Yibani ‘Nobubele Besisa’
AKUKAZE ngaphambili kube nabantu abaningi kangaka esiphila nabo abanesidingo esikhulu sobubele njengoba bebhekene nendlala, ukugula, ubumpofu, ubugebengu, izimpi zombango nezinhlekelele zemvelo. Ububele busho ukuqaphela ukuhlupheka noma ubunzima bomunye umuntu okuhambisana nesifiso sokukuqeda. Njengemisebe yelanga efudumele, ububele bungaduduza umphefumulo ocindezelekile, budambise izinhlungu, futhi bukhuthaze ososizini.
Singabonisa ububele ngezenzo nangamazwi ethu—ngokukhathalela abanye nokubasekela lapho bedinga usizo. Kuhle ukungabonisi ububele emalungwini omkhaya, kubangane nakubantu esibaziyo kuphela. Singanuleka sihlanganise ngisho nabantu esingabazi. ENtshumayelweni yaseNtabeni uJesu Kristu wabuza: “Uma nithanda labo abanithandayo, ninamvuzo muni na?” Le ndoda enobubele yabuye yathi: “Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.”—Mathewu 5:46, 47; 7:12.
La mazwi—aziwa ngokuthi uMthetho Wegolide—ungawafunda emiBhalweni Engcwele. Iningi liyavuma ukuthi iBhayibheli liyisiqondiso esingcono kakhulu ekuboniseni ububele. ImiBhalo ikuveza ngokuphindaphindiwe ukuthi sibophekile ukuba sisize labo abangase bangakwazi ukuzisiza ngenxa yezizathu ezihlukahlukene. IBhayibheli liveza uMlobi walo futhi onguMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, njengesibonelo esikhulu sobubele.
Ngokwesibonelo, siyafunda: “[UNkulunkulu] uvikela amalungelo ezintandane nabafelokazi. Uyabanakekela abafokazi futhi ubanikeza ukudla nezembatho.” (Duteronomi 10:18, Contemporary English Version) UJehova uNkulunkulu uchazwa ngokuthi ‘ukhiphela abaphanjiwe isahlulelo, unika abalambile isinkwa.’ (IHubo 146:7) Ngokuphathelene nezifiki ezihluphekile, uJehova wathi: “Umfokazi . . . kufanele abe njengowokuzalwa kini; kumelwe umthande njengoba uzithanda wena.”—Levitikusi 19:34.
Kodwa, ukubonisa ububele akuzenzekeli ngaso sonke isikhathi. Umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu aseKolose: “Hlubulani ubuntu obudala nemikhuba yabo, nigqoke ubuntu obusha, obenziwa bube busha ngolwazi olunembile ngokomfanekiso waLowo owabudala . . . Njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandwayo, gqokani uthando lomzwelo.”—Kolose 3:9, 10, 12.
Ngakho, kudingeka umzamo ukuze umuntu abe nobubele. Buyingxenye ‘yobuntu abusha’ okulindeleke ukuba amaKristu abugqoke. UPawulu wayephila ezweni elinonya laseRoma lasendulo. Wakhuthaza amanye amakholwa ukuba enze ushintsho oluphawulekayo ebuntwini bawo ukuze abe nozwela nobubele kakhudlwana.
Amandla Obubele
Abanye abantu babheka labo ababonisa ububele njengababuthakathaka nabangakwazi ukuzivikela. Ingabe umbono onjalo unembile?
Lutho neze! Isisusa sangempela sobubele beqiniso uthando olujulile, oluvela kuNkulunkulu, owumthombo waleyo mfanelo. “UNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:16) UJehova ubizwa ngokufanele ngokuthi “uYise wesihe noNkulunkulu wenduduzo yonke.” (2 Korinte 1:3) Inkulumo ethi “isihe” ngokuyisisekelo isho “isihawu, ububele ngemishophi yabanye.” Phela, uJehova “unomusa kwabangabongiyo nababi”!—Luka 6:35.
UMdali wethu ufuna ukuba nathi sibonise izimfanelo ezinomusa, ezinjengobubele. Siyafunda kuMika 6:8: “Ukutshelile, muntu wasemhlabeni, okuhle. Yini uJehova ayicela kuwe ngaphandle kokuba ubonise ubulungisa, uthande umusa?” Encwadini yezAga 19:22, siyafunda: “Into efiselekayo kumuntu wasemhlabeni ngumusa wakhe wothando.” INdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, eyabonisa ubuntu bukaYise ngokuphelele, nayo yayala abafundi bayo: “Qhubekani niba nesihe, njengoba nje noYihlo enesihe.” (Luka 6:36) I-Jerusalem Bible isibeka ngale ndlela lesi siyalo: “Yibani nobubele njengoba noYihlo enobubele.”
Kunesizathu esihle sokuba njalo, njengoba ububele bunamadla okunikeza imivuzo ecebile. Sivame ukulibona iqiniso lalokho okulotshwe encwadini yezAga 11:17: “Umuntu onomusa wothando uwuphatha ngendlela enomvuzo umphefumulo wakhe.” Lapho sibonisa othile ohluphekile ububele, lokhu uNkulunkulu ukubheka njengomusa oboniswa kuYe. Ukwenza umthwalo wakhe ukubuyisela umusa nganoma yibuphi ububele izikhonzi zakhe ezibubonisayo. INkosi uSolomoni ephefumulelwe yathi: “Ombonisa umusa ophansi uboleka uJehova, futhi Yena uyombuyisela ngempatho yakhe.” (IzAga 19:17) UPawulu wabhala: “Niyazi ukuthi yilowo nalowo, uJehova uyombuyisela nganoma yini enhle angase ayenze.”—Efesu 6:8.
Ububele bunamandla okugcina ukuthula futhi benza kube lula ukuxazulula izingxabano. Kuyasiza ekulungiseni ukungezwani, futhi kucaba indlela eya ekuxolelaneni. Ukungezwani kungaba khona ngenxa yokuthi asivamile njalo ukuveza imicabango noma imizwa yethu ngendlela ebesingafisa ngayo, noma abanye bangase bangaziqondi izenzo zethu. Lapha ububele buyayixazulula inkinga futhi buyasiza ekulondolozeni ukuthula. Kulula ukuthethelela umuntu onedumela lokuba nobubele. Ububele busisiza ukuba sivumelane neseluleko uPawulu asinika amaKristu: “Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma umuntu enesizathu sokukhononda ngomunye.”—Kolose 3:13.
Ububele—Ukubonakaliswa Kozwela
Ngaphezu kwalokho, ububele bunamandla okudambisa usizi. Njengoba sesiphawulile, bubonisa umoya wozwela kulabo abacindezelekile futhi busenza sizwelane nabahluphekayo. Ububele buhilela ukubakhathalela ngokujulile abantu abasosizini nokuthatha isinyathelo esingokoqobo sokubasiza.
Ngokuba nozwela, amaKristu alingisa uJesu. Wayengematasa kakhulu ukuba angasiza abanye ngezinto ezibonakalayo nangokomoya. Lapho eqaphela ukuthi abanye badinga usizo, ngobubele wathola indlela yokubasiza.
Phawula indlela uJesu asabela ngayo lapho ebona izixuku ezaziphundlekile ngokomoya: “Lapho ebona izixuku wafikelwa isihawu ngazo, ngoba zaziphundlekile futhi zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.” (Mathewu 9:36) Ngokuphathelene negama lapha elihunyushwe ngokuthi “wafikelwa isihawu,” isazi esithile seBhayibheli sithi lisho “umzwelo othinta izibilini zomuntu.” Empeleni, leli gama lingelinye lamagama esiGreki elinamandla kakhulu elisho umuzwa wobubele.
Ngendlela efanayo, amaKristu anobubele asabela ngokushesha ezidingweni zabanye zezinto ezibonakalayo nezingokomoya. Umphostoli uPetru wabhala: “Nonke yibani nomqondo ofanayo, nibonisa ukuzwelana, ninothando lobuzalwane, ninobubele besisa.” (1 Petru 3:8) Ngokwesibonelo, lapho umkhaya wamaKristu oswele kudingeka ukuba uthuthele endaweni entsha ngenxa yezizathu zempilo, amanye amakholwa lapho awuvumela ukuba usebenzise umuzi othile izinyanga eziyisithupha ngaphandle kokuwukhokhela. Indoda iyalandisa: “Babefika nsuku zonke bezohlola ukuthi izinto zihamba kanjani, futhi izikhuthazo zabo zasenza sazizwa samukelekile.”
AmaKristu eqiniso ayazikhathalela nezidingo zabantu angabazi. Ayakujabulela ukudela isikhathi, amandla nemali ukuze akhonze abantu angabazi. Iqembu elichazwe esihlokweni esandulele elasiza abantu elingabazi ngokuphelele lalakhiwe oFakazi BakaJehova.
Ngenxa yalokho, ibandla lobuKristu ligcwele umoya wobubele nomusa wothando. Eshukunyiswa uthando, amalungu ebandla akukhuthalele ukuthola izindlela zokukhonza abanye. Ngenxa yezinkinga ezihlukahlukene abanazo, izintandane nabafelokazi ebandleni bangase bakudinge ukukhathalela nozwela lwakho. Ungabasiza yini abanjalo ukuba babhekane nobumpofu, ukuntuleka kwezindlela zokunakekela impilo, ukuswela indawo yokuhlala, noma ezinye izinkinga abanazo?
Cabanga ngombhangqwana othile eGreece. Indoda yafa uhlangothi. Yona nomkayo bayiswa esibhedlela esiqhele ngamakhilomitha amaningi. Kodwa iholo labo elincane lalincike ekuvunweni kwensimu yabo yamawolintshi. Ubani owayezokwenza lokho lapho bona besesibhedlela? Ibandla lendawo lathatha isinyathelo. Lavuna futhi ladayisa la mawolintshi, okwasiza lo mbhangqwana oswele ukuba uthole imali, futhi kanjalo waba nanokuthula kwengqondo.
Ububele bungaboniswa ngezindlela eziningi. Ngokwesibonelo, amaKristu anobubele ayaqaphela ukuthi ngezinye izikhathi into enkulu abantu abasosizini abayidingayo ukuhanjelwa abantu abanomusa abazobalalela ngozwela, babonise isihawu, futhi babaduduze ngemiBhalo.—Roma 12:15.
Jabulela Ukuba Phakathi Kwabantu Abanobubele
Ibandla lamaKristu lomhlaba wonke liyisiphephelo sokuthula nenduduzo lapho kuboniswa khona ububele nomusa. AmaKristu eqiniso ayaqaphela ukuthi ububele bukhanga abantu, kanti unya luyabaxosha. Ngakho, njengoba ezama ukulingisa uYise wasezulwini, alwela ukubonisa ‘ububele besisa’ ngezindlela ezingokoqobo.
OFakazi BakaJehova bakumema ngemfudumalo ukuba uzojabulela ububele, uthando nokukhathalela okutholakala emphakathini wabo wamaKristu. Bayaqiniseka ukuthi uyothola isimo esinobungane futhi esikhangayo.—Roma 15:7.
[Isithombe ekhasini 5]
UPawulu wanxusa amaKristu aseKolose ukuba agqoke uthando lomzwelo
[Izithombe ekhasini 7]
Lapho uJesu eqaphela ukuthi abanye badinga usizo, ngobubele wathola indlela yokubasiza