Injongo Yangempela Yokuphila
CABANGA ngokuthi uvakashele indawo umngane wakho akhela kuyo izinto. Usanda kuqeda ukwakha into ethile, futhi ikuhlaba umxhwele. Lento yakhiwe kahle futhi ilolongwe ngendlela ehlaba umxhwele. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi uzama kangakanani, awukwazi ukubona ukuthi ingeyokwenzani. Ungazi kanjani? Phela, umane ubuze umngane wakho, futhi ngokunokwenzeka uzokujabulela ukukutshela.
Khona-ke singathola kanjani ukuthi iyini injongo yokuphila? Phela, kungani singabuzi uNkulunkulu, “umthombo wokuphila”? (IHubo 36:9) Ungakwenza kanjani lokho? Ngokujabulisayo, uye wakhuluma nathi ngeBhayibheli. Uye wenza abantu abanokholo ukuba babhale phansi imiqondo yakhe ngendlela esingayiqonda. Empeleni, injongo yokuphila ingashiwo ngamazwi ambalwa nje: Silapha ukuze sifunde ngoNkulunkulu futhi senze intando yakhe. IBhayibheli lithi: “Nakhu ukuphela kwendaba, lapho sekuzwakele konke: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.”—UmShumayeli 12:13.
Ingabe lokho kubonakala kulula kakhulu? Nokho, akulula. Ukuba kwethu lapha ukuze sifunde ngoNkulunkulu futhi senze intando yakhe kunokubaluleka okuhle nokujulile.
Injongo KaNkulunkulu Yakuqala
Ukufunda ngalokho uNkulunkulu ayekuhlosile ekuqaleni ngesintu kuyokusiza ukuba uyiqonde kangcono injongo yokuphila. Futhi kuyochaza ukuthi kungani ezinye izinto okukhulunywe ngazo esihlokweni esingaphambili zinika abantu abaningi kangaka namuhla isilinganiso esithile senjongo ekuphileni.
Ukulandisa kweBhayibheli ngokudalwa komuntu kuthi: “UNkulunkulu wathi: Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze.” (Genesise 1:26) Ngaleyondlela, abantu benziwa bakwazi ukuba njengoNkulunkulu, benezimfanelo ezivelele anazo, kuhlanganise nokuhlakanipha, amandla, ukulunga, nothando. Khona-ke, ingabe kuyamangaza, ukuthi abanye bakuthola kwanelisa ukufuna ulwazi olusha noma ukuhlanganyela emisebenzini ebekela inselele amandla abo angokwengqondo noma angokomzimba? Futhi ingabe kuyinto engalindelekile ukuthi ukusiza abanye kunikeza injongo eyanelisayo ekuphileni kwabaningi? Lutho neze. Lokhu, ngokwengxenye, yilokho esasidalelwe ukukwenza.
Ukulandisa kweBhayibheli kuqhubeka kuthi abantu banikwa igunya lokwengamela zonke ezinye izinto eziphilayo emhlabeni—“[izi]nhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu . . . nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni.” (Genesise 1:26) Khona-ke, akumangalisi ukuthi ngisho nanamuhla abaningi bathola ukwaneliseka ngokuba nezilwane futhi badlale nazo. Abanye bazizwa benomthwalo wemfanelo omkhulu ezilwaneni kangangokuthi basebenza ngokuzikhandla ukuze balondoloze izinhlobo ezisongelwayo, noma baphume umkhankaso wokumelana nokuhlushwa kwezilwane ngokungadingekile.
Abantu futhi banikwa umyalo wokuba ‘banqobe umhlaba.’ (Genesise 1:28) Kwakusho ukuthini lokhu? Ngokuqinisekile kwakungasho ukuthi abantu ngobugovu nangokungabi nandaba kumelwe banukubeze umhlaba kuze kube yilapho umcebo wawo usuphelile, umoya wawo ungcolile, nezilwandle zawo nezindawo ezisezweni sezigcwele udoti. Kunalokho, uNkulunkulu wabeka isibonelo sokunqoba umhlaba lapho ‘etshala insimu e-Edene, ngasempumalanga, futhi ebeka khona umuntu ayemenzile.’ (Genesise 2:8) Lensimu yase-Edene yayiyisibonelo esibonisa lokho umhlaba owawuyokuba yikho. Yabonisa injongo kaNkulunkulu ngeplanethi yethu.
Ukulandisa kweBhayibheli kuyachaza: “UNkulunkulu wababusisa [owesilisa nowesifazane bokuqala]; uNkulunkulu wathi kubo: Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe.” (Genesise 1:28) UNkulunkulu wayefuna ukuba abantu babe nabantwana futhi bahlale emhlabeni. Wahlanganisa indoda yokuqala nowesifazane, empeleni, enza umshado wokuqala ngqá. (Genesise 2:22-24) Akumangalisi ukuthi umshado nomkhaya kunezela injongo ekuphileni kwabantu abaningi kangaka!
Lokho Ukuphila Okwakuyoba Yikho
Njengoba sifunda iBhayibheli, kusobala ukuthi uNkulunkulu wayehlose ukuba umkhaya ka-Adamu ukhule nokuba yena nabantwana bakhe banwebe imingcele yensimu yase-Edene kuze kube yilapho abantu sebegcwele wonke umhlaba. Futhi umhlaba onqotshiwe wawuyoba ipharadesi. Yiqiniso, umuntu wayeyosebenzisa ingcebo yomhlaba ukuze azizuzise yena siqu. Kodwa lokhu kwakuyokwenziwa ngendlela enengqondo. Umuntu wayeyoba umnakekeli womhlaba, hhayi umonakalisi wawo. Ukonakaliswa komhlaba esikubona namuhla kumelene nentando kaNkulunkulu, futhi labo abahlanganyela kukho benza ngokuphambene nenjongo yokuphila.—IsAmbulo 11:18.
Sifunda okuthile emlandweni wokuqala weBhayibheli, futhi lokho kuwukuthi kwakungeyona injongo kaNkulunkulu ukuba abantu bafe. Abazali bethu bokuqala bafa ngenxa nje yokuthi abamlalelanga uNkulunkulu. (Genesise 2:16, 17) Lapho bengalaleli, babengasayifezi injongo yokuphila—babengasayenzi intando kaNkulunkulu. Ngakho akufanga bona nje kuphela kodwa futhi yonke inzalo yabo nayo iye yaba ngaphansi kokufa ngenxa yokuzuza ukungapheleli kwabo njengefa. (Roma 5:12) Nokho, abantu ekuqaleni babehloselwe ukuba baphile phakade, bangafi. Lokhu ngokunokwenzeka kuyisizathu esenza abaningi bakuthole kukhungathekisa ukucabanga ngokufushaniswa komsebenzi wokuphila kwabo ngokufa.
Ukufeza Injongo KaNkulunkulu
Injongo kaNkulunkulu yokuqala ngesintu nangalomhlaba ayikashintshi. Usahlose ukuba nomhlaba oyipharadesi ohlalwa abantu bohlanga lwesintu oluphelele. Nokho, kuye kwadingeka enze amalungiselelo okunqoba imiphumela edabukisayo yokwehluleka kwabazali bethu bokuqala. Ukwenza intando kaNkulunkulu namuhla kuhilela ukwenza ngokuvumelana nawo wonke lamalungiselelo kaNkulunkulu. Ngokujabulisayo, iBhayibheli lisinika incazelo yokufezeka okuqhubekayo kwenjongo yakhe.
Encwadini yokuqala yeBhayibheli sifunda ukuthi uNkulunkulu wakhuluma ‘ngembewu’ eyayiyokuza iqede wonke umonakalo owabangelwa ukwehluleka kuka-Adamu noEva ukwenza intando yaKhe. (Genesise 3:15, NW) EmiBhalweni YamaKristu YesiGreki (“iTestamente Elisha”), sifunda ngokubonakala kukaJesu Kristu ‘njengaleyombewu,’ ngokuphila kwakhe okungenasono, nangokufa kwakhe ebulawa izitha zakhe. Empeleni, ukufa kukaJesu, kwakuwumhlatshelo owenziwa ngenxa yethu, usivulela indlela yokubuye sizuze ukuphila okuphakade okwalahlwa nguAdamu noEva. (Heberu 7:26; 9:28) Yebo, iBhayibheli lithi: “Yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe-nokuphila okuphakade.”—Johane 3:16.
Futhi kunokwengeziwe. Ngemva kokufa kwakhe, uJesu wavuswa njengesidalwa somoya esingenakufa futhi manje ubusa njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini. Ngokushesha lowoMbuso uzoqeda ohulumeni bomhlaba abakhona umise umphakathi wezwe elisha oyoqondisa izindaba zesintu. Isiprofetho seBhayibheli siyathembisa: “Nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.”—Daniyeli 2:44.
Ngemva kwalokho, loMbuso uyokwengamela umsebenzi ojabulisayo wokubuyisela iPharadesi emhlabeni nokuphakamisa isintu ekupheleleni. IBhayibheli likhuluma ngisho nangokuvuswa kwabafileyo, ukuze nabo bakwazi ukuba nethuba lokuhlanganyela ekufezekeni kwenjongo kaNkulunkulu enhle ngesintu. (IzEnzo 24:15) Ngalesosikhathi kuyobe sekugcwaliseka isithembiso esihle: “Abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu. Abalungileyo bazakulidla ifa lomhlaba bahlale kuwo njalonjalo.”—IHubo 37:11, 29.
Ukuzuza Ngokomuntu Siqu
Ukuze sizuze ngokomuntu siqu ekufezekeni kwenjongo kaNkulunkulu enhle ngomhlaba, kumelwe kuqala simazi uNkulunkulu. UJesu Kristu wathi: “Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Singakwenza kanjani lokho? Sifunda izinto ezithile ngoNkulunkulu ngokubuka izwe elisizungezile, indalo, kuhlanganise namazulu anezinkanyezi. (IHubo 19:1) Nokho, ikakhulukazi, sifunda ngoNkulunkulu—nangeNdodana yakhe, uJesu Kristu—ngosizo lweBhayibheli. Sifunda ngegama lakhe nezimfanelo zakhe, futhi sithola ngokuningiliziwe lokho uNkulunkulu aye wakwenzela isintu. Ulwazi olunjalo lusenza simthande futhi lusisondeza eduze kakhulu naye neNdodana yakhe.
Ukwazi uNkulunkulu kusenza sifune ukwenza intando yakhe. Mhlawumbe siye sathandaza njengoba uJesu ayala: “Mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) Injongo yangempela yokuphila—leyo eletha ukwaneliseka kwangempela—iwukuphila ukuphila kwethu ngokuvumelana naleyontando kaNkulunkulu.
Nokho, yini ehilelekile ekwenzeni intando kaNkulunkulu? KuAdamu noEva, kwakuhilela ukwengamela zonke izilwane nokunqoba umhlaba nokuwugcwalisa ngenzalo ephelele. Ukuze senze intando kaNkulunkulu namuhla, kumelwe sifunde ngomhlatshelo kaJesu wesihlengo futhi sibe nokholo kuwo. Futhi kumelwe silandele isibonelo sikaJesu ngokutshela abanye ‘ngezindaba ezinhle zombuso.’—Mathewu 24:14, NW.
Ukwenza intando kaNkulunkulu kuhlanganisa nokuhlakulela ubuntu bokwesaba uNkulunkulu. Ngakho siyazazi izinto azizondayo uNkulunkulu—ezinjengokuqamba amanga, ukweba, ukuhleba okulimazayo, intukuthelo engalawulwa futhi siyazilahla. Futhi sifunda ngezimfanelo uNkulunkulu azithandayo—njengothando, ukujabula, ukuthula, umusa, nobuhle—futhi siyazihlakulela ngosizo lomoya ongcwele kaNkulunkulu. (Galathiya 5:19-24) Ukuze sizuze ukuphila okuphakade, sidinga ukuba uhlobo lwabantu uNkulunkulu azofuna ukuba nalo kuze kube phakade. Ngempela, ukufunda ngoNkulunkulu nokwenza intando yakhe kunika ukuphila kwethu injongo okungekho lutho olunye olungayinika!
Umehluko Okuwenzayo
Ukuphila kwezigidi eziningi zabantu emhlabeni wonke kufakazela ukuthi ukuthola injongo yangempela yokuphila kuyawenza ngempela umehluko. Cabangela isibonelo sikaWayne, owalinyazwa kakhulu ukufa komkakhe wokuqala. Umfundisi wesonto lakubo akakwazanga ukumduduza, ngakho uWayne wazigcina ematasa ngomsebenzi wokuzithandela. Wakhonza njengomqondisi weButho laseMelika futhi washiseka kakhulu emaqenjini ezombangazwe. Ngalesosikhathi waphinde washada, kodwa lowomshado waba nezinkinga kakhulu. Yena nomkakhe babengenasiqondiso ekuphileni kwabo.
Nokho, ngolunye usuku uWayne wathatha iBhayibheli futhi waqala ukulifunda. Ngezinyanga ezintathu waliqeda, futhi uthi: “Manje ngangazi ukuthi kunenjongo ngokuba khona kwethu lapha kanye nethemba lokuphila ngemva kokufa.” Watshela umkakhe: “Kumelwe sithole abantu esizozihlanganisa nabo abanamathela eBhayibhelini.” Ngokushesha bahlangana noFakazi BakaJehova, futhi izingxoxo ababeba nazo nabo zaqinisa isifiso sabo sokwenza intando kaNkulunkulu. Bobabili uWayne nomkakhe banikezela ukuphila kwabo kuNkulunkulu, futhi ukuphila komkhaya wabo kwazuza kakhulu.
USusan, indodakazi yezithunywa zevangeli zesonto laseHabe, wayefuna ukwenza okuthile ngokuphila kwakhe okwakuyolisiza ngempela izwe. Inkulumo eyayimayelana nezingozi zamandla enuzi yamqinisekisa ngokuthi lokhu kwakubaluleke kakhulu. Ngakho washiya ikolishi ukuze asebenzise sonke isikhathi sakhe ekufundiseni abantu ngalenkinga. Lapho eneminyaka engu-21 ubudala, wasebenza njengomxhumanisi wenhlangano enkulu emelene nokusetshenziswa kwenuzi. Kamuva wahanjelwa oFakazi BakaJehova futhi waboniswa lokho okushiwo iBhayibheli, futhi ngokuhamba kwesikhathi, wathola injongo yangempela yokuphila. Nakuba ngokungangabazeki esakhathazekile ngokubhubhisa kwesintu umhlaba, uyaqaphela ukuthi uNkulunkulu uzozixazulula lezinkinga ngoMbuso wakhe. Khona-ke, usiza abantu ukuba babe nokholo kulokho.
UMarielle wakwenza injongo yakhe ekuphileni ukujabulela izinto izwe elizinikezayo. Wafuna umsebenzi wokuziphilisa. Wajabulela zonke izinto ‘ezisemfashinini’ zaseLos Angeles, eCalifornia, eU.S.A., kuhlanganise nemigidingo kanye nezidakamizwa. Kodwa lapho eqala ukutadisha iBhayibheli, eqala ukwazi nokukhonza uNkulunkulu, wabona indlela zonke lezozinto ezaziyize ngayo. Uthi ukuphila kwakhe sekucebe kakhudlwana manje ngoba kuvumelana nezinjongo zikaNkulunkulu.
Iningi lalabo ukuphila kwabo okuye kwacetshiswa ukwazi injongo yangempela yokuphila landa ngamakhulu nsuku zonke. Ukuphila ngokuvumelana naleyonjongo yangempela yokuphila ngokwenza intando kaBaba wethu wasezulwini onothando, kwenza umehluko ngempela. Kungokuthile okungashintsha konke ukuphila kwakho kube ngcono. Sikumema ukuba uhlole lendaba ngokwakho. Ukuphila kwakho kuyoba ngokwanelisa ngokwengeziwe uma wenza kanjalo.
[Isithombe ekhasini 9]
UMniki-kuphila wayenenjongo lapho edala isintu
[Isithombe ekhasini 10]
UNkulunkulu akakayiyeki injongo yakhe yokuba nomhlaba oyipharadesi ogcwele uhlanga lwesintu oluphelele