Ihubo likaDavide.
23 UJehova unguMalusi wami. +
Ngeke ngiswele lutho. +
2 Ungilalisa emadlelweni aluhlaza;
Ungiholela ezindaweni zokuphumula ezinamanzi anele. +
3 Ungipha amandla. +
Ungihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe. +
4 Noma ngihamba esigodini sethunzi elimnyama, +
Angesabi lutho olubi, +
Ngoba wena unami; +
Induku yakho nodondolo lwakho kuyangiduduza.
5 Ungilungisela itafula phambi kwezitha zami. +
Ugcoba ikhanda lami ngamafutha; +
Indebe yami igcwele phama. +
6 Ngokuqinisekile ubuhle nothando oluqotho kuyongilandela zonke izinsuku zokuphila kwami, +
Ngiyohlala endlini kaJehova uma nje ngisaphila. +