“Qhubekani Nikwenza Lokhu Ningikhumbula”
Ukufa KukaJesu Kuzokhunjulwa Ngo-April 2
1. Kungani u-April 2, 2007, ewusuku olubalulekile?
1 Ngo-April 2, 2007, izigidi zabantu emhlabeni wonke zizobuthana ukuze zikhumbule ukufa kukaJesu okuwumhlatshelo. UJesu wafa engumsekeli wobukhosi bukaYise wasezulwini, enikeza ubufakazi bokuthi uSathane uDeveli wayeqamba amanga lapho ethi abantu bakhonza uNkulunkulu ngezisusa zobugovu. (Jobe 2:1-5) ISidlo SeNkosi Sakusihlwa sisikhumbuza nokuthi ngokufa kwakhe njengomuntu ophelele nongenasono, uJesu ‘wanikela umphefumulo wakhe waba yisihlengo sabaningi.’ (Math. 20:28) Ngakho-ke, uJesu wayala abafundi bakhe: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.” (Luka 22:19) Ingabe ukwazisa lesi sipho sikaNkulunkulu esiyigugu kuye kwakushukumisela ukuba uqale ukwenza amalungiselelo okukhumbula lesi senzo sothando esivelele?—Joh. 3:16.
2. Singazilungiselela kanjani izinhliziyo zethu iSikhumbuzo?
2 Lungisa Inhliziyo Yakho: Ngokucabanga ngalokho okwenzeka osukwini ngalunye lapho uJesu esezokufa njengomuntu, singalungisa izinhliziyo zethu zilungele lo mkhosi weSikhumbuzo. (Ezra 7:10) Ukuze sisizakale kulokhu, kunesimiso sokufundwa kweBhayibheli okukhethekile encwajaneni ethi Ukuhlola ImiBhalo—2007 nakuyi-Khalenda Lika-2007. Lokhu kufunda okuhleliwe kuhambisana nezinsuku okwenzeka ngazo izenzakalo ezihlobene nokufa kukaJesu ngokwekhalenda esilisebenzisa namuhla. Izinsuku ezishiwo ekulandiseni kweBhayibheli zisekelwe ekhalendeni lamaJuda, elibala usuku kusukela ekushoneni kwelanga kuya ekushoneni kwalo ngakusasa. Lowo mehluko uye wacatshangelwa futhi isimiso sokufundwa kweBhayibheli kweSikhumbuzo siyakubonisa lokho. Ukubukeza lokho kulandisa nokuzindla ngokujula kothando lukaNkulunkulu futhi sithandaze kuyosisiza sizuze ngokugcwele emkhosini weSikhumbuzo.
3. Singabasiza kanjani abathakazelayo nabapholile ukuba bazuze eSikhumbuzweni?
3 Mema Abanye Ukuba Babe Khona: Esenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-February kumenyezelwe umkhankaso okhethekile wokumemela abantu kulesi senzakalo esibalulekile. Ingabe usuwenzile amalungiselelo okuhlanganyela ngokugcwele kulo mkhankaso? Usulwenzile yini uhlu lwabantu obaziyo ozobamema futhi usuqalile yini ukubamema? Hlela ukufika kusenesikhathi ngobusuku beSikhumbuzo ukuze wamukele obamemile nabanye abathakazelayo. Ungase uthande ukuhlala nabo, uqiniseke ukuthi banalo iBhayibheli neculo. Bazise kwabanye ebandleni. Ngemva kwesimiso, zinike ithuba lokuphendula imibuzo yabo. Bamemele enkulumweni yeningi ekhethekile ezoba ngo-April 15. Abadala ngokukhethekile bayofuna ukuqiniseka ukuthi labo ababehlanganyela nebandla kodwa asebepholile bayamenyelwa eSikhumbuzweni nasenkulumweni ekhethekile.
4. Singabasiza kanjani abantu ukuba baqhubeke bethuthuka ngokomoya ngemva kweSikhumbuzo?
4 Siza Abasha Nabapholile Bathuthuke: Isikhulumi seSikhumbuzo siyochaza kafushane ilungiselelo lethu lesifundo seBhayibheli futhi sikhuthaze abaqalayo ukuhlanganyela ukuba baqhubeke befunda ngoJehova. Ungakhela emaphuzwini aso ucele ukubasiza ngokwengeziwe ngokomoya labo obamemile. Uma bengenaso isifundo seBhayibheli manje, qiniseka ukuthi ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kweSikhumbuzo uyabavakashela futhi ubabonise indlela esisiqhuba ngayo isifundo samahhala. Ukuze bathuthuke ngokomoya, kuyodingeka babe khona nasemihlanganweni yebandla. (Heb. 10:24, 25) Ucabanga ngalokhu, bakhuthaze ukuba baqale ukuba khona njalo. Abadala bayofuna ukuhambela amaKristu apholile abekhona eSikhumbuzweni nokwakhela emaphuzwini anikezwe enkulumweni. Lokhu kungase kubakhuthaze asebepholile ukuba baphinde basukume bahlanganyele nebandla.
5. Ukugcina iSikhumbuzo kungasithonya kanjani?
5 Umkhosi weSikhumbuzo unikeza ithuba lokucabangisisa ngokujulile ngalokho uJehova noJesu abasenzele khona. Lokhu kuzindla kujulisa uthando lwethu ngabo kuthonye nokuziphatha kwethu. (2 Kor. 5:14, 15; 1 Joh. 4:11) Kufanele siqale manje ukuzilungiselela thina nabathakazelayo lesi senzakalo esibalulekile ‘esimemezela kuso ukufa kweNkosi.’—1 Kor. 11:26.