Ukukhuthazana Kubo Bonke
1. Yimaphi amathuba akhethekile avulwa ukuhambela kwababonisi abajikelezayo?
1 Umphostoli uPawulu wabhalela ibandla laseRoma: “Ngilangazelela ukunibona, ukuze ngidlulisele kini isipho esithile esingokomoya ukuze niqiniswe; noma, kunalokho, ukuze kube khona ukukhuthazana phakathi kwenu, omunye nomunye ngokholo lomunye, kokubili olwenu nolwami.” (Roma 1:11, 12) Ukuhambela kwababonisi abajikelezayo kwanamuhla kuvula amathuba afanayo okukhuthazana.
2. Kungani ukuhambela kombonisi wesifunda kumenyezelwa kusengaphambili?
2 Ibandla: Ngokuvamile ukuhambela kombonisi wesifunda kumenyezelwa ebandleni cishe kusasele izinyanga ezintathu. Lokhu kusinikeza isikhathi sokuhlela izimo zethu ukuze sizuze ngokugcwele. (Efe. 5:15, 16) Uma usebenza, mhlawumbe uyokwazi ukucela kumqashi wakho isikhathi ukuze usekele enkonzweni yasensimini phakathi nalelo sonto. Abanye bahlela ukuba babe amaphayona asizayo phakathi nenyanga yokuhambela kwakhe. Uma ubusuhlele ukuya eholidini, ingabe lukhona ushintsho ongalwenza ukuze ube khona ngalelo sonto?
3. Yini esingayenza ngamunye wethu phakathi nokuhanjelwa ukuze sithole isikhuthazo?
3 Injongo eyinhloko yokuhambela kombonisi wesifunda ukukhuthaza nokuqeqesha umuntu ngamunye enkonzweni. Ungacela yini ukusebenza naye noma nomkakhe uma eshadile? Umbonisi wesifunda uyakujabulela ukusebenza nabamemezeli abahlukahlukene, kuhlanganise nalabo abangenalwazi kangako noma abangenawo amakhono ngezinga elithile enkonzweni. Bonke bangafunda endleleni abeka ngayo isigijimi futhi basebenzise noma ikuphi ukusikisela angase akunikeze ngomusa. (1 Kor. 4:16, 17) Ukummemela ekudleni kuyovula amathuba engeziwe obudlelwane obukhuthazayo. (Heb. 13:2) Njengoba izinkulumo zakhe zisuke zilungiselelwe ngokwezidingo zebandla, lalelisisa.
4. Singamkhuthaza kanjani umbonisi wethu wesifunda?
4 Umbonisi Wesifunda: Umphostoli uPawulu wayengahluke ngalutho kubazalwane ayebakhonza ngoba naye wabhekana nezinselele nokukhathazeka futhi wayesazisa isikhuthazo. Lapho ibandla laseRoma lizwa ukuthi uPawulu, owayeseyisiboshwa, ekugcineni wayesezolihambela, abanye bathatha uhambo oluya eSigcawini sika-Aphiyo ukuze bamhlangabeze—okuyibanga elingamakhilomitha angu-74! “Lapho ebabona, uPawulu wabonga uNkulunkulu, wama isibindi.” (IzE. 28:15) Nawe ngokufanayo ungamkhuthaza umbonisi wenu wesifunda. Mbonise “udumo oluphindiwe” ngokukusekela ngentshiseko ukuhambela kwakhe. (1 Thim. 5:17) Bonisa ukwazisa kwakho okuqotho ngemizamo anenzela yona. Yena nomkakhe bayojabula lapho bebona ukholo lwakho, uthando nokukhuthazela.—2 Thes. 1:3, 4.
5. Kungani sonke sisidinga isikhuthazo namuhla?
5 Ubani phakathi kwethu ongasidingi isikhuthazo kulezi ‘zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo’? (2 Thim. 3:1) Nquma manje ukuhlanganyela ngokugcwele phakathi nesonto elikhethekile lokuhambela kombonisi wesifunda. Sonke—ababonisi abajikelezayo nabamemezeli—singahlanganyela kulokhu kukhuthazana okujabulisayo. Ngale ndlela ‘siyoqhubeka siduduzana futhi sakhana.’—1 Thes. 5:11.