Ingabe Abanye Bayasamukela Iseluleko Sakho?
ISELULEKO esihle esinikezwe ngendlela efanele siba nemiphumela emihle njalo. Ingabe kunjalo? Akunjalo! Ngisho neseluleko esihle kakhulu esinikezwa abeluleki abanekhono sivame ukunganakwa noma senqatshwe.—IzAga 29:19.
Lokhu kwenzeka lapho uJehova eluleka uKayini, owayezonda umfowabo, u-Abela. (Genesise 4:3-5) Eyazi ingozi lokhu okwakuzomfaka kuyo uKayini, uNkulunkulu wathi kuye: “Uthukuthelelani na? Ubuso bakho bunyukumeleleni na? Angithi uma wenza kahle, uyamukeleka na? Uma ungenzi kahle, isono sihlezi ngasemnyango; ukunxanela kwaso kukuwe, kepha wena umelwe ukusibusa.”—Genesise 4:6, 7.
Ngaleyo ndlela, uJehova wafanisa isono nesilwane esasilindele ukuxhakathisa uKayini uma ephikelela efukamele igqubu ngomfowabo. (Qhathanisa noJakobe 1:14, 15.) Sasisekhona isikhathi sokuba uKayini ashintshe isimo sakhe sengqondo, ‘enze kahle’ kunokuba aphishekele inkambo eyingozi. Ngokudabukisayo, uKayini akazange alalele. Wasenqaba iseluleko sikaJehova, futhi kwaba nemiphumela emibi ngokwesabekayo.
Abanye bayalucasukela futhi benqabe noma iluphi uhlobo lweseluleko. (IzAga 1:22-30) Ingabe kungaba yiphutha lomeluleki elenza iseluleko senqatshwe? (Jobe 38:2) Ingabe wena onikeza iseluleko ukwenza kube nzima ngabanye ukuba basamukele? Ukungapheleli kobuntu kwenza kube nengozi yangempela yalokhu. Kodwa ungalinciphisa ithuba lokuba lokho kwenzeke ngokuzilandela ngokucophelela izimiso zeBhayibheli. Ake sihlole ezimbalwa zazo.
‘Ukulungisa Ngomoya Wobumnene’
“Bafowethu, ngisho noma umuntu ethatha isinyathelo okungesona ngaphambi kokuba asiqaphele, nina eninezimfanelo ezingokomoya zamani ukumlungisa ngomoya wobumnene umuntu onjalo, kuyilapho niziqaphela nina ngabanye, funa nani nilingwe.” (Galathiya 6:1) Ngaleyo ndlela umphostoli uPawulu waveza ukuthi kufanele labo ‘abanezimfanelo ezingokomoya’ bazame ukulungisa umKristu ‘othatha isinyathelo okungesona ngaphambi kokuba asiqaphele.’ Ngezinye izikhathi kubonakala sengathi labo abangakufanelekeli kahle ukunikeza iseluleko yibo abathambekele kakhulu ekusinikezeni. Ngakho, ungasheshi kakhulu ukweluleka abanye. (IzAga 10:19; Jakobe 1:19; 3:1) Abadala bebandla yibona ngokuyinhloko abafanelekayo ngokomoya ukwenza kanjalo. Yiqiniso, noma yimuphi umKristu ovuthiwe kufanele akhiphe isixwayiso lapho ebona umzalwane eyela engozini.
Uma unikeza iseluleko, qiniseka ukuthi lokho okushoyo ukusekela ekuhlakanipheni kokuhlonipha uNkulunkulu, hhayi ezintweni ezicatshangelwayo nakumafilosofi abantu. (Kolose 2:8) Yiba njengompheki ocophelelayo oqinisekayo ukuthi noma iziphi izithako ezisetshenziswayo zinempilo futhi azinalutho olungase lube ushevu. Qiniseka ukuthi iseluleko sakho sisekelwe ngokuqinile eZwini likaNkulunkulu hhayi nje embonweni wakho. (2 Thimothewu 3:16, 17) Ngokwenza lokhu, ungaqiniseka ukuthi iseluleko sakho ngeke silimaze muntu.
Injongo yeseluleko ‘iwukulungisa’ owonile, hhayi ukuphoqelela ushintsho olungathandwa. Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi ‘ukulungisa’ lihlobene negama eliphathelene nokubuyisela ithambo eliphume endaweni yalo ukuze kuvinjelwe umonakalo owengeziwe. Ngokomlobi wesichazamazwi uW. E. Vine, lisikisela ‘nesidingo sesineke nokukhuthazela kulokho.’ Cabanga ngobumnene nekhono okudingekayo ukuze kugwenywe ukubangela ubuhlungu obungadingekile. Ngokufanayo, umeluleki kudingeka anakekele kakhulu ukuze agweme ukulimaza owelulekwayo. Lokhu kunzima ngisho nalapho othile ecela iseluleko. Kudingeka ikhono nobuhlakani obengeziwe nakakhulu lapho iseluleko sakho singazange sicelwe.
Ngokuqinisekile ngeke ‘umlungise’ othile uma umqhelisa. Ukuze ugweme ukwenza lokhu, khumbula isidingo sokubonisa “ukusondelana okunesisa kobubele, umusa, ukuthobeka kwengqondo, ubumnene, nokubhekakade.” (Kolose 3:12) Uma udokotela engenasineke futhi enamawala ngokungadingekile, isiguli singase singasinaki iseluleko sakhe futhi singaphinde sibuye ukuze sithole ukwelashwa okudingekile.
Lokhu akusho ukuthi iseluleko akufanele siqine. UJesu Kristu wayeqinile lapho eluleka amabandla angu-7 asesifundeni sase-Asiya. (IsAmbulo 1:4; 3:1-22) Wawanika iseluleko esiqondile okwakudingeka asilalele futhi asisebenzise. Kodwa ukuqina kukaJesu ngaso sonke isikhathi kwakuhambisana nezimfanelo ezinjengobubele nomusa, ebonisa umoya wothando kaYise osezulwini.—IHubo 23:1-6; Johane 10:7-15.
Yeluleka Ngomusa
“Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa, ayoliswe ngosawoti, ukuze nazi ukuthi kufanele nimphendule kanjani umuntu ngamunye.” (Kolose 4:6) Usawoti unganandisa ukudla, ukwenze kuconsise amathe. Ukuze iseluleko sakho sinambitheke, kumelwe sinikezwe ‘ngomusa, siyoliswe ngosawoti.’ Nokho, ngisho nokudla okunezithako ezingcono kakhulu kungalungiswa kabi noma kumane kuhhuhlulelwe esitsheni kube inqwatshana engakhangi. Lokho akusithuthukisi isithakazelo somuntu sokudla. Eqinisweni, kungase kube nzima ukugwinya ngisho nomthamo owodwa nje wokudla okungemnandi.
Lapho unikeza iseluleko, kubalulekile ukukhetha amazwi afanele. Indoda ehlakaniphile uSolomoni yathi: “Izwi elikhulunywayo ngesikhathi esiyiso linjengama-apula asezitsheni zesiliva.” (IzAga 25:11) Kungenzeka ukuthi uSolomoni wayecabanga ngesitsha sesiliva esiqoshwe kahle esinama-apula egolide alolongwe kahle. Yeka ukuthi angabukeka kahle kanjani, futhi yeka ukuthi ungakujabulela kanjani ukuwamukela njengesipho! Ngendlela efanayo, amazwi akhethwe kahle nanomusa angamkhanga kakhulu umuntu ozama ukumsiza.—UmShumayeli 12:9, 10.
Ngokuphambene, “izwi elilukhuni livusa ulaka.” (IzAga 15:1) Amazwi akhethwe kabi angabangela kalula ubuhlungu nentukuthelo kunokuba aziswe. Eqinisweni, akuwona kuphela amazwi akhethwe kabi kodwa ngisho nephimbo lezwi elingafanele lingase libangele umuntu ukuba enqabe iseluleko esihle. Ukunikeza iseluleko ngokungacabangi nangokungenazwela kungalimaza njengokuhlasela umuntu ngesikhali. IzAga 12:18 zithi: “Bakhona abaphahluka njengokuhlaba kwenkemba.” Kungani ukhuluma ngokungacabangi, wenza kube nzima ngomuntu ukuba alalele iseluleko?—IzAga 12:15.
Njengoba uSolomoni asho, amazwi eseluleko kufanele ‘akhulunywe ngesikhathi esiyiso.’ Ukuze iseluleko siphumelele, kubaluleke kakhulu ukucabangela isikhathi! Kusobala ukuthi umuntu ongenasithakazelo sokudla angase angakujabuleli ukudla. Mhlawumbe usanda kudla kakhulu, noma kungenzeka uyagula. Ukufunza ngenkani umuntu ongafuni ukudla akuhlakaniphile futhi akwamukeleki.
Yeluleka Ngokuthobeka Kwengqondo
“Yenzani injabulo yami igcwale ngokuba . . . ningenzi lutho ngokubanga noma ngokuzazisa, kodwa ngokuthobeka kwengqondo nibheka abanye njengabaphakeme kunani, ninakekela, hhayi ngesithakazelo somuntu siqu izindaba zenu kuphela, kodwa futhi ninakekela ngesithakazelo somuntu siqu nezabanye.” (Filipi 2:2-4) Uma ungumeluleki omuhle, uyoshukunyiswa ‘isithakazelo somuntu siqu’ enhlalakahleni yabanye. Futhi uyobonisa ‘ukuthobeka kwengqondo’ lapho usebenzelana nabafowenu nodadewenu, ubheka abanye njengabaphakeme kunawe. Kusho ukuthini lokho?
Ukuthobeka kwengqondo kuyokuvimbela ukuba ube nesimo sengqondo noma iphimbo lokuziphakamisa. Akekho kithi onesizathu sokuzizwa ephakeme kunalabo akholwa nabo. Ngamunye wethu uyashiyeka ngezikhathi ezithile. Njengoba ungenakuyifunda inhliziyo, kubaluleke ngokukhethekile ukuba ungahluleli izisusa zalowo omelulekayo. Kungenzeka ukuthi akanaso isisusa esibi futhi akasiqaphele isimo sengqondo noma isenzo esibi. Ngisho noma eqaphela ngandlela-thile ukuthi uchezukile ezindinganisweni zikaNkulunkulu, akungabazeki ukuthi uyokuthola kulula kakhulu ukwamukela iseluleko uma sinikezwa ngokuthobeka sinesithakazelo esiqotho enhlalakahleni yakhe engokomoya.
Cabanga indlela obuyozizwa ngayo ukube ubumenyelwe esidlweni kodwa lowo okumemile angakujabuleli futhi akweye! Ngokuqinisekile ubungeke usijabulele leso sidlo. Ngempela, “isidlo semifino lapho kukhona uthando singcono kunenkabi ekhuluphalisiweyo kanye nenzondo.” (IzAga 15:17) Ngokufanayo, kungaba nzima ukwamukela ngisho neseluleko esihle kakhulu uma umeluleki ebonisa ukungamthandi lowo amelulekayo noma emlulaza noma emhlazisa. Nokho, uthando, ukuhloniphana nokwethembana kuyokwenza kube lula ukunikeza nokwamukela iseluleko.—Kolose 3:14.
Iseluleko Esamukelwa
Umprofethi uNathani wabonisa ukuthobeka kwengqondo lapho eluleka iNkosi uDavide. Lokho akusho nakwenza kwabonisa ukuthi uyamthanda nokuthi uyamhlonipha uDavide. UNathani waqala ngomfanekiso owawucabangela ubunzima uDavide ayengase abe nabo ekulaleleni iseluleko. (2 Samuweli 12:1-4) Lo mprofethi washukumisa uthando uDavide ayenalo ngobulungisa nokulunga, ngisho noma izenzo zakhe ezihilela uBati-Sheba zazingakubonisanga lokhu. (2 Samuweli 11:2-27) Lapho isizathu sokwenziwa komfanekiso sesigcizelelwe, ngokusuka enhliziyweni uDavide wathi: “Ngonile kuJehova.” (2 Samuweli 12:7-13) Ngokungafani noKayini, ongazange amlalele uJehova, uDavide wakwamukela ngokuthobeka ukulungiswa.
Akungabazeki ukuthi uJehova waqondisa uNathani, ecabangela ukungapheleli kukaDavide nokuthi kwakungenzeka asabele kabi. UNathani wenza ngokuhlakanipha okukhulu futhi ngokusobala wayebheka uDavide njengophakeme ngenxa yesikhundla sakhe njengenkosi emisiwe kaJehova. Uma usesikhundleni esithile segunya, ungase unikeze iseluleko esifanele, kodwa kungase kube nzima ukusamukela uma ungazange ubonise ukuthobeka kwengqondo.
UNathani walungisa uDavide ngomoya wokuthobeka. Amazwi alo mprofethi ayenomusa futhi elungiswe ngokucophelela ukuze uDavide asabele ngendlela eyayizomzuzisa kangcono. UNathani wayengashukunyiswa isithakazelo sakhe siqu, futhi akazange azame ukusikisela ukuthi wayengcono ngokokuziphatha nangokomoya kunoDavide. Yeka isibonelo esihle sokusho amazwi afanele ngendlela efanelekayo! Uma ubonisa umoya onjalo, cishe abanye bayosamukela iseluleko sakho.
[Isithombe ekhasini 22]
Iseluleko sakho kufanele sakhe njengokudla okunomsoco
[Isithombe ekhasini 23]
Ingabe wenza iseluleko sakho sikhange njengama-apula egolide esitsheni sesiliva?
[Isithombe ekhasini 24]
Umprofethi uNathani ngokuthobeka washukumisa uthando uDavide ayenalo ngobulungisa nokulunga