Yiba Nobubele Besisa
“Yembathani [ukusondelana okunesisa kobubele, umusa, NW].”—KOLOSE 3:12.
1. Kungani kunesidingo esikhulu sobubele namuhla?
AKUKAZE nanini ngaphambili emlandweni kwenzeke ukuba abantu abaningi kangaka badinge usizo lobubele. Njengoba zibhekene nokugula, ukulamba, ukuntuleka kwemisebenzi, ubugebengu, izimpi, isiyaluyalu, nezinhlekelele ezingokwemvelo, izigidi zidinga usizo. Kodwa kunenkinga engathi sína ngisho nangokwengeziwe, futhi leyonkinga isimo sesintu esinganiki ithemba. USathane, owaziyo ukuthi isikhathi sakhe sifushane, ‘udukisa izwe lonke.’ (IsAmbulo 12:9, 12) Ngakho, ikakhulukazi labo abangaphandle kwebandla lobuKristu leqiniso basengozini yokulahlekelwa ukuphila kwabo, futhi iBhayibheli alilinikezi nakancane ithemba lovuko kulabo abayobhujiswa phakathi nosuku lukaNkulunkulu lokwahlulela oluzayo.—Mathewu 25:31-33, 41, 46; 2 Thesalonika 1:6-9.
2. Kungani uJehova ezibambile ekubhubhiseni ababi?
2 Nokho, kuze kube yilenkathi yokugcina, uJehova uNkulunkulu uyaqhubeka ebonisa ukubekezela nobubele kwabangabongiyo nakwababi. (Mathewu 5:45; Luka 6:35, 36) Uye wenza lokhu ngenxa yesizathu esifanayo naleso sokuphuza ukujezisa isizwe sakwa-Israyeli esingathembekile. “Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angithokozi ngokufa komubi, kuphela ngokubuya komubi endleleni yakhe aze aphile. Buyani, buyani ezindleleni zenu ezimbi; niyakufelani nina-ndlu yakwaIsrayeli na?”—Hezekeli 33:11.
3. Isiphi isibonelo esinaso esibonisa ububele bukaJehova ngalabo abangebona abantu bakhe, futhi yini esiyifundayo kulokhu?
3 Ububele bukaJehova baboniswa futhi kubantu ababi baseNineve. UJehova wathumela umprofethi wakhe uJona ukuba abaxwayise ngokubhujiswa okwakuseduze. Basabela kahle ekushumayeleni kukaJona futhi baphenduka. Lokhu kwashukumisela uNkulunkulu onobubele, uJehova, ukuba ayeke ukubhubhisa lowomuzi ngalesosikhathi. (Jona 3:10; 4:11) Uma uNkulunkulu azizwa ebadabukela abantu baseNineve, ababengaba sethubeni lokuvuswa, yeka ukuthi kumelwe ukuba uzizwa enobubele kangakanani ngabantu namuhla ababhekene nokubhujiswa kwaphakade!—Luka 11:32.
Umsebenzi Wobubele Owenziwa Ngezinga Elingakaze Libonwe Ngaphambili
4. UJehova ububonisa kanjani ububele ngabantu namuhla?
4 Ngokuvumelana nobuntu bakhe bokuba nobubele, uJehova uthume oFakazi bakhe ukuba bavakashele omakhelwane babo ‘nevangeli lombuso.’ (Mathewu 24:14) Futhi lapho abantu besabela ngokwazisa kulomsebenzi osindisa ukuphila, uJehova uvula izinhliziyo zabo ukuba baqonde isigijimi soMbuso. (Mathewu 11:25; IzEnzo 16:14) Elingisa uNkulunkulu wawo, amaKristu eqiniso abonisa ububele besisa ngokuphindela kwabathakazelayo, ebasiza, lapho kungenzeka khona, ngesifundo seBhayibheli. Ngakho, ngo-1993, oFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi ezine nengxenye, emazweni angu-231, basebenzisa amahora angaphezu kwezigidi eziyinkulungwane beshumayela endlini ngendlu futhi betadisha iBhayibheli nomakhelwane babo. Ngokulandelayo, lababantu abasanda kuthakazela banethuba lokunikezela ukuphila kwabo kuJehova futhi bangene ezinhlwini zoFakazi bakhe ababhapathiziwe. Ngaleyondlela, nabo bazinikela ekwenzeni lomsebenzi wobubele owenziwa ngezinga elingakaze libonwe ngaphambili wokusiza abazoba abafundi abasabanjwe yizwe likaSathane elifayo.—Mathewu 28:19, 20; Johane 14:12.
5. Lapho ububele baphezulu sebufinyelele umkhawulo wabo, yini eyokwenzeka enkolweni engazange immelele kahle uNkulunkulu?
5 Ngokushesha uJehova uzokwenza ‘njengendoda yempi.’ (Eksodusi 15:3) Ebonisa ububele ngenxa yegama lakhe nabantu bakhe, uyosusa ububi futhi amise izwe elisha lokulunga. (2 Petru 3:13) Abokuqala abazobhekana nosuku lolaka lukaNkulunkulu kuyoba amasonto eLobukholwa. Njengoba nje uNkulunkulu engazange alivikele ithempeli lakhe eJerusalema esandleni senkosi yaseBabiloni, ngakho akanakuzivikela izinhlangano zenkolo eziye zangammelela kahle. UNkulunkulu uyokufaka enhliziyweni yamalungu eZizwe Ezihlangene ukuba zilenze incithakalo eLobukholwa nazo zonke ezinye izinhlobo zenkolo yamanga. (IsAmbulo 17:16, 17) “Nami-ke,” kusho uJehova, “iso lami aliyikubahawukela, ngingabi-nabubele, kepha ngiyakwehlisela indlela yabo phezu kwekhanda labo.”—Hezekeli 9:5, 10.
6. Kungaziphi izindlela oFakazi BakaJehova abashukunyiswa ngazo ukuba babonise ububele?
6 Lapho kusenesikhathi, oFakazi BakaJehova bayaqhubeka bebonisa ububele ngomakhelwane babo ngokushumayela ngentshiseko isigijimi sikaNkulunkulu sensindiso. Futhi ngokuvamile, lapho kungenzeka khona, basiza nabantu abaswele ngokwezinto ezibonakalayo. Nokho, kulokhu, umthwalo wabo wemfanelo wokuqala uwukunakekela izidingo zamalungu omkhaya aseduze nalabo abahlobene nabo okholweni. (Galathiya 6:10; 1 Thimothewu 5:4, 8) Izinkonzo eziningi zokunikeza usizo ezenziwa oFakazi BakaJehova bezenzela abakholwa nabo abaye babhekana nezinhlekelele ezihlukahlukene ziye zaba izibonelo eziphawulekayo zobubele. Nakuba kunjalo, amaKristu akudingekile ukuba alinde isimo esibucayi ngaphambi kokuba abonise ububele besisa. Asheshe ayibonakalise lemfanelo lapho ebhekana nezenzakalo ezinhle nezimbi ekuphileni kwansuku zonke.
Buyingxenye Yobuntu Obusha
7. (a) KweyabaseKolose 3:8-13, ububele buhlotshaniswe kanjani nobuntu obusha? (b) Yini ukusondelana okunesisa okwenza kube lula ngamaKristu ukuyenza?
7 Kuyiqiniso ukuthi isimo sethu esinesono nethonya elibi lezwe likaSathane kuyizithiyo ekubeni kwethu abanobubele besisa. Yingakho iBhayibheli lisinxusa ukuba silahle “ulaka, nokuthukuthela, nobubi, nokuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo.” Kunalokho, selulekwa ukuba ‘sembathe ubuntu obusha’—ubuntu obuvumelana nomfanekiso kaNkulunkulu. Okokuqala, siyalwa ukuba sembathe “[ukusondelana okunesisa kobubele, umusa, NW], nokuzithoba, nobumnene, nokubhekakade.” IBhayibheli libe selisibonisa indlela ewusizo yokubonisa lezizimfanelo. “Nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.” Kulula kakhulu ukuba othethelelayo uma siye sahlakulela “ukusondelana okunesisa kobubele” ngabazalwane bethu.—Kolose 3:8-13.
8. Kungani kubalulekile ukuba nomoya wokuthethelela?
8 Ngakolunye uhlangothi, ukuhluleka ukubonisa ukuthethelela kobubele kububeka engozini ubuhlobo bethu noJehova. UJesu wakubonisa ngamandla lokhu emfanekisweni wakhe wenceku engathetheleli, eyafakwa etilongweni inkosi yayo “ize ikhokhe lonke icala layo.” Lenceku yayikufanele ukuphathwa ngalendlela ngoba yahluleka ngokushaqisayo ukubonisa ububele encekwini ekanye nayo eyayicela ukuboniswa isihe. UJesu waphetha lomfanekiso ngokuthi: “Kanjalo naye uBaba osezulwini uyakwenza kini, uma ningathetheleli ngezinhliziyo zenu kube-yilowo nalowo umfowabo.”—Mathewu 18:34, 35.
9. Ububele besisa buhlobene kanjani nesici esibaluleke kakhulu sobuntu obusha?
9 Ukuba nobubele besisa kuyisici esibalulekile sothando. Futhi uthando luwuphawu oluhlukanisayo lobuKristu beqiniso. (Johane 13:35) Ngakho, incazelo yeBhayibheli yobuntu obusha iphetha ngalendlela: “Phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.”—Kolose 3:14.
Umhawu—Isithiyo Ekuboniseni Ububele
10. (a) Yini engase ibangele ukuba umona wakheke ezinhliziyweni zethu? (b) Imiphi imiphumela emibi engase ibangelwe umona?
10 Ngenxa yesimo sethu sobuntu esinesono, imizwa yomhawu ingaqala kalula ezinhliziyweni zethu. Umzalwane noma udade angase abe nesiphiwo samakhono athile angokwemvelo noma sezinto ezibonakalayo thina esingenazo. Noma mhlawumbe othile uye wamukela izibusiso ezikhethekile ezingokomoya namalungelo. Uma sibafela umona abantu abanjalo, siyokwazi yini ukubaphatha ngobubele besisa? Cishe asinakukwazi. Kunalokho, imizwa yomona ekugcineni ingase izibonakalise ngenkulumo egxekayo noma izenzo ezingenamusa, ngoba uJesu wathi ngabantu: “Umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.” (Luka 6:45) Abanye bangase bahambisane nokugxeka okunjalo. Kanjalo ukuthula komkhaya noma kwebandla labantu bakaNkulunkulu kungase kuphazamiseke.
11. Abafowabo bakaJosefa abayishumi babucinanisa kanjani ububele ezinhliziyweni zabo, kwaba namuphi umphumela?
11 Cabangela lokho okwenzeka komunye umkhaya omkhulu. Amadodana ayishumi amadala kaJakobe afela umfowabo omncane uJosefa umona ngoba uyise wayemthanda kakhulu. Ngenxa yalokho, ‘babengenakukhuluma kuye ngokuthula.’ Kamuva, uJosefa wabusiswa ngamaphupho angokwaphezulu, okwakubonisa ukuthi wayenokuvunyelwa uJehova. Lokhu kwabangela ukuba abafowabo ‘bamzonde kakhulu.’ Ngenxa yokuthi abazange bawukhiphe umona ezinhliziyweni zabo, wacinanisa ububele futhi waholela esonweni esingathi sína.—Genesise 37:4, 5, 11.
12, 13. Yini okufanele siyenze lapho imizwa yomona ingena enhliziyweni yethu?
12 Ngonya, bathengisela uJosefa ebugqilini. Emzamweni wokufihla isenzo sabo esingalungile, bakhohlisa uyise ngokumenza acabange ukuthi uJosefa wayebulawe isilwane sasendle. Eminyakeni eminingi kamuva isono sabo sembulwa lapho bephoqwa indlala ukuba behlele eGibithe bayothenga ukudla. Umqondisi wokudla, ababengaqapheli ukuthi kwakunguJosefa, wabamangalela ngokuthi bayizinhloli futhi wabatshela ukuba bangaphinde bafune usizo lwakhe kuze kube yilapho beletha umfowabo omncane, uBenjamini. Ngalesisikhathi uBenjamini wayesethandwa kakhulu uyise, futhi babazi ukuthi uJakobe wayengenakuvuma ukuba ahambe.
13 Ngakho lapho bemi phambi kukaJosefa, onembeza babo babashukumisela ekubeni bavume: “Impela sitholile icala ngomfowethu [uJosefa], njengokuba sabona usizi lwenhliziyo yakhe, esincenga, kasamlalela; ngalokho lolusizi selufiké phezu kwethu.” (Genesise 42:21) Ngokubaphatha kwakhe ngobubele kodwa ngendlela eqinile, uJosefa wasiza abafowabo ukuba babonise ubuqotho bokuphenduka kwabo. Khona-ke waziveza kubo futhi wabathethelela ngomusa. Ubunye bomkhaya babuyiselwa. (Genesise 45:4-8) NjengamaKristu, kufanele sifunde isifundo kulokhu. Njengoba siyazi imiphumela emibi yomhawu, kufanele sithandazele usizo kuJehova lokuba esikhundleni semizwa yomona sifake “ukusondelana okunesisa kobubele.”
Ezinye Izithiyo Ekuboniseni Ububele
14. Kungani kufanele sigweme ukuzenza sivulekele ebudloveni ngokungadingekile?
14 Esinye isithiyo ekubeni kwethu abanobubele singabangelwa ukuzenza sivulekele ebudloveni ngokungadingekile. Imidlalo nokuzijabulisa okuqokomisa ubudlova kukhuthaza ukuhahela igazi. Ezikhathini zeBhayibheli, amaqaba ayebukela njalo imiqhudelwano yaseshashalazini yokulwela ukufa nokuphila nezinye izinhlobo zokuhlushwa kwabantu ezinkundleni zoMbuso WamaRoma. Ukuzijabulisa okunjalo, ngokwesazimlando esithile, “kwabulala umuzwa wokuba nozwela ngo-kuhlupheka ohlukanisa umuntu ezilwaneni.” Okuningi kokuzijabulisa ezweni lanamuhla lesimanje kunethonya elifanayo. AmaKristu alwela ukuba nobubele besisa, kudingeka alukhethisise uhlobo lokwaziswa akufundayo, amabhayisikobho, nezinhlelo ze-TV. Ngokuhlakanipha agcina engqondweni amazwi eHubo 11:5: “Othanda ubudlwangudlwangu [uJehova] uyamzonda.”
15. (a) Umuntu angakubonisa kanjani ukuntula ububele okungathi sína? (b) AmaKristu eqiniso asabela kanjani ezidingweni zabakholwa nawo nezomakhelwane?
15 Umuntu onobugovu cishe naye untula ububele. Lokhu kuyinto engathi sína, njengoba umphostoli uJohane echaza: “Yena onemfuyo yezwe, ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele isihawu sakhe, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na?” (1 Johane 3:17) Ukuntula ububele okufanayo kwaboniswa umpristi nomLevi abazenza abalungile emfanekisweni kaJesu womSamariya olungileyo. Lapho bebona usizi lomfowabo ongumJuda okwase kusele umndondo nje kuye, laba bagegela ngakolunye uhlangothi lomgwaqo futhi baqhubeka nendlela yabo. (Luka 10:31, 32) Ngokuphambene, amaKristu anobubele asabela ngokushesha ezidingweni zezinto ezibonakalayo nezingokomoya zabafowabo. Futhi njengomSamariya emfanekisweni kaJesu, ayazikhathalela futhi izidingo zabantu angabazi. Ngakho ngenjabulo anikela ngesikhathi, amandla, nengcebo yawo ukuze aqhubekisele phambili umsebenzi wokwenza abafundi. Ngalendlela anikela ekusindisweni kwezigidi.—1 Thimothewu 4:16.
Ububele Ngabagulayo
16. Ikuphi ukulinganiselwa esihlangabezana nakho lapho sibhekene nokugula?
16 Ukugula kuyinsakavukela esintwini esingaphelele, esifayo. Kungokufanayo nakumaKristu, futhi amaningi awo awabona ochwepheshe kwezokwelapha, futhi awakwazi ukwenza izimangaliso njengoba kwenza amaKristu athile okuqala athola amandla anjalo kuKristu nabaphostoli bakhe. Ngokufa kwabaphostoli bakaKristu nabangane babo abaseduze, amandla anjalo ayisimangaliso aphela. Ngakho, ikhono lethu lokusiza labo abagula ngokomzimba, kuhlanganise nokungasebenzi kahle kwengqondo nokubona izinto ezingekho, lilinganiselwe.—IzEnzo 8:13, 18; 1 Korinte 13:8.
17. Isiphi isifundo esisifunda endleleni indoda eyayigula neyayishonelwe uJobe eyaphathwa ngayo?
17 Ngokuvamile ukucindezeleka kuhambisana nokugula. Ngokwesibonelo, uJobe owesaba uNkulunkulu wayecindezeleke kakhulu ngenxa yokugula okunzima nezinhlekelele uSathane aziletha kuye. (Jobe 1:18, 19; 2:7; 3:3, 11-13) Wayedinga abangane ababezomphatha ngobubele besisa ‘nababezokhuluma ngendlela eduduzayo.’ (1 Thesalonika 5:14, qhathanisa ne-NW.) Kunalokho, abathathu ababethi bangabaduduzi bakhe bamvakashela futhi basheshe bafinyelela iziphetho ezingalungile. Basenza saba sibi kakhulu isimo sikaJobe sokucindezeleka ngokusikisela ukuthi izinhlekelele ezazimehlele zazibangelwa iphutha lakhe elithile. Njengoba enobubele besisa, amaKristu ayokugwema ukuwela ogibeni olufanayo lapho abakholwa kanye nawo begula noma becindezelekile. Ngezinye izikhathi, into eyinhloko abantu abanjalo abayidingayo ukuvakashelwa okumbalwa komusa abadala noma amanye amaKristu avuthiwe ayolalela ngozwela, abonise ukuqonda, futhi anikeze iseluleko sothando esingokomBhalo.—Roma 12:15; Jakobe 1:19.
Ububele Ngababuthakathaka
18, 19. (a) Abadala kufanele basebenzelane kanjani nababuthaka noma abonayo? (b) Ngisho noma kudingekile ukuba kumiswe ikomiti yokwahlulela, kungani kubalulekile ngabadala ukuba baphathe abenzi bobubi ngobubele besisa?
18 Abadala ikakhulukazi kumelwe babe nobubele besisa. (IzEnzo 20:29, 35) “Thina esinamandla sifanele ukuthwala ubuthakathaka babangenamandla,” kuyala iBhayibheli. (Roma 15:1) Njengoba singaphelele, sonke siyawenza amaphutha. (Jakobe 3:2) Isisa siyadingeka ekusebenzelaneni nothile ‘owehlelwa isiphambeko.’ (Galathiya 6:1) Abadala abanakulokotha bafune ukufana nabaFarisi abazenza abalungile ababengacabangeli ekusebenziseni kwabo uMthetho kaNkulunkulu.
19 Ngokuphambene, abadala balandela izibonelo zobubele besisa zikaJehova uNkulunkulu noJesu Kristu. Umsebenzi wabo oyinhloko uwukondla, ukukhuthaza, nokuqabula izimvu zikaNkulunkulu. (Isaya 32:1, 2) Kunokuba bazame ukulawula izindaba ngemithetho eminingi, bancika ezimisweni ezinhle eziseZwini likaNkulunkulu. Ngakho, umsebenzi wabadala kufanele ube ukwakha, ukuletha injabulo nokwazisa ngobuhle bukaJehova ezinhliziyweni zabafowabo. Uma akholwa naye enza iphutha elincane, umdala ngokuvamile uyogwema ukumluleka lapho kungase kuzwe khona abaningi. Uma kudingekile nakanjani ukuba akhulume, imizwa enesisa yobubele iyoshukumisela lowomdala ukuba agudlukele eceleni nalowomuntu futhi axoxe ngenkinga kungezwa muntu. (Qhathanisa noMathewu 18:15.) Kungakhathaliseki ukuthi kunzima kangakanani ukuzwana nalowomuntu, indlela umdala akhuluma ngayo kufanele ibe nesineke nosizo. Akanakulokotha afune izaba zokukhipha onjalo ebandleni. Ngisho noma kudingekile ukumisa ikomiti yokwahlulela, abadala bayobonisa ububele besisa ekusebenzelaneni nomuntu ohileleke ekwenzeni ububi obungathi sína. Ubumnene babo bungasiza ekwenzeni ukuba umuntu onjalo aphenduke.—2 Thimothewu 2:24-26.
20. Kunini lapho ukubonakaliswa okungokomzwelo kobubele kungafanele khona, futhi ngani?
20 Nokho, kunezikhathi lapho inceku kaJehova ingenakububonisa khona ububele. (Qhathanisa noDuteronomi 13:6-9.) Kungaba uvivinyo lwangempela ngomKristu ukuba ‘angahlangani’ nomngane oseduze noma isihlobo esiye sasuswa ekuhlanganyeleni. Esimweni esinjalo, kubalulekile ukuba umuntu angavumeli imizwa yesihe. (1 Korinte 5:11-13) Ukuqina okunjalo kungakhuthaza ngisho nowonile ukuba aphenduke. Ngaphezu kwalokho, lapho esebenzelana nabobulili obuhlukile, amaKristu kumelwe agweme ukubonakaliswa okungafanele kobubele okungaholela ekuziphatheni okubi kobulili.
21. Kukuziphi ezinye izici esidinga ukubonisa kuzo ububele besisa, futhi ziyini izinzuzo zalokho?
21 Asinayo indawo eyanele yokuxoxa ngazo zonke izici eziningi lapho ububele besisa budingeka khona—ekusebenzelaneni nasebekhulile, abashonelwe, ababhekene nokushushiswa abangane abangakholwa. Abadala abazikhandlayo nabo ngokufanayo kufanele baphathwe ngobubele besisa. (1 Thimothewu 5:17) Bahlonipheni futhi nibasekele. (Heberu 13:7, 17) “Nonke, . . . [nibe nobubele besisa, NW],” kubhala umphostoli uPetru. (1 Petru 3:8) Ngokwenza ngalendlela kuzo zonke izimo ezibudingayo, sithuthukisa ubunye nenjabulo ebandleni futhi sidonsela abangaphandle eqinisweni. Ngaphezu kwakho konke, ngalokho sidumisa uBaba wethu onobubele besisa, uJehova.
Imibuzo Yokubukeza
◻ UJehova ububonisa kanjani ububele ngesintu esinesono?
◻ Kungani kubalulekile ukuba nobubele besisa?
◻ Iziphi ezinye zezithiyo ekubeni kwethu abanobubele besisa?
◻ Kufanele sibaphathe kanjani abagulayo nabacindezelekile?
◻ Obani ngokukhethekile okudingeka babe nobubele besisa, futhi ngani?
[Ibhokisi ekhasini 19]
ABAFARISI ABANGENABUBELE
USUKU lokuphumula lweSabatha lwalwenzelwe ukuba lube isibusiso esingokomoya nesingokwenyama kubantu bakaNkulunkulu. Nokho, abaholi benkolo abangamaJuda benza imithetho eminingi eyahlazisa umthetho kaNkulunkulu weSabatha futhi yawenza waba umthwalo kubantu. Ngokwesibonelo, uma othile ayevelelwe ingozi noma egula, wayengenakuluthola usizo ngeSabatha ngaphandle kwalapho ukuphila kwakhe kusengozini.
Iqembu elithile labaFarisi lalilukhuni kakhulu ekuchazeni kwalo umthetho weSabatha kangangokuba lathi: “Umuntu akabaduduzi abalilayo, futhi akabavakasheli abantu abagulayo ngeSabatha.” Abanye abaholi benkolo babekuvumela ukuvakasha okunjalo ngeSabatha kodwa babethi: “Izinyembezi zenqatshelwe.”
Ngakho, uJesu wabalahla ngokufanelekile abaholi benkolo abangamaJuda ngokudebeselela izimfuneko ezibaluleke kakhulu zoMthetho, njengobulungisa, uthando, nesihe. Yingakho athi kubaFarisi: “Izwi likaNkulunkulu nilenza libe-yize ngesiko lenu”!—Marku 7:8, 13; Mathewu 23:23; Luka 11:42.
[Izithombe ekhasini 17]
Emazweni angu-231 oFakazi BakaJehova baqhuba umsebenzi wobubele owenziwa ngezinga elingakaze libonwe nanini ngaphambili emakhaya abantu, emigwaqweni, ngisho nasematilongweni
[Isithombe ekhasini 18]
Ukuzenza sivulekele ebudloveni, njengobuku-TV, kululaza ububele besisa