumelwe kwembuleni ngokuthi ungubani?
◆ AmaJuda ayizigqila ngayiphi indlela, kodwa iliphi iqiniso eliyowakhulula?