Yamukela Igunya LikaJehova
“Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo.”—1 JOH. 5:3.
1, 2. (a) Kungani umqondo wokuthobela omunye umuntu unganambitheki kwabaningi namuhla? (b) Ingabe labo abathi bona abatshelwa benza intando yabo ngempela? Chaza.
IGAMA elithi “igunya” alithandeki namuhla. Umqondo wokuthobela omunye umuntu awunambitheki kwabaningi. Abantu abathi bona abatshelwa banesimo sengqondo sokuthi, “Akekho onelungelo lokungitshela okumelwe ngikwenze.” Nokho, ingabe ngempela laba bantu benza intando yabo? Lutho neze! Abaningi babo bamane baphila ngezindinganiso zabantu abaningi ‘abalolongwe bafana nalesi simiso sezinto.’ (Roma 12:2) Kunokuba benze intando yabo, ‘bayizigqila zokonakala,’ uma sisebenzisa amazwi ashiwo uPetru, umphostoli ongumKristu. (2 Pet. 2:19) Bahamba “ngokwesimiso sezinto saleli zwe, ngokombusi wegunya lomoya,” uSathane uDeveli.—Efe. 2:2.
2 Eqhosha, omunye umlobi wathi: “Angivumeli muntu ukuba anginqumele ukuthi ikuphi okungilungele, kungakhathaliseki ukuthi abazali bami, umpristi, umfundisi wanoma iyiphi inkolo ngisho neBhayibheli imbala.” Kuyavunywa ukuthi abanye bangase balisebenzise kabi igunya labo futhi bangakufanelekeli ukuba sibathobele. Kodwa ingabe ukwenqaba ukuthi siyasidinga isiqondiso kuyikhambi? Impendulo edabukisayo siyithola ngokubheka nje izihloko eziphambili zamaphephandaba. Kuyadabukisa ukuthi manje kunanini ngaphambili iningi alikuthandisisi ukwamukela isiqondiso, kuyilapho sisidinga kakhulu.
Umbono Wethu Ngegunya
3. AmaKristu ekhulu lokuqala abonisa kanjani ukuthi ayengaveli nje azithobe kubantu abanegunya?
3 NjengamaKristu, sinombono ohlukile kowezwe. Akukhona ukuthi sivele senze noma yini esitshelwa ukuba siyenze. Kunalokho, ngezinye izikhathi kumelwe senqabe ukuthobela abanye abantu ngisho noma benegunya. NamaKristu ekhulu lokuqala enza okufanayo. Ngokwesibonelo, lapho abaphostoli beyalwa ukuba bayeke ukushumayela, abazange besabe bese bethobela umpristi ophakeme nabanye abantu abanegunya ababeyingxenye yeSanhedrini. Abazange bayeke ukwenza okufanele ngoba befuna ukuthobela igunya labantu.—Funda izEnzo 5:27-29.
4. Iziphi izibonelo ezisemiBhalweni YesiHebheru ezibonisa ukuthi abantu bakaNkulunkulu abaningi balandela inkambo engathandwa iningi?
4 Izinceku zikaNkulunkulu eziningi zangenkathi yangaphambi kobuKristu zenza okufanayo. Ngokwesibonelo, uMose “wenqaba ukubizwa ngokuthi indodana yendodakazi kaFaro, ekhetha ukuphathwa kabi nabantu bakaNkulunkulu,” ngisho noma ukwenza kanjalo kwamvusela “intukuthelo yenkosi.” (Heb. 11:24, 25, 27) UJosefa wenqaba lapho umkaPotifari emeshela, nakuba lokho kwakungaba ukuzidonsela amanzi ngomsele. (Gen. 39:7-9) UDaniyeli “wanquma enhliziyweni yakhe ukuthi wayengeke azingcolise ngezibiliboco zenkosi,” nakuba kwakungelula ngesikhulu segceke esiyinhloko saseBhabhiloni ukwamukela isinqumo sakhe kule ndaba. (Dan. 1:8-14) Izibonelo ezinjalo zibonisa ukuthi abantu bakaNkulunkulu emlandweni baye bakumelela ngokuqinile okulungile kungakhathaliseki ukuthi kwakuyoba namiphi imiphumela. Abazange bathobele abantu ukuze nje bazithandekise kubo; nathi akufanele.
5. Umbono wethu ngegunya uhluke kanjani kowezwe?
5 Ukunamathela ngesibindi embonweni wethu akusho ukuthi siyizijaka; futhi akusenzi sifane nabanye abavukelayo ngoba bengahambisani nohulumeni. Kunalokho, sizimisele ukwamukela igunya likaJehova ngaphezu kwelanoma imuphi umuntu. Lapho umthetho wabantu ungqubuzana nokaNkulunkulu, kulula ukunquma ukuthi siyokwenzani. Njengabaphostoli ekhulwini lokuqala, silalela uNkulunkulu njengombusi kunabantu.
6. Kungani kuhlale kuzuzisa ukulalela imiyalo kaJehova?
6 Yini eye yasisiza ukuba samukele igunya likaNkulunkulu? Senza ngokuvumelana namazwi ezAga 3:5, 6: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.” Sikholelwa ukuthi konke uNkulunkulu akufuna kithi kuyozuzisa thina ekugcineni. (Funda uDuteronomi 10:12, 13.) Yebo, uJehova wazichaza kuma-Israyeli ngokuthi “[uyiLowo] okufundisayo ukuze uzuze, Lowo okubangela ukuba unyathele endleleni okufanele uhambe ngayo.” Wabe esenezela: “O ukube ubuyoyilalela nokuyilalela imiyalo yami! Khona-ke ukuthula kwakho bekuyoba njengomfula, nokulunga kwakho kube njengamagagasi olwandle.” (Isaya 48:17, 18) Siyawethemba lawo mazwi. Siyaqiniseka ukuthi ukulalela imiyalo kaNkulunkulu kuyasizuzisa ngaso sonke isikhathi.
7. Yini okufanele siyenze uma singawuqondi ngokugcwele umyalo oseZwini likaNkulunkulu?
7 Samukela igunya likaJehova futhi simlalele ngisho noma singasiqondi ngokugcwele isizathu semfuneko ethile eseZwini lakhe. Lokhu akukhona ukuthatheka; kuwukumethemba. Kubonisa ukuqiniseka okusuka enhliziyweni ngokuthi uJehova uyakwazi okusizuzisayo. Ukulalela kwethu kubonisa nothando lwethu, ngoba umphostoli uJohane wabhala: “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe.” (1 Joh. 5:3) Kodwa kunesinye isici sokulalela okungafanele sisishaye indiva.
Ukuqeqesha Amandla Ethu Okuqonda
8. ‘Ukuqeqesha amandla ethu okuqonda’ kuhlobene kanjani nokwamukela igunya likaJehova?
8 IBhayibheli lisitshela ukuthi kufanele senze ‘amandla ethu okuqonda aqeqeshelwe ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.’ (Heb. 5:14) Ngakho, umgomo wethu awukona ukulalela imithetho kaNkulunkulu ngaphandle kokucabanga; kunalokho, sifuna ukwazi “ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile” ngokusekelwe ezindinganisweni zikaJehova. Sifuna ukubona ukuhlakanipha kwezindlela zikaJehova ukuze sikwazi ukusho njengomhubi: ‘Umthetho wakho usezibilinini zami.’—IHu. 40:8.
9. Singawenza kanjani unembeza wethu uvumelane nezindinganiso zikaJehova, futhi kungani kubalulekile ukuba senze kanjalo?
9 Ukuze siyazise imithetho kaNkulunkulu njengomhubi, kudingeka sizindle ngalokho esikufunda eBhayibhelini. Ngokwesibonelo, lapho sifunda ngemfuneko ethile kaJehova, singase sizibuze: ‘Kungani lo myalo noma lesi simiso sihlakaniphile? Kungani kungizuzisa ukusilalela? Imiphi imiphumela emibi eye yehlela labo abaye basishaya indiva iseluleko sikaNkulunkulu kule ndaba?’ Uma unembeza wethu siwenze wavumelana nezindlela zikaJehova ngale ndlela, cishe siyokwenza izinqumo ezivumelana nentando yakhe. Siyakwazi ‘ukuqhubeka siqonda ukuthi iyini intando kaJehova’ bese siyenza ngokuthi silalele. (Efe. 5:17) Lokhu akulula ngaso sonke isikhathi.
USathane Ufuna Ukululaza Igunya LikaNkulunkulu
10. Isiphi isici uSathane aye wazama kuso ukululaza igunya likaNkulunkulu?
10 Sekuyisikhathi eside uSathane efuna ukululaza igunya likaNkulunkulu. Umoya wakhe wokuzibusa ubonakala ngezindlela eziningi. Ngokwesibonelo, cabanga ngokungahlonishwa kwelungiselelo likaNkulunkulu lomshado. Abanye bakhetha ukukipita, kanti abanye bafuna amasu okuhlukana nabantu abashade nabo. Laba bantu bangase bavumelane nowesifazane ongumdlali wamabhayisikobho owaziwayo owagomela: “Abesilisa noma abesifazane abanakunamathela kumuntu oyedwa kuphela.” Wanezela: “Akekho engimaziyo othembekile noma ofuna ukwethembeka kulowo ashade naye.” Ecabanga ngobuhlobo bakhe nabesifazane obungazange buphumelele, umdlali wamabhayisikobho owaziwayo washo okucishe kufane: “Angiqiniseki ukuthi ngempela sasidalelwe ukunamathela kumuntu oyedwa ukuphila kwethu konke.” Siyobe senza kahle uma sizibuza, ‘Ingabe ngamukela igunya likaJehova endabeni yomshado, noma ingabe ukucabanga kwami sekuthonywe umbono wezwe?’
11, 12. (a) Kungani kungase kube nzima ngentsha ukwamukela igunya likaJehova? (b) Landisa okuhlangenwe nakho okubonisa ubuwula bokungayinaki imithetho nezimiso zikaJehova.
11 Ingabe ungumuntu osemusha osenhlanganweni kaJehova? Uma kunjalo, ungaba isisulu esikhethekile semizamo kaSathane yokululaza igunya likaJehova. “Izifiso zobusha” nokucindezela kontanga kungase kukwenze uthambekele ekuphetheni ngokuthi imithetho kaNkulunkulu iwumthwalo. (2 Thim. 2:22) Ungakuvumeli ukuba kwenzeke lokho. Lwela ukubona ukuhlakanipha kwezindinganiso zikaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, iBhayibheli likutshela ukuba ‘ubalekele ubufebe.’ (1 Kor. 6:18) Nalapha futhi, zibuze le mibuzo: ‘Kungani lo myalo uhlakaniphile? Ukuwulalela kuyongizuzisa kanjani?’ Kungenzeka kunabathile obaziyo abasishaya indiva iseluleko sikaNkulunkulu base bebhekana nemiphumela ebuhlungu. Ingabe manje bajabula ngempela? Ingabe ukuphila kwabo sekungcono kunangesikhathi besahlanganyela nenhlangano kaJehova? Ingabe ngempela batholé imfihlo ethile yenjabulo zonke izinceku zikaNkulunkulu ezingakayitholi?—Funda u-Isaya 65:14.
12 Cabanga ngamazwi umKristu othile ogama lakhe linguSharon awasho esikhathini esithile esidlule: “Ngenxa yokungawulaleli umthetho kaJehova, ngiye ngathola isifo sengculaza esibulalayo. Ngivame ukucabanga ngeminyaka eminingi ejabulisayo ngisakhonza uJehova.” Waqaphela ukuthi kwakuwubuwula ukuphula imithetho kaJehova nokuthi kwakufanele ayihloniphe kakhulu. Imithetho kaJehova ivikela thina. USharon washona emasontweni angu-7 nje ebhale amazwi angenhla. Njengoba okuhlangenwe nakho kwakhe okubuhlungu kubonisa, uSathane akanalutho oluhle angalunikeza labo ababa ingxenye yalesi simiso esibi. ‘Njengoyise wamanga,’ wenza izithembiso eziningi, kodwa zonke azifezeki, njengoba nje singafezekanga naleso asithembisa u-Eva. (Joh. 8:44) Ngempela, ukwamukela igunya likaJehova kusizuzisa ngaso sonke isikhathi.
Qaphela Umoya Wokuzibusa
13. Isiphi esinye isici okudingeka siqaphele kuso umoya wokuzibusa?
13 Njengoba samukela igunya likaJehova, kudingeka siqaphele umoya wokuzibusa. Isimo sengqondo sokuqhosha singasenza sibe nomuzwa wokuthi asidingi siqondiso samuntu. Ngokwesibonelo, singase senqabe iseluleko salabo abaholayo phakathi kwabantu bakaNkulunkulu. UNkulunkulu uye wamisa ilungiselelo lokuba kube nesigaba senceku ethembekileyo neqondayo esilungiselela ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele. (Math. 24:45-47) Kufanele sithobeke, sazi ukuthi lena indlela uJehova anakekela ngayo abantu bakhe namuhla. Yiba njengabaphostoli abathembekile. Lapho abanye abafundi bekhubeka, uJesu wabuza abaphostoli: “Nifuna ukuhamba yini nani?” UPetru waphendula: “Nkosi, ubani esizoya kuye? Nguwe onamazwi okuphila okuphakade.”—Joh. 6:66-68.
14, 15. Kungani kufanele sithobeke, senze ngokuvumelana neseluleko seBhayibheli?
14 Ukwamukela igunya likaJehova kuhilela ukwenza ngokuvumelana neseluleko esisekelwe eZwini lakhe. Ngokwesibonelo, isigaba senceku ethembekileyo neqondayo besilokhu sisiyala ukuba “sihlale siphapheme futhi sihlale sisangulukile.” (1 Thes. 5:6) Iseluleko esinjalo asive sifaneleka kulezi zinsuku zokugcina ezinabantu abaningi ‘abazithandayo nabathanda imali.’ (2 Thim. 3:1, 2) Singasithonya yini isimo sengqondo esinjalo esidlangile? Yebo. Imigomo engeyona engokomoya ingasenza silale ngokomoya, noma sibe nesimo sengqondo sokuthanda izinto ezibonakalayo. (Luka 12:16-21) Ngakho, yeka ukuthi kuhlakaniphe kangakanani ukwamukela iseluleko seBhayibheli futhi sigweme indlela yokuphila yobugovu eyande kakhulu ezweni likaSathane!—1 Joh. 2:16.
15 Abadala abamisiwe badlulisela ukudla okungokomoya okuvela esigabeni senceku ethembekileyo neqondayo emabandleni abakuwo. IBhayibheli liyaseluleka: “Lalelani abaholayo phakathi kwenu futhi nizithobe, ngoba baqapha imiphefumulo yenu njengabayolandisa; ukuze lokhu bakwenze ngenjabulo hhayi ngokububula, ngoba lokhu bekuyonilimaza.” (Heb. 13:17) Ingabe lokhu kusho ukuthi abadala abawenzi amaphutha? Lutho neze! UNkulunkulu ukubona kahle ukungapheleli kwabo ngaphezu kwanoma imuphi umuntu. Noma kunjalo, ulindele ukuba sizithobe kubo. Ukubambisana nabo nakuba bengaphelele, kunikeza ubufakazi bokuthi samukela igunya likaJehova.
Ukubaluleka Kokuthobeka
16. Singabonisa kanjani ukuthi siyamhlonipha uJesu njengeNhloko yebandla lobuKristu?
16 Kumelwe sikhumbule ngaso sonke isikhathi ukuthi uJesu nguyena oyiNhloko yebandla. (Kol. 1:18) Leso esinye sezizathu ezenza ukuba sithobeke, senze ngokuvumelana nesiqondiso sabadala abamisiwe, ‘sibacabangele ngaphezu kokuvamile.’ (1 Thes. 5:12, 13) Yebo, abadala bebandla bangabonisa ukuthi nabo bayazithoba ngokuqikelela ukuba badlulisele ebandleni isigijimi sikaNkulunkulu, hhayi imibono yabo. ‘Abeqeli ngalé kwezinto ezilotshiwe’ ukuze bathuthukise imibono yabo siqu.—1 Kor. 4:6.
17. Kungani umoya wokuvelela uyingozi?
17 Bonke ebandleni kudingeka baqaphele ukuba bangazifuneli udumo. (IzAga 25:27) Kubonakala sengathi yilokho okwaba isihibe komunye umfundi umphostoli uJohane akhuluma ngaye. Wabhala: “UDiyotrefe, othanda ukuba nendawo ephambili phakathi kwabo, akamukeli lutho oluvela kithi ngenhlonipho. Kungakho, uma ngifika, ngizokwenza ukuba kukhunjulwe imisebenzi yakhe aqhubeka eyenza, ephoshoza ngathi amazwi amabi.” (3 Joh. 9, 10) Nathi namuhla sisafunda isifundo kulokhu. Kuhle ukususa noma isiphi isifiso sokuvelela esisibona kithi. IBhayibheli liyasitshela: “Ukuziqhenya kwandulela ukuphahlazeka, nomoya ozidlayo wandulela ukukhubeka.” Labo abamukela igunya likaNkulunkulu kumelwe bamelane nogibe lokugabadela, ngoba ukungenzi kanjalo kuyoholela ehlazweni.—IzAga 11:2; 16:18.
18. Yini eyosisiza ukuba samukele igunya likaJehova?
18 Yebo, kwenze umgomo wakho ukumelana nomoya wezwe wokuzibusa nokwamukela igunya likaJehova. Zindla njalo ngokwazisa ngelungelo onalo lokukhonza uJehova. Ukuthi uphakathi kwabantu bakaNkulunkulu kuwubufakazi bokuthi uye wakudonsa ngomoya wakhe ongcwele. (Joh. 6:44) Ungalokothi ubuthathe kalula ubuhlobo bakho noNkulunkulu. Kuzo zonke izici zokuphila, lwela ukubonisa ukuthi uyawenqaba umoya wokuzibusa nokuthi wamukela igunya likaJehova.
Ingabe Uyakhumbula?
• Ukwamukela igunya likaJehova kuhilelani?
• Ukuqeqesha amandla ethu okuqonda kuhlobene kanjani nokwamukela igunya likaJehova?
• Iziphi izici uSathane azama kuzo ukululaza igunya likaNkulunkulu?
• Kungani ukuthobeka kubalulekile ukuze samukele igunya likaJehova?
[Isithombe ekhasini 18]
“Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu”
[Isithombe ekhasini 20]
Kuhlale kuwukuhlakanipha ukusebenzisa izindinganiso zikaNkulunkulu