Sizophinda Sifunde Incwadi Ethi Umvuthwandaba WesAmbulo
1 Ikhasi elinesihloko sencwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo licaphuna isAmbulo 1:3: “[Uyajabula, NW] ofundayo nabo abawezwayo amazwi alesisiprofetho.” Injabulo yabantu bakaJehova namuhla ngokuqinisekile iye yaba nkulu kakhulu ngenxa yokugcwaliseka kweziprofetho ezisencwadini yeBhayibheli yesAmbulo. Ukuqonda kwethu manje izenzakalo zalesisikhathi, “usuku lweNkosi,” kuchazwe encwadini ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! (IsAm. 1: 10) Ngokuyitadisha, siye saqonda izenzakalo zezwe ezibalulekile, ikakhulukazi lezo ezihilela umbuso wezwe wenkolo yamanga kanye nokuphokophelela phambili kwezizwe ziya e-Armagedoni kanye nokusebenzelana kukaJehova nabantu bakhe.
2 Kwabaningi bethu, ukufunda lencwadi ngeke nje kuphela kusikhumbuze amaphuzu esawafunda ngaphambili kodwa futhi kuyokhaliphisa umbono wethu ongokomoya ngezenzakalo ezenzekayo manje eziholela osukwini lukaJehova lokunqoba zonke izitha zakhe. Izinkulungwane eziye zazihlanganisa nathi phakathi neminyaka emibili kuya kwemithathu ngokuqinisekile ziyozuza ekufundweni kwesithathu kwalencwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo eSifundweni Sencwadi Sebandla.
3 Qikelela ukuba ulungiselele kahle, ube khona, futhi uhlanganyele ngendlela ezuzisayo isonto ngalinye, kusukela ngo-October 3, 1994. Niyovuzwa futhi nibusiswe ngokucebile njengoba nikuqonda ngokucace ngokwengeziwe lokho okushiwo ukwembuleka kwezenzakalo zomhlaba ngokucabangela isiprofetho esisencwadini yesAmbulo. Ngokuqinisekile, kudingeka sikucabangele ngokungathi sína lokho kwaziswa, ngoba kufike ngesikhathi ngisho nangokwengeziwe manje kunanoma yinini ngaphambili. Kwangathi singajabulela intokozo ethenjisiwe lapho sifunda, silalela, futhi sizindla ngalesisiprofetho esivusa amadlingozi esiphathelene nesikhathi sethu!