UMesiya—Indlela KaNkulunkulu Yokusisindisa!
“Ngoba njengoba nje bonke befa ku-Adamu, kanjalo nakuKristu bonke bayokwenziwa baphile.”—1 KOR. 15:22.
1, 2. (a) U-Andreya noFiliphu basabela kanjani ngemva kokuba bebone uJesu? (b) Kungani sithi sinobufakazi obengeziwe bokuba kukaJesu uMesiya kunalobo amaKristu ekhulu lokuqala ayenabo?
U-ANDREYA watshela umfowabo uPetru: “Simtholile uMesiya,” eqiniseka ukuthi uJesu waseNazaretha wayengoGcotshiweyo KaNkulunkulu. UFiliphu naye wayekholisekile ngalokhu futhi wafuna umngane wakhe uNathanayeli, wathi kuye: “Simtholile lowo uMose kanye nabaProfethi abaloba ngaye eMthethweni, uJesu, indodana kaJosefa, waseNazaretha.”—Joh. 1:40, 41, 45.
2 Ingabe nawe uqiniseka ngokuphelele ukuthi uJesu unguMesiya othenjisiwe, “uMmeli” kaJehova “Oyinhloko wensindiso”? (Heb. 2:10) Namuhla, sinobufakazi obuningi ngokwengeziwe bokuba kwakhe uMesiya kunalobo abalandeli bakhe bekhulu lokuqala ababenabo. IZwi likaNkulunkulu linikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi wayenguKristu kusukela ekuzalweni kwakhe kuze kube sekuvusweni kwakhe. (Funda uJohane 20:30, 31.) IBhayibheli libonisa nokuthi uJesu wayeyoqhubeka egcwalisa indima yakhe njengoMesiya ezulwini. (Joh. 6:40; funda eyoku-1 Korinte 15:22.) Ngomqondo ongokomoya, nawe ungasho namuhla ukuthi ‘umtholile uMesiya.’ Kodwa ake uqale ngokucabangela ukuthi kwenzeka kanjani ukuba labo bafundi bokuqala baphethe ngokufanele ngokuthi babethole uMesiya.
“Imfihlo Engcwele” NgoMesiya Yembulwa Kancane Kancane
3, 4. (a) Abafundi bekhulu lokuqala ‘babengamthola kanjani uMesiya’? (b) Kungani ungase uthi uJesu kuphela owayengagcwalisa zonke iziprofetho eziphathelene noMesiya?
3 Abalandeli bakaJesu bekhulu lokuqala babengasho kanjani ngokuqiniseka ukuthi wayenguMesiya? Esebenzisa abaprofethi, uJehova wayeye wembula kancane kancane izimpawu ezaziyobonakalisa uMesiya othenjisiwe. Esinye isazi seBhayibheli safanisa lokhu nokuhlanganiswa kwesithombe esenziwa ngezingcezu ezihlukahlukene zemabula. Cabanga ngamadoda amaningi angakaze abonane ngayinye ifika nocezu lwemabula. Uma lezo zingcezu zingahlangana zakhe isithombe esiphelele, ubuyophetha ngokufanele ngokuthi kumelwe ukuba kunothile owasidweba wabe esethumelela indoda ngayinye ucezu lwayo. Njengocezu ngalunye lwalesi sithombe, isiprofetho ngasinye esiphathelene noMesiya, sasiyonikeza ukwaziswa okubalulekile ngaye.
4 Angakanani-ke amathuba okuba kuthuke kwenzeke ukuba zonke lezi ziprofetho eziphathelene noMesiya zigcwaliseke kumuntu oyedwa? Omunye umcwaningi wathi amathuba okuba kuthuke kwenzeke ukuba umuntu agcwalise zonke iziprofetho eziphathelene noMesiya ayeyoba “mancane kakhulu” ngendlela yokuthi kwakungenakwenzeka nhlobo. “UJesu—futhi nguye kuphela kuwo wonke umlando—okwenzeka kuye lokhu.”
5, 6. (a) Sasiyokhishwa kanjani isahlulelo sikaSathane? (b) UNkulunkulu walwembula kanjani kancane kancane uhlu lozalo oluholela ‘enzalweni’ ethenjisiwe?
5 Iziprofetho eziphathelene noMesiya zigxile ‘emfihlweni engcwele’ enezici eziningi ezibaluleke ezulwini nasemhlabeni. (Kol. 1:26, 27; Gen. 3:15) Leyo mfihlo yayihlanganisa nesahlulelo sikaSathane uDeveli, “inyoka yokuqala,” owafaka isintu esonweni nasekufeni. (IsAm. 12:9) Sasiyokhishwa kanjani leso sahlulelo? UJehova wabikezela ukuthi “inzalo” eyayiyovezwa “owesifazane” yayiyolimaza uSathane ekhanda. Leyo “nzalo” eyabikezelwa yayiyochoboza ikhanda lenyoka, kanjalo isuse ngokuphelele umthombo wokuhlubuka, ukugula nokufa. Nokho, uNkulunkulu wayeyomvumela uSathane ukuba aqale ngokulimaza ngokomfanekiso isithende ‘senzalo’ yowesifazane.
6 UJehova wembula kancane kancane ukuthi leyo “nzalo” ethenjisiwe yayiyoba ubani. UNkulunkulu wafunga ku-Abrahama: “Ngenzalo yakho zonke izizwe zomhlaba ngokuqinisekile ziyobusiswa.” (Gen. 22:18) UMose wabikezela ukuthi le Nzalo yayiyoba “umprofethi” omkhulu kunaye. (Dut. 18:18, 19) UDavide waqinisekiswa ukuthi uMesiya wayeyovela enzalweni yakhe nokuthi wayeyonikwa ifa lesihlalo sobukhosi sikaDavide kuze kube phakade, futhi kamuva abaprofethi bakuqinisekisa lokhu.—2 Sam. 7:12, 16; Jer. 23:5, 6.
Okwenza UJesu Akufanelekele Ukuba UMesiya
7. Kushiwo ngamuphi umqondo ukuthi uJesu wavela ‘kowesifazane’ kaNkulunkulu?
7 UNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe, ukuqala kwendalo yakhe, ivela enhlanganweni yakhe yezidalwa zomoya ezulwini enjengomfazi wakhe, ukuba izoba “inzalo” ethenjisiwe. Lokhu kwakudinga ukuba iNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa ‘idele’ ukuphila kwayo kwasezulwini futhi izalwe njengomuntu ophelele. (Fil. 2:5-7; Joh. 1:14) ‘Ukusitshekelwa’ kukaMariya umoya ongcwele kwaqinisekisa ukuthi umntwana ayezombeletha wayeyobizwa ngokuthi “ungcwele, iNdodana kaNkulunkulu.”—Luka 1:35.
8. Ukubhapathizwa kukaJesu kwakugcwalisa kanjani isiprofetho esiphathelene noMesiya?
8 Iziprofetho eziphathelene noMesiya zabonisa ukuthi uJesu wayeyovela nini futhi kuphi. UJesu wazalelwa eBhetlehema njengoba kwakubikezelwe. (Mika 5:2) Isasasa lalilikhulu kumaJuda ayemlindele ekhulwini lokuqala. Njengoba ayelindele ukuvela kukaMesiya, amanye abuza ngokuphathelene noJohane uMbhapathizi: “Kungenzeka yini mhlawumbe ukuthi unguKristu na?” Kodwa uJohane waphendula: “Uyeza onamandla kunami.” (Luka 3:15, 16) Lapho uJesu eneminyaka engu-30, waziveza njengoMesiya ngesikhathi esifanele ekwindla ka-29 C.E. lapho eya kuJohane ukuze abhapathizwe. (Dan. 9:25) Wabe eseqala inkonzo yakhe egcwele izenzakalo ngokuthi: “Isikhathi esimisiwe sesigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele.”—Marku 1:14, 15.
9. Nakuba babengenayo imininingwane egcwele, yini abafundi bakaJesu ababeyikholelwa ngokuqinile?
9 Nokho, abantu kwakudingeka balungise umbono wabo ngababekulindele. UJesu wadunyiswa ngokufanele njengeNkosi, kodwa ukuthi ukubusa kwakhe kwakusazoba sesikhathini esizayo futhi kube sezulwini kwakusazoqondwa ngokugcwele kamuva. (Joh. 12:12-16; 16:12, 13; IzE. 2:32-36) Noma kunjalo, lapho uJesu ebuza, “Nithi ngingubani?” UPetru waphendula ngokuqiniseka: “UnguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.” (Math. 16:13-16) Waphendula ngendlela ethi ayifane nalapho abaningi befulathela uJesu ngoba bekhutshekiswe imfundiso ethile.—Funda uJohane 6:68, 69.
Ukulalela UMesiya
10. Kungani uJehova agcizelela isidingo sokulalela iNdodana yakhe?
10 Lapho isezulwini, iNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa yayingumuntu womoya onamandla. Lapho esemhlabeni, uJesu ‘wayengummeleli kaYise.’ (Joh. 16:27, 28) Wathi: “Lokho engikufundisayo akukhona okwami, kodwa kungokwalowo ongithumile.” (Joh. 7:16) Eqinisekisa ukuthi uJesu unguMesiya ngesikhathi eguqulwa isimo, uJehova wayala: “Mlaleleni.” (Luka 9:35) Yebo, kwakumelwe bamlalele lona Okhethiweyo. Lokho kwakudinga ukholo nemisebenzi emihle—kokubili okudingeka ngempela ekujabuliseni uNkulunkulu nasekutholeni ukuphila okuphakade.—Joh. 3:16, 35, 36.
11, 12. (a) Iziphi izizathu ezenza amaJuda ekhulu lokuqala enqaba uJesu njengoMesiya? (b) Obani ababa nokholo kuJesu?
11 Nakuba uJesu ayenobufakazi obuningi obubonisa ukuthi wayenguMesiya, uquqaba lwamaJuda ekhulu lokuqala aluzange lumamukele. Ngani? Ngoba lwalunemibono ephambene ngoMesiya, kuhlanganise nowokuthi wayeyoba umesiya wezombusazwe owayeyolukhulula ekucindezelweni amaRoma. (Funda uJohane 12:34.) Ngakho, lwakuthola kunzima ukwamukela uMesiya owagcwalisa iziprofetho ezathi wayeyodelelwa, agwenywe ngabantu, abe ohloselwe ubuhlungu nokuba ajwayelane nokugula futhi agcine ngokubulawa. (Isaya 53:3, 5) Ngisho nabanye babafundi bakaJesu abaqotho badumazeka lapho engabakhululi kwezombusazwe. Kodwa bahlala beqotho futhi ngokuhamba kwesikhathi banikezwa ukuqonda.—Luka 24:21.
12 Esinye isizathu esenza abantu bamenqaba uJesu njengoMesiya othenjisiwe kwakuyizimfundiso zakhe, abaningi abazithola kunzima ukuzamukela. Wathi ukungena eMbusweni kwakuyodinga ukuba umuntu ‘azidele,’ ‘adle’ inyama yakhe futhi aphuze igazi lakhe, ‘azalwe kabusha’ futhi ‘angabi ingxenye yezwe.’ (Marku 8:34; Joh. 3:3; 6:53; 17:14, 16) Abantu abaqhoshayo, abacebile nabazenzisayo bakubona kunzima kakhulu ukwenza lezi zinto. Nokho, amaJuda athobekile amukela uJesu njengoMesiya, kuhlanganise namanye amaSamariya athi: “Lo muntu ngokuqinisekile ungumsindisi wezwe.”—Joh. 4:25, 26, 41, 42; 7:31.
13. UJesu walithola kanjani inxeba elingokomfanekiso esithendeni?
13 UJesu wabikezela ukuthi wayezolahlwa abapristi abakhulu futhi abethelwe abeZizwe, kodwa ngosuku lwesithathu, wayeyovuka. (Math. 20:17-19) Ukuvuma kwakhe kuyiSanhedrini ukuthi ‘unguKristu iNdodana kaNkulunkulu’ kwabhekwa njengokuhlambalaza. (Math. 26:63-66) UPilatu wamthola ‘engafanelwe ukufa,’ kodwa ngenxa yokuthi amaJuda ambeka necala lokuvukela umbuso, uPilatu ‘wamnikela entandweni yawo.’ (Luka 23:13-15, 25) Ngaleyo ndlela, “amphika” “uMmeli Oyinhloko wokuphila” futhi aceba ukuba abulawe naphezu kobufakazi obuningi bokuthi wayethunywe nguNkulunkulu. (IzE. 3:13-15) UMesiya ‘wanqunywa’ njengoba kwakubikezelwe, wabethelwa esigxotsheni ngePhasika lika-33 C.E. (Dan. 9:26, 27; IzE. 2:22, 23) Ngalokhu kufa okubuhlungu, wathola inxeba “esithendeni” elabikezelwa kuGenesise 3:15.
Kungani Kwadingeka Ukuba UMesiya Afe?
14, 15. (a) Iziphi izizathu ezimbili ezenza uJehova avumele uJesu ukuba afe? (b) Yini uJesu ayenza ngemva kokuvuswa kwakhe?
14 UJehova wavuma ukuba uJesu afe ngenxa yezizathu ezimbili ezibalulekile. Esokuqala, ukuthi ukwethembeka kukaJesu kuze kube sekufeni kwaxazulula isici esibalulekile ‘semfihlo engcwele.’ Wabonisa ngezinga elikhulu ukuthi umuntu ophelele angalondoloza ‘ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu’ futhi asekele ubukhosi bukaNkulunkulu naphezu kovivinyo olunzima kakhulu olubangelwa uSathane. (1 Thim. 3:16) Esesibili, njengoba kwasho uJesu, ‘iNdodana yomuntu yayizele ukunikela umphefumulo wayo ube yisihlengo sabaningi.’ (Math. 20:28) Lesi “sihlengo esihambelanayo” sakhokhela inhlawulo yesono inzalo ka-Adamu eyasizuza njengefa futhi senza ukuba bonke abamukela uJesu njengendlela kaNkulunkulu yensindiso bakwazi ukuthola ukuphila okuphakade.—1 Thim. 2:5, 6.
15 Ngemva kwezinsuku ezintathu esethuneni, uKristu wavuswa, futhi phakathi nezinsuku ezingu-40 ezalandela, wabonakala kubafundi bakhe, njengobufakazi bokuthi wayephila futhi wabanikeza iziyalezo ezengeziwe. (IzE. 1:3-5) Wabe esenyukela ezulwini eseyonika uJehova inani lomhlatshelo wakhe oyigugu futhi alindele isikhathi esimisiwe lapho ayeyoqala khona ukubusa njengeNkosi enguMesiya. Phakathi naleso sikhathi, kuningi okwakusafanele akwenze.
Uphelelisa Indima Yakhe NjengoMesiya
16, 17. Chaza indima kaJesu njengoMesiya ngemva kokwenyukela kwakhe ezulwini.
16 Phakathi namakhulu eminyaka ngemva kokuvuswa kwakhe, uJesu uye wengamela ngokwethembeka imisebenzi yebandla lobuKristu abelokhu ebusa phezu kwalo njengeNkosi. (Kol. 1:13) Ngesikhathi esimisiwe, wayezoqala ukusebenzisa amandla akhe njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. Iziprofetho zeBhayibheli nezenzakalo zezwe ziqinisekisa ukuthi ukuba khona kwakhe njengeNkosi kwaqala ngo-1914, isikhathi okwaqala ngaso ‘nesiphelo sesimiso sezinto.’ (Math. 24:3; IsAm. 11:15) Ngokushesha ngemva kwalokho, wahola izingelosi ezingcwele ekuxosheni uSathane namademoni akhe ezulwini.—IsAm. 12:7-10.
17 Umsebenzi wokushumayela nokufundisa uJesu awuqala ngo-29 C.E. ususondela emvuthwandaba wawo omkhulu. Maduze uzokwahlulela bonke abaphilayo. Uyobe esetshela abanjengezimvu abamamukela njengendlela kaJehova yensindiso ukuba ‘bazuze ifa lombuso abawulungiselelwa kusukela ekusungulweni kwezwe.’ (Math. 25:31-34, 41) Labo abenqaba uJesu njengeNkosi bayobhujiswa lapho ehola amabutho asezulwini ukuba aqede bonke ububi. Khona-ke, uJesu uyobopha uSathane amphonse “kwalasha” namademoni akhe.—IsAm. 19:11-14; 20:1-3.
18, 19. Yini uJesu ayifezayo ngokugcwalisa kwakhe indima yokuba uMesiya, futhi kuba namiphi imiphumela esintwini esilalelayo?
18 Phakathi nokuBusa kwakhe Kweminyaka Eyinkulungwane, uJesu uyozifeza zonke iziqu zakhe, njengesithi “uMeluleki Omangalisayo, uNkulunkulu Onamandla, uYise Ongunaphakade, iSikhulu Sokuthula.” (Isaya 9:6, 7) Ukubusa koMbuso wakhe kuyokwenza ukuba abantu baphelele, kuhlanganise nalabo abayovuswa kwabafileyo. (Joh. 5:26-29) UMesiya uyoqondisa abantu abathobekile “emithonjeni yamanzi okuphila,” enze abantu abalalelayo babe nobuhlobo obunokuthula noJehova. (Funda isAmbulo 7:16, 17.) Ngemva kovivinyo lokugcina, zonke izihlubuki, kuhlanganise noSathane namademoni akhe, ‘ziyophonswa echibini lomlilo,’ okuyoba ukuchotshozwa okuphelele kwekhanda ‘lenyoka.’—IsAm. 20:10.
19 Yeka ukuthi uJesu uyoyifeza ngokumangalisa nangokuphelele kangakanani indima yakhe njengoMesiya! Umhlaba oyipharadesi uyogcwala abantu abahlengiwe, abayophila phakade beyimiqemane futhi bejabule. Igama likaJehova elingcwele liyobe selihlanziwe kuso sonke isihlamba, futhi ukufaneleka kobukhosi bakhe bendawo yonke kuyobe kulwelwe ngokugcwele. Yeka ifa elihle elilindele bonke abalalela oGcotshiweyo KaNkulunkulu!
Ingabe Usumtholile UMesiya?
20, 21. Iziphi izizathu onazo zokutshela abanye ngoMesiya?
20 Kusukela ngo-1914 besilokhu siphila enkathini ye-pa·rou·siʹa, noma ukuba khona kukaKristu. Nakuba ukuba khona kwakhe njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu kungabonakali, ukugcwaliseka kweziprofetho kukwenza kube sobala. (IsAm. 6:2-8) Noma kunjalo, njengamaJuda ekhulu lokuqala, abantu abaningi namuhla ababugqizi qakala ubufakazi bokuba khona kukaMesiya. Nabo bafuna umesiya wezombusazwe noma okungenani ozosebenzisa ababusi bezombusazwe abangabantu. Nokho, wena usuyazi ukuthi uJesu useyabusa njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. Akuzange yini kukujabulise ukwazi lokhu? Njengabafundi bekhulu lokuqala, uye washukunyiselwa ukuba uthi: “Simtholile uMesiya.”
21 Namuhla, lapho uxoxa nabanye ngeqiniso, ingabe uyayiqokomisa indima kaJesu njengoMesiya? Uma wenza kanjalo uyojulisa ukwazisa kwakho ngalokho aye wakwenzela khona, ngalokho akwenzayo manje nangalokho asazokufeza. Njengo-Andreya noFiliphu, cishe uye wakhuluma nezihlobo nabangane bakho ngoMesiya. Kunganjani uphinde uxoxe nabo ngentshiseko evuselelwe futhi ubabonise ukuthi uJesu Kristu ngempela unguMesiya othenjisiwe, indlela kaNkulunkulu yokusisindisa?
Ungachaza?
• Abafundi bangekhulu lokuqala babengamthola kanjani uMesiya?
• UJesu wafa ngenxa yaziphi izizathu ezimbili ezibalulekile?
• Yini uJesu asazoyenza ukuze afeze indima yakhe njengoMesiya?
[Izithombe ekhasini 21]
Abantu bekhulu lokuqala babeyobona kanjani ukuthi uJesu wayenguMesiya othenjisiwe?
[Isithombe ekhasini 23]
Lapho uxoxa nabanye, ingabe uyayiqokomisa indima kaJesu njengoMesiya?