Ukuqonda Makukulonde
“Amasu ayakukulinda, ukuqonda [kukulonde, NW].”—IZAGA 2:11.
1. Ukuqonda kungasilonda kukuphi?
UJEHOVA ufuna usebenzise ukuqonda. Ngani? Ngoba uyazi ukuthi kuyokulonda ezingozini ezihlukahlukene. IzAga 2:10-19 ziqala ngokuthi: “Ngokuba ukuhlakanipha kuyakungena enhliziyweni yakho, ukwazi kube-mnandi emphefumulweni wakho. Amasu ayakukulinda, ukuqonda [kukulonde, NW].” Kukulonde kukuphi? Ezintweni ‘ezinjengendlela embi,’ kulabo abashiya izindlela zobuqotho, nakubantu abakhohlisayo enkambweni yabo.
2. Kuyini ukuqonda, futhi okwaluhlobo luni amaKristu akufisa kakhulu?
2 Cishe uzokhumbula ukuthi ukuqonda kuyikhono lengqondo lokuhlukanisa izinto. Umuntu onokuqonda uyakwazi ukubona ukungafani kwemibono noma izinto futhi wahlulela kahle. NjengamaKristu, esikufuna kakhulu ukuqonda okungokomoya okusekelwe olwazini olunembile lweZwi likaNkulunkulu. Lapho sitadisha imiBhalo, kunjengokungathi simba enkwalini ukuze sithole izakhi zokuqonda okungokomoya. Esikufundayo kungasisiza ukuba senze izinqumo ezijabulisa uJehova.
3. Singakuthola kanjani ukuqonda okungokomoya?
3 Lapho uNkulunkulu ebuza iNkosi yakwa-Israyeli uSolomoni ukuthi isiphi isibusiso eyayisifuna, lombusi osemusha wathi: “Yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukwahlulela abantu bakho ukuba [ngiqonde, NW] okuhle nokubi.” USolomoni wacela ukuqonda, futhi uJehova wamnikeza kona ngezinga elingavamile. (1 AmaKhosi 3:9; 4:30) Ukuze sithole ukuqonda, kudingeka sithandaze, futhi kumelwe sitadishe iZwi likaNkulunkulu ngosizo lwezincwadi ezikhanyiselayo ezilungiselelwa “isigqila esikholekile nesiqondayo.” (Mathewu 24:45-47) Lokhu kuyosisiza ukuba sihlakulele ukuqonda okungokomoya size sibe ‘abakhule ngokugcwele emandleni okuqonda,’ sikwazi “ukuhlukanisa [noma, ukuqonda phakathi kwakho] kokubili okulungile nokungalungile.”—1 Korinte 14:20; Heberu 5:14.
Isidingo Esikhethekile Sokuqonda
4. Kusho ukuthini ukuba neso ‘elihle,’ futhi kungasizuzisa kanjani?
4 Ngokuqonda okufanele, singenza ngokuvumelana namazwi kaJesu Kristu: “Khona-ke, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga [kukaNkulunkulu], futhi zonke lezi ezinye izinto [ezibonakalayo] ziyonezelwa kini.” (Mathewu 6:33) UJesu wathi futhi: “Isibani somzimba iso lakho. Uma iso lakho lilihle, wonke umzimba wakho nawo uyakhanya.” (Luka 11:34) Iso liyisibani esingokomfanekiso. Iso ‘elihle,’ liqotho, ligxile entweni eyodwa. Uma sineso elinjalo, singabonisa ukuqonda futhi sihambe singakhubeki ngokomoya.
5. Ngokuqondene nezindaba zamabhizinisi, yini okufanele siyikhumbule ngenjongo yebandla lobuKristu?
5 Kunokuba bagcine iso labo lilihle, abanye baye benza ukuphila kwabo nokwabanye kwaba inkimbinkimbi ngezindaba zamabhizinisi ezihehayo. Kodwa kufanele sikhumbule ukuthi ibandla lobuKristu ‘liyinsika nozime lweqiniso.’ (1 Thimothewu 3:15) Njengezinsika zesakhiwo, ibandla lisekela iqiniso likaNkulunkulu, hhayi imisebenzi yebhizinisi yanoma ubani. Amabandla oFakazi BakaJehova awamiselwanga ukuba izindawo zokuthuthukisa izithakazelo, izimpahla, noma izinkonzo zezentengiselwano. Kumelwe sikugweme ukuqhuba izindaba zebhizinisi zomuntu siqu eHholo LoMbuso. Ukuqonda kusisiza ukuba sibone ukuthi amaHholo OMbuso, iZifundo Zencwadi Zebandla, imihlangano emincane nemikhulu yoFakazi BakaJehova kuyizindawo zobudlelwane bobuKristu nezingxoxo ezingokomoya. Uma besingasebenzisa ubuhlobo obungokomoya ukuze sithuthukise noma yiluphi uhlobo lwezentengiselwano, lokhu bekungeke yini kubonise ukuntuleka okuthile kokwazisa ngamagugu angokomoya? Akufanele neze ukuxhumana kwethu ngokwebandla kuxhashazwe ngenjongo yokwenza inzuzo yemali.
6. Kungani imikhiqizo nezinkonzo zezentengiselwano kungafanele kudayiswe noma kukhuthazwe emihlanganweni yebandla?
6 Abanye baye basebenzisa ukwazana kwethu okungokwasezulwini ukuze badayise izinto zempilo noma izimonyo, amavithamini, izinto zokuxhumana ngocingo, izinto zokwakha, ezokuvakasha, ama-programme e-computer nemishini ngokwayo, nokunye. Nokho, imihlangano yebandla ayizona izindawo zokudayisa noma ukukhuthaza imikhiqizo noma izinkonzo zezentengiselwano. Singasiqonda isimiso esiyisisekelo salokhu uma sikhumbula ukuthi uJesu “waxosha ethempelini bonke labo ababenezimvu nezinkomo, futhi wathulula izinhlamvu zemali zabashintshi bemali futhi wagumbuqela amatafula abo. Futhi wathi kulabo ababethengisa amajuba: ‘Susani lezizinto lapha! Yekani ukwenza indlu kaBaba indlu yokuthengisela!’”—Johane 2:15, 16.
Kuthiwani Ngokutshala Imali?
7. Kungani kudingeka ukuqonda nokuqapha ekutshaleni imali?
7 Ukuqonda nokuqapha kuyadingeka lapho ucabangela ukutshala imali ebhizinisini. Ake sithi othile ufuna ukuboleka imali futhi wenza izithembiso ezinjengalezi: “Ngiyakuqinisekisa ukuthi uzoyigaya imali.” “Ngeke ulahlekelwe nayisenti elimnyama. Lendlela iyona yona.” Uboqaphela lapho noma ubani enza iziqinisekiso ezinjalo. Kungenzeka ukuthi unombono oweqisayo noma akathembekile, ngoba ukutshala imali akuvamile ukuba nesiqiniseko. Eqinisweni, abanye abantu abakwaziyo ukulalisa ulimi nabangathembekile baye baphamba amalungu ebandla. Lokhu kusikhumbuza ‘ngabantu abangamhloniphi uNkulunkulu’ abangena ngokunyenya ebandleni lekhulu lokuqala ‘baphendula umusa ongafanelwe kaNkulunkulu bawenza izaba zokuziphatha okuxekethile.’ Babefana namadwala angamagebhugebhu ngaphansi kwamanzi angalimaza futhi abulale ababhukudi. (Jude 4, 12) Yiqiniso, izisusa zabakhohlisi zihlukile, kodwa nabo bafuna izisulu emalungwini ebandla.
8. Yini eye yenzeka kwamanye amabhizinisi abonakala enenzuzo?
8 Ngisho namaKristu anezinhloso ezinhle aye azisa amanye ngamabhizinizi abonakala enenzuzo, kwaphumela ekutheni wona, kanye nalawo alandela isibonelo sawo, alahlekelwe imali ayeyitshalile. Ngenxa yalokho, amaKristu amaningana aye alahlekelwa amalungelo ebandleni. Lapho amabhizinisi okuceba ngelanga ephenduka ukukhohlisa, ukuphela komuntu ozuzayo umkhohlisi, ovele anyamalale. Ukuqonda kungamsiza kanjani umuntu ukuba agweme izimo ezinjalo?
9. Kungani kudingeka ukuqonda ukuze sihlaziye izithembiso ezimayelana nokutshala imali?
9 Elithi ukuqonda linomqondo wokukwazi ukubona izinto ezingacacile kahle. Leli khono liyadingeka ukuze sihlaziye izithembiso ngokutshala imali. AmaKristu ayathembana, futhi amanye angase acabange ukuthi abafowabo nodadewabo abangokomoya ngeke bahileleke ebhizinisini elingafaka izimali zabakholwa nabo engozini. Kodwa iqiniso lokuthi usomabhizinisi ungumKristu aliqinisekisi ukuthi wazi konke ezindabeni zamabhizinisi noma ukuthi ibhizinisi lakhe liyophumelela.
10. Kungani amanye amaKristu eboleka izimali zebhizinisi kwabakholwa nawo, futhi kungenzekani ezimalini ezinjalo?
10 Amanye amaKristu aboleka imali yebhizinisi kwabakholwa nawo ngoba izinkampane ezaziwayo ezibolekisa ngemali azisoze zakhipha imali ngamabhizinisi awo angaqiniseki. Abaningi baye bakhohliswa ukuba bakholelwe ukuthi ngokutshala nje imali yabo, bangase bathole izizumbulu zemali ngokushesha ngaphandle komzamo otheni noma bengenzanga lutho nhlobo. Abanye bahehelwa ekutshaleni imali ngenxa yokuthatheka okuhambisana nakho, kuthi kamuva balahlekelwe imali osekukudala beyiqongelela! Omunye umKristu watshala isizumbulu semali, enethemba lokuthola inzalo engamaphesenti angu-25 ngamasonto amabili nje vó. Yashona yonke leyo mali lapho kuthiwa inkampane iwile. Kwelinye futhi ibhizinisi, umuntu othuthukisa umhlaba waboleka isizumbulu semali kwabanye ebandleni. Wabathembisa izinzuzo ezinkulu ngokungenangqondo kodwa wawa zase zishona izimali ayezibolekile.
Lapho Amabhizinisi Ehluleka
11. UPawulu wanikeza siphi iseluleko ngokuhaha nothando lwemali?
11 Ukuhluleka kwamabhizinisi kuye kwaholela ekudumaleni ngisho nasekulahlekelweni ingokomoya kwamanye amaKristu aye azifaka emabhizinisini angacacile. Ukuhluleka ukuvumela ukuqonda kuwalonde kuye kwaletha ubuhlungu benhliziyo nenzondo. Ukuhaha kuye kwayenga abaningi. “Ukuhaha makungaphathwa nakuphathwa phakathi kwenu, njengoba nje kufanele abantu abangcwele,” kubhala uPawulu. (Efesu 5:3) Futhi waxwayisa: “Labo abazimisele ngokuceba bawela esilingweni nasogibeni nasezifisweni eziningi ezingenangqondo nezilimazayo, eziphonsa abantu embubhisweni nasencithakalweni. Ngoba uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo, futhi ngokuzama ukufinyelela loluthando abanye baye badukiswa okholweni futhi bazigwaza yonke indawo ngobuhlungu obuningi.”—1 Thimothewu 6:9, 10.
12. Uma amaKristu eqhuba ibhizinisi ndawonye, yini okufanele ayikhumbule ngokukhethekile?
12 Uma umKristu ekhulisa uthando lwemali, uyozibangela ukulimala okukhulu ngokomoya. AbaFarisi babethanda imali, futhi lokhu kuyisici sabaningi kulezi zinsuku zokugcina. (Luka 16:14; 2 Thimothewu 3:1, 2) Ngokuphambene, indlela yomKristu yokuphila kufanele ‘ingabi nothando lwemali.’ (Heberu 13:5) Yebo, amaKristu angaqhuba ibhizinisi noma aqale ibhizinisi ndawonye. Nokho, uma enza kanjalo, izingxoxo nokubonisana kufanele kungahlanganiswa nezindaba zebandla. Futhi khumbula: Ngisho naphakathi kwabafowethu abangokomoya, ngaso sonke isikhathi izivumelwano zebhizinisi kufanele zibhalwe phansi. Okuwusizo kulokhu isihloko esithi “Kubhale Phansi!,” esikuyi-Phaphama! ka-August 8, 1983, amakhasi 28 kuya ku-31.
13. Ungazisebenzisa kanjani izAga 22:7 emabhizinisini?
13 IzAga 22:7 ziyasitshela: “Obolekayo uyisigqila somtshelekileyo.” Ngokuvamile akuhlakaniphile ukuzibeka thina noma umfowethu esimweni sesigqila esinjalo. Uma noma ubani esicela ukuba simboleke imali yebhizinisi, kutuswa ukuba sicabangele ukuthi unawo yini amandla okukhokha leso samba. Ingabe unedumela lokwethenjelwa? Yebo, kufanele siqaphele ukuthi ukumboleka imali enjalo kungasho ukulahlekelwa yileyo mali ngoba amabhizinisi amaningi ayahluleka. Isivumelwano ngokwaso asiqinisekisi ukuphumelela kwebhizinisi. Futhi ngokuqinisekile akukhona ukuhlakanipha nganoma ubani ukubolekisa ngemali enkulu ebhizinisini uma engenakukwazi ukubhekana nokulahlekelwa.
14. Kungani kudingeka sibonise ukuqonda uma siye saboleka umKristu esikanye naye imali ibhizinisi lakhe lahluleka?
14 Kudingeka sibonise ukuqonda uma siye saboleka umKristu imali ngenjongo yebhizinisi bese iyashona, ngisho noma bekungahileleke mikhuba yokungathembeki. Uma ukuwa kwebhizinisi kungelona iphutha lesikholwa naye owaboleka imali, singasho yini ukuthi soniwe? Cha, ngoba samboleka ngokuzithandela, mhlawumbe besilokhu sithola inzalo kuyo, futhi akwenzekanga lutho oluwukungathembeki. Njengoba kungekho ukungathembeki, asinasisekelo sokumangalela umboleki. Kungasiza ngani ukumangalela umKristu esikanye naye oqotho okuye kwadingeka afake isicelo sokubhekwa kwebhizinisi lakhe njengeliwile ngenxa yokuthi ibhizinisi ebelinezinhloso ezinhle lihlulekile?—1 Korinte 6:1.
15. Yiziphi izici okufanele zicatshangelwe uma umuntu ethi ibhizinisi liwile?
15 Ngezinye izikhathi labo ababhekana nokuhluleka kwamabhizinisi bafuna indlela yokukhululeka ngokuba bathi bawile. Njengoba amaKristu engasishayi indiva isikweletu, ngisho nangemva kokukhululeka ngokomthetho ezikweletini ezithile, amanye aye azizwa ebophekile ukuba azame ukukhokha izikweletu ezesuliwe uma abakweletwayo bevuma ukukhokhelwa. Kodwa kuthiwani uma umtsheleki elahlekelwa imali yomfowabo abese ephila ntofontofo? Noma kuthiwani uma umtsheleki ethole imali eyanele yokukhokha imali ayeyibolekile kodwa angasinaki isibopho anaso sokukhokhela umfowabo? Khona-ke, ziyongabazeka izimfanelo zakhe zokukhonza esikhundleni somthwalo wemfanelo ebandleni.—1 Thimothewu 3:3, 8; bheka INqabayokulinda ka-September 15, 1994, amakhasi 30-1.
Kuthiwani Uma Kunokuphamba?
16. Yiziphi izinyathelo ezingase zithathwe uma kubonakala sengathi siyizisulu zokuphanjwa ebhizinisini?
16 Ukuqonda kusisiza ukuba siqaphele ukuthi akukhona konke ukutshala imali okunenzuzo. Kodwa kuthiwani uma kuhileleke ukuphamba? Ukuphamba “ukusebenzisa ukukhohlisa, ubuqili, namanga ngenhloso yokwenza omunye adele into yakhe ethile eyigugu noma ayeke ilungelo elingokomthetho.” UJesu Kristu wachaza izinyathelo ezingase zithathwe lapho umuntu ecabanga ukuthi umkhulekeli akanye naye umphambile. NgokukaMathewu 18:15-17, uJesu wathi: “Uma umfowenu enza isono, hamba uyomambulela iphutha lakhe phakathi kwakho naye ninodwa. Uma ekulalela, umzuzile umfowenu. Kodwa uma engalaleli, thatha kanye nawe oyedwa noma ababili, ukuze kuthi ngomlomo wofakazi ababili noma abathathu ziqiniswe zonke izindaba. Uma engabalaleli, khuluma nebandla. Uma engalilaleli ngisho nebandla, makabe kuwe njengomuntu nje wezizwe nanjengomthelisi.” Umfanekiso uJesu awunikeza ngokulandelayo ubonisa ukuthi wayecabanga ngezono ezihilela izindaba zezimali, kuhlanganise nokuphamba.—Mathewu 18:23-35.
17, 18. Uma umuntu othi ungumKristu esiphamba, ukuqonda kungasilonda kanjani?
17 Yebo, ngeke kube nasisekelo esingokomBhalo sokuthatha izinyathelo ezichazwe kuMathewu 18:15-17 uma kungekho bufakazi noma insolo yokuphamba. Nokho, kuthiwani uma umuntu othi ungumKristu esiphambile ngempela? Ukuqonda kungasivimbela ekuthatheni isinyathelo esingase sihlambalaze ibandla. UPawulu weluleka amaKristu akanye nawo ukuba avumele ukoniwa ngisho nokuphanjwa esikhundleni sokuyisa umfowabo enkantolo.—1 Korinte 6:7.
18 Abafowethu nodadewethu abaqotho abafani nomthakathi uBar-jesu ‘owayegcwele ukuphamba nobugebengu.’ (IzEnzo 13:6-12) Ngakho masisebenzise ukuqonda lapho kulahleka imali ebhizinisini lesikholwa nabo. Uma sicabangela ukuthatha isinyathelo esingokomthetho, kufanele sicabangele imiphumela okungase kube nayo kithi ngokwethu, kulowo muntu noma abantu, ebandleni nakwabangaphandle. Ukufuna isinxephezelo kungasidlela isikhathi esiningi, amandla, nenye imali. Kungase kuphumele ekucebiseni abameli nabanye ochwepheshe kuphela. Ngokudabukisayo, amanye amaKristu aye adela amalungelo angokwasezulwini ngenxa yokungena shí kulezi zinto. Ukuchezuka kwethu ngalendlela kuyomjabulisa nakanjani uSathane, kodwa sifuna ukujabulisa inhliziyo kaJehova. (IzAga 27:11) Ngakolunye uhlangothi, ukwamukela ukulahlekelwa kungase kusivikele ekuzweni ubuhlungu futhi konge esiningi sesikhathi sethu nesabadala. Kuyosiza ekulondolozeni ukuthula kwebandla futhi kuyosenza sikwazi ukuqhubeka sifuna uMbuso kuqala.
Ukuqonda Nokwenza Izinqumo
19. Ukuqonda okungokomoya nomthandazo kungasenzelani lapho senza izinqumo ezicindezelayo?
19 Ukwenza izinqumo ngezindaba zezimali noma zebhizinisi kungacindezela kakhulu. Kodwa ukuqonda okungokomoya kungasisiza ukuba sihlaziye amaphuzu futhi senze izinqumo ezihlakaniphile. Ngaphezu kwalokho, ukuncika kuJehova ngomthandazo kungasilethela “ukuthula kukaNkulunkulu.” (Filipi 4:6, 7) Kuwukuzola nokuthula okuwumphumela wobuhlobo bomuntu obuseduze noJehova. Ngokuqinisekile, ukuthula okunjalo kungasisiza ukuba silondoloze ukulinganisela kwethu lapho sibhekene nezinqumo ezinzima.
20. Yini okufanele sizimisele ukuyenza ngokuqondene nezindaba zebhizinisi kanye nebandla?
20 Masizimisele ukungavumeli izingxabano zebhizinisi ziphazamise ukuthula kwethu noma kwebandla. Kudingeka sikhumbule ukuthi ibandla lobuKristu lihloselwe ukuba lisisize ngokomoya, hhayi ukuba lifane nesikhungo sokuphishekela ezentengiselwano. Ngaso sonke isikhathi, izindaba zamabhizinisi akufanele zihlanganiswe nemisebenzi yebandla. Kudingeka sisebenzise ukuqonda nokuqapha lapho siqala amabhizinisi. Futhi masihlale sinombono olinganiselayo ngezindaba ezinjalo, sifune izithakazelo zoMbuso kuqala. Uma ibhizinisi elihilela abakhulekeli esikanye nabo lihluleka, kwangathi singafuna ukubenzela okungcono kakhulu bonke abahilelekile.
21. Singakusebenzisa kanjani ukuqonda futhi senze ngokuvumelana neyabaseFilipi 1:9-11?
21 Kunokuba sikhathazeke ngokweqile ngezindaba zezimali nezinye izinto ezingabalulekile, kwangathi sonke singathobisela izinhliziyo zethu ekuqondeni, sithandazele isiqondiso sikaNkulunkulu, futhi sigcine izithakazelo zoMbuso ziza kuqala. Ngokuvumelana nomthandazo kaPawulu, kwangathi ‘uthando lwethu lungavama nakakhulu ulwazi olunembile nokuqonda okugcwele ukuze siqiniseke ngezinto ezibaluleke ngokwengeziwe futhi singakhubekisi abanye’ noma sizikhubekise thina. Manje njengoba uKristu iNkosi esesihlalweni sakhe sobukhosi sasezulwini, masibonise ukuqonda okungokomoya kuzo zonke izici zokuphila. Futhi kwangathi ‘singagcwaliswa ngesithelo esilungileyo, esiza ngoJesu Kristu, kube udumo nenkazimulo kuNkulunkulu,’ iNkosi enguMbusi uJehova.—Filipi 1:9-11.
Ungaphendula Kanjani?
◻ Kuyini ukuqonda?
◻ Kungani kunesidingo esikhethekile sokubonisa ukuqonda ezindabeni zebhizinisi phakathi kwamaKristu?
◻ Ukuqonda kungasisiza kanjani uma sinomuzwa wokuthi esikholwa naye usiphambile?
◻ Ukuqonda kufanele kube nayiphi indima ekwenzeni izinqumo?
[Isithombe ekhasini 18]
Ukuqonda kuyosisiza ukuba sisebenzise iseluleko sikaJesu sokuqhubeka sifuna uMbuso kuqala
[Izithombe ekhasini 20]
Ngaso sonke isikhathi zibhaleni phansi izivumelwano zebhizinisi