Indlela Ilungiselelo LeSifundo Sencwadi Sebandla Elisisiza Ngayo
1. Imihlangano yethu emihlanu yamasonto onke isisiza kanjani?
1 Ngamunye wemihlangano yethu emihlanu yamasonto onke unohlelo nenjongo ehlukile. Kodwa, yonke ibalulekile ekusisizeni ukuba ‘sicabangelane ukuze sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle.’ (Heb. 10:24, 25) Yiziphi ezinye zezici eziyingqayizivele nezizuzisayo zeSifundo Sencwadi Sebandla?
2. Yiziphi izinzuzo ezitholakala ngokuhlangana neqembu elincane esifundweni sencwadi?
2 Usizo Lokuba Sithuthuke Ngokomoya: Ngokuvamile inani labantu ababa khona esifundweni sencwadi lincane kakhulu kunelababa khona kweminye imihlangano yebandla. Lokhu kukwenza kube lula ukuba nabangane abasisekelayo ngokomoya. (IzAga 18:24) Uwenzile yini umzamo wokwazi bonke abaseqenjini lenu lesifundo sencwadi, mhlawumbe ngokucela ngamunye wabo ukuba asebenze nawe ensimini? Ilungiselelo lesifundo sencwadi lisiza nombonisi wesifundo sencwadi ukuba azi izimo ezingafani zomuntu ngamunye eqenjini futhi anikeze nesikhuthazo.—IzAga 27:23.
3. Ilungiselelo lesifundo sencwadi likukhuthaza kanjani ukuphendula kanye nokuba khona kwabaqhutshelwa izifundo zeBhayibheli?
3 Ingabe usubamemile abantu obafundela iBhayibheli ukuba bahlanganyele nawe esifundweni sencwadi? Abantu abathakazelayo abamanqikanqika ukuba khona emihlanganweni yethu emikhulu bangase bakuthole kungcono ukuba semhlanganweni omncane, ikakhulukazi emzini wothile. Isimo esinobungane sikwenza kube lula ngezingane nabasanda kuhlanganyela ukuba baphendule. Futhi njengoba iqembu lilincane, sinamathuba engeziwe okuphendula nokudumisa uJehova.—IHu. 111:1.
4. Yini engenza ilungiselelo lesifundo sencwadi libe inzuzo?
4 Ngokuvamile izifundo ziqhutshelwa ezindaweni okufinyeleleka kalula kuzo kuyo yonke insimu yebandla. Nakuba kungenakwenzeka ukuba bonke abantu babelwe esifundweni esiseduze nabo, kungase kungadingeki ukuba sihambe kakhulu lapho siya esifundweni sencwadi esabelwe kuso kunalapho siya kweminye imihlangano yebandla. Indawo yesifundo sencwadi ingase futhi ibe yindawo ekahle yokuhlangana ukuze siye enkonzweni yasensimini.
5. Singaluthola kanjani usizo enkonzweni kumbonisi wethu wesifundo sencwadi?
5 Usizo Enkonzweni: Umbonisi wesifundo sencwadi unesithakazelo sokusiza ngamunye ukuba ahlanganyele enkonzweni njalo, abe nezithelo futhi akujabulele. Ngakho-ke, uzama ukusebenza nabo bonke eqenjini, abasize ngokuqondile ezicini ezihlukahlukene zenkonzo. Uma uthola ukuthi isici esithile senkonzo siyinselele, njengokwenza izimpindelo, yazisa umbonisi wenu wesifundo sencwadi. Mhlawumbe kungakuhle ukuba usebenze nommemezeli onolwazi oluthe xaxa eqenjini. Ikhono lakho lokufundisa ezifundweni zeBhayibheli liyololeka ngokunakisisa izindlela ezinhle zokufundisa zombonisi wesifundo sencwadi lapho eqhuba lesi sifundo.—1 Kor. 4:17.
6. Kungani kufanele sifune ukuzuza ngokugcwele elungiselelweni lesifundo sencwadi?
6 Yeka indlela esiyisibusiso ngayo iSifundo Sencwadi Sebandla! Leli lungiselelo lothando elivela kuJehova lisisiza ukuba sihlale siqinile ngokomoya kulezi zikhathi eziyinselele esiphila kuzo.—IHu. 26:12.