Yibani Abahlanzekile Engqondweni Nasemzimbeni
“Ninikele imizimba yenu ibe-ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu.”—ROMA 12:1.
1. Ngokomphostoli uPawulu, kungani ukuhlanzeka engqondweni nasemzimbeni kudingekile?
UMUNTU ofisela ukukhonza uNkulunkulu ongcwele uJehova kumelwe abe-msulwa ngokomoya nangokokuziphatha. Ngokunengqondo, lokhu futhi kusikisela ukuba ohlanzekile engqondweni nasemzimbeni. Njengoba siyilokhu esiyikho lesimiso sezinto samanje, abantu abaphuma kuso ukuze bakhonze uJehova akumelwe benze izinguquko emikhubeni yabo yokucabanga kuphela kodwa ngokuvamile nasemikhubeni yabo yomuntu siqu. Umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu eRoma: “Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe-ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube-ngukukhonza kwenu kokuqonda; ningalingisi lelizwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu, ukuze nibe-nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu.” (Roma 12:1, 2) Ukuhlanzeka kwengqondo nokomzimba kuhilelani?
Ukuhlanzeka Kwengqondo
2. Amehlo nezinhliziyo zethu kungasibangela kanjani ukuba sihlanganyele emanyaleni, futhi yini edingekile ukuze sikugweme lokhu?
2 Ngisho nangaphambi kokuba uMthetho unikezwe, uJobe othembekile wabonisa ukuthi amehlo ethu nenhliziyo kungasibangela ukuba senze amanyala uma singakulawuli. Wathi: “Ngenza isivumelwano namehlo ami: ngingabuka kanjani intombi na? Uma inhliziyo yami iyengwé ngowesifazane, . . . lokho ngabe kuyicala, ngabe kungububi bokujeziswa.” (Jobe 31:1, 9-11) Uma sinamehlo azulazulayo nenhliziyo eguquguqukayo, sidinga ukuthiba ingqondo, “ukulaywa kube-ngukuhlakanipha.”—IzAga 1:3.
3, 4. (a) Isibonelo sikaDavide noBati-Sheba sibonisani, futhi yini edingekile ukuze siguqule imikhuba emibi yokucabanga? (b) Kungani abadala abangamaKristu kufanele baqaphe ngokukhethekile?
3 Amehlo eNkosi uDavide ayiholela ukuba iphinge noBati-Sheba. (2 Samuweli 11:2, 4) Lesibonelo sisibonisa ukuthi ngisho namadoda asetshenziswa ngokuvelele uJehova angawela esonweni uma engazithibi izingqondo zawo. Kungase kudinge umzamo odinga amandla ukuguqula imikhuba yethu yokucabanga. Umzamo onjalo kufanele uhambisane nomthandazo wentshiseko wokucela usizo lukaJehova. Ngemva kokuba ephendukile esonweni sakhe noBati-Sheba, uDavide wathandaza: “Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami.”—IHubo 51:10.
4 Abadala abangamaKristu ikakhulukazi kufanele baqaphele ukuba bangagcini izifiso ezingalungile ezingabaholela esonweni esingathi sína. (Jakobe 1:14, 15) UPawulu wabhalela umdala ongumKristu uThimothewu, wathi: “Umgomo womyalo uluthando oluvela enhliziyweni emhlophe, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisiyo.” (1 Thimothewu 1:5) Ngokuqinisekile kungaba ukuzenzisa ngomdala ukuba enze imisebenzi yakhe engokomoya kuyilapho evumela iso elizulazulayo ukuba lakhe imicabango yokwenza ukungcola enhliziyweni yakhe.
5. Yini okufanele igwenywe ukuze kulondolozwe inhlanzeko yengqondo?
5 Sonke njengamaKristu kufanele senze konke okusemandleni ethu ukuba sihlanzeke engqondweni. Lokhu kusho ukugwema noma yimaphi amabhayisikobho, izinhlelo zeTV, noma izincwadi ezingaba nethonya elonakalisayo ekucabangeni kwethu. Impilo yengqondo ihilela umzamo wokuqikelela wokuzindla ngezinto ‘eziyiqiniso . . . ezilungileyo, ezimhlophe.’ Umphostoli uPawulu uyenezela: “Noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho.”—Filipi 4:8.
Inhlanzeko Yomuntu Siqu
6. (a) Nikeza izibonelo ezivela encwadini kaLevitikusi ezibonisa ukuthi kwaIsrayeli kwakufuneka inhlanzeko yomuntu siqu neyeningi. (b) Yayiyini injongo yemithetho enjalo?
6 Kuye kwashiwo ukuthi “inhlanzeko ihambisana nokwesaba uNkulunkulu.” Yiqiniso, umuntu ohlanzekile ngokokuziphatha nangokomzimba angase angamesabi uNkulunkulu. Kodwa umuntu omesabayo uNkulunkulu kumelwe, nakanjani, ahlanzeke ngokokuziphatha nangokomzimba. UMthetho kaMose wanikeza iziyalezo eziqondile ngokuqondene nokuhlanza izindlu ezingenwe amagciwane nangokuqondene nokugeza komuntu ezimweni ezihlukahlukene zokungcola. (Bheka uLevitikusi, izahluko 14 no-15.) Wonke amaIsrayeli kwakudingeka azibonakalise engcwele. (Levitikusi 19:2) Incwadi ethi Insight on the Scriptures ithi: “Imithetho yokudla, yokukhuculula indle, neyokuziphatha uNkulunkulu ayinikeza [amaIsrayeli] yayiyizikhumbuzo ezihlala njalo ngokuba kwawo ngahlukaniselwe uNkulunkulu nangcwele kuye.”—Umqulu 1, ikhasi 1128.
7. Siyini isimo ngoFakazi BakaJehova njengeqembu, kodwa yini eye yabikwa abanye ababonisi abajikelezayo?
7 Njengoba oFakazi BakaJehova njengeqembu behlanzekile kunoma yikuphi ukungcola kwenkolo yamanga yobuBabiloni futhi bengakuyekeleli ukungcola kokuziphatha phakathi kwabo, imibiko evela kubabonisi abajikelezayo ibonisa ukuthi abanye abakunaki ukuhlanzeka nokucoceka komuntu siqu. Singaqiniseka kanjani ukuthi sihlanzekile nakulesici? Isibonelo esihle sawo wonke amakhaya amaKristu iBethel, igama elisho “Indlu kaNkulunkulu.”
8, 9. (a) Yisiphi iseluleko esinikezwa wonke amalungu amasha omkhaya waseBethel? (b) Yiziphi izimiso ezilandelwa amaKhaya aseBethel okufanele zibuse wonke amakhaya amaKristu?
8 Lapho umuntu eba ilungu lomkhaya waseBethel endlunkulu yeWatch Tower Society noma kunoma yiliphi lamagatsha ayo emhlabeni wonke, unikezwa incwajana elungiselelwe iNdikimba Ebusayo. Lencwadi ichaza lokho okulindelekile kuye emikhubeni yokusebenza nasemikhubeni yomuntu siqu. Ngaphansi kwesihloko esithi “Ukunakekela Ikamelo Nokuhlanzeka,” ithi: “Ukuphila kwaseBethel kudinga ukulondoloza izindinganiso eziphakeme ezingokomzimba, ezingokokuziphatha nezingokomoya. Wonke umuntu eBethel kufanele akukhathalele ukuzigcina ehlanzekile yena nekamelo lakhe. Lokhu kunengxenye empilweni enhle. Asikho isizathu sokuba noma ubani angcole. Kuwumkhuba omuhle ukugeza nsuku zonke. . . . Ukugeza ngaphambi kwezikhathi zokudla kusemqoka futhi kulindelekile kubo bonke. Ngokucabangela ohlala naye ekamelweni nomhlanzi wezindlu, usinki wokugezela noma ubhavu kufanele kuhlanjululwe ngemva kokusetshenziswa ngakunye.”
9 EmaKhaya aseBethel, izindlu zangasese zigcinwa zihlanzekile zingenamyocu, futhi kwenziwe ilungiselelo lokuba labo abazisebenzisayo bakwazi ukugeza izandla ngokushesha. Amalungu alomkhaya kulindeleke ukuba ashiye indlu yangasese ihlanzekile ngemva kokuyisebenzisa, okusho ukubheka ukuthi indle idonsekile yini. Lokhu kubonisa ukucabangela ngomuntu olandelayo noma umhlanzi wezindlu. Ingabe akufanele yini izimiso ezinjalo ezinhle, zothando zibuse ikhaya lamaKristu ngalinye?
10. (a) Kungani ingadingekile indlu yokugezela enemicikilisho ukuze umuntu azigcine yena nabantwana bakhe behlanzekile? (b) Imiphi imithetho kwaIsrayeli eyayisiza empilweni enhle, futhi kulokhu isiphi isifundo esingafundwa abantu bakaJehova namuhla?
10 Ngokuvamile, izimo ziyahluka emazweni ngamazwe. Kwezinye izindawo, amakhaya awanabo obhavu bokugezela noma ngisho neshawa. Nokho, ngokuvamile amadoda nabesifazane abangamaKristu bangayithola insipho namanzi okwanele ukuze bagcine imizimba yabo ihlanzekile nokuqiniseka ukuthi abantwana babo bahlanzekile.a Amakhaya amaningi emhlabeni wonke awanawo amapayipi okukhuculula indle. Kodwa indle ingakhucululwa ngokulondeka ngokuba igqitshwe, njengoba kwakufuneka kumaIsrayeli ngisho nasemakamu empi. (Duteronomi 23:12, 13) Ngaphandle kwalokhu, imithetho kaJehova ebusa ukuphila kwasekamu yayidinga ukuhlanzwa kwezingubo nokugeza njalo, ukuxilongwa nokwelashwa kwezifo ngokushesha, ukuphathwa kwezidumbu ngendlela efanele, nokugcinwa kwamanzi nokudla okuhlanzekile. Yonke lemithetho yayinengxenye empilweni yesizwe. Ingabe abantu bakaJehova namuhla akufanele bahlanzeke ngendlela efanayo emikhubeni yabo yomuntu siqu?—Roma 15:4.
Izindlu Nezimoto Ezihlanzekile
11. (a) Kufanele sibe njani isimo sekhaya lomKristu elimpofu kunawo wonke? (b) Ikuphi ukubambisana okudingekile ngawo wonke amalungu omkhaya waseBethel?
11 Amakhaya ethu, noma angaba mpofu kangakanani, angaba ahlelekile nahlanzekile, kodwa lokhu kudinga ukuhlela okuhle emkhayeni. Umama ongumKristu uyofuna ukusebenzisa isikhathi esiningi ngangokunokwenzeka ezintweni ezingokomoya, nasemsebenzini wokushumayela, ngakho akufanele kudingeke ukuba achithe isikhathi nsuku zonke ecocela amalungu omkhaya ashiya izingubo, izincwadi, amaphepha, omagazini, nokunye, kusakazekile. EBethel, nakuba kukhona abahlanzi bezindlu abahlanzayo, ilungu ngalinye lomkhaya kulindekele ukuba lendlule umbhede walo futhi lishiye ikamelo lalo lihlanzekile ekuseni. Sonke siyawazisa amaHholo ethu oMbuso namaHholo oMhlangano awubunono nahlanzekile. Sengathi amakhaya ethu nawo angafakazela ukuthi siyingxenye yabantu bakaJehova abahlanzekile nabangcwele!
12, 13. (a) Isiphi iseluleko esinikezwayo ngokuqondene nezimoto ezisetshenziswa enkonzweni kaJehova, futhi kungani kungadingeki ukuba lokhu kudle isikhathi kakhulu? (b) Kunasiphi isizathu esingokomoya sokuzigcina sihlanzekile ngokomzimba nesokuba namakhaya nezimoto eziwubunono?
12 Eziningi zezinceku zikaJehova namuhla zisebenzisa izimoto uma ziya emihlanganweni nasenkonzweni yasensimini. Kwamanye amazwe imoto isiye yaba into okungenakwehlukanwa nayo njengethuluzi lokukhonza uJehova. Njengenjalo, kufanele igcinwe iwubunono futhi ihlanzekile, njengoba amakhaya ethu enjalo. Ngokuqinisekile, amaKristu awanakuchitha isikhathi eseqile etomota izimoto zawo ngendlela abantu bezwe abenza ngayo. Kodwa ngaphandle kokweqisa okunjalo, izinceku zikaJehova kufanele zilwele ukugcina izimoto zazo zihlanzekile futhi zisesimweni esihle. Kwamanye amazwe umshini wokugezela izimoto egalaji likapetroli awubizi futhi awuchithi sikhathi. Ngokuqondene nengaphakathi lemoto, imizuzu eyishumi yokuhlanza nokuqoqa ingenza lukhulu. Ikakhulukazi abadala nezinceku ezikhonzayo, kufanele balwele ukuba izibonelo kulesici, njengoba ngokuvamile besebenzisa izimoto zabo bethutha amaqembu abamemezeli enkonzweni yasensimini. Lapho ummemezeli ethatha umuntu othakazelayo ukuze aye naye emihlanganweni, ngokuqinisekile akubona ubufakazi obuhle uma imoto ingcolile futhi iwubudlabha.
13 Ngakho, ngemizamo yethu yokuhlanzeka ngokomzimba nokuba namakhaya nezimoto ezihlanzekile nezicocekile, sidumisa uJehova njengamalungu enhlangano yakhe ehlanzekile.
Inhlanzeko Lapho Kunikelwa Iminikelo Engokomoya
14. Imiphi imithetho eyayibusa inhlanzeko engokoMthetho kwaIsrayeli, futhi lemithetho ibonisani?
14 KwaIsrayeli kwakudingeka inhlanzeko engokomthetho ngokuqondene nokukhulekela, futhi kunesijeziso sokufa. UJehova watshela uMose noAroni: “Niyakwahlukanisa abantwana bakwaIsrayeli nokungcola kwabo ukuba bangafi ekungcoleni kwabo, lapho bengcolisa itabernakele lami eliphakathi kwabo.” (Levitikusi 15:31) NgoSuku Lokubuyisana, umpristi omkhulu kwakumelwe ageze emanzini kabili. (Levitikusi 16:4, 23, 24) Isitsha sethusi esasisetabernakele, futhi kamuva ulwandle lwethusi olwalusethempelini, kwakunamanzi abapristi okuba bageze kuwo ngaphambi kokunikela ngeminikelo kuJehova. (Eksodusi 30:17-21; 2 IziKronike 4:6) Kuthiwani ngamaIsrayeli esewonke? Uma ayeba angahlanzekile ngokomthetho nganoma isiphi isizathu, ayevinjelwa ekubeni nengxenye ekukhulekeleni kuze kube yilapho esegcwalise izimfuneko zokuba abamsulwa. (Numeri 19:11-22) Konke lokhu kwakugcizelela ukuthi inhlanzeko engokomzimba idingekile ngabo bonke abakhulekela uNkulunkulu ongcwele uJehova.
15. Kungani imihlatshelo yezilwane ingasadingeki, futhi imiphi imibuzo ephakanyiswayo?
15 Yiqiniso, abantu bakaJehova namuhla akudingekile ukuba banikele ngeminikelo yezilwane ethempelini lasemhlabeni. Iminikelo ngaphansi komthetho yathathelwa isikhundla ‘ukunikelwa komzimba kaJesu Kristu kanye kuphela.’ (Heberu 10:8-10) ‘Sikhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso.’ (Johane 4:23, 24) Kodwa ingabe lokhu kusho ukuthi asinaminikelo okumelwe siyinikele kuNkulunkulu wethu ongcwele uJehova? Futhi ingabe inhlanzeko ayifuneki kangako kithi njengoba kwakunjalo ngamaIsrayeli?
16. Isiprofetho sikaMalaki 3:3, 4 siye sagcwaliseka kanjani emaKristwini agcotshiwe kusukela ngo-1918, futhi imiphi imihlatshelo eyamukelekayo angayinikela kuJehova?
16 Isiprofetho sikaMalaki sibonisa ukuthi amaKristu agcotshiwe emhlabeni esikhathini sokuphela ayeyocwengwa, enziwe msulwa, ngenxa yenkonzo yasethempelini. Umlando ubonisa ukuthi lokhu kucwengwa kwaqala ngo-1918. Kusukela ngo-1919 insali egcotshiwe iye ‘yanikela ngeminikelo kuJehova ngokulunga,’ futhi iminikelo yabo “mihle kuJehova.” (Malaki 3:3, 4) Kanjalo, bayakwazi ‘ukunikela ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngaye uJesu Kristu.’ (1 Petru 2:5) Umphostoli uPawulu wabhala: “Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.”—Heberu 13:15.
17. Nakuba “isixuku esikhulu” singeyona ingxenye yobupristi bobukhosi, kungani kumelwe sihlanzeke ngokomzimba, ngokwengqondo, ngokokuziphatha, nangokomoya?
17 Nakuba “isixuku esikhulu” singabizelwa enkonzweni yobupristi yasethempelini njengensali egcotshiwe, ‘sikhonza [uJehova] imini nobusuku’ emagcekeni asemhlabeni ethempeli lakhe elingokomoya. (IsAmbulo 7:9, 10, 15) Kuzokhunjulwa ukuthi amaIsrayeli ayengesibo abapristi kwakumelwe ahlanzeke ngokomthetho ukuze ahlanganyela ekukhulekeleni etabernakele noma, kamuva, ethempelini. Ngokufanayo, isixuku esikhulu sezinye izimvu kumelwe sihlanzeke ngokomzimba, ngokwengqondo, ngokokuziphatha, nangokomoya uma sifisa ukukhonza ethempelini futhi sihlanganyele nensali ‘ekunikeleni kuNkulunkulu umhlatshelo wokubonga’ ‘ngokuvuma igama lakhe.’
Ukuba Abahlanzekile Nabacocekile Enkonzweni Yasensimini Nasemihlanganweni
18. Lapho sihlanganyela emsebenzini wokufakaza wasobala nalapho sisemihlanganweni, yini okufanele siyikhathalele ngokuqondene nenhlanzeko yomuntu siqu ngezimpahla zokugqoka, nangezicathulo?
18 Kusho ukuthini lokhu ngokoqobo? Kusho ukuthi kungaba okungafanele nokumdelela kakhulu uJehova ukummelela enkonzweni yendlu ngendlu, emgwaqweni, noma ekhaya lothile uma singahlanzekile ngokomzimba futhi singagqokile kahle. Ngakho-ke, akufanele sibe abanganaki ezindabeni ezinjalo. Kufanele sizinakisise, ukuze senze ngendlela efanele izikhonzi ezithwele igama likaJehova. Izingubo zethu akudingekile ukuba zibize, kodwa kufanele zihlanzeke, zibe zinhle, futhi zibe nesizotha. Nezicathulo zethu kumelwe zibe sesimweni esihle futhi zibukeke kahle. Ngokufanayo, kuyo yonke imihlangano, kuhlanganise neSifundo Sencwadi Sebandla, imizimba yethu kufanele ihlanzeke, futhi kufanele sigqoke ngobunono nangokufanele.
19. Yiziphi izinzuzo ezingokomoya ezivela ekubonakaleni kwethu okuhlanzekile nokobunono njengezikhonzi ezingamaKristu?
19 Ukubukeka kwethu okuhlanzekile nokobunono lapho sihlanganyela emsebenzini wokufakaza nasemihlanganweni yethu kungenye indlela ‘yokuhlobisa isifundiso sikaNkulunkulu uMsindisi wethu.’ (Thithu 2:10) Kuwubufakazi ngokwakho. Abantu abaningi baye bahlatshwa umxhwele inhlanzeko nobunono bethu, futhi lokhu kuye kwabashukumisela ukuba balalele isigijimi sethu esiphathelene nezinjongo zikaJehova ezimangalisayo ngamazulu amasha okulunga nomhlaba omusha ohlanziwe.—2 Petru 3:13.
20. Isiphi esinye isithelo esihle esivela ekubeni kwethu abahlanzekile engqondweni nasemzimbeni?
20 Njengoba isimiso esisha sikaJehova esihlanzekile sisondela, sonke sidinga ukuzihlola ukuze sibone ukuthi asikudingi yini ukwenza ukulungisa okuthile emikhubeni yethu yokucabanga noma yomuntu siqu. UPawulu wabhala: “Ngikhulumisa okomuntu ngenxa yobuthakathaka benyama yenu. Ngokuba njengalokho nanikela izitho zenu zibe-yizinceku zamanyala nezokungalungi kwaba-ngukungalungi, kanjalo nikelani manje izitho zenu zibe-yizinceku zokulunga kube-ngukungcweliswa.” (Roma 6:19) Inhlanzeko engokomoya nenhlanzeko engokomzimba ithela isithelo esihle ngisho namanje, ‘izithelo . . . kube-ngukungcweliswa nasekugcineni [kuyoba] ukuphila okuphakade.’ (Roma 6:22) Ngakho-ke, masihlanzeke engqondweni nasemzimbeni njengoba ‘sinikela imizimba yethu ibe-ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu.’—Roma 12:1.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukusikisela okuwusizo ngenhlanzeko ezimweni ezinzima, bheka isihloko esithi “Ukuhlangabezana Nenselele Yokuhlanzeka,” esakhishwa kuPhaphama! kaOctober 8, 1988, amakhasi 26-29.
Amaphuzu Okumelwe Akhunjulwe
◻ Amehlo ethu nezinhliziyo kungasibangela kanjani ukuba senze amanyala?
◻ Yiziphi izinzuzo ezatholwa amaIsrayeli lapho elalela imiyalo kaJehova ephathelene nenhlanzeko yawo ewonke neyomuntu siqu?
◻ Yiziphi izimiso ezilandelwa emaKhaya aseBethel okufanele zibuse wonke amakhaya amaKristu?
◻ Kunini, ngokukhethekile, lapho kufanele sinakekele khona ukubonakala kwethu?
◻ Yiziphi izizathu ezingokomoya izinceku zikaJehova ezinazo zokugcina amakhaya azo nezimoto kuhlanzekile futhi kucocekile?
[Isithombe ekhasini 17]
“Ukuphila kwaseBethel kudinga ukulondoloza izindinganiso eziphakeme ezingokomzimba, ezingokokuziphatha, nezingokomoya”
[Isithombe ekhasini 18]
Ingabe umama kudingeka achithe isikhathi esengeziwe usuku ngalunye ecocela amalungu omkhaya angacabangi?
[Isithombe ekhasini 19]
Ngemizuzu eyishumi, kungenziwa lukhulu kuhlanzwa ingaphakathi lemoto