Ukuphumelela Ekulwisaneni Nokuba Umlutha Wotshwala
“Phakathi nomsebenzi, cishe ngehora leshumi ekuseni, ngangiqala ukucabanga ngotshwala. Ngehora le-12 emini ngangihamba ngiyophuza. Ngehora lesithathu umzimba wami wawuqhaqhazela. Ngangifisa ukuba kufike isikhathi sokushayisa emsebenzini ukuze ngiphinde ngiyophuza. Ngokuvamile ngangiphuza endleleni lapho ngiya ekhaya. Cishe ngehora lesikhombisa ngangiba nebhabhalazi futhi. Ngangiphuza, ngiwe esihlalweni ngingezwa, ngizichamele, futhi ngilale ngimanzi kuze kuse. Thatha lokhu futhi ukuphindaphinde ngezinsuku eziyisikhombisa ngesonto; uphindaphinde lezozinsuku ngamasonto angu-52 ngonyaka; uphindaphinde lawomasonto ngeminyaka engu-29.”
LENDODA iwumlutha wotshwala. Akuyona yodwa. Izigidi emhlabeni wonke zilwisana nalesimo esibulalayo leso, ngokusho kukaDkt. Vernon E. Johnson, “esithonya zonke izici zomuntu: ngokomzimba, ngokwengqondo, nangokomoya.”a
Izazi eziningi zithi ukuba umlutha wotshwala ngeke kwelashwe kodwa kungaqedwa ngokulandela isimiso sokuhlukana ngokuphelele notshwala. Lena akuyona imfuneko engenangqondo, ngoba utshwala abubalulekile ekuphileni. Eqinisweni, ukusetshenziswa kabi kotshwala kubangela ukulahlwa uNkulunkulu. (1 Korinte 6:9, 10) Kungcono ukungena ezweni elisha likaNkulunkulu wenqatshelwe utshwala kunokuvumela ukuhuhwa yibo futhi ulahlekelwe ukuphila okuphakade.—Mathewu 5:29, 30.
Ukugqashula—nokukhululeka—ekusebenziseni kabi utshwala ngokuvamile kuyinselele ekhungathekisayo. (Qhathanisa nabaseRoma 7:21-24.) Yini engasiza? Ake sinikeze iseluleko esithile esiqondile. Ngisho nakuba ungabuphuzi ngokuphelele utshwala, leseluleko siyoba esifundisayo futhi singakwenza ukwazi ukusiza umngane othile noma isihlobo esilwisana nokuba umlutha wotshwala.
Ukuzibheka Ngokwethembeka
Esinye sezithiyo ezinkulu kakhulu okumelwe uzinqobe ukuphika iqiniso lokuthi ungumlutha wotshwala. Ukuphika kuwuhlobo oluthile lokungathembeki. Kuwukuzithethelela okunenjongo: ukuvikela inkululeko yakho yokuphuza. Ungase uthi, ‘Anginayo inkinga enkulu kangako ngotshwala. Ngisenawo umkhaya wami. Ngisasebenza.’ Okubaluleke kakhulu, ukuthi usabuphuza utshwala.
Ukuphika kungakuvimbela ukuba ulalele abangane abafuna ukukusiza. URobert waphawula ukuthi usingayise womkakhe wayesenemikhuba yokuphuza engenampilo nokuchwensa. “Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, ngaya kuye,” kusho uRobert, “ngambuza ukuthi wayenawo yini umuzwa wokuthi ukuphuza kwakhe kwakunengxenye endleleni yakhe yokuziphatha.” Waba yini umphumela? “Waphika wama ngentaba, ngezinkulumo ezinjengokuthi, ‘Awunasiqinisekiso’ nokuthi, ‘Awuyazi indlela engizizwa ngayo.’”
Uma ilungu lomkhaya noma umngane okhathazekile ngokuphuza kwakho eza kuwe, zihlole, uzibheke ngokwethembeka. (IzAga 8:33) Ingabe ungaphila ngaphandle kotshwala isonto lonke, inyanga yonke, noma izinyanga ezimbalwa? Uma kungenjalo, kungani? Ungafani nomuntu ozikhohlisa ngemicabango engamanga. UJakobe uthi: “Lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni; ngokuba uyazibuka, amuke, akhohlwe masinyane ukuthi wayengonjani.”—Jakobe 1:22-25.
Ngisho nangemva kokuba ukululama sekuqalile, kusayomelwe ukuqaphele ukuphika ukuthi ungumlutha. Incwadi ethi Willpower’s Not Enough iyachaza: “Umuntu osanda kuhlukana notshwala angase ngephutha akholelwe ukuthi ngenxa yokuthi uye wakwazi ukuyeka utshwala isikhashana—mhlawumbe ngokokuqala—manje uselaphekile.” Lokhu ukucabanga okuluthekile okunamandla amakhulu, futhi kuyisinyathelo sokuqala sokuhlehla. Ukuze ukwazi ukumelana nokuphika okunjalo, akumelwe ube wedwa kulempi.
Thola Usizo
Eqaphela ukuthi wayengenakulwisana nokuba umlutha wotshwala eyedwa, umuntu esizombiza ngokuthi uLeo wafuna usizo lochwepheshe. Ngemva kwesikhathi sokwelashwa okukhethekile, waqala ukululama. ULeo unomuzwa wokuthi ukubaluleka kosizo lochwepheshe akunakugcizelelwa ngokweqile.b Uma usizo olunjalo lutholakala endaweni yakini, ungase unqume ukulusebenzisa ngokunenzuzo.
Nokho, kumelwe uqaphele ukuthi kudingeka okwengeziwe ukuze umuntu alulame kunokuyeka nje ukuphuza utshwala. Cishe kunezindaba ezijulile okumelwe ubhekane nazo ngaphandle kokuba umlutha wotshwala. Ukuzigwema kungaba yingozi. UDkt. Charlotte Davis Kasl uyabhala: “Ngiye ngaxoxa nabantu ababelashelwa ukusebenzisa kabi izinto eziluthayo izikhathi eziyishumi nane ngenxa yokuthi izinkinga eziyinhloko zokuxhaphaza, ukuncika entweni ethile, nokudebesela azizange zisingathwe.”
UDennis wakuthola kuyiqiniso lokhu. “Ngangiwumlutha ophile saka owawulokhu unezinkinga eziningi,” uyabhala. “Ukuyeka ukuphuza kwakunganele. Kwakufanele ngibheke indlela yami yokuphila kwangaphambili, ngihlole izifundo zasebuntwaneni bami, ngiqonde indlela ezazingithinta ngayo, futhi ngenze izinguquko ezithile ekuziphatheni kwami.”
Ngokufanayo, uLeo kwakufanele azihlole ngaphakathi ekujuleni ukuze aqhubeke elulama. Uthi: “Ngangiwumuntu onomona ngokweqile, onobudlova. Ngangiguquguquka phakathi nesikhathi sokuphelelwa ukuzihlonipha nokukhohliseka okukhulu.” ULeo wasebenzisa iseluleko seBhayibheli esikweyabase-Efesu 4:22: “Nikhumule umuntu [ubuntu, NW] omdala ongowenkambo yokuqala.” Yebo, ‘inkambo yakho yangaphambili yokuziphatha’ iye yaba nethonya elinamandla ebuntwini bakho. Njengoba nje ubumba lwenza lokho okufunwa umbumbi, ngakho ubuntu bakho buye ngokwengxenye balolongwa yinkambo yakho yangaphambili. Lapho ukuziphatha okungalungile sekususiwe, yini esalayo? Ubuntu obuye bakhiwa mhlawumbe phakathi nesikhathi seminyaka eminingi. Ngakho-ke, ukululama kumelwe kuhlanganise ukuguqulwa kobuntu obudala obuvumelana nenkambo yakho yangaphambili yokuziphatha.
Yakha Ubuhlobo NoNkulunkulu
Ukululama kukaLeo kwahlanganisa nokwakha ubuhlobo bomuntu siqu noNkulunkulu. Uthi: “Ukufunda ukuthembela kuJehova kuye kwasishintsha ngokuphelele isimo sami sengqondo, ukuziphatha, nokubukeka.”
Nokho, ukuqaphela kufanelekile. Noma yibuphi ubuhlobo—nabantu noma noNkulunkulu—budinga ukuthulula isifuba, ukuthembeka, nethemba. Lezi yizo kanye izimfanelo ukuba umlutha wotshwala okuzintulayo. Zingase zihlakulelwe, kodwa kuthatha isikhathi.
Njengomlutha wotshwala, ungase ungazi ukuthi kunjani ukuba nobuhlobo obuseduze nomuntu. Mhlawumbe awukaze ube nabo. Ngakho bekezela. Ungaphamazeli ekuthatheni lesinyathelo, ulindele ukuba ubuhlobo noNkulunkulu bube yinto engokoqobo ewumphumela ozenzakalelayo wokuyeka utshwala. Yenza umzamo wokuqonda uNkulunkulu nezimfanelo zakhe. Zindla njalo, mhlawumbe ufunde ngokunakekela amahubo eBhayibheli azwakalisa imizwa ejulile, yokwazisa ngoJehova nezindlela zakhe.c
“Amandla Angaphezu Kwavamile”
Ubuhlobo noNkulunkulu obukwenza uthembele, futhi uncike kuye bungaba nethonya elinamandla kuwe. UJehova uyoyisekela imizamo yakho yokululama. (Qhathanisa neHubo 51:10-12; 145:14.) Ungaya kuye ngomthandazo oqotho nganoma yisiphi isikhathi, unethemba lokuthi uyokunikeza “amandla angaphezu kwavamile.”—2 Korinte 4:7, NW; Filipi 4:6, 7.
UMdali wazi indlela owakheke ngayo ngaphezu kwanoma yimuphi omunye umuntu. (IHubo 103:14) Abeluleki abangabantu, abathembele ekuhlakanipheni kwabantu, bangasiza; kodwa yeka indlela uMdali womuntu angakusiza ngayo ngokwengeziwe kulempi! (Isaya 41:10; 48:17, 18) Uye walungiselela ukusekela kothando ebandleni lobuKristu.
Isimiso Sokusekela
Abadala abavuthiwe ngokomoya ebandleni lobuKristu bangaba umthombo omkhulu wosizo. Abambalwa babo bangase bathi banawo amakhono emikhakheni yezokwelapha noma yempilo engokwengqondo, kodwa bazi futhi bathembela eZwini likaNkulunkulu nezimiso. Bangaba “indawo yokucashela umoya nesivikelo esivunguvungwini njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.” (Isaya 32:2) Lusebenzise ngokunenzuzo usizo lwabo.d
Eqinisweni, abadala abanjalo abangamaKristu, kanye namanye amalungu omkhaya nabangane, ngeke bakuvikele ekubhekaneni nemiphumela yezenzo zakho siqu. Incwadi ethi Coming Off Drink iyachaza: “Isici esivivinya kakhulu ekulashweni kwemilutha yotshwala ukuyenza ibhekane nemiphumela elimazayo yokulutheka nokuyenza ukuba ithwale imithwalo yemfanelo yokuziphatha kwayo siqu.” Ngakho bayoba nomusa kodwa bangagudl’ iguma, bakukhuthaze ukuba ubhekane neqiniso futhi ubambelele kunoma yikuphi ukwelashwa nenkambo yokuziphatha okudingekayo ukuze unqobe impi yakho ngokumelene notshwala.
Ukululama Kuwumthwalo Wakho Wemfanelo
Nakuba uzuza ekusekeleni kwabanye, kumelwe wazi ukuthi akekho umuntu noma umoya ongaphoqelela ukululama kwakho. Unenkululeko yokuzikhethela. Ekugcineni ukululama kwakho kungumthwalo wakho wemfanelo. (Qhathanisa noGenesise 4:7; Duteronomi 30:19, 20; Filipi 2:12.) Wamukele lowomthwalo wemfanelo, futhi uJehova uyokubusisa. Siyaqinisekiswa kweyoku-1 Korinte 10:13: “Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe-namandla okukuthwala.” Ngakho-ke, thola induduzo—ungaphumelela ekulwisaneni nokuba umlutha wotshwala.
[Imibhalo yaphansi]
a Nakuba sizobhekisela kumuntu wesilisa njengomlutha wotshwala, izimiso ezilapha zisebenza ngendlela efanayo nasemlutheni wotshwala wesifazane.
b Kunezikhungo eziningi zokwelapha, izibhedlela, nezinye izimiso ezisiza abantu ukuba balulame ezinganikeza usizo. INqabayokulinda ayisekeli uhlobo oluthile lokwelashwa okukhethekile. Kumelwe kuqashelwe ukuze umuntu angahileleki ezenzweni eziyobeka izimiso ezingokomBhalo engozini. Nokho, ekugcineni umuntu ngamunye kuyomelwe azinqumele ukuthi yiluphi uhlobo lokwelapha oludingekayo.
c Ezinye izibonelo AmaHubo 8, 9, 18, 19, 24, 51, 55, 63, 66, 73, 77, 84, 86, 90, 103, 130, 135, 139, 145.
d Iziqondiso eziwusizo zabadala zitholakala ku-Nqabayokulinda ka-September 15, 1983, amakhasi 7-11.
[Ibhokisi ekhasini 24]
Mhlawumbe ubhekene nokululazeka nosizi okubangelwa ukuba umlutha wotshwala. Uma kunjalo, ungalahli ithemba. Usizo luyatholakala.
[Ibhokisi ekhasini 26]
LAPHO UBHEKANA NOKUWA
Incwadi ethi Willpower’s Not Enough ithi: “Ukulungela ukuwa kufana nokuzilungisela ukucisha umlilo. Akusho ukuthi ulindele umlilo kodwa kusho ukuthi ukulungele ukuthatha isinyathelo esifanele uma kwenzeka uba khona.” Lapho ubhekana nokuwa:
□ Thandaza kuJehova. Qinisekiswa ukuthi uyayiqonda inkinga yakho futhi ufuna ukukusiza.—IHubo 103:14; Isaya 41:10.
□ Khuluma nomdala ongumKristu, njengoba usuye wanquma ngaphambili ukuthi yimuphi oyothintana naye lapho kuphakama isidingo. Thembeka ekulandiseni okuye kwenzeka, futhi usilalele ngokunakekela iseluleko sakhe esingokomBhalo.
□ Xwaya ukuphelelwa yithemba. Ukuzinyeza kuyokusondeza nje ekuweni ngokuphelele, ngakho bheka iphutha lakho ngokufanele. Ukuhlulwa ekulweni okukodwa nje kuphela akusho ukuthi uhluliwe empini. Lapho umgijimi osemncintiswaneni ewa, akaphindeli emuva ayoqala kabusha; uyasukuma futhi aqhubeke nomncintiswano. Yenza okufanayo ngokululama kwakho. Usesendleleni. Irekhodi lakho lamasonto, izinyanga, noma iminyaka yokuhlukana notshwala alishabalali.
[Isithombe ekhasini 24, 25]
Lwisana nokuphika iqiniso lokuthi uwumlutha wotshwala ngokuzihlola, uzibheke ngokwethembeka