NgokukaMarku
8 Ngalezo zinsuku, kwaphinda kwaba nesixuku esikhulu, sasingenalutho oludliwayo. Ngakho wabiza abafundi wathi kubo: 2 “Ngiyasizwela isixuku, + ngoba sesihlale nami izinsuku ezintathu futhi asinalutho oludliwayo. + 3 Uma ngisiphindisela emakhaya silambile,* sizophelelwa amandla endleleni, kanti abanye kuso bavela kude.” 4 Kodwa abafundi bakhe bamphendula bathi: “Umuntu angazithathaphi izinkwa ezanele kule ndawo eyihlane angakwazi ukusuthisa ngazo laba bantu?” 5 Wababuza wathi: “Ninezinkwa ezingaki?” Bathi: “Eziyisikhombisa.” + 6 Wayala isixuku ukuba sihlale phansi. Wabe esethatha lezo zinkwa eziyisikhombisa, wabonga, wazihlephula, wazinika abafundi bakhe ukuze bazinike abantu, base bezabela isixuku. + 7 Babenanezinhlanzi ezincane ezimbalwa, wazibusisa, wathi mabazabe nazo. 8 Ngakho badla basutha, kwaqoqwa obhasikidi abakhulu* abayisikhombisa ababegcwele okwakusele. + 9 Kwakukhona amadoda angaba ngu-4 000. Ngemva kwalokho wasikhulula sahamba.
10 Ngokushesha wagibela isikebhe nabafundi bakhe baya esifundeni saseDalmanutha. + 11 Kweza abaFarisi baqala ukuphikisana naye, befuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini ukuze bamvivinye. + 12 Ngakho wadabuka kakhulu emoyeni wakhe, wathi: “Kungani lesi sizukulwane sifuna isibonakaliso? + Ngiqinisile ngithi, akukho sibonakaliso esizonikwa lesi sizukulwane.” + 13 Ngemva kwalokho wabashiya, waphinde wagibela esikebheni, waya ogwini olungaphesheya.
14 Nokho, bakhohlwa ukuphatha izinkwa, babengenalutho esikebheni ngaphandle kwesinkwa esisodwa. + 15 Wabayala ngokucacile wathi: “Hlalani nivule amehlo; xwayani imvubelo yabaFarisi nemvubelo kaHerode.” + 16 Ngakho baba nengxoxo eshubile ngenxa yokuthi babengaziphethe izinkwa. 17 Eqaphela lokhu, wathi kubo: “Kungani niphikisana ngokuthi aninazinkwa? Akukacaci yini kini lokhu engikushoyo? Anikaqondi namanje? Ingabe izinhliziyo zenu zisebuthuntu ekuqondeni? 18 ‘Nakuba ninamehlo, aniboni yini; nakuba ninezindlebe, anizwa yini?’ Anisakhumbuli yini ukuthi 19 ngesikhathi ngihlephulela amadoda angu-5 000 olofu bezinkwa ezinhlanu, + naqoqa obhasikidi abangaki abagcwele izingcezwana?” Bathi kuye: “Abangu-12.” + 20 “Lapho ngihlephulela amadoda angu-4 000 izinkwa eziyisikhombisa, bangaki obhasikidi abakhulu* abagcwele izingcezwana enabaqoqa?” Bathi kuye: “Bayisikhombisa.” + 21 Wabe esethi kubo: “Anikaqondi namanje?”
22 Manje bafika eBhetsayida. Lapho, abantu baletha kuye impumputhe, bamncenga ukuba ayithinte. + 23 Wayibamba ngesandla le mpumputhe, wayikhiphela ngaphandle kwesigodi. Esephimisele amathe emehlweni ayo, + wayibeka izandla, wayibuza wathi: “Kukhona yini okubonayo?” 24 Lo muntu wabheka phezulu, wathi: “Ngibona abantu, kodwa babukeka njengezihlahla ezihambayo.” 25 Waphinda wabeka izandla zakhe emehlweni alo muntu, wayesebona ngokucacile. Waphinde wabona, yonke into wayeyibona ngokucacile. 26 Ngakho wamthumela ekhaya, wathi: “Ungangeni esigodini.”
27 UJesu nabafundi bakhe babe sebelibangisa ezigodini zaseKhesariya Filipi; endleleni wabuza abafundi bakhe, wathi: “Abantu bathi ngingubani?” + 28 Bathi kuye: “Bathi unguJohane uMbhapathizi, + abanye bathi ungu-Eliya, + kanti abanye bathi ungomunye wabaprofethi.” 29 Wababuza nalo mbuzo: “Nina-ke nithi ngingubani?” UPetru wamphendula wathi: “UnguKristu.” + 30 Wabe esebadonsa ngendlebe wabayala ukuba bangatsheli muntu ngaye. + 31 Waqala nokubafundisa ukuthi iNdodana yomuntu kumele ihlupheke kakhulu, yaliwe amadoda amadala nabapristi abakhulu nababhali futhi ibulawe, + bese ivuka ngemva kwezinsuku ezintathu. + 32 Ngempela lawo mazwi wayewasho ngokukhululekile. Kodwa uPetru wambizela eceleni wamkhuza. + 33 Waphenduka, wabheka abafundi bakhe, wakhuza uPetru wathi: “Yana emva kwami, Sathane! Ngoba awucabangi imicabango kaNkulunkulu, ucabanga eyabantu.” +
34 Wabe esebizela isixuku kuye nabafundi bakhe wathi kubo: “Uma umuntu efuna ukungilandela, makazidele, athathe isigxobo sakhe sokuhlushwa* angilandele njalo. + 35 Ngoba noma ubani ofuna ukusindisa ukuphila kwakhe, kuyomlahlekela, kodwa noma ubani olahlekelwa ukuphila kwakhe ngenxa yami nangenxa yezindaba ezinhle, uyokusindisa. + 36 Ngempela, kuyomsiza ngani umuntu ukuzuza izwe lonke, alahlekelwe ukuphila kwakhe? + 37 Yini ngempela umuntu angayikhipha ukuze athole ukuphila kwakhe? + 38 Ngoba noma ubani oba namahloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo* nesinesono, neNdodana yomuntu iyoba namahloni ngaye + lapho iza ngenkazimulo kaYise ikanye nezingelosi ezingcwele.” +