Umthombo Wesikhuthazo Esingapheli
“UMSINDO ohoshozayo wasenza sema sathi khimilili. Kwathi ezihlahleni ezazingakwesokunxele sethu kwaphuma izinyoni ezimbili zigijima ziqonde kithi zivule amaphiko. Phambi kwethu, phansi emgojaneni kwakunamaqanda amabili. Lezizinyoni zazisivimbe ekubeni sinyathele isidleke sazo singasiboni. Isikhathi ngasinye uma sithi sithatha unyawo siyasondela ukuze siwathathe isithombe lamaqanda amahle anamachashazi ansundu, lezizinyoni zaziphinda ukusongela kwazo. ‘Esingaka sona isibindi,’ sicabanga.”
Lokhu kwakungokuhlangenwe nakho kwabantu abadala abane ababezithele esidlekeni setitihoye. Inyoni encane kunayo i-blacksmith plover. Encwadini ethi Everyone’s Guide to South African Birds, izazi zezinyoni uSinclair noMendelsohn ziyachaza: “Imibhangqwana ezalelayo isivikela ngomdlandla isidleke kanye namaphuphu futhi yala ukhasha uma kusondela isitha. Ayinandaba nobukhulu besitha futhi indiza ifike qathatha inswininiza, nabantu ithi ayibadle namakhasi ibaxosha.”
Abanye bake babona nendlovu idishazela iqonde ngasesidlekeni se-blacksmith plover ingazi nokuthi lidumephi, kanti isiziholela amanzi ngomsele kulenyoni. Izindlovu ngokuvamile zivoveka inkani zithathe enye indlela.
Izinyoni zisithathaphi lesisibindi esingaka? Sivela kuLowo owazenza. UJehova uNkulunkulu wafaka ezingqondweni zalezizidalwa ezincane ulwazi olungokwemvelo lokuvimbela izilwane ezinkulu ekubeni zilimaze izidleke noma amaphuphu azo.
Isifundo KumaKristu
AmaKristu angafunda isifundo kulokhu, nakuba efuna ukudlulela ngalé kwesibindi semvelo. Anxuswa ukuba alingise iNkosi yawo, uJesu Kristu, owalalela imiyalo kaNkulunkulu ngokungesabi. (Heberu 12:1-3) IBhayibheli liyawalahla amagwala akugwemayo ukukhonza uNkulunkulu. (Heberu 10:39; IsAmbulo 21:8) Ngesikhathi esifanayo, uJehova uyayiqonda indlela esidalwe ngayo engaphelele futhi uyazi ukuthi ngezinye izikhathi singase sone noma sintule isibindi sokwenza intando yakhe ngokugcwele. (IHubo 103:12-14) Umuntu angenzani uma ukwesaba kumbangela ukuba azigodle ekwenzeni okulungile?
UmKristu kufanele aphendukele kuNkulunkulu ngomkhuleko ukuze athole amandla okubhekana nezilingo futhi aqhubeke enza intando yaphezulu. IBhayibheli liqukethe lesisithembiso esiqinisekisayo sosizo lukaJehova: “Nguye omupha oyethileyo amandla, nakongenamandla uyandisa izikhwepha. Izinsizwa ziyaphela amandla, zikhathale, nabasha bawa nokuwa, kepha abamethemba uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali bahambe bengapheli amandla.” (Isaya 40:29-31) Abantu abaningi abangaphelele bakubonile ukuba iqiniso kwalamazwi futhi “baphiwa amandla ebuthakathakeni.” (Heberu 11:34) Isibonelo esihle sasingumphostoli uPawulu ongumKristu, owabhala: “INkosi yangimela‚ yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami‚ nabezizwe bonke bezwe.”—2 Thimothewu 4:17.
Ngisho nabantu abasanda kuthakazela abafuna ukuba abalandeli bakaJesu Kristu bangaluthola usizo olunjalo oluqinisayo. Cabangela indoda yaseNingizimu Afrika okuthiwa uHenry, eyayingumphathi-sikhwama esontweni layo futhi ingumakhelwane kamfundisi. UHenry wayefuna iqiniso. Naphezu kokunamathela kwakhe esontweni, ngolunye usuku wavuma ukuqhutshelwa oFakazi BakaJehova isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala. Ngokuhamba kwesikhathi, wazwakalisa isifiso sokuba uFakazi futhi wabuza nokuthi iziphi izinyathelo okwakudingeka azithathe ukuze afinyelele lowomgomo. Wachazelwa ukuthi kwakuzodingeka aqale ngokwesula esontweni. (IsAmbulo 18:4) Njengoba ayakhelene nomfundisi futhi engumngane wakhe, uHenry waba nomuzwa wokuthi ngeke nje amane abhale incwadi yokwesula kodwa kwakuzodingeka amchazele ubuso nobuso lendaba. Lokhu wakwenza ngesibindi.
Umfundisi washaqeka futhi kamuva wathatha usihlalo namanye amalungu esonto ukuba kuyovakashelwa uHenry. Babefuna ukwazi ukuthi kungani ayeseshiye isonto labo wayoba ilungu lenkolo engenawo umoya ongcwele kaNkulunkulu, ngokusho kwabo. “Ngaqale ngesaba ukubaphendula,” kuchaza uHenry, “ngoba ngaso sonke isikhathi babekade benethonya elikhulu kimi. Kodwa ngathandaza kuJehova ngicela usizo, futhi wangenza ngakwazi ukuzivikela ngalendlela: ‘Kuzo zonke izinkolo ezikhona emhlabeni, iyiphi okuwukuphela kwayo esebenzisa igama likaNkulunkulu, elithi Jehova? Akubona yini oFakazi BakaJehova? Nicabanga ukuthi uNkulunkulu ubeyobavumela ukuba baphathe igama lakhe bese engabaniki nomoya wakhe ongcwele?’” Izikhulu zesonto zahluleka ukuphikisana nalelophuzu. Ebonga ngolwazi namandla uNkulunkulu awanikezayo, manje uHenry usehlanganyela ngesibindi noFakazi BakaJehova enkonzweni yendlu ngendlu.
Yebo, ukuba umKristu weqiniso kudinga isibindi. Njengoba isiphelo salelizwe sisondela, ukuvivinywa kokholo kuzokhula. USathane ufuna ukuphuca izinceku zikaNkulunkulu ithemba lazo elimangalisayo lokuphila okuphakade ngokuzama ukwephula ubuqotho bazo kuJehova. (Qhathanisa nesAmbulo 2:10.) Kodwa akumelwe sidangale. Ngisho noma singabhekana nokuhlehla kwesikhashana ngenxa yokwesaba, uJehova angasisiza ukuba silulame. Hlala uthembele kuye ukuze uthole amandla okuqhubeka wenza intando yakhe. Khumbula, yena lowo owadala izinyoni ezingesabi unguMthombo wesibindi esingapheli. Empeleni, amaKristu eqiniso kufanele ‘asho ngesibindi‚ athi: INkosi ingumsizi wami‚ angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?’—Heberu 13:6.