Umbono WeBhayibheli
Ingabe IBhayibheli Liyabacwasa AbeSifazane?
UTERTULLIAN, isazi semfundiso yenkolo sekhulu lesithathu, wachaza abesifazane ‘njengesango likadeveli.’ Abanye baye basebenzisa iBhayibheli ukuze baveze abesifazane njengabangabalulekile njengamadoda. Ngenxa yalokho, abantu abaningi banomuzwa wokuthi iBhayibheli liyabacwasa abesifazane.
U-Elizabeth Cady Stanton, ivulandlela lekhulu le-19 lamalungelo abesifazane e-United States, wayenomuzwa wokuthi “iBhayibheli neSonto kuye kwaba isithiyo esikhulu enkululekweni yabesifazane.” UStanton washo lokhu ngezincwadi zokuqala eziyisihlanu zeBhayibheli: “Azikho ezinye izincwadi engizaziyo ezifundisa kakhulu kangaka ngokuthotshiswa nokwehliswa kwesithunzi sabesifazane.”
Yize abanye namuhla bengase babe nombono oweqisa kangako, iningi lisenomuzwa wokuthi izingxenye ezithile zeBhayibheli zisekela ukucwaswa kwabesifazane. Ingabe ukucabanga ngale ndlela kufanele?
Indlela Abesifazane Ababhekwa Ngayo EmiBhalweni YesiHebheru
“Uzonxanela umyeni wakho, yena uzokubusa.” (Genesise 3:16) Abagxeki bathi la mazwi ayisahlulelo sikaNkulunkulu ku-Eva futhi aveza ukuthi uyakuvumela ukuba amadoda acindezele abesifazane. Nokho, la mazwi awavezi injongo kaNkulunkulu, kodwa aveza imiphumela edabukisayo yesono kanye nokwenqatshwa kobukhosi bukaNkulunkulu. Ukuhlukunyezwa kwabesifazane kungenxa yokungapheleli kwesintu, akuyona intando kaNkulunkulu. Ngokwamasiko amaningi abesifazane baye babuswa abayeni babo, ngokuvamile ngezindlela ezinokhahlo. Kodwa lokhu kwakungeyona injongo kaNkulunkulu.
Bobabili u-Adamu no-Eva benziwa ngomfanekiso kaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, bathola iziqondiso ezifanayo ezivela kuNkulunkulu zokuba bande, bagcwalise umhlaba futhi bawunqobe. Kwakufanele basebenze ndawonye ngobunye nangokubambisana. (Genesise 1:27, 28) Ngokucacile, ngaleso sikhathi akekho owayebusa omunye ngonya. UGenesise 1:31 uthi: “UNkulunkulu wabona konke ayekwenzile, bheka! kwakukuhle kakhulu.”
Kwezinye izimo iBhayibheli aliwuvezi umbono kaNkulunkulu ngodaba oluhilelekile. Zingase zibe ukulandiswa komlando. Indaba kaLoti yokufuna ukunikela ngamadodakazi akhe emadodeni aseSodoma ilandiswa ngaphandle kokuchaza ukuthi kwakulungile yini lokho noma cha futhi akushiwo lutho ngombono kaNkulunkulu ngale ndaba.a—Genesise 19:6-8.
Iqiniso liwukuthi uNkulunkulu uzizonda zonke izinhlobo zokuxhaphaza nokuhlukumeza. (Eksodusi 22:22; Duteronomi 27:19; Isaya 10:1, 2) UMthetho KaMose wawukwenqabela ukudlwengula nobufebe. (Levitikusi 19:29; Duteronomi 22:23-29) Ukuphinga kwakungavunyelwe, futhi bobabili abaphingile babegwetshelwa ukufa. (Levitikusi 20:10) Kunokuba ubacwase abesifazane, uMthetho wawubaphakamisa futhi ubavikela ekuxhashazweni okwakuvamile ezizweni ezizungezile. Inkosikazi enekhono engumJuda yayihlonishwa kakhulu futhi yaziswa. (IzAga 31:10, 28-30) Ukuhluleka kwama-Israyeli ukulandela umthetho kaNkulunkulu wokuhlonipha abesifazane kwakuyiphutha lawo, hhayi intando kaNkulunkulu. (Duteronomi 32:5) Ekugcineni, uNkulunkulu wahlulela futhi wajezisa sonke isizwe ngenxa yokungalaleli kwaso okukhulu.
Ingabe Ukuzithoba Kuwukucwaswa?
Noma yimuphi umphakathi ungasebenza ngendlela efanele uma unokuhleleka. Lokhu kudinga ukuba kube negunya eliqondisayo. Ukungabi khona kwegunya kungadala isiphithiphithi. “UNkulunkulu unguNkulunkulu wokuthula akayena owesiyaluyalu.”—1 Korinte 14:33.
Umphostoli uPawulu uchaza ilungiselelo lobunhloko emkhayeni: “Inhloko yawo wonke amadoda nguKristu; nenhloko yowesifazane yindoda; nenhloko kaKristu nguNkulunkulu.” (1 Korinte 11:3) Wonke umuntu ungaphansi kwegunya, ngaphandle kukaNkulunkulu kuphela. Ingabe ukuba ngaphansi kwegunya kukaJesu kusho ukuthi uyacwaswa? Akunjalo! Ukuthi amadoda aye anikezwa isabelo esingokomBhalo sokuba ahole ebandleni nasemikhayeni akusho ukuthi abesifazane bayacwaswa. Ukuze kuphumelele, kokubili imikhaya kanye nebandla kudinga ukuba abesifazane namadoda benze indima yabo ngothando nangenhlonipho.—Efesu 5:21-25, 28, 29, 33.
UJesu wayebaphatha ngenhlonipho njalo abesifazane. Wenqaba ukulandela imithetho namasiko acwasa abesifazane ayefundiswa abaFarisi. Wakhuluma nabesifazane abangewona amaJuda. (Mathewu 15:22-28; Johane 4:7-9) Wafundisa abesifazane. (Luka 10:38-42) Wabavikela abesifazane ekulahlweni abayeni babo. (Marku 10:11, 12) Mhlawumbe isinyathelo sikaJesu esashintsha izinto kakhulu kwaba ukwamukela kwakhe abesifazane eqenjini labangane bakhe abaseduze. (Luka 8:1-3) Njengesibonelo esiphelele sazo zonke izimfanelo zikaNkulunkulu, uJesu wabonisa ukuthi abantu bazo zombili izinhlobo zobulili bayalingana emehlweni kaNkulunkulu. Eqinisweni, phakathi kwamaKristu ekhulu lokuqala, kokubili amadoda nabesifazane bathola isipho somoya ongcwele. (IzEnzo 2:1-4, 17, 18) Labo abagcotshiwe abanethemba lokuba amakhosi nabapristi noKristu ngeke bahlukaniswe ngokobulili lapho sebevuselwa ekuphileni kwasezulwini. (Galathiya 3:28) UMlobi weBhayibheli, uJehova, akabacwasi abesifazane.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka INqabayokulinda ka-February 1, 2005, amakhasi 25-6.
[Isithombe ekhasini 28]
Ngokungafani nabantu abaningi ayephila nabo, uJesu wabaphatha ngenhlonipho abesifazane