Ungavumeli Isizungu Sikuthonye Kabi Ukuphila Kwakho
ISIZUNGU singathonya ukuphila kwasebekhulile nabasha ngokufanayo. Kumagazini i-Redbook umlobi uJudith Viorst uthi: “Isizungu sihlala njengetshe enhliziyweni. . . . Isizungu sikushiya uzizwa ungelutho futhi ukhungathekile. Isizungu sikwenza uzizwe uyintandane, njengezinyane lemvu elilahlekile, uzizwa uyintandane kulelizwe elibanzi elingenandaba namuntu.”—September 1991.
Ukuhlukana nabangane, indawo ongayijwayele, isehlukaniso, ukushonelwa noma ukuwohloka kokukhulumisana—zonke lezizinhlobo zezinto zingakwenza uzizwe unesizungu. Ngisho sebephakathi kwabanye abantu, abanye bazizwa benesizungu esikhulu.
Yini Ongayenza?
Uma ufikelwa isizungu, ingabe sekufanele ube isisulu esingenakuzisiza? Kukhona yini ongakwenza ukuze isizungu singakuthonyi kancane kancane noma siqede ukuzimisela kwakho ukuphila? Yebo kukhona. Kunezeluleko eziningi eziwusizo. Futhi eZwini likaNkulunkulu eliphefumlelwe, iBhayibheli, kunezeluleko eziningi ezinhle. Isikhuthazo esinjalo singase sibe yilokho kanye okudingayo ukuze ulwe nesizungu.—Mathewu 11:28, 29.
Ngokwesibonelo, kungase kukukhuthaze ukufunda ngoRuthe, owesifazane osemusha owayehlala eMpumalanga Ephakathi eminyakeni engaba ngu-3 000 edlule. Kungenzeka wayenesizungu kakhulu. Lapho umyeni wakhe efa, wahamba wayohlala noninazala endaweni ayengayejwayele yakwa-Israyeli. (Ruthe 2:11) Nakuba ayehlukene nomkhaya wakubo nabangane bangaphambili futhi engumuntu wezizwe ezweni angalazi, akukho eBhayibhelini okubonisa ukuthi wavumela ukugutshuzelwa isizungu. Indaba yakhe ungayifunda encwadini yeBhayibheli kaRuthe.
NjengoRuthe, udinga ukuhlala unombono oqondile ngezinto. Indlela ocabanga ngayo ngezindaba nangezenzakalo ingakwenza ube nesizungu. U-Ann, owayeseneminyaka emine enakekela uyise owayegula kakhulu, uyakufakazela lokhu. Lapho uyise eshona waba nesizungu kakhulu. “Ngangizwa sengathi ngisemgodini ongenamkhawulo, ngingento yalutho nje kwaphela—njengokungathi akekho owayesangidinga,” esho. “Kodwa ngabhekana neqiniso lokuthi ukuphila kwami kwase kushintshile, futhi ngaqaphela ukuthi ukuze ngilwe nesizungu kwase kumelwe ngisisebenzise ngokunenzuzo isimo engase ngikuso.” Ngesinye isikhathi ngeke usishintshe isimo, kodwa ungayishintsha indlela osibheka ngayo.
Ukuhlala umatasa emsebenzini onomvuzo akulona ikhambi eliphelele lokulwa nesizungu, nakuba kusiza nakho. U-Irene, owaba ngumfelokazi ngemva kwezinyanga eziyisithupha nje eshadile, wakuthola kunjalo lokhu endabeni yakhe. “Ngathola ukuthi isizungu siba namandla kakhulu uma ngingenzi lutho,” esho, “ngakho ngagxila ekuzihlanganiseni nabanye nasekubasizeni ukuba babhekane nezabo izinkinga.” Ukusiza abanye kuletha injabulo, futhi amaKristu anesizungu angathola okuningi angakwenza emsebenzini weNkosi.—IzEnzo 20:35; 1 Korinte 15:58.
Vumela Abangane Basize
I-New York Times Magazine ichaza izingane ezinesizungu njengezizwa ubuhlungu “bamanxeba okungabi nabangane.” (April 28, 1991) Abantu abaningi abanesizungu, kokubili abasha nabadala, bazizwa bengenabangane. Ngakho-ke, kuwusizo ngempela ukuba nobungane boqobo obutholakala ebandleni lobuKristu elinakekelayo. Zikhandle ukuze wandise abangane ngaphakathi ebandleni, futhi ubavumele bakusize ngazo zonke izindlela. Lesi esinye sezizathu zokuba nabangane—ukukusekela ngezikhathi zokuhlupheka.—IzAga 17:17; 18:24.
Nokho, ngenxa yobuhlungu okubo ngokomzwelo, qaphela ukuba ungenzi kube nzima ngabangane bakho ukuba bakusize. Kanjani? Umlobi uJeffrey Young uyachaza: “Abanye abantu abanesizungu . . . bayabaxosha abantu abebengaba abangane babo, kungaba ngokwengamela ingxoxo noma ngokusho izinto ezinganambitheki noma ezingafanele. Nganoma iyiphi indlela, abantu abakhungethwe kakhulu isizungu bathambekele ekubuqedeni ubungane obuseduze.”—U.S.News & World Report, September 17, 1984.
Ngezinye izikhathi, ungase wenze izinto zibe zimbi kakhulu ngokuzehlukanisa nabanye abantu. UPeter, indoda eseminyakeni yawo-50, yakwenza lokho. Ngemva kokufa komkakhe, wazithola ehoxa kwabanye, nakuba ekujuleni ngaphakathi wayeludinga usizo. “Kwezinye izinsuku,” esho, “ngangingakwazi nhlobo ukubhekana nokuba phakathi kwabanye, futhi ngokuhamba kwesikhathi ngazithola sengiqhelelene nabantu.” Lokhu kungaba ingozi. Nakuba izikhathi zokuba wedwa zinenzuzo, ukuzehlukanisa kuyalimaza. (IzAga 18:1) UPeter wakubona lokhu. Uthi: “Ekugcineni ngakunqoba, ngabhekana naso ngokuthe ngqo isimo sami, futhi, ngosizo lwabangane bami, ngakwazi ukuphinde ngikwakhe kabusha ukuphila kwami.”
Nokho, ungathathi ngokuthi abanye babophekile ngandlela-thile ukukusiza. Zama ukungabi ofuna ngenkani. Wamukele ngenjabulo wonke umusa oboniswa wona, futhi ubonise ukwazisa ngawo. Kodwa futhi khumbula lesiseluleko esihle esitholakala kuzAga 25:17: “Unyawo lwakho malungavami endlini yomakhelwane wakho, funa adinwe nguwe, abuye akuzonde.” UFrances, owabhekana nesizungu esikhulu lapho umyeni wakhe efa ngemva kweminyaka engu-35 beshadile, unomuzwa wokuthi lokho kuqapha kubalulekile. “Yiba ngocabangelayo mayelana nalokho okulindele,” esho, “futhi ungafuni ngenkani okuningi kwabanye. Ungahlali ugqigqa emzini wabantu uyofuna usizo.”
UJehova Uyakhathalela
Ngisho noma abangane abangabantu bengase bakudumaze ngezinye izikhathi, usenaye uJehova uNkulunkulu njengoMngane wakho. Qiniseka ngokuthi uyakukhathalela. Gcina ithemba lakho kuye liqinile, futhi uhlale ufuna isiphephelo ekunakekeleni kwakhe okuyisivikelo. (IHubo 27:10; 91:1, 2; IzAga 3:5, 6) UmMowabikazi uRuthe wakwenza lokhu futhi wabusiswa ngokuchichimayo. Phela, waba ukhokhokazi kaJesu Kristu!—Ruthe 2:12; 4:17; Mathewu 1:5, 16.
Khuleka njalo kuJehova. (IHubo 34:4; 62:7, 8) UMargaret wathola ukuthi umkhuleko uwumthombo wamandla amakhulu ekubhekaneni nesizungu. Wayehlanganyela enkonzweni yesikhathi esigcwele kanye nomyeni wakhe waze wafa eseyinsizwa. “Ngaso sonke isikhathi ngangikuthola kuwusizo ukuthandaza ngiphumisele ngitshele uJehova konke engikwesabayo nokungikhathazayo,” esho. “Lokho kwangisiza ukuba ngibone izinto ngendlela eziyiyo lapho ngifikelwa isizungu. Futhi ukubona uJehova ephendula leyomithandazo kwangimisa idolo.” Uzuza kakhulu ekulandeleni iseluleko somphostoli uPetru: “Zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo‚ niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe‚ ngokuba uyanikhathalela.”—1 Petru 5:6, 7; IHubo 55:22.
Ubuhlobo obuhle noJehova buzokusiza ukuba ulondoloze okuthile okuvame ukulahlekela abantu abanesizungu—ukuzethemba. Lapho umyeni wayo ebulawa umdlavuza, intatheli uJeannette Kupfermann yaloba “ngemizwa yokungazethembi nokuzizwa ungento yalutho.” Wathi: “Yilomuzwa wokungabi-nto yalutho oholela abafelokazi abaningi ekucindezelekeni okucishe kubenze bazibulale.”
Khumbula ukuthi uJehova ukwazisa kakhulu. Akacabangi ukuthi awunto yalutho. (Johane 3:16) UNkulunkulu uyokusekela njengoba asekela abantu bakhe ama-Israyeli ezikhathini ezidlule. Wathi kubo: “Angikulahlanga; ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.”—Isaya 41:9, 10.
Ungamsoli UNkulunkulu
Ngaphezu kwakho konke, ungamsoli uNkulunkulu ngesizungu sakho. UJehova akacala. Injongo yakhe ibilokhu iwukuba wena, naso sonke isintu, nijabulele ubudlelwane obuhle nobenelisayo. Lapho uNkulunkulu edala u-Adamu, wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizakumenzela umsizi onjengaye.” (Genesise 2:18) Futhi yilokho uNkulunkulu akwenza lapho edala u-Eva, owesifazane wokuqala. Ukube uSathane akazange ahlubuke, indoda nowesifazane nemikhaya ababezoyiveza babengeke basizwe isizungu.
Yebo, ukuvumela kukaJehova ububi okwesikhashana kuye kwavumela isizungu kanye nokunye ukuhlupheka ukuba kukhule. Nokho, khumbula njalo ukuthi lokhu kungokwesikhashana. Izilingo zesizungu kubonakala kungenzima kangako ukuzithwala uma zibhekwa ngombono walokho uNkulunkulu azokwenzela khona ezweni lakhe elisha. Okwamanje uzokusekela futhi akududuze.—IHubo 18:2; Filipi 4:6, 7.
Ukukwazi lokhu kungakunika amandla. Ngesikhathi uFrances (okukhulunywe ngaye ekuqaleni) eba umfelokazi, wathola induduzo enkulu emazwini eHubo 4:8, ikakhulukazi ebusuku: “Ngizakucambalala ngokuthula, ngilale ubuthongo ngokuba wena-Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka.” Zindla ngemizwa enjengaleyo etholakala encwadini yeHubo. Cabangela indlela uNkulunkulu akunakekela ngayo, njengoba ibonakaliswe kumaHubo 23:1-3.
Bangasizwa Kanjani Abanesizungu?
Indlela eyinhloko yokusiza abanesizungu iwukubabonisa uthando. Ngokuphindaphindiwe iBhayibheli likhuthaza abantu bakaNkulunkulu ukuba babonisane uthando, ikakhulukazi ezikhathini zobunzima. “Thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane,” kubhala umphostoli uPawulu. (Roma 12:10) Eqinisweni, iZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe lithi: “Uthando alusoze lwaphela.” (1 Korinte 13:8) Ungababonisa kanjani uthando abanesizungu?
Kunokungabanaki noma ukubashalazela abantu abanesizungu, abantu abakhathalelayo bangabonisa uthando lwabo olunesisa ngokubasiza ngesineke lapho kunokwenzeka khona. Bangaba njengendoda uJobe, eyathi: “Ngakhulula abampofu abakhalayo kanye nentandane engenamsizi. . . . Ngenza inhliziyo yomfelokazi ukuba ihube ngokujabula.” (Jobe 29:12, 13) Abadala abamisiwe ebandleni lobuKristu nabangane abanozwela bangenza ngendlela efanayo yokucabangela ngokunikeza izidingo eziyisisekelo zobuntu eziwukuqonda, imfudumalo kanye nenduduzo. Bangabonisa uzwela, futhi ngezinye izikhathi bangagcwalisa nesidingo senkulumo yokuvulelana izifuba.—1 Petru 3:8.
Ngokuvamile, izinto ezincane abangane abazenzela abantu abanesizungu zibaluleke kakhulu. Ngokwesibonelo, lapho esikholwa kanye naye elahlekelwa othandekayo ngokufa, kuningi okuhle okungafezwa ngezenzo zomusa zobungane obuqotho. Ungawubhekeli phansi umusa omncane, njengesimemo sokuza esidlweni, ukulalela ngozwela, noma ingxoxo ekhuthazayo. Lezizinto ziyaphumelela kakhulu ekusizeni umuntu ukuba alwe nesizungu.—Heberu 13:16.
Ngokunokwenzeka sonke sizobhekana nezikhathi zesizungu ngezikhathi ezithile. Kodwa, isizungu akumelwe sibe usizi. Gcwalisa ukuphila kwakho ngemisebenzi enenjongo, eyakhayo. Vumela abangane ukuba bakusize lapho bekwazi khona. Thembela kuJehova uNkulunkulu. Sikhumbule njalo isithembiso esilotshwe kumaHubo 34:19: “Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.” Phendukela kuJehova ukuze uthole usizo, futhi ungavumeli isizungu sikuthonye kabi ukuphila kwakho.
[Ibhokisi ekhasini 24]
EZINYE ZEZINDLELA ZOKULWA NESIZUNGU
▪ Hlala useduze noJehova
▪ Funa induduzo ngokufunda iBhayibheli
▪ Londoloza umbono oqondile wobuKristu
▪ Hlala umatasa emsebenzini onenjongo
▪ Yandisa abangane bakho
▪ Yenza kube lula ngabangane ukuba bakusize
▪ Ungazehlukanisi, kodwa hlakulela uthando olukhululekile
▪ Qiniseka ngokuthi uJehova uyakukhathalela
[Ibhokisi ekhasini 24]
INDLELA ONGABASIZA NGAYO ABANESIZUNGU
▪ Yiba nokuqonda, imfudumalo, nenduduzo
▪ Gcwalisa isidingo sokuvulelana izifuba
▪ Phikelela ekwenzeni izinto ezincane ezisizayo
[Isithombe ekhasini 23]
Naphezu kwesimo esinzima ayekuso, akukho okubonisa ukuthi uRuthe wavumela isizungu sakuthonya kabi ukuphila kwakhe