Eksodusi
22 “Uma umuntu eba inkomo noma imvu, ayihlabe noma ayithengise, kufanele abuyisele izinkomo ezinhlanu uma ebe inkomo, abuyisele izimvu ezine uma ebe imvu. +
2 (“Uma isela + libanjwa oqotsheni ligqekeza futhi lishaywe bese liyafa, olibulele ngeke abe necala legazi. 3 Kodwa uma kwenzeka ngemva kokuphuma kwelanga, olibulele uyoba necala legazi.)
“Kumele umuntu owebile akhiphe isinxephezelo. Uma engenalutho, kumele athengiswe ngenxa yezinto azebile. 4 Uma akwebile kutholakala kuye kuphila, kungakhathaliseki ukuthi inkomo noma imbongolo noma imvu, kufanele akhiphe isinxephezelo esiphindwe kabili.
5 “Uma umuntu ekhipha imfuyo yakhe iyodla emadlelweni akhe noma ensimini yamagilebhisi bese eyiyeka idle ensimini yomunye umuntu, kumele akhiphe isinxephezelo ngokuhle kunakho konke kwensimu yakhe noma ngokuhle kunakho konke kwensimu yakhe yamagilebhisi.
6 “Uma kuqubuka umlilo bese usabalala uze ufike ezihlahleni zameva, uqothule izithungo noma ukudla okusanhlamvu okusamile noma insimu, lowo owokhele lowo mlilo kumele akhiphe isinxephezelo salokho okushile.
7 “Uma umuntu enika omunye umuntu imali noma izinto ukuze azigcine, bese zebiwa endlini yalowo muntu, uma isela litholakala, kumele likhiphe isinxephezelo esiphindwe kabili. + 8 Uma isela lingatholakali, umninindlu kumele alethwe phambi kukaNkulunkulu weqiniso + ukuze kutholakale ukuthi akuyena yini othathe impahla yomunye umuntu. 9 Kuwo wonke amacala okuthatha impahla ngokungemthetho, kungakhathaliseki ukuthi inkomo, imbongolo, imvu, ingubo, noma yini elahlekile umuntu angase athi ngayo, ‘Lokhu okwami!’ bobabili bayokwethula icala labo phambi kukaNkulunkulu weqiniso. + Lowo uNkulunkulu ayothi unecala kufanele akhiphe isinxephezelo esiphindwe kabili komunye umuntu. +
10 “Uma umuntu enika omunye imbongolo noma inkomo noma imvu nanoma yisiphi isilwane esifuywayo ukuba asigcine bese siyafa noma sikhubazeke noma sithathwe kungekho muntu obonayo, 11 kufanele kwenziwe isifungo phakathi kwabo phambi kukaJehova, sokuthi akazange ayithathe impahla yomunye umuntu; futhi umnikazi wayo kumele asamukele. Lowo muntu akufanele akhiphe isinxephezelo. + 12 Kodwa uma isilwane sebiwe kuye, kufanele akhiphe isinxephezelo kumnikazi waso. 13 Uma sidwengulwe isilwane sasendle, kufanele asilethe njengobufakazi. Akufanele akhiphe isinxephezelo ngento edwengulwe isilwane sasendle.
14 “Kodwa uma noma ubani ecela ukuboleka isilwane komunye umuntu bese sikhubazeka noma sife ngesikhathi singekho kumnikazi waso, umuntu osibolekile kumele akhiphe isinxephezelo. 15 Uma umnikazi waso ekhona, akufanele akhiphe isinxephezelo. Uma besiqashiwe, imali esiqashwe ngayo iyisinxephezelo.
16 “Uma umuntu eyenga intombi nto engakathenjiswa umshado alale nayo, kumele akhokhe ilobolo ukuze ibe umkakhe. + 17 Uma uyise enqaba ngokuphelele ukumnika yona, kusafanele akhokhe imali elingana nelobolo lentombi nto.
18 “Akumele ugcine umthakathi ephila. +
19 “Noma ubani olala nesilwane kumele abulawe nakanjani. +
20 “Noma ubani ohlabela abanye onkulunkulu ngaphandle kukaJehova kumele abulawe. +
21 “Akumele niphathe kabi isifiki noma nisicindezele + ngoba naniyizifiki ezweni laseGibhithe. +
22 “Ningamhluphi umfelokazi noma intandane. *+ 23 Uma ningake nje nimhluphe, bese ekhala kimi, nakanjani ngiyokuzwa ukukhala kwakhe; + 24 intukuthelo yami iyovutha futhi ngiyonibulala ngenkemba, omkenu bayoba abafelokazi nezingane zenu ngeke zibe nayise.
25 “Uma ubolekisa ngemali kunoma ubani ohluphekile* kubantu bami, kumuntu ohlala nawe, ungabi njengomashonisa* kuye. Akumele umkhokhise inzalo. +
26 “Uma uthatha ingubo yomunye umuntu njengesibambiso, *+ kufanele uyibuyisele kuye lapho kushona ilanga. 27 Ngoba iwukuphela kwesembatho sakhe, ingubo yakhe afihla ngayo umzimba; uzolala ngani? + Lapho ekhala kimi, nakanjani ngiyozwa ngoba mina nginozwela. *+
28 “Ungamqalekisi* uNkulunkulu + noma uqalekise isikhulu* phakathi kwabantu bakini. +
29 “Unganqikazi ukunikela ngokuvela emkhiqizweni wakho omningi nasewayinini lakho namafutha okuchichimayo. *+ Izibulo lamadodana akho kumele ulinike mina. + 30 Nakhu okufanele ukwenze ngenkomo yakho nangemvu yakho: + Iyoqhubeka inonina izinsuku eziyisikhombisa. Ngosuku luka-8 kufanele unginike yona. +
31 “Kufanele nibe ngabantu abangcwele kimi, + akumele nidle inyama yanoma yini esendle edwengulwe isilwane sasendle. + Kufanele niyiphonsele izinja.