Ungakuhlakulela Yini Ukuqonda Okwengeziwe?
UKUQONDA ‘kungamandla noma ikhono ingqondo ehlukanisa ngalo enye into kwenye.’ Futhi kungase kuchazwe ngokuthi “ukukhalipha kokwahlulela” noma “amandla okubona umehluko wezinto noma imiqondo.” Isho kanjalo i-Webster’s Universal Dictionary. Ngokucacile, ukuqonda kuyimfanelo efiselekayo. Ukubaluleka kwako kubonakala emazwini kaSolomoni: “Ngokuba ukuhlakanipha kuyakungena enhliziyweni yakho, ukwazi kube-mnandi emphefumulweni wakho . . . ukuqonda kukugcine, ukuze wophulwe endleleni yobubi.”—IzAga 2:10-12.
Yebo, ukuqonda kuyosisiza ukuba simelane ‘nendlela yobubi,’ eyandile namuhla. Futhi kuletha ezinye izinzuzo eziningi. Ngokwesibonelo, kuvamile ukuba abazali bezwe izingane zabo zithi, ‘Umane nje awuqondi!’ Ngokuziphenyisisa kancane nje, abazali abanokuqonda bayakwazi ukwenza izingane zabo ziveze imizwa nezindaba ezizihluphayo. (IzAga 20:5) Indoda enokuqonda iyomlalela umkayo futhi iqondisise ukucabanga nemizwa yakhe kunokuba isheshe ifinyelele iziphetho. Umfazi uyokwenza okufanayo ngomyeni wakhe. Ngaleyo ndlela, “indlu iyakhiwa ngokuhlakanipha, iqiniswe ngokuqonda.”—IzAga 24:3.
Ukuqonda kusiza umuntu ukuba asingathe izimo ngokuphumelelayo. IzAga 17:27 zithi: “Obamba amazwi akhe unokwazi; onomoya opholileyo ungumuntu oqondileyo [“onokuqonda,” NW].” Umuntu onokuqonda akaxhamazeli, ejaha kuzo zonke izimo ngaphandle kokucabanga. Ngokucophelela ucabangela imiphumela engase ibe khona ngaphambi kokuba azihilele. (Luka 14:28, 29) Futhi ujabulela ubuhlobo obunokuthula ngokwengeziwe nabanye ngoba ‘umlomo wokuqonda’ umholela ekubeni akhethe amazwi akhe ngokucophelela. (IzAga 10:19; 12:8, NW) Kodwa, okubaluleke kakhulu, umuntu onokuqonda ukuqaphela ngokuthobeka ukulinganiselwa kwakhe siqu futhi ubheka kuNkulunkulu kunakubantu ukuze athole isiqondiso. Lokhu kuyamjabulisa uJehova futhi kungesinye isizathu sokuhlakulela ukuqonda.—IzAga 2:1-9; Jakobe 4:6.
Ukuntula Kuka-Israyeli Ukuqonda
Ingozi yokuhluleka ukubonisa ukuqonda ibonakala esenzakalweni esithile emlandweni wakudala ka-Israyeli. Ebheka emuva kuleso sikhathi, umhubi ophefumulelwe wathi: “Obaba abaqondanga izibonakaliso zakho eGibithe, abakhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa; bahlubuka ngaselwandle, uLwandle oluBomvu.”—IHubo 106:7.
Lapho uMose ehola u-Israyeli emkhipha eGibithe, kakade uJehova wayesebonise amandla akhe nokuzimisela kwakhe ukukhulula abantu bakhe ngokushaya lowo mbuso wezwe onamandla ngezinhlupho eziyishumi. Ngemva kokuba uFaro ededele ama-Israyeli, uMose wawaholela ogwini loLwandle Olubomvu. Nokho, amabutho aseGibithe awalandela ewaxosha. Kwabonakala sengathi ama-Israyeli ayevalelekile futhi inkululeko yawo ayesanda kuyithola yayizophela ngokushesha. Ngakho ukulandisa kweBhayibheli kuthi: “Base besaba kakhulu; abantwana bakwaIsrayeli bakhala kuJehova.” Futhi baphendukela uMose, bethi: “Usenzeleni lokhu, wasikhipha eGibithe, na? . . . Ngokuba bekuyakuba-ngcono kithi ukubakhonza abaseGibithe kunokuba sifele ehlane.”—Eksodusi 14:10-12.
Ukwesaba kwabo kungase kubonakale kuqondakala kuze kube yilapho sikhumbula ukuthi kakade base bebone ukubonakaliswa kwamandla kaJehova okuvelele okuyishumi. Babekwazi ngokoqobo lokho uMose ayeyobakhumbuza kona eminyakeni engaba ngu-40 kamuva: “UJehova wasikhipha eGibithe ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo, nangezenzo ezesabekayo nezinkulu, nangezibonakaliso, nangezimangaliso.” (Duteronomi 26:8) Ngakho, njengoba umhubi abhala, lapho ama-Israyeli evukela isiqondiso sikaMose, ‘awaqondanga.’ Noma kunjalo, efeza isithembiso sakhe, uJehova wanqoba amabutho aseGibithe ngendlela eshaqisayo.—Eksodusi 14:19-31.
Ukholo lwethu lungantengantenga ngendlela efanayo uma singabhekana novivinyo ngokungabaza noma ukungaqiniseki. Ukuqonda kuyosisiza ukuba ngaso sonke isikhathi sibheke izinto ngombono ofanele, sikhumbula ukuthi uJehova mkhulu kangakanani kunanoma ubani ongase amelane nathi. Ukuqonda kuyosisiza futhi ukuba sikhumbule lokho uJehova asesenzele kona kakade. Kuyosisiza ukuba singalikhohlwa nanini iqiniso lokuthi uyiLowo ‘olondoloza bonke abamthandayo.’—IHubo 145:18-20.
Ukuzuza Ukuqonda Okungokomoya
Ukuqonda akuzifikeli nje njengoba umuntu ekhula. Kumelwe kuhlakulelwe. INkosi ehlakaniphile uSolomoni, eyazuza udumo emhlabeni wonke ngenxa yokuqonda kwayo, yathi: “Ubusisiwe umuntu othola ukuhlakanipha nomuntu ozuza ingqondo, ngokuba inzuzo yakho inhle kunenzuzo yesiliva, nokutholakalayo kukho kunegolide.” (IzAga 3:13, 14) USolomoni wakutholaphi ukuqonda kwakhe? KuJehova. Lapho uJehova ebuza uSolomoni ukuthi wayefuna siphi isibusiso, uSolomoni waphendula: “Yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukwahlulela abantu bakho ukuba ngahlukanise okuhle nokubi.” (1 AmaKhosi 3:9) Yebo, uSolomoni wayebheka kuJehova njengomsizi wakhe. Wacela ukuqonda, futhi uJehova wamnikeza kona ngezinga elingavamile. Umphumela? “Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwadlula ukuhlakanipha kwabantu bonke basempumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibithe.”—1 AmaKhosi 4:30.
Okuhlangenwe nakho kukaSolomoni kusibonisa ukuthi kumelwe siyephi lapho sifuna ukuqonda. NjengoSolomoni, kufanele sibheke kuJehova. Kanjani? Phela, uJehova uye walungiselela iZwi lakhe, iBhayibheli, elisenza siqonde ukucabanga kwakhe. Lapho sifunda iBhayibheli, simba enkwalini yolwazi eyigugu eyonikeza isisekelo sokuqonda okungokomoya. Ukwaziswa esikuqongelelayo ekufundeni kwethu iBhayibheli kufanele sizindle ngakho. Khona-ke, kungase kusetshenziswe ekwenzeni izinqumo ezifanele. Ngokuhamba kwesikhathi, amandla ethu okuqonda athuthuka kuze kube sezingeni lapho siba “abakhule ngokugcwele emandleni okuqonda,” sikwazi “ukuhlukanisa [noma, ukuqonda phakathi kwakho] kokubili okulungile nokungalungile.”—1 Korinte 14:20; Heberu 5:14; qhathanisa neyoku-1 Korinte 2:10.
Ngokuthakazelisayo, sisengazuza ekuqondeni uJehova akunikeza uSolomoni. Kanjani? USolomoni waba yingcweti ekubekeni ukuhlakanipha ngezaga, lezo eqinisweni ezaziwukuhlakanipha okuphefumulelwe ngokwaphezulu okufushanisiwe. Eziningi zalezi zisho zilondolozwe encwadini yeBhayibheli yezAga. Ukutadisha leyo ncwadi kusisiza ukuba sizuze ekuqondeni kukaSolomoni futhi nathi ngokwethu sithole ukuqonda.
Singasebenzisa izinsiza-kufundisa zeBhayibheli, njengomagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!, ukuze zisisize ekutadisheni kwethu iBhayibheli. Sekuyiminyaka engaphezu kuka-116 INqabayokulinda imemezela uMbuso kaJehova kwabanhliziyo ziqotho. Umagazini i-Phaphama! nalabo abawandulela bebelokhu bephawula ngezenzakalo zezwe kusukela ngo-1919. Labomagazini ababili bahlola amaqiniso eBhayibheli futhi banikeze ukukhanyiselwa okungokomoya okuqhubekayo okusisiza ukuba siqonde amaphutha, kungaba afundiswa eLobukholwa noma atholakala ezindleleni zethu siqu zokucabanga.—IzAga 4:18.
Olunye usizo ekutholeni ukuqonda ukuba nabangane abahle. Esinye sezaga zeNkosi uSolomoni sithi: “Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.” (IzAga 13:20) Kuyadabukisa ukuthi indodana yeNkosi uSolomoni uRehobowamu ayisikhumbulanga lesi saga ngenkathi ebalulekile ekuphileni kwayo. Ngemva kokufa kukayise, izizwe zakwa-Israyeli zeza kuyo zizofuna ukuba yenze imithwalo yazo esindayo ibe lula. Okokuqala, uRehobowamu waxoxa namadoda amadala, futhi abonisa ukuqonda lapho emkhuthaza ukuba azilalele izikhonzi zakhe. Khona-ke, waya ezinsizweni. Zona zabonisa ukungabi nakho okuhlangenwe nakho nokuntula ukuqonda, zikhuthaza uRehobowamu ukuba awaphendule ngezinsongo ama-Israyeli. URehobowamu walalela izinsizwa. Umphumela? U-Israyeli wavukela, futhi uRehobowamu walahlekelwa ingxenye enkulu yombuso wakhe.—1 AmaKhosi 12:1-17.
Ingxenye ebalulekile yokuthola ukuqonda ukufuna usizo lomoya ongcwele. Lapho ebukeza ukusebenzelana kukaJehova nama-Israyeli ngemva kokukhululwa kwawo ekuthunjweni eGibithe, umlobi weBhayibheli uNehemiya wathi: “Wabanika nomoya wakho omuhle [ukuze ubenze bahlakaniphe, NW].” (Nehemiya 9:20) Umoya kaJehova nawo ungasenza sihlakaniphe. Njengoba uthandazela ukuba umoya kaJehova ukunike ukuqonda, thandaza ngokuqiniseka ngoba uJehova “unika bonke ngokuphana ngaphandle kokusola.”—Jakobe 1:5; Mathewu 7:7-11; 21:22.
Ukuqonda
Umphostoli uPawulu wabonisa ukuqonda lapho eshumayela iqiniso kubantu bezizwe. Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi, lapho ese-Athene, ‘wayedlula futhi ebhekisisa ngokucophelela’ izinto zabo ezihlonishwayo. UPawulu wayezungezwe izithombe, futhi umoya wakhe wacasuka ngaphakathi kwakhe. Manje kwase kufanele enze isinqumo. Ingabe wayezothatha inkambo ephephile yokuba athule? Noma ingabe kwakufanele akhulume obala ngokungagwegwesi ngokukhonza izithombe okwakudlangile ayekuthola kucasula kakhulu, ngisho noma ukwenza kanjalo kwakungaba ingozi?
UPawulu wenza ngendlela enokuqonda. Wayebone i-altare elinombhalo oqoshiwe othi: “Kunkulunkulu Ongaziwa.” Ngobuhlakani, uPawulu wavuma ukuthi babezinikele ezithombeni wayesesebenzisa lelo altare ukuze ethule indaba ‘kaNkulunkulu owenza izwe nakho konke okukulo.’ Yebo, uJehova wayenguNkulunkulu ababengazi lutho ngaye! Ngaleyo ndlela uPawulu wakuqaphela ukuzwela kwabo kulendaba futhi wakwazi ukunikeza ubufakazi obumangalisayo. Kwaba namuphi umphumela? Abantu abaningi balamukela iqiniso, kuhlanganise ‘noDiyonisiyu, umahluleli wenkantolo yase-Areyophagu, nowesifazane ogama lakhe linguDamari, kanye nabanye ngaphandle kwabo.’ (IzEnzo 17:16-34) Yeka isibonelo sokuqonda uPawulu ayeyiso!
Ngokungangabazeki, ukuqonda akutholakali kalula noma ngokwemvelo. Kodwa ngokubekezela, umthandazo, umzamo oqotho, ukukhetha abangane ngokuhlakanipha, ukutadisha iBhayibheli nokuzindla ngalo, nokwethembela emoyeni ongcwele kaJehova, nawe ungakuhlakulela.