Umbono WeBhayibheli
Ingabe Kunendaba Ukuthi Yikuphi Ukwelashwa Okukhethayo?
UKUGULA, izifo nezingozi kuyizinto ezivamile esintwini. Lapho bebhekene nalezi zitha zenhlalakahle, abaningi bafuna ikhambi lokwelashwa. UJesu Kristu wayiqaphela inzuzo engase ilethwe yile mizamo, evuma ukuthi “labo abaphilile abamdingi udokotela, kodwa abagulayo bayamdinga.”—Luka 5:31.
Umlobi weBhayibheli owabhala lawo magama, uLuka, wayengudokotela. (Kolose 4:14) Mhlawumbe phakathi nohambo lwabo ndawonye, umphostoli uPawulu wazuza olwazini lukaLuka lwezokwelapha. Kodwa ingabe imiBhalo inazo iziqondiso zokuthi yiziphi izindlela zokwelashwa ezamukelekayo kumaKristu? Ingabe kunendaba ukuthi yikuphi ukwelashwa okukhethayo?
Iziqondiso EzingokomBhalo
IBhayibheli lingaqondisa umuntu ekwenzeni izinqumo ezihlakaniphile mayelana nokwelashwa. Ngokwesibonelo, uDuteronomi 18:10-12 ukwenza kucace ukuthi imikhuba enjengokubhula nokwenza umlingo ‘iyisinengiso’ kuJehova. “Umkhuba wokusebenzisa imimoya,” uPawulu axwayisa ngawo, uhlanganisa lezi zenzo ezenqatshelwe. (Galathiya 5:19-21) Ngakho, amaKristu eqiniso agwema zonke izinqubo zokuxilonga noma zokwelapha ezihilela ukusebenzelana nemimoya ngokusobala.
IBhayibheli lembula nendlela obuyigugu ngayo kuMdali ubungcwele bokuphila negazi. (Genesise 9:3, 4) Ngenxa yokuzimisela kwabo ukulalela umyalo othi ‘baqhubeke bededa egazini,’ oFakazi BakaJehova bayazenqaba izindlela zokwelapha ezephula umyalo weBhayibheli othi badede egazini. (IzEnzo 15:28, 29) Lokhu akusho ukuthi benqaba zonke izindlela zokwelashwa. Kunalokho, bafuna ukwelashwa okungcono kakhulu abangazitholela kona bona nezingane zabo. Kodwa banxusa ochwepheshe bezokwelapha ukuba babanikeze ukwelashwa okuvumelana nezinkolelo zabo ezingokwenkolo.
Qaphela Ukunyathela Kwakho
INkosi uSolomoni yaxwayisa ngokuthi “ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke, kepha oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe.” (IzAga 14:15) Nakuba isinqumo sezokwelashwa singangqubuzani ngokuqondile nezimiso zeBhayibheli, umuntu kufanele ‘aqaphele ukunyathela kwakhe.’ Akuzona zonke izindlela zokwelapha eziwusizo. Lapho uJesu ethi ‘labo abagulayo badinga udokotela,’ wayengagunyazi zonke izindlela zokwelapha ezazikhona osukwini lwakhe. Wayazi ukuthi ezinye izindlela zokwelapha zaziwusizo kanti ezinye zazingalungile.a
Ngokufanayo namuhla, ezinye izindlela zokwelapha zingase zingabi usizo, zibe namaphutha. Ukwahlulela okungahluzekile kungachaya umuntu ezingozini ezingadingekile. Kufanele kuqashelwe nokuthi indlela yokwelapha ewusizo kumuntu othile ingase ingaphumeleli—futhi ibe yingozi—komunye umuntu. Lapho ebhekene nesinqumo sezokwelapha, umuntu ohlakaniphile uyocabangela ukukhetha kwakhe ngokucophelela esikhundleni ‘sokukholwa ngamazwi onke,’ ngisho noma ethola amacebiso kubangane abanezinhloso ezinhle. Uyobonisa ‘ukuhluzeka kwengqondo’ ngokufuna ukwaziswa okunokwethenjelwa ukuze akwazi ukwenza isinqumo esisekelwe olwazini olufanele.—Thithu 2:12.
Bhekana Namaqiniso Futhi Ulinganisele
Kufanelekile ngomuntu ukukhathalela isimo sempilo yakhe. Ukuyinakekela kahle inhlalakahle engokomzimba kubonisa ukwazisa ngesipho sokuphila nangoMthombo waso waphezulu. (IHubo 36:9) Nakuba efuna ukuthola ukwelashwa okufanele, amaKristu afuna ukulinganisela ezindabeni zempilo. Ngokwesibonelo, uma umuntu ongumqemane ekhathazeka ngokweqile ngempilo nobungqabavu, lokhu kungamenza angaziboni ‘izinto ezibaluleke ngokwengeziwe.’—Filipi 1:10; 2:3, 4.
Owesifazane owayegula kakhulu osukwini lukaJesu ‘wasebenzisa yonke ingcebo yakhe’ efuna usizo lodokotela ukuze kwelashwe isifo sakhe esingamahlalakhona. Waba yini umphumela? Esikhundleni sokwelapheka, isimo sakhe saba sibi kakhulu, okumelwe ukuba kwamkhungathekisa kakhulu. (Marku 5:25, 26) Wenza konke okusemandleni ukuze athole ikhambi, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Isimo sakhe siqokomisa ukulinganiselwa kwesayensi yezokwelapha ngesikhathi sakhe. Ngisho nanamuhla, naphezu kwentuthuko yocwaningo lwezempilo nobuchwepheshe, abantu abaningi bazithola besesimweni esifanayo. Ngakho kubalulekile ukuba nombono ongokoqobo walokho okungase kufezwe yisayensi yezokwelapha. Impilo ephelele ayinakufinyelelwa okwamanje. AmaKristu ayaqaphela ukuthi asikafiki isikhathi sikaNkulunkulu ‘sokwelapha izizwe.’ (IsAmbulo 22:1, 2) Ngakho-ke, kumelwe sibe nombono olinganiselayo ngokwelashwa.—Filipi 4:5.
Ngokusobala, kunendaba ukuthi yini esiyikhethayo. Ngenxa yaleso sizathu, lapho sibhekene nezinqumo ezithinta ukwelashwa, ukukhetha kwethu kufanele kubonise isifiso sethu sokuba nempilo enhle kanye nesifiso sethu sokulondoloza ubuhlobo obuhle noNkulunkulu. Uma senza kanjalo, singaqhubeka silindele ngokuqiniseka ukugcwaliseka kwesithembiso sikaJehova sokuthi ezweni elisha elikhazimulayo elizayo, “abakhe khona abayikusho ukuthi: ‘Ngiyagula.’”—Isaya 33:24.
[Umbhalo waphansi]
a Ngokwesibonelo, emqulwini kaDioscorides wezokwelapha wekhulu lokuqala, ikhambi okwakuthiwa lelapha i-jaundice kwakuwukuphuza ingxube yewayini nemisimbane yembuzi! Kodwa-ke, sesiyazi manje ukuthi cishe ikhambi elinjalo lalingase libangele ogulayo izinkinga ezengeziwe.
[Isithombe ekhasini 26]
Umfanekiso othi “The Doctor,” wango-1891, kaSir Luke Fildes
[Umthombo]
Tate Gallery, London/Art Resource, NY