IBhokisi Lemibuzo
● Yisiphi isimiso okumelwe silandelwe emhlanganweni okhethekile ehlanganisa isifundo Sencwadi Sebandla phakathi nesonto lokuhambela kombonisi wesifunda?
Phakathi nokuhambela kombonisi wesifunda, kwenziwa amalungiselelo okuba ibandla lonke lihlangane eHholo LoMbuso ngenxa yomhlangano okhethekile ehlanganisa neSifundo Sencwadi Sebandla, ukucatshangelwa kokwaziswa okungokomBhalo nokungokwenhlangano okunesihloko esithi “Qhubeka Ezintweni Ozifundile,” kanye nenkulumo yokuphetha ngombonisi wesifunda. Lomhlangano kuyaye kukhethwe ukuba ube ngoLwesine noma ngoLwesihlanu kusihlwa.
Lomhlangano uqalisa ngengoma nomthandazo, bese omunye wabadala eqhuba iSifundo Sencwadi Sebandla esithatha imizuzu engu-45. Kufanele kwenziwe umzamo wokuhlanganisa konke ukwaziswa okwabelwe lelosonto, kufundwe zonke izigaba, njengoba nje kwenziwa esifundweni samasonto onke esivamile, ISifundo Sencwadi Sebandla silandelwa ukuculwa kwenye ingoma yoMbuso. Khona-ke umbonisi wesifunda usebenzisa imizuzu engu-30 ukuba aqhube ingxenye ethi “Qhubeka Ezintweni Ozifundile.” Ngemva kwalokho, unikeza inkulumo yokuphetha ethatha imizuzu engu-30 evunyelaniswa ikakhulukazi nezidingo zebandla elikhonzwayo. Enkulumweni yokuphetha, unikeza ukutusa okufanelekile kanye neseluleko esiklanyelwe ukwakha nokukhuthaza abazalwane ukuba bahlale beqinile enkonzweni yoMbuso.
Lomhlangano uphethwa ngengoma nomthandazo. Zonke izingoma ezisetshenziswayo kufanele zikhethwe umbonisi wesifunda. Sonke isimiso, kuhlanganisa izingoma nemithandazo, akufanele seqe amahora amabili.
Lelilungiselelo elaqaliswa ngo-1977 liye lanikela kakhulu ekwenzeni ukuhambela kombonisi wesifunda kube okuthile okukhethekile ngenxa yenjabulo, nenzuzo yalo lonke ibandla nangenxa 1 yabamemezeli ngabanye ababa khona futhi bahlanganyele kulelilungiselelo elihle lenhlangano kaJehova.