Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w26 Disemba k. 32
  • “Uma Kungenzeka, . . . Yibani Nokuthula Nabo Bonke Abantu”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Uma Kungenzeka, . . . Yibani Nokuthula Nabo Bonke Abantu”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2026
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Funa Ukuthula Futhi Ukuphishekele’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Ingabe Kuwusizo Ukuba Nokuthula?
    I-Phaphama!—2006
  • Abantu Abanokuthula Badingeka Ngempela!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Sinesibindi, Nokho Sinokuthula
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2026
w26 Disemba k. 32

INKULUMO ESEBHAYIBHELINI

“Uma Kungenzeka, . . . Yibani Nokuthula Nabo Bonke Abantu”

AmaKristu eqiniso azama ukuhlale enokuthula nabo bonke abantu, kodwa lokho kungase kungabi lula ngaso sonke isikhathi. Yini engenza kube nzima ngathi ukuba ‘sibe nokuthula nabo bonke abantu’?a—Roma 12:18.

Izihlobo zethu ezingamkhonzi uJehova, abantu esisebenza nabo, noma abanye bangase basicindezele ukuba sishalazele imithetho yeBhayibheli yokuziphatha noma sihlanganyele emikhosini noma emasikweni angamdumisi uJehova. Lapho benza kanjalo, sikumelela ngokuqinile lokho okulungile. Asilokothi senze izinto eziphikisana nezinkolelo zethu, ngisho noma abanye becasuka noma bezama ukuphazamisa ukuthula kwethu. Noma kunjalo, kungakhathaliseki ukuthi abantu basabela kanjani, senza konke esingakwenza ukuze senze ukuthula ngokukhuluma nabo ngomoya ozolile nangenhlonipho. Ngokuba abantu abanokuthula, singenza nokuba abanye bamukele iqiniso.—2 Thim. 2:​24, 25; 1 Pet. 3:15.

a Umuntu onokuthula uzama ukwenza ukuthula nabanye lapho kungekho ukuthula.

    Zulu Publications (1975-2027)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela