Siza Abantu Ofunda Nabo Ibhayibheli Ukuba Balungiselele Isifundo Sabo
1 Abantu esifunda nabo iBhayibheli abasilungiselelayo isifundo sabo isonto ngalinye babonisa isithakazelo esiqotho esifundweni futhi ngokuvamile benza intuthuko eshesha ngokwengeziwe ngokomoya kunalabo abangalungiseleli. Ngezinye izikhathi umfundi angase angalungiseleli ngenxa yokuthi akazi ukuthi alungiselele kanjani. Kungase kudingeke ukuba umfundise indlela yokulungiselela. Lokhu kungenziwa kanjani?
2 Zisuka nje, sebenzisa isikhathi esithile ukuze uqikelele ukuthi umfundi uyaqonda ukuthi ukulungiselela kuhilela isifundo somuntu siqu. Abantu abaningi, nakuba bekwazi ukufunda, abazange bafundiswe indlela yokutadisha. Amakhasi 33-43 e-Ncwadi Yokuchasisa ISikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini anikeza ukusikisela okuningi okuwusizo ongase ukwazi ukukudlulisela kumfundi kuye ngokwesidingo.
3 Bonisa Umfundi Ukubaluleka Kokutadisha: Ungase ubonise umfundi incwadi yakho oqhuba ngayo isifundo oyiphawulile noma oyidwebele amagama ayisihluthulelo nemishwana. Mbonise indlela ukuthi nje nhlá izingxenye eziphawuliwe okungamkhumbuza ngayo imiqondo angase akwazi ukuyiveza ngamazwi akhe. Ngaleyondlela ngeke alingeke ukuba afunde zonke izingxenye encwadini lapho ephendula imibuzo. Ukuqeqeshwa okuhle kulelizinga kuyomsiza ukuba kamuva anikeze izimpendulo ezinengqondo emihlanganweni yebandla. Izimpendulo zakhe ziyobonisa ukwazisa kwakhe indaba efundwayo futhi kubonise ukujula kokuqonda kwakhe.
4 Mfundise Ukusebenzisa IBhayibheli: Umfundi kudingeka afunde indlela yokuthola imibhalo okubhekiselwa kuyo endabeni efundwayo. Lapho esekwazi ukukwenza kahle lokhu, uyokuqonda ngokugcwele ukuthi ngempela ungumfundi weBhayibheli. Nakuba ekuqaleni kungase kudingeke asebenzise uhlu lwezincwadi zeBhayibheli olusekuqaleni kweBhayibheli, umfundi kufanele akhuthazwe ukuba ajwayelane nokulandelana kwezincwadi zeBhayibheli ezingu-66. Lapho efuna umbhalo bese ewufunda, msize ukuba abone ingxenye esekela iphuzu elivezwe esigabeni enisifundayo futhi angaphazanyiswa izingxenye ezingahlobani ngokuqondile nesifundo sangalesosikhathi.
5 Njengoba umfundi ethuthuka, mkhuthaze ukuba afunde iBhayibheli kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni. Gcizelela ukuthi lonke iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe nokuthi amaKristu eqiniso kufanele ondliwe yilo ngokomoya.—Math. 4:4; 2 Thim. 3:16, 17.
6 Mjwayelanise Nezinye Izikhombo Ezingokwasezulwini: Lapho umfundi esethuthuke ngokwanele, usengaqala ukusebenzisa ezinye izikhombo ezingokwasezulwini. Ngokuhlakanipha, mkhuthaze ukuba abheke ukwaziswa okwengeziwe ezincwadini zeNhlangano ayojwayelana nazo lapho eba khona emihlanganweni yebandla. Mfundise indlela yokusebenzisa izici ezikhethekile ze-New World Translation, njenge“Bible Words Indexed.” Lapho eqala ukwakha umtapo wakhe siqu wezincwadi ezingokwasezulwini, mbonise indlela yokusebenzisa i-Comprehensive Concordance, Ukubonisana NgemiBhalo, i-Index, kanye nemiqulu ye-Insight.
7 Uma sifundisa abantu esifunda nabo iBhayibheli indlela yokulungiselela isifundo seBhayibheli, siyobahlomisela ukuba baqhubeke bethuthuka eqinisweni njengabafundi beBhayibheli abanekhono ngisho nangemva kokuba isifundo sabo seBhayibheli sasekhaya sesiphelile.