INqabayokulinda Ne-Phaphama!—Omagazini Beqiniso Abafike Ngesikhathi
“Ungihlengile‚ O Jehova Nkulunkulu weqiniso.”—IHUBO 31:5, NW.
1, 2. (a) Udade othile wazizwa kanjani ngokuthile ayekufunde ku-Nqabayokulinda? (b) Yimiphi imibuzo ebuzwayo ngomagazini bethu?
“NGIYABONGA kakhulu,” kubhala udade othile owumKristu, “ngokwaziswa okuhle kakhulu okusesihlokweni se-Nqabayokulinda esithi ‘Ungayithola Induduzo Ezikhathini Zokucindezeleka.’a Amaphuzu amaningi kakhulu eniwavezile ayiyo kanye imizwa okuye kwadingeka ngibhekane nayo; kunjengokungathi lesisihloko sasibhalelwe mina ngokuqondile. Lapho ngisifunda ngokokuqala ngqá, ngahlengezela izinyembezi. Kumangalisa kakhulu ukuqaphela ukuthi kunothile oyaziyo indlela engizizwa ngayo! Ngiyakwazisa kakhulu ukuba omunye woFakazi BakaJehova. Singabuye sizitholephi nje izithembiso zokuphila okuphakade ePharadesi esikhathini esiseduze esizayo, nalokho okwenza imiphefumulo yethu iduduzeke manje! Ngiyabonga. Ngibonga angiqedi.”
2 Ingabe wake wazizwa ngaleyondlela? Ingabe kwake kwabonakala sengathi okuthile okuku-Nqabayokulinda noma kumagazini owumngane wayo, i-Phaphama!, kwakubhalelwe wena ngokukhethekile? Yini le ekomagazini bethu ekhanga izinhliziyo zabantu? Singabasiza kanjani abanye ukuba bazuze esigijimini esisindisa ukuphila abasiqukethe?—1 Thimothewu 4:16.
Omagazini Abasekela Iqiniso
3. Kungasiphi isizathu esizwakalayo omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! beye bathinta izinhliziyo zabafundi bawo abaningi?
3 UJehova ‘uwuNkulunkulu [weqiniso, NW].’ (IHubo 31:5) IZwi lakhe, iBhayibheli, liyincwadi yeqiniso. (Johane 17:17) Abantu abanhliziyo ziqotho bayasabela eqinisweni. (Qhathanisa noJohane 4:23, 24.) Esinye isizathu esiye senza omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! bathinta izinhliziyo zezigidi zabafundi babo ukuthi baqotho futhi baqinisile. Eqinisweni, ukunyatheliswa kwe-Nqabayokulinda kwalandela ukuphakama kwempikiswano yokuthembeka eqinisweni leBhayibheli.
4, 5. (a) Iziphi izimo ezaholela ekubeni uC. T. Russell anyathelise I-Watch Tower? (b) Umagazini INqabayokulinda usetshenziswa kanjani ‘inceku ethembekileyo neqondayo’?
4 Ngo-1876, uCharles T. Russell wahlangana noNelson H. Barbour, waseRochester, eNew York. URussell walungiselela imali ukuze avuselele ukunyatheliswa kukamagazini wenkolo kaBarbour othi Herald of the Morning, uBarbour ewumhleli wawo oyinhloko futhi uRussell eyisekela lomhleli. Nokho, cishe esikhathini esingangonyaka nengxenye kamuva, kuyi-Herald ka-August 1878, uBarbour wabhala isihloko esasiphika inani elihlawulelayo lokufa kukaKristu. URussell, owayemncane ngeminyaka ecishe ibe ngu-30 kunoBarbour, wasabela ngokubhala isihloko kumagazini olandelayo esasisekela isihlengo, asibiza ngokuthi ‘singenye yezimfundiso ezibaluleke kakhulu zeZwi likaNkulunkulu.’ (Mathewu 20:28) Ngemva kwemizamo ephindaphindiwe yokubonisana noBarbour ngemiBhalo, uRussell ekugcineni wanquma ukubunqamula ngokuphelele ubuhlobo bakhe ne-Herald. Kusukela kumagazini ka-June 1879, igama likaRussell alibange lisavela njengesekela lomhleli. Esikhathini esingangenyanga kamuva, uRussell owayeneminyaka engu-27 waqala ukunyathelisa i-Zion’s Watch Tower and Herald of Christ’s Presence (manje eyaziwa ngokuthi INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova), ebilokhu isekela iqiniso elingokomBhalo, njengaso isihlengo, kusukela yakhishwa.
5 Eminyakeni engu-114 edlule, INqabayokulinda, njengommeli onekhono, iye yazibonakalisa iwumvikeli weqiniso leBhayibheli nemfundiso yalo. Njengoba isikhathi sidlula, iye yazuza ukwethenjwa izigidi zabafundi abanokwazisa. Isasisekela ngamandla isihlengo. (Ngokwesibonelo, bheka eka-February 15, 1991.) Futhi iyaqhubeka iyithuluzi eliyinhloko ‘lenceku ethembekileyo neqondayo’ neNdikimba yayo Ebusayo lokumemezela uMbuso kaJehova omisiwe nokukhipha ukudla okungokomoya “ngesikhathi sakho.”—Mathewu 24:14‚ 45.
6, 7. Iyiphi injongo eyashiwo ye-Golden Age, futhi yini ebonisa ukuthi abantu abacabangayo basabela esigijimini sayo?
6 Kuthiwani ngomagazini i-Phaphama!? Kusukela kweyokuqala, nayo i-Phaphama! iye yasekela iqiniso. Njengoba ekuqaleni wawubizwa ngokuthi i-Golden Age, lomagazini kwakuhloswe ukuba usakazwe emphakathini. Ngokuqondene nenjongo yawo, umagazini wokuqala, ka-October 1, 1919, wathi: “Injongo yawo iwukuchaza, ngokukhanyiselwa ukuhlakanipha kwaPhezulu, lokho ngempela okushiwo izenzakalo ezinkulu zosuku lwanamuhla nokunikeza abantu abacabangayo ubufakazi obusobala nobanelisayo bokuthi isikhathi sokubusiswa kakhulu kwesintu manje siseduze.” Abantu abacabangayo basabela kulesisigijimi se-Golden Age. Iminyaka eminingi, yayinyatheliswa ngisho nangaphezu kwe-Nqabayokulinda.b
7 Nokho, okwenza omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! bakhange kudlulela ngalé kokuthi bamemezela iqiniso eliphathelene nezimfundiso nokuthi bachaza ukubaluleka okungokwesiprofetho kwezimo zezwe. Ikakhulukazi eshumini elilodwa noma amabili eminyaka adlule, labomagazini bethu baye bakhanga abantu ngenxa yesinye isizathu.
Izihloko Ezifika Ngesikhathi Ezithinta Ukuphila Kwabantu
8. Yikuphi ukulungisa ekubhaleni uJuda akwenza, enxusa ababezofunda incwadi yakhe ukuba bamelane namaphi amathonya ngaphakathi ebandleni?
8 Eminyakeni ecishe ibe ngu-30 ngemva kokufa nokuvuka kukaJesu Kristu, umlobi weBhayibheli uJuda wabhekana nesimo esiletha inselele. Abantu abaziphethe kabi, abanobulwane babengene ngokunyenya phakathi kwamaKristu. UJuda wayehlose ukubhalela amaKristu ayekanye nawo ngendaba ephathelene nemfundiso—insindiso amaKristu agcotshiwe ayihlanganyelayo. Kunalokho, eqondiswa umoya ongcwele, wakubona kudingeka ukuba anxuse ababezofunda incwadi yakhe ukuba bamelane namathonya onakalisayo phakathi ebandleni. (Juda 3, 4, 19-23) UJuda wazivumelanisa nesimo futhi wanikeza iseluleko esafika ngesikhathi esahlangabezana nezidingo zabafowabo abangamaKristu.
9. Yini ehilelekile ekulungiseleleni izihloko ezifika ngesikhathi ezikomagazini bethu?
9 Ngokufanayo, ukulungiselela izihloko ezihambisana nesikhathi zomagazini bethu kuwumthwalo wemfanelo oyinselele. Izikhathi ziyashintsha, njengoba nje nabantu beshintsha—izidingo zabo nezithakazelo zabo azikhona lokho ezaziyikho ngisho naseminyakeni eyishumi noma amashumi amabili edlule. Muva nje umbonisi ojikelezayo uye waphawula: “Lapho ngiba uFakazi emuva ngawo-1950, ukufunda kwethu nabantu iBhayibheli ngokuyisisekelo kwakuhilela izimfundiso—sibafundisa iqiniso ngoZiqu-zintathu, isihogo somlilo, umphefumulo, nokunye. Kodwa manje, kubonakala sengathi kunezinkinga eziningi nobunzima ekuphileni kwabantu kangangokuba kudingeka sibafundise ukuthi baphile kanjani.” Kungani lokhu kunjalo?
10. Kungani kungafanele kusimangaze ukuthi kuye kwaba nokuwohloka kancane kancane ezindabeni zesintu kusukela ngo-1914?
10 Ngokuqondene ‘nezinsuku zokugcina,’ iBhayibheli labikezela: “Abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini‚ bedukisa‚ bedukiswa.” (2 Thimothewu 3:1‚ 13) Ngakho-ke, akufanele kusimangaze ukuthi kuye kwaba nokuwohloka okuqhubekayo kwezimo zabantu kusukela isikhathi sokuphela saqala ngo-1914. USathane, osenesikhathi esifushane kunanini ngaphambili, ukhiphela ulaka lwakhe emphakathini wesintu ngendlela angakaze enze ngayo ngaphambili. (IsAmbulo 12:9, 12) Ngenxa yalokho, imikhuba yokuziphatha nezindinganiso zomkhaya zihluke ngokuphelele kulokho ezaziyikho eminyakeni nje engu-30 noma engu-40 edlule. Ngokuvamile abantu abasathambekele enkolweni ngendlela ababethambekele ngayo emashumini eminyaka adlule. Ubugebengu budlange kangangokuba abantu bathatha izinyathelo zokuphepha esingakaze sizwe ngazo eminyakeni engu-20 noma engu-30 edlule.—Mathewu 24:12.
11. (a) Hlobo luni lwezindaba abantu abacabanga ngazo, futhi isigaba senceku ethembekileyo neqondayo siye sasabela kanjani ezidingweni zabo? (b) Nikeza isibonelo sesihloko se-Nqabayokulinda noma i-Phaphama! esiye sathinta ukuphila kwakho.
11 Khona-ke, akumangalisi ukuthi abantu abaningi bacabanga ngezinkinga ezingokomzwelo, zezenhlalo, nezomkhaya. Isigaba senceku ethembekileyo neqondayo siye sasabela ngesibindi ku-Nqabayokulinda ne-Phaphama! ngokunyathelisa izihloko ezifika ngesikhathi eziye zasingatha izidingo zangempela zabantu futhi eziye zakuthinta ngempela ukuphila kwabo. Cabangela ezinye izibonelo.
12. (a) Kungani kwalungiselelwa izihloko ezazikhuluma ngemikhaya enabazali abangabodwa ku-Nqabayokulinda ngo-1980? (b) Udade othile wakuzwakalisa kanjani ukwazisa kwakhe ngalezizihloko ezazikhuluma ngemikhaya enomzali ongayedwa?
12 Izinkinga zomkhaya. Lapho imibiko yomhlaba wonke ibonisa ukwanda okusheshayo kwenani lemikhaya enomzali oyedwa, izihloko ezintsha shá ezazinesihloko esithi “Imikhaya Enomzali Oyedwa—Ukubhekana Kwayo Nezinkinga Ngokuphumelelayo” zalungiselelwa ku-Nqabayokulinda ka-March 15, 1981. Lezizihloko zazinenjongo ekabili: (1) ukusiza abazali abangabodwa ukuba babhekane nezinkinga ezingavamile abahlangabezana nazo (2) nokusiza abanye ukuba babe nolwazi kangcono ukuze babonise ‘isihawu’ futhi ‘bayinakekele’ ngobuqotho imikhaya enomzali oyedwa. (1 Petru 3:8; Jakobe 1:27, qhathanisa ne-NW.) Abafundi abaningi babhala ukuze bazwakalise ukwazisa ngalezizihloko. “Kwangihlengezelisa izinyembezi ngempela ukubona lesisembozo,” kubhala umzali othile ongayedwa, “futhi lapho ngivula lomagazini ngifunda lokhu kwaziswa, inhliziyo yami yagcwala ukumbonga uJehova ngokulungiselela ukwaziswa okunjalo ngesikhathi okwakudingeka ngaso.”
13. Iyiphi ingxoxo eningiliziwe ephathelene nokucindezeleka eyanyatheliswa ku-Phaphama! ngo-1982, futhi yini eyashiwo umfundi othile ngayo?
13 Izinkinga ezingokomzwelo. Indaba yokucindezeleka kuye kwaxoxwa ngayo ku-Nqabayokulinda ne-Phaphama! kusukela ngawo-1960. (1 Thesalonika 5:14) Kodwa umbono omusha noqondile ngalendaba wahlanganiswa ochungechungeni lwezihloko ezisekuqaleni kukamagazini ezazithi “Ungalwisana Nokucindezeleka!” ku-Phaphama! ka-March 8, 1982. Izincwadi zokwazisa zatheleka ngokushesha e-Watch Tower Society zivela emhlabeni wonke. “Ngingayidlulisela kanjani ephepheni imizwa esenhliziyweni yami?” kubhala udade othile. “Ngineminyaka engu-24 ubudala, futhi eminyakeni eyishumi edlule, ngiye ngaba nezikhathi eziningi zokucindezeleka. Kodwa manje ngizizwa ngiseduze noJehova futhi ngiyabonga ngokuthi uye wasabela ezidingweni zabantu abacindezelekile ngalezizihloko ezinothando, yilokho ebengifuna ukunitshela khona.”
14, 15. (a) Iye yasingathwa kanjani indaba yokuxhashazwa kwabantwana komagazini bethu? (b) Yiziphi izihloko zikamagazini ezamhlaba umxhwele umgibeli wamahhashi omjaho e-Australia?
14 Izinkinga zezenhlalo. IBhayibheli labikezela ukuthi “ezinsukwini zokugcina” abantu babeyoba “abazithandayo‚ . . . nabangenaluthando‚ . . . nabangazithibi‚ nabangenabumnene‚ nabangathandi okuhle.” (2 Thimothewu 3:1-3) Ngakho-ke, akufanele kusimangaze ukuthi ukuxhashazwa kwabantwana kwenziwa ngezinga eliphakeme kangaka namuhla. Lendaba yasingathwa ngokungagunci esihlokweni esithi “Usizo Kwabayizisulu Zokuhlaselwa Izihlobo Ngokobulili” ku-Nqabayokulinda ka-April 1, 1984. Eminyakeni eyisikhombisa kamuva, uchungechunge lwezihloko ezazisekuqaleni kukamagazini olwalunesihloko esithi “Ukupholisa Amanxeba Okuxhashazwa Kwabantwana” ku-Phaphama! ka-October 8, 1991, lwalungiselelwa ngokucophelela ukuze lunikeze izisulu ukuqonda nethemba futhi zikhanyisele abanye ukuze bakwazi ukunikeza usizo. Loluchungechunge lwezihloko lwabangela ukusabela kwabafundi okukhulu kakhulu emlandweni womagazini bethu. Omunye umfundi wabhala: “Okuye kwaba nethonya elikhulu kakhulu ekusimameni kwami kuye kwaba imiqondo eduduzayo nezikhombo zemiBhalo ezikulezizihloko. Ukwazi ukuthi uJehova uye wangikhathalela kuyimpumuzo enkulu. Ukwazi ukuthi angingedwa nakho kwakududuza.”
15 Umgibeli wamahhashi omjaho eMelbourne, e-Australia, washaya ucingo ekude eshayela ihhovisi laseSydney le-Watch Tower Society, ezwakaliswa ukucikwa kwakhe isimo sasemijahweni yamahhashi. Wathi wayesanda kufunda i-Phaphama! ka-March 8, 1993, eyayithi “Ukudlwengula—Isenzakalo Esihlasimulisayo Kowesifazane” futhi wangakholelwa ukuthi kwakunomagazini owusizo kangaka. Wabuza imibuzo isikhathi esingaba imizuzu engu-30 futhi wakujabulela ukuzwa izimpendulo zinikezwa.
16. Yiziphi izindlela ongabonisa ngazo ukwazisa kwakho ngomagazini bethu?
16 Kuthiwani ngawe? Ingabe ukuphila kwakho kuye kwathintwa isihloko esithile esinyatheliswe ku-Nqabayokulinda noma i-Phaphama!? Uma kunjalo, akungabazeki ukuthi unomuzwa ojulile wokubonga ngomagazini bethu. Ungakubonisa kanjani ukwazisa kwakho? Ngokuqinisekile ngokuzifundela umagazini ngamunye. Futhi ungahlanganyela ekubasakazeni kabanzi ngangokunokwenzeka labomagazini abayigugu. Kungenziwa kanjani lokhu?
Bahlanganyele Nabanye!
17. Yini amabandla angayenza ukuze andise ukusakazwa komagazini?
17 Okokuqala, kunokuthile ibandla ngalinye elingakwenza. I-Informant (manje eyi-Nkonzo Yethu YoMbuso) ka-October 1952 yathi: “Indlela ephumelela kakhulu yokusakaza omagazini kusendlini ngendlu nasezitolo. Ngakho iNhlangano itusa ukuba lamathuba okusakaza omagazini abe ingxenye yasikhathi sonke yomsebenzi woSuku Lukamagazini.” Lesiseluleko sisasebenza nanamuhla. Amabandla angahlela uSuku Lukamagazini lwasikhathi sonke, usuku olubekelwe eceleni ukuze ngokuyinhloko kufakazwe ngomagazini. Emabandleni amaningi, iMigqibelo ethile ngokuqinisekile iyoba isikhathi esihle. Yebo, ibandla ngalinye malibekele eceleni izinsuku ezikhethekile noma izikhathi zakusihlwa zokufakaza ngomagazini—endlini ngendlu, ezitolo, nasemsebenzini wasemgwaqweni, nangemizila kamagazini. Ngaphezu kwalokho, yini wena, mmemezeli woMbuso, ongayenza ukuze usize ekwandiseni ukusakazwa kukamagazini?
18, 19. (a) Ukukhathalela INqabayokulinda ne-Phaphama! kungakusiza kanjani ukuba uhambise omagazini? (b) Inanzuzoni intshumayelo emfushane, neshaya emhloleni lapho sihambisa omagazini? (c) Yini ebonisa ukubaluleka kokuyisa omagazini emizini yabantu?
18 Ukukhathalela “INqabayokulinda” ne-“Phaphama!” kuyisinyathelo sokuqala. Bafunde kusengaphambili labomagazini. Njengoba ufunda isihloko ngasinye, zibuze, ‘Obani abangaba nesithakazelo kulesisihloko?’ Cabanga ngamazwi ambalwa ongase uwasho ukuze wenze umuntu abe nesithakazelo kulesosihloko. Ngaphandle kokusekela uSuku Lukamagazini lwasikhathi sonke, kungani ungaphathi amakhophi ukuze usebenzise wonke amathuba okuwahlanganyela nabanye—lapho uhamba noma uthenga nalapho uxoxa nosebenza nabo, omakhelwane, ofunda nabo esikoleni, noma othisha?
19 Ukusikisela okulandelayo kuthi kugcine kulula. INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-December 1, 1956, yathi: “Intshumayelo emfushane, eshaya emhloleni ingcono kakhulu lapho uhambisa omagazini. Umgomo uwukuhambisa amakhophi amaningi. ‘Ayozikhulumela.’” Abanye abamemezeli baye bakuthola kuphumelela ukukhetha umqondo owodwa osesihlokweni, bawukhulumele ngamazwi ambalwa, bese behambisa umagazini. Lapho sebesendlini, labomagazini bangase ‘bakhulume’ nabanye ngaphandle kwalomuntu owuthathe kuwe. E-Ireland umfundi othile osemusha waseyunivesithi wafunda INqabayokulinda ka-September 1, 1991, uyise ayeyithathe kuFakazi othile. Izihloko ezazikhuluma ngokuxhumana nezinye izihloko zashukumisa isithakazelo sakhe. Ngokushesha ngemva kokuba efunde lowomagazini, washayela oFakazi ucingo, esebenzisa inombolo eyayisencwadini yezinombolo zocingo. Ngokushesha kwaqaliswa isifundo seBhayibheli, futhi lona wesifazane osemusha wabhapathizwa eMhlanganweni Wesigodi “Wokufundisa Kwaphezulu” ngo-July 1993. Ngokuqiniseka, masiyise labomagazini emizini yabantu, lapho ‘bengakhuluma’ khona nabantu! Umbonisi ojikelezayo wanikeza okunye ukusikisela okulula: “Bakhiphe omagazini esikhwameni sakho sezincwadi.” Ngempela, uma lokho okushoyo kungashukumisi isithakazelo somninikhaya, mhlawumbe-ke imifanekiso yabo ekhangayo esezembozweni izokuhambisela labomagazini.
20, 21. (a) Ungaba kanjani ovumelana nezimo lapho uhlanganyela emsebenzini kamagazini? (b) Yini ongase uyenze ukuze uhambise omagazini abengeziwe inyanga ngayinye?
20 Ukusikisela kwesithathu kuwukuthi yiba ovumelana nezimo. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 9:19-23.) Lungiselela izintshumayelo ezimbalwa ezimfushane. Gcina engqondweni isihloko esisodwa esizokhanga abantu besilisa, esinye abantu besifazane. Uma ukhuluma nentsha, ungase ukhulumele isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . .” Futhi, yiba ovumelana nezimo lapho uhlanganyela emsebenzini kamagazini. Ngaphandle koSuku Lukamagazini, ungase uthole ukuthi ukufakaza kwakusihlwa kunikeza ithuba elihle kakhulu lokuhambisa omagazini endlini ngendlu.
21 Ukusikisela kwesine kuwukuba uzibekele umgomo wakho siqu. Isenezelo esasinesihloko esithi “Omagazini Babonisa Indlela Eya Ekuphileni,” esavela ku-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-May 1984, sathi: “Uma singase sisikisele, abamemezeli bangase babe nomgomo, ake sithi, womagazini abayishumi ngenyanga, kuye ngokwezimo zabo; amaphayona angase alwele ukuhambisa abangu-90. Yebo, abanye abamemezeli bangase bakwazi ukuhambisa omagazini abengeziwe ngenyanga futhi ngenxa yalokho bayobeka umgomo wabo siqu ophakeme. Nokho, ngenxa yempilo ebuthaka, uhlobo lwensimu, noma ezinye izizathu ezizwakalayo, imigomo yabanye ingase ibe phansi. Kodwa inkonzo yabo kuJehova ibaluleke ngendlela efanayo. (Math. 13:23; Luka 21:3, 4) Into ebalulekile ukuba nomgomo womuntu siqu.”
22. Yiziphi izindlela esingabonisa ngazo ukuthi siyambonga uJehova ngomagazini bethu beqiniso abafike ngesikhathi?
22 Yeka indlela esimbonga ngayo uJehova, ‘uNkulunkulu weqiniso,’ ngokuthi uye wasebenzisa isigaba senceku ethembekileyo neqondayo neNdikimba yayo Ebusayo ukuba isilungiselele labomagazini abafika ngesikhathi! (IHubo 31:5) Uma uJehova esathanda, labomagazini bayoqhubeka behlangabezana nezidingo zabantu zangempela. Bayoqhubeka besekela izindinganiso zikaJehova eziphakeme zokuziphatha. Ngeke bayeke ukuthuthukisa imfundiso eqondile. Futhi bayoqhubeka bedonsela ukunakekela ekugcwalisekeni kwesiprofetho esiphawula izinsuku zethu njengesikhathi uMbuso kaNkulunkulu obusa ngaso nesikhathi intando kaNkulunkulu eyenziwa ngaso emhlabeni kunanini ngaphambili yinani elandayo labakhulekeli bakaJehova beqiniso. (Mathewu 6:10; IsAmbulo 11:15) Yeka igugu elingenakulinganiswa esinalo eliyi-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Masisebenzise wonke amathuba ukuze sihlanganyele nabantu abanhliziyo zimnene labomagazini ababalulekile abathinta ukuphila kwabantu futhi basekele amaqiniso oMbuso.
[Imibhalo yaphansi]
a July 15, 1992, amakhasi 19-22.
b Iminyaka eminingi INqabayokulinda yayibhekwa njengomagazini ngokuyinhloko owawungowamaKristu agcotshiwe. Nokho, kusukela ngo-1935 kwagxilwa ngokwengeziwe ekukhuthazeni “isixuku esikhulu,” esinethemba lokuphila phakade emhlabeni, ukuba sithole futhi sifunde INqabayokulinda. (IsAmbulo 7:9) Eminyakeni embalwa kamuva, ngo-1940, INqabayokulinda yayihanjiswa njalo kubantu emigwaqweni. Ngemva kwalokho, ukunyatheliswa kwayo kwanda ngokushesha.
Ithini Impendulo Yakho?
◻ Yini ebonisa ukuthi INqabayokulinda ne-Phaphama! bangomagazini beqiniso?
◻ INqabayokulinda ne-Phaphama! iye yakuthinta kanjani ukuphila kwabantu?
◻ Yini amabandla angayenza ukuze andise ukusakazwa kukamagazini?
◻ Yikuphi ukusikisela okungakusiza ukuze uhambise omagazini abengeziwe?
[Ibhokisi ekhasini 22]
Ezinye Izihloko Eziye Zathinta Ukuphila Kwabantu
Phakathi neminyaka edlule abafundi abaningi baye babhala ukuze bazwakalise ukwazisa ngezihloko ezithile eziye zanyatheliswa ku-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Ohlwini olungezansi kunezimbalwa ezihlokweni eziningi ezithinte abafundi bomagazini bethu. Ingabe lezizihloko noma ezinye ziye zakushintsha ukuphila kwakho?
INqabayokulinda
“Yamukela Usizo LukaNkulunkulu Ukuze Unqobe Amaphutha Asekusithekeni” (April 15, 1985)
“Ukubonakalisa Imfanelo Yokuzinikela KuNkulunkulu Kubazali Asebegugile” (June 1, 1987)
“Imfundo Enenjongo” (November 1, 1992)
I-Phaphama!
“Ungalwisana Nokucindezeleka!” (March 8, 1982)
“Lapho Othile Omthandayo Efa . . .” (November 8, 1986)
“Vikela Abantwana Bakho!” (October 8, 1993)
[Isithombe ekhasini 23]
ECanada—ukushumayela ngomagazini endlini ngendlu
[Isithombe ekhasini 24]
EMyanmar—ukuhambisa omagazini ababonisa indlela eya ekuphileni