Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Indaba Yendodana Yolahleko
ABAFARISI baye bagxeka uJesu ngenxa yokuba nobudlelwano nezoni ezaziwayo, futhi ekubaphenduleni usanda kuqeda ukulandisa imifanekiso emayelana nokuthola imvu ebilahlekile kanye nohlamvu lwesiliva obelulahlekile. Manje useqhubeka nomunye umfanekiso, lona umayelana nobaba onothando nokuphatha kwakhe amadodana akhe amabili, ngayinye inamaphutha angathi sina.
Okokuqala, kunendodana encane, ewumdlali oyinhloko kulomfanekiso. Iqoqa ifa layo, elinikezwa uyise ngaphandle kokunqikaza. Khona-ke iyahamba ekhaya futhi ihileleka endleleni yokuphila kokuziphatha okubi kakhulu. Kodwa lalela njengoba uJesu elandisa lendaba, bese ubona ukuthi ungasho yini ukuthi abadlali kuhloswe ukuba bamelele obani.
“Umuntu othile,” kuqala uJesu, “wayenamadodana amabili. Encane yawo yayisithi kuyise: Baba, nginike isabelo sefa esiqondene nami; [uyise] wawahlukanisela impahla.” Lena encane yenzani ngalokho ekutholayo?
UJesu uyachaza: “Kwathi emva kwezinsuku ezingeziningi indodana encane yayisibutha konke, yamuka, yaya ezweni elikude, yachitha khona imfuyo yayo ihamba ngokonakala.” Iqiniso liwukuthi, ichitha imali yayo ihlala nezifebe. Ngemva kwalokho kufika izikhathi ezinzima, njengoba uJesu eqhubeka elandisa:
“Isisaphaze konke, kwavela indlala enkulu kulelozwe; yaqala ukuswela. Yayisiya kukhonza komunye umuntu walelozwe; yena wayithuma emadlelweni akhe ukuba yaluse izingulube. Yafisa ukuzisuthisa ngemidumba edliwa yizingulube; kepha kayiphiwanga-muntu.”
Yeka ukuthi kuhlazisa kanjani ukuphoqeka ukuba weluse izingulube, njengoba lezilwane zazingcolile ngokoMthetho! Kodwa okwakuyizwisa ubuhlungu kakhulu lendodana kwakuyindlala eququdayo eyayenza yafisa ngisho nokudla okwakunikezwa izingulube. Ngenxa yosizi lwayo olukhulu, uJesu wathi, ‘kwasa kuyo.’
Eqhubeka nendaba yakhe, uJesu uyachaza: “Yathi [kuyo ngokwayo]: Bangaki abaqashwa bakababa abanokudla okuningi, kanti mina ngifa indlala lapha. Ngiyakusuka, ngiye kubaba, ngithi kuye: Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho; angisafanele ukuthiwa indodana yakho; ngenze, ngibe-njengomunye wabaqashwa bakho. Yayisisuka, yafika kuyise.”
Nakhu okudinga ukucatshangelwa: Ukuba uyise wayeyiphendukele futhi wayimemeza ngentukuthelo lapho ihamba ekhaya, indodana ngokunokwenzeka yayingeke icabange okukodwa kuphela ngokuqondene nalokho okwakumelwe ikwenze. Yayingase inqume ukubuyela emuva futhi izame ukuthola umsebenzi kwenye indawo ezweni lakubo ukuze kungadingeki ukuba ibhekane noyise. Nokho, akuzange kufike umcabango onjalo engqondweni yayo. Yayifuna ukuba sekhaya!
Ngokusobala, ubaba osemfanekisweni kaJesu umelela uBaba wethu wasezulwini onothando, nesihe, uJehova uNkulunkulu. Futhi mhlawumbe nawe uyaqaphela ukuthi indodana yolahleko, noma esaphazayo, imelela izoni ezaziwayo. AbaFarisi, uJesu akhuluma nabo, esikhathini esidlule babegxeke uJesu ngokudla nezoni ezinjalo.
Futhi ubani omelelwa indodana enkulu? Futhi umfanekiso kaJesu usebenza kanjani ekhulwini lethu lama-20 leminyaka? Umagazini wethu olandelayo uyophendula lemibuzo lapho sicabangela indaba esele kaJesu ngendodana yolahleko eyatholakala. Luka 15:11-20, 30; Levitikusi 11:7, 8.
◆ UJesu uwulandisa kobani lomfanekiso, noma indaba, futhi kungani?
◆ Ubani umdlali oyinhloko endabeni, futhi kwenzekani kuye?
◆ Ubaba nendodana encane bamelela obani?
◆ Yikuphi ukwaziswa esingakulindela kumagazini olandelayo?