UNkulunkulu Akakhethi
“UNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.”—IZENZO 10:34, 35.
1. EAthene lasendulo, yimaphi amazwi abalulekile uPawulu awasho ngokuphathelene nohlanga?
“UNKULUNKULU owenza izwe nakho konke okukulo, eyiNkosi yakho kokubili iZulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe abantu . . . Kukhokho oyedwa wenza zonke izinhlanga zabantu ukuba zihlale ebusweni bomhlaba wonke.” (IzEnzo 17:24-26, Phillips) Ubani owakhuluma lawomazwi? Umphostoli uPawulu ongumKristu, phakathi nentshumayelo yakhe edumile eMars’ Hill, noma eAreyophagu, eseAthene, eGrisi.
2. Yini esiza ekwenzeni ukuphila kukhange futhi kujabulise, futhi yini eyahlaba esinye isivakashi saseJapane umxhwele eNingizimu Afrika?
2 Amazwi kaPawulu ngokufanele angasenza sicabange ngezinhlobonhlobo ezimangalisayo ezikhona endalweni. UJehova uNkulunkulu wadala abantu, izilwane, izinyoni, izinambuzane, nezitshalo zezinhlobo eziningi ezihlukahlukene. Yeka ukuthi ukuphila kwakuyoba isicefe kanjani uma konke kwakufana! Ukwahlukahlukana kwazo kusiza ekwenzeni ukuphila kujabulise futhi kuthakazelise. Ngokwesibonelo, isivakashi esivela eJapane lapho sisemhlanganweni wesigodi woFakazi BakaJehova eNingizimu Afrika sahlatshwa umxhwele ukwahlukahlukana kwezinhlanga nebala esakubona lapho. Saphawula ukuthi kwakuhluke kanjani eJapane, lapho iningi labantu linezici zobuhlanga ezifanayo.
3. Abanye balibheka kanjani ibala lesikhumba elihlukile, futhi lokhu kudalani?
3 Kodwa ukwahlukahlukana kwebala phakathi kwezinhlanga ngokuvamile kubanga izinkinga ezingathi sína. Abaningi babheka abanebala lesikhumba elihlukile njengabaphansi. Lokhu kudala ukungezwani, ngisho nenzondo kanye nobhadane lobandlululo lwezinhlanga. Ingabe uMdali wethu wayehlose lokhu? Ingabe ezinye izinhlanga ziphakeme kunezinye emehlweni akhe? Ingabe uJehova uyakhetha?
UMdali Wethu—Ingabe Uyakhetha?
4-6. (a) INkosi uJehoshafati yathini ngokukhetha? (b) Bobabili uMose noPawulu bawaqinisekisa kanjani amazwi kaJehoshafati? (c) Yimiphi imibuzo abanye abangase bayibuze?
4 Singathola umqondo othile wombono woMdali wethu ngesintu sonke ngokuhlehlela emuva emlandweni. INkosi uJehoshafati, eyabusa kwaJuda kusukela ngo-936 kuya ku-911 B.C.E., yathuthukisa izinto eziningi futhi yahlelela nokusebenza ngemfanelo kwesimiso sokwahlulela esisekelwe emthethweni waphezulu. Yanikeza leseluleko esihle kubahluleli: “Bhekani enikwenzayo, ngokuba anahluleli umuntu kepha uNkulunkulu . . . Qaphelani nikwenze, ngokuba ukungalungi akukho kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso.”—2 IziKronike 19:6, 7.
5 Emakhulwini eminyaka ngaphambili, umprofethi uMose wayetshele izizwe zakwaIsrayeli: “UJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu . . . ongakhethi-buso bamuntu.” (Duteronomi 10:17) Futhi encwadini yakhe eya kwabaseRoma, uPawulu weluleka: “Kuyoba nenkathazo nosizi kubo bonke abantu abangabenzi bobubi, ngomJuda kuqala nangomGreki futhi . . . Ngokuba uNkulunkulu akakhethi muntu.”—Roma 2:9-11, The New English Bible.
6 Kodwa abanye bangabuza: ‘Kuthiwani ngamaIsrayeli? Ayengebona yini abantu bakaNkulunkulu abakhethiwe? Ingabe wayengabakhethi? Akashongo yini uMose kuwo wonke amaIsrayeli: “UJehova uNkulunkulu wakho ukukhethile ukuba ube-yisizwe senzuzo yakhe phezu kwezizwe zonke”?’—Duteronomi 7:6.
7. (a) Waba yini umphumela lapho amaJuda enqaba uMesiya? (b) Obani, namuhla abangajabulela izibusiso ezimangalisayo ezivela kuNkulunkulu, futhi kanjani?
7 Cha, uNkulunkulu wayengakhethi lapho esebenzisa amaIsrayeli ngenjongo ekhethekile. Lapho ekhetha abantu ayezoveza ngabo uMesiya, uJehova wakhetha izizukulwane zezinzalamizi zamaHeberu ezithembekile. Kodwa lapho amaJuda enqaba uMesiya, uJesu Kristu, futhi enza ukuba abulawe, alahlekelwa umusa kaNkulunkulu. Nokho, namuhla, labo banoma yiluphi uhlanga noma isizwe ababa nokholo kuJesu bangajabulela izibusiso ezimangalisayo futhi babe nethemba lokuphila okuphakade. (Johane 3:16; 17:3) Ngokuqinisekile, lokhu kubonisa ukuthi akukho ukukhetha ngakuNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, uJehova wayala amaIsrayeli ukuba ‘athande umfokazi’ futhi ‘angamhluphi,’ kungakhathaliseki ukuthi ungowaluphi uhlanga noma isizwe. (Duteronomi 10:19; Levitiku 19:33, 34) Khona-ke, ngokuqinisekile, uBaba wethu wasezulwini onothando akakhethi.
8. (a) Yini ebonisa ukuthi uJehova akazange abonise ukukhetha kumaIsrayeli? (b) UJehova wamsebenzisa kanjani uIsrayeli?
8 Kuyiqiniso ukuthi amaIsrayeli ajabulela amalungelo akhethekile. Kodwa futhi ayenomthwalo wemfanelo onzima. Ayengaphansi kwesibopho sokuba agcine imithetho kaJehova, futhi lawo ayehluleka ukuyilalela ayeqalekiswa. (Duteronomi 27:26) Eqinisweni, amaIsrayeli kwakudingeka ajeziswe ngokuphindaphindiwe ngokungalaleli uMthetho kaNkulunkulu. Ngakho, uJehova akazange awaphathe ngendlela yokukhetha. Kunalokho, wawasebenzisa ukuze anikeze izibonelo ezingokwesiprofetho nokuba anikeze izibonelo ezixwayisayo. Ngokujabulisayo, uNkulunkulu waletha uMhlengi, uJesu Kristu, ngoIsrayeli ukuze kubusiswe sonke isintu.—Galathiya 3:14; qhathanisa noGenesise 22:15-18.
Ingabe UJesu Wayekhetha?
9. (a) UJehova noJesu bafana kanjani? (b) Yimiphi imibuzo ephakamayo ngokuphathelene noJesu?
9 Njengoba kungekho ukukhetha ngoJehova, ingabe uJesu angaba okhethayo? Nokho, cabanga ngalokhu: UJesu wake wathi: “Ngokuba ngingafuni eyami intando kepha intando yongithumileyo.” (Johane 5:30) Kunobunye obuphelele phakathi kukaJehova neNdodana yakhe ethandekayo, futhi uJesu wenza intando kaYise kuzo zonke izici. Eqinisweni, bafana kakhulu ngombono nangenjongo kangangokuba uJesu wayengathi: “Ongibonile mina ubonile uBaba.” (Johane 14:9) Iminyaka engaphezu kwengama-33, uJesu waba nokuhlangenwe nakho okungokoqobo ephila njengomuntu emhlabeni, futhi iBhayibheli lembula indlela ayephatha ngayo abantu ayehlala nabo. Sasiyini isimo sakhe sengqondo ngakubantu bezinye izinhlanga? Ingabe wayenobandlululo noma wayekhetha? Ingabe uJesu wayengumshisekeli wobuhlanga?
10. (a) UJesu wasiphendula kanjani isicelo sosizo sowesifazane waseFenike? (b) Ngokubhekisela kwabeZizwe ‘njengezinjana,’ ingabe uJesu wayebonisa ubandlululo? (c) Owesifazane wakunqoba kanjani ukuphikiswa, futhi kwaba namuphi umphumela?
10 UJesu wachitha isikhathi esiningi sokuphila kwakhe kwasemhlabeni enabantu abangamaJuda. Kodwa ngolunye usuku kweza kuye owesifazane waseFenike, oweZizwe, owamcela ukuba elaphe indodakazi yakhe. Esabela kulokho uJesu wathi: “Angithunyelwanga kwabanye, kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu yakwaIsrayeli.” Nokho, owesifazane wancenga: “Nkosi, ngisize.” Kulokho, uJesu wanezela: “Akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjaneni.” KumaJuda, izinja zaziyizilwane ezingcolile. Ngakho ngokubhekisela kwabeZizwe ‘njengezinjana,’ ingabe uJesu wayebonisa ubandlululo? Cha, ngoba wayesanda kuphawula ngokuthunywa kwakhe okukhethekile okuvela kuNkulunkulu kokuba anakekele ‘izimvu ezilahlekileyo zakwaIsrayeli.’ Ngaphezu kwalokho, ngokufanisa abangemaJuda ‘nezinjana,’ hhayi amankentshane, uJesu wasithambisa lesiqhathaniso. Yiqiniso, lokho akusho kwakumvivinya owesifazane. Ngokuthobeka, nakuba ezimisele ukukunqoba lokhu kuphikisa, owesifazane waphendula ngokuhlakanipha: “Yebo, Nkosi; kepha nezinjana zidla imvuthuluka ewa etafuleni labaninizo.” Ehlatshwe umxhwele ukholo lowesifazane, uJesu wayiphulukisa ngokushesha indodakazi yakhe.—Mathewu 15:22-28.
11. Njengoba kuboniswa isenzakalo esihilela uJesu, yisiphi isimo amaJuda namaSamariya ayenaso komunye nomunye?
11 Cabanga, futhi, ngokuhlangenwe nakho kukaJesu namaSamariya athile. Kwakunobutha obujulile phakathi kwamaJuda namaSamariya. Ngesinye isikhathi, uJesu wathuma izithunywa ukuba ziyomlungiselela emuzaneni othile waseSamariya. Kodwa lawomaSamariya “awamamukelanga, ngokuba ubuso bakhe babubheké eJerusalema.” Lokhu kwabacasula oJakobe noJohane kangangokuba bafuna ukubiza umlilo wehle ezulwini futhi uwabhubhise. Kodwa uJesu wabakhuza labobafundi ababili, futhi bonke baya komunye umuzana.”—Luka 9:51-56.
12. Kungani owesifazane othile ongumSamariya amangazwa isicelo sikaJesu?
12 Ingabe uJesu wahlanganyela umuzwa wokungezwani owawuphakathi kwamaJuda namaSamariya? Nokho, phawula lokho okwenzeka ngesinye isikhathi. UJesu nabafundi bakhe babesohambweni beya eGalile bevela eJudiya futhi kwakudingeka badabule eSamariya. Ekhathele kulolohambo, uJesu wahlala phansi eceleni komthombo kaJakobe ukuze aphumule ngesikhathi abafundi bakhe beye emzini waseSikhari ukuyothenga ukudla. Kusenjalo, kwafika owesifazane ongumSamariya ezokukha amanzi. Manje, uJesu ngokwakhe ngesinye isikhathi waqaphela amaSamariya ‘njengabantu bolunye uhlanga.’ (Luka 17:16-18, The Kingdom Interlinear Translation of the Greek Scriptures) Kodwa wathi kuye: “Ngiphuzise.” Njengoba amaJuda namaSamariya ayengadlelani, owesifazane omangele waphendula: “Yini ukuba wena ongumJuda ucele ukuphuziswa yimi engingowesifazane waseSamariya na?”—Johane 4:1-9.
13. (a) UJesu wasabela kanjani ekwenqabeni kowesifazane ongumSamariya, futhi wasabela kanjani owesifazane? (b) Waba yini umphumela?
13 Kodwa uJesu wakuthalalisa ukuphikisa kowesifazane. Esikhundleni salokho, wasebenzisa lelothuba ukuba amnikeze ubufakazi, evuma ngisho nanokuthi wayenguMesiya! (Johane 4:10-26) Owesifazane omangele washiya imbiza yakhe yamanzi emthonjeni, wabuyela emzini ngejubane, futhi waqala ukutshela abanye ngalokho okwenzekile. Nakuba wayephila ukuphila kokuziphatha kabi, wabonisa isithakazelo sakhe ezindabeni ezingokomoya ngokuthi: “Kungebe-nguye uKristu na?” Waba yini umphumela? Abaningi babantu bendawo baba nokholo kuJesu ngenxa yobufakazi obuhle owesifazane ayebunikezile. (Johane 4:27-42) Ngokuthakazelisayo, encwadini yakhe iA Biblical Perspective on the Race Problem, umfundisi wesonto lamaCongregational uThomas O. Figart wenza lokhu kukhulumela: “Uma iNkosi yethu yakubona kubaluleke kakhulu ukuba yenze isenzo somusa esikhundleni sokugcina isiko lobuhlanga elinephutha, khona-ke, kufanele siqaphele ukuba singaminzi emfuleni wokushisekela ubuhlanga namuhla.”
14. Yibuphi ubufakazi bokungakhethi kukaJehova obazibonakalisa phakathi nenkonzo kaFiliphu umvangeli?
14 Ukungakhethi kukaJehova uNkulunkulu kwavumela abantu bezinhlanga ezihlukahlukene ukuba babe amaproselite obuJuda. Cabanga futhi ngalokho okwenzeka emakhulwini eminyaka ayi-19 edlule emgwaqweni owugwadule ophakathi kweJerusalema neGaza. Indoda ensundu eyayisebenzela indlovukazi yase-Etiyopiya yayigibele enqoleni yayo ngenkathi ifunda isiprofetho sikaIsaya. Lesikhulu sasiyiproselite elisokiwe, ngoba ‘sasifikile eJerusalema sizokhuleka.’ Ingelosi kaJehova yabonakala kumvangeli ongumJuda uFiliphu futhi yathi kuye: “Sondela unamathele kuleyonqola.” Ingabe uFiliphu wathi: “Hhayi! Ungumuntu wolunye uhlanga”? Lutho neze! Phela, uFiliphu wayekujabulela ukwamukela isicelo somEtiyopiya sokuba akhwele enqoleni, ahlale naye, futhi amchazele isiprofetho sikaIsaya ngoJesu Kristu! Lapho besondela endaweni enamanzi amaningi, umEtiyopiya wabuza: “Kwalani ukuba ngibhapathizwe na?” Njengoba kwakungekho lutho olwaluvimbela lokhu, uFiliphu ngokujabula wambhapathiza umEtiyopiya, futhi uJehova wayamukela leyondoda eyayijabule njengomlandeli ogcotshiwe weNdodana yaKhe engakhethi, uJesu Kristu. (IzEnzo 8:26-39) Kodwa ubufakazi obengeziwe bokungakhethi kukaNkulunkulu bazibonakalisa ngokushesha.
Ushintsho Olukhulu
15. Yiluphi ushintsho olwenzeka ngemva kokufa kukaJesu, futhi uPawulu ukuchaza kanjani lokhu?
15 Ukufa kukaKristu akuzange kulususe ubandlululo lwezwe lwezinhlanga. Kodwa ngalokho kufa komhlatshelo, uNkulunkulu wabuguqula ubudlelwane phakathi kwabafundi bakaJesu abangamaJuda nabalandeli bakhe babeZizwe. Umphostoli uPawulu wakubonisa lokhu lapho ebhalela amaKristu abeZizwe e-Efesu futhi wathi: “Khumbulani ukuthi nina enanikade ningabezizwe ngokwenyama, . . . ukuthi ngalesosikhathi naningenaye uKristu, naningaphandle kombuso kaIsrayeli, naningabafokazi ezivumelwaneni zesithembiso, ningenathemba, ningenaNkulunkulu ezweni. Kepha manje kuKristu Jesu nina enanikade nikude senenziwe abaseduze ngegazi likaKristu. Ngokuba yena ungukuthula kwethu, owenza kokubili kwaba-kunye, nowabhidliza udonga olwahlukanisayo.” ‘Lolodonga,’ noma uphawu lokwahlukana, lwaluyilungiselelo lesivumelwano soMthetho elalisebenza njengomgoqo phakathi kwamaJuda nabeZizwe. Lwaqedwa ngesisekelo sokufa kukaKristu ukuze kuthi ngaye kokubili amaJuda nabeZizwe bakwazi ‘ukungena ngoMoya munye kuYise.’—Efesu 2:11-18.
16. (a) Kungani uPetru anikezwa izihluthulelo zoMbuso? (b) Zazingaki izihluthulelo, futhi waba yini umphumela wokusetshenziswa kwazo?
16 Ngaphezu kwalokho, umphostoli uPetru wayenikezwe “izihluthulelo zombuso wezulu” ukuze abantu banoma yiluphi uhlanga bakwazi ukufunda ngezinjongo zikaNkulunkulu, ‘bazalwe ngokusha’ ngomoya ongcwele, futhi babe izindlalifa ezingokomoya noKristu. (Mathewu 16:19; Johane 3:1-8) UPetru wasebenzisa izihluthulelo ezintathu ezingokomfanekiso. Esokuqala sasingesamaJuda, esesibili singesamaSamariya, futhi esesithathu singesabeZizwe. (IzEnzo 2:14-42; 8:14-17; 10:24-28, 42-48) Kanjalo uNkulunkulu ongakhethi, uJehova, wavulela abakhethiweyo bazo zonke izinhlanga ilungelo lokuba abafowabo abangokomoya bakaJesu nezindlalifa zoMbuso kanye naye.—Roma 8:16, 17; 1 Petru 2:9, 10.
17. (a) Yimuphi umbono ongavamile uPetru anikezwa wona, futhi ngani? (b) Amadoda athile aqondisa uPetru endlini kabani, futhi obani ababemlindele lapho? (c) UPetru wabakhumbuzani labo abeZizwe, nokho yini uNkulunkulu amfundisa yona ngokucacile?
17 Ukuze uPetru alungiselelwe ukuba asebenzise isihluthulelo sesithathu—esabeZizwe—wanikezwa umbono ongavamile wezilwane ezingcolile futhi watshelwa: “Vuka, Petru; hlaba, udle.” Isifundo sasiwukuthi: “Lokho akuhlambululile uNkulunkulu, ungasho wena ukuthi kubi.” (IzEnzo 10:9-16) UPetru wayekhungatheke kakhulu ngokuthi lombono wawuchazani. Kodwa ngokushesha kwafika amadoda amathathu ezomthatha amusa endlini kaKorneliyu, induna yamabutho engumRoma owayehlala eKhesariya. Njengoba lowomuzi wawuyisikhungo esiyinhloko samabutho amaRoma eJudiya, kwakuyindawo efanele ukuba indlu kaKorneliyu ibe lapho. Ababelindele uPetru kuleyondawo yabeZizwe kwakunguKorneliyu, kanye nezihlobo zakhe nabangane bakhe abaseduze. Umphostoli wabakhumbuza: “Niyazi ukuthi akuvunyelwe ukuba umuntu ongumJuda ahlangane, ahambelane nowesinye isizwe; kepha uNkulunkulu ungitshengisile ukuba ngingasho nangoyedwa ukuthi unechilo nokuthi ungcolile. Ngakho lokhu ngibiziwe, ngizile ngingalanga.”—IzEnzo 10:17-29.
18. (a) Yisiphi isaziso esibalulekile uPetru asenza kuKorneliyu nezivakashi zakhe? (b) Lapho uPetru efakaza ngoJesu, yisiphi isenzakalo esiphawulekayo esenzeka? (c) Yisiphi isinyathelo esathathwa ngokuphathelene nalabo abeZizwe abakholwayo?
18 Ngemva kokuba uKorneliyu echaze ngokuqondisa kukaNkulunkulu kulendaba, uPetru wathi: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu, kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 10:30-35) Khona-ke, njengoba umphostoli eqhubeka enikeza ubufakazi ngoJesu Kristu, kwenzeka okuthile okuphawulekayo! “Kwathi uPetru esakhuluma lawomazwi, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo bonke ababelizwa izwi.” Abangane bakaPetru abangamaJuda “bamangala kakhulu, ngokuba isipho sikaMoya oNgcwele sitheliwe naphezu kwabezizwe. Ngokuba babezwa bekhuluma ngezilimi, betusa uNkulunkulu.” UPetru waphendula: “Ukhona yini ongala namanzi ukuba bangabhapathizwa laba abamukele uMoya oNgcwele njengathi na?” Ubani owayenganqaba, njengoba umoya ongcwele kaNkulunkulu ongakhethi wawusuthululelwe phezu kwalabo abeZizwe abakholwayo? Ngakho-ke, uPetru wayala ukuba “babhapathizwe egameni leNkosi.”—IzEnzo 10:36-48.
“Bavela Kuzo Zonke Izizwe”
19. Kungani kwanda ubutha phakathi kwezinhlanga, futhi banda ngezinga elingakanani?
19 Manje sizithola ‘sisezinsukwini zokugcina,’ futhi “izikhathi ezinzima” zingokoqobo ekuphileni. Phakathi kwezinye izinto, abantu bangabazithandayo, abazigabisayo, abazidlayo, abangenaluthando, abanenkani, abangazithibi, abangenabumnene, abanamawala, nabakhukhumele. (2 Thimothewu 3:1-5) Esimweni senhlalo esinjalo, akumangalisi ukuthi ubutha bobuhlanga nokuxabana kuyanda kuwo wonke umhlaba. Emazweni amaningi, abantu bezinhlanga ezihlukahlukene noma amabala bayadelelana noma bazondane ngisho nokuzondana. Lokhu kuye kwaholela ekulweni okungokoqobo ngisho nasezenzweni zonya ezisabekayo kwamanye amazwe. Ngisho nasemiphakathini ebizwa ngokuthi ephucuzekile, abantu abaningi banobunzima bokunqoba ubandlululo lwezinhlanga. Futhi ‘lesisifo’ sibonakala sisakazekela nasezindaweni umuntu abengeke asilindele khona njengaseziqhingini zolwandle ezazithandwa kakhulu ngaphambili ngokuthula kwazo.
20. (a) Yimuphi umbono ophefumlelwe uJohane awubona? (b) Lombono ongokwesiprofetho ugcwaliseka ngezinga elingakanani? (c) Yibuphi ubunzima okusadingeka ukuba abanye babunqobe ngokuphelele, futhi kufanele balifune kuphi ikhambi?
20 Nokho, naphezu kokuntuleka kokuzwana phakathi kwezinhlanga ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba, uNkulunkulu ongakhethi, uJehova, wabikezela ukulethwa kwabantu abanhliziyo-ziqotho bazo zonke izinhlanga nezizwe ebunyeni obuphawulekayo bomhlaba wonke. Ngokuphefumlelwa kwaphezulu, umphostoli uJohane wabona “inani elikhulu elingenakubalwa, labantu abavela kuzo zonke izizwe, izinhlanga, imindeni, nezilimi; babemi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu,” bedumisa uJehova. (IsAmbulo 7:9, The Jerusalem Bible) Lesiprofetho kakade sesiyagcwaliseka. Namuhla, emazweni angama-210 ofakazi bakaJehova abangaphezu kwezi-3 300 000, bazo zonke izizwe nezinhlanga, bajabulela ubunye nokuzwana kobuhlanga. Nokho basengabangaphelele. Ngisho nabanye balaba banobunzima ekunqobeni ngokugcwele ubandlululo lwezinhlanga, nakuba bangase bangakuqapheli lokhu. Lenkinga inganqotshwa kanjani? Sizoxoxa ngalendaba esihlokweni esilandelayo, esisekelwe esilulekweni esiwusizo esitholakala eZwini eliphefumlelwe likaNkulunkulu ongakhethi, uJehova.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Kungani ubungathi uJehova wayengakhethi lapho esebenzisa amaIsrayeli?
◻ Yibuphi ubufakazi obukhona bokuthi uJesu Kristu wayengenalo ubandlululo lwezinhlanga noma ukukhetha?
◻ UPetru wasizwa kanjani ukuba abone ukuthi “uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu”?
◻ Naphezu kokuntuleka kokuzwana phakathi kwezinhlanga kulelizwe, yisiphi isiprofetho esibonisa ubunye esigcwalisekayo manje?
[Isithombe ekhasini 10]
Umphostoli uPawulu watshela abaseAthene ukuthi uNkulunkulu “wenza zonke izinhlanga zabantu ukuba zihlale ebusweni bomhlaba wonke”
[Isithombe ekhasini 12]
Ngoba uJesu wayengakhethi, wafakaza kowesifazane ongumSamariya ngasemthonjeni kaJakobe eduze kwaseSikhari