Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Namuhla
Ephreli
Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2026

ULwesine, Ephreli 30

UJehova . . . uyasithethelela isono sakho. Ngeke ufe.—2 Sam. 12:13.

Yini esiyaziyo ngesihe sikaJehova? Ubonise kanjani ukuthi “akafisi ukuba kubhubhe ngisho noyedwa”? (2 Pet. 3:9) Cabanga ngesihe asibonise abanye abaye benza izono ezinkulu. INkosi uDavide yenza izono eziningana ezinyanyekayo, ezihlanganisa ukuphinga nokubulala. Nokho uDavide waphenduka, ngakho uJehova wambonisa isihe wamthethelela. (2 Sam. 12:​1-12) Iminyaka eminingi yokuphila kwayo, iNkosi uManase yayikhohlakele kakhulu. Nokho, ngisho noManase owayenza izinto ezimbi kakhulu, uJehova wambonisa isihe futhi wamthethelela ngenxa yokuthi waphenduka. (2 IziKr. 33:​9-16) Lezi zibonelo zisikhumbuza ukuthi uJehova ubonisa isihe noma nini lapho enesizathu sokwenza kanjalo. Uzobavusa abantu abanjalo ngenxa yokuthi babonile ukuthi benze izono ezimbi base bephenduka. w24.05 4 ¶12

Ephreli 27–Meyi 3
INcwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo—2026 | Mashi

EPHRELI 27–MEYI 3

ISAYA 56-57

Ingoma 12 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. Kuyasijabulisa Ukuthi UNkulunkulu Wethu UJehova

(10 imiz.)

Lapho abakhulekela izithixo bekhalela usizo, abezwiwa (Isay 57:13; ip-2 269 ¶14-16)

Abantu abangamkhonzi uJehova bahlale bekhathazekile futhi abanabo ubunye (Isay 57:20; w18.06 7 ¶16; it “Umhlaba” ¶21-mwbr)

Ababi abanako ukuthula (Isay 57:21; it “Ukuthula” ¶3-mwbr)

Odade ababili bajabule njengoba besebenza ndawonye ensimini.

ZIBUZE, Ukuba nobuhlobo obuhle noJehova kukwenza kanjani ukuphila kwami kube ngcono?

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • Isay 56:​6, 7—Sigcwaliseka kanjani lesi siprofetho? (w07 1/15 10 ¶3; w06 11/1 27 ¶1)

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

(4 imiz.) Isay 56:​4-12 (th isifundo 5)

THUTHUKISA AMAKHONO AKHO ENSIMINI

4. Ukuqala Ingxoxo

(3 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. Xoxela umuntu okuthile okufunde emhlanganweni wamuva nje. (lmd isifundo 2 iphuzu 4)

5. Chaza Izinkolelo Zakho

(5 imiz.) Inkulumo. ijwbq isihloko 90—Isihloko: Ingabe Kuyimfuneko Ukuba Ilungu Lenkolo Ehleliwe? (th isifundo 16)

6. Ukwenza Abafundi

(4 imiz.) lff isifundo 19 iphuzu 4 (lmd isifundo 11 iphuzu 3)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 58

7. Ungalokothi Uyeke Ukukhuluma NgoJehova

(15 imiz.) Ingxoxo.

Uma abantu bengenabo ubuhlobo noJehova, ngeke babe nesiqondiso abangasethemba, ngeke babe nenjongo yokuphila nethemba langempela. Noma kunjalo, abaningi bayawenqaba umyalezo woMbuso bengazi ukuthi ungabasiza kangakanani. Ngezansi, kunezinye izizathu ezisenza singadikibali noma singayeki ngisho nalapho abantu bengasilaleli.—Shu 11:6.

  • Insimu yethu iyashintshashintsha. Abaninikhaya abangathandi ukulalela bangase bathuthele kwenye indawo futhi abaninikhaya abasha bangase bathande ukulalela

  • Lapho singqongqoza, kungase kuvule umuntu ohlukile. Kungase kuvule umuntu omdala, indodana noma indodakazi esikhulile, omunye osehlala lapha ekhaya noma umuntu ovakashile

  • Abantu bayashintsha. (1Ti 1:13) Izimo eziya ziba zimbi kakhulu noma inhlekelele ethile ingenza umuntu afune ukulalela

  • Ukuphikelela kwethu kubonisa uthando esinalo ngoJehova.—Luk 6:45; 1Jo 5:3

Isithombe esisevidiyweni ethi “UJehova ‘Akakude.’” Udade unikeza owesifazane osesitolo sekhofi ipheshana.

Dlala IVIDIYO ethi UJehova ‘Akakude.’ Ngemva kwalokho, buza izilaleli:

  • Yiziphi izifundo ozifundile ngokuphikelela enkonzweni yethu?

8. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

(30 imiz.) lfb isifundo 80-81

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma 28 Nomthandazo

Okuphakathi
INqabayokulinda (Efundwayo)—2026 | Febhuwari

Isihloko esizofundwa ngo-Ephreli 27, 2026–Meyi 3, 2026

20 Ukulungele Yini Ukubhekana Nezinselele Eziba Khona Ngemva Kokubhapathizwa?

Zulu Publications (1975-2026)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela