Izintshumayelo Ezisikiselwe
INQABAYOKULINDA
Umbuzo: Sonke siyayidinga induduzo ngezinye izikhathi. Kodwa singayitholaphi?
UmBhalo: 2Ko 1:3, 4
Okuzohanjiswa: Le Nqabayokulinda ibonisa indlela uNkulunkulu anikeza ngayo induduzo.
INQABAYOKULINDA (ikhasi elingemuva)
Umbuzo: Abanye abantu bacabanga ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyisimo esithile esisenhliziyweni; abanye bacabanga ukuthi ungumphumela wemizamo eyenziwa ngabantu ukuze kube nokuthula emhlabeni. Wena ucabangani?
UmBhalo: Dan 2:44
Okuzohanjiswa: NgokweBhayibheli, uMbuso kaNkulunkulu unguhulumeni wangempela. Lesi sihloko sixoxa nangokunye okushiwo yiBhayibheli ngoMbuso kaNkulunkulu.
FUNDISA IQINISO
Umbuzo: Singazi kanjani ukuthi uNkulunkulu uyasikhathalela?
UmBhalo: 1Pet 5:7
Iqiniso: UNkulunkulu usimema ukuba sithandaze kuye ngoba uyasikhathalela.
ZAKHELE EYAKHO INTSHUMAYELO
Landela indlela okuhlelwe ngayo izibonelo ezinikeziwe ukuze uzakhele eyakho intshumayelo yasensimini.