Izinga Elimangalisayo Lobuhle BukaNkulunkulu
UNKULUNKULU muhle! Usuwezwe kangaki lawomazwi noma wawasebenzisa kangaki wena ngokwakho? Kodwa ingabe uke ucabange ngezinga eligcwele lobuhle bukaNkulunkulu kuwe? Ukuzindla okunjalo kujulisa ukwazisa kwethu ngohlobo lukaNkulunkulu esimkhulekelayo.
Nokho, okokuqala sidinga ukuqonda ukuthi ubuhle buyini. Yiqiniso, ubuvi buyimfanelo yokuba muhle, okuyisimo esiphambene nokuba mubi. Kodwa ubuhle bungaphezu kwalokho. Buyimfanelo ebonakala ngesenzo. Umuntu omuhle wenza okuhle. Futhi uNkulunkulu, ngobuhle bakhe, usenzela izinto eziningi ezinhle kakhulu kangangokuthi izinhliziyo zethu ziyamthanda.
Izinga elibanzi lobuhle bukaNkulunkulu libonakala emazwini akhe awasho kuMose ehlane laseSinayi. Lapho, wathembisa lenceku yakhe ethembekile: “Ngiyakudlulisa phambi kwakho ubuhle bami.” Egcwalisa lesosithembiso futhi esebenzisa igama lakhe siqu, uNkulunkulu uyaqhubeka uthi: “NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novamé ubumnene neqiniso, ogcinela abayizinkulungwane umusa, othethelela ububi neziphambeko nezono, ongayikuyekela onecala.”—Eksodusi 33:19; 34:6, 7.
Ngakho-ke, ubuhle bukaNkulunkulu buhlanganisa ububele bakhe kanye nomusa wakhe, ubumnene bakhe, neqiniso lakhe. Ngokungaphezulu, ubuhle bakhe bubonakala ekutheni ‘wephuza ukuthukuthela,’ uyabekezela. Nokho, lokho akusho ukuthi unjengomzali ototosayo, ovumela isono siqhubeke singanakwa nanini. ‘Akayikuziyeka’ izoni ezingaphenduki. UNkulunkulu omuhle akanakubuvumela ububi ukuba buqhubeke bunganqandwa.
Ubukhulu Bobuhle BukaNkulunkulu
Manje, cabangela ezinye zezindlela uNkulunkulu abonise ngazo ubuhle bakhe. Okokuqala nje, wayemuhle kubantu lapho edala umhlaba okokuqala. Akazange alungiselele izidingo ezibalulekile kuphela zokuphila komuntu. Kunalokho, wayilungisa kahle imbulunga yethu ngendlela eyanelisayo ukuze ukuphila kuyo kujabulise ngempela. Walungiselela ukudla neziphuzo ezihlukahlukene. Wenza izinhlobonhlobo zezilwane nezinyoni ezihlaba umxhwele, futhi wadala izimbali ezenezela umbala nobuhle endaweni esikuyo. Ngokungaphezulu, wenza izinhlobo ezihlukahlukene zobuhle bemvelo okujabulisayo ukuzibuka. Ingani isikhathi ngasinye lapho sibona ubuhle bokushona kwelanga noma isimo samafu esihle, sibona ubufakazi bobuhle bukaNkulunkulu!
Lapho edala indoda nomfazi, ubuhle bukaNkulunkulu baphinde babonakala. Wanikeza uAdamu noEva imizimba ephelele, enempilo futhi wababeka ensimini yase-Edene. Wabe esebanikeza umsebenzi ojabulisayo nobeka inselele: “Nigcwalise umhlaba, niwunqobe.” Kanjalo, wabeka phambi kwabo ithemba lokujabulela ukuphila okuphakade ePharadesi emhlabeni bephakathi kwenzalo yabo eningi. (Genesise 1:26-28; 2:7-9) Yeka isipho esihle somshado abantu ababili bokuqala abasithola!
Ngisho nalapho uAdamu noEva sebehlubukile, uNkulunkulu akazange abashiye ngokuphelele. Ngalesosikhathi, ukuba wabajezisa ngokufa okuwujuqu, wayeyobe wenza okulungile. Nokho, waba muhle kulabantu ababili abase benesono. Wabavumela ukuba baphile isikhashana futhi babe nabantwana.—Genesise 5:1-5.
Ngaphezu kwalokho, ubuhle bukaNkulunkulu buye baqhubeka esintwini esiyizoni kusukela ngalesosikhathi. Njengoba iNkosi uDavide yasho: “UJehova muhle kubo bonke; uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke.” (IHubo 145:9) Ulungiselela insada ukuze ukuphila kwabantu kuqhubeke endaweni yakhe, umhlaba. UJesu wathi kumaJuda osuku lwakhe: “[U]Yihlo osezulwini . . . uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile.” (Mathewu 5:45) Noma yikuphi ukulamba noma ukuntula okukhona akungenxa yokuthi uNkulunkulu wehlulekile ukondla isintu. Kungenxa yokonakala, unya, nokungapheleli kwabantu.
UNkulunkulu futhi uvumela isintu ukuba sisebenzise ingcebo yomhlaba yokusansimbi, futhi akazange asifihlele isilinganiso sokuqonda amazulu agcwele izinkanyezi nesimo sokwakheka kwezinto. Ngempela, uJehova muhle esintwini, ngisho nakuba abaningi ngokuzikhukhumeza bethi uNkulunkulu akekho, futhi abanye bebusebenzisa kabi ubuhle bakhe ngenxa yezinjongo zobugovu, kuze kube sezingeni lokucindezela abantu abaphila nabo.—IHubo 14:1.
Ubuhle BukaNkulunkulu Kwabakholwayo
Nokho, uma uNkulunkulu ebe muhle esintwini sonke, ukusebenzelana kwakhe nabakholwayo ngempela kufudumeza inhliziyo. Okokuqala nje, lapho uAdamu noEva behlubuka okokuqala, uNkulunkulu waprofetha ukuthi kwakuyoba khona “imbewu” ekugcineni eyayiyonqoba imiphumela emibi yesono sabo. (Genesise 3:15) Njengoba isikhathi sasidlula, abaningi babantwana baka-Adamu bakhulekela uNkulunkulu ngokwethembeka naphezu kokungapheleli kwabazali babo, futhi lesiprofetho sasekuqaleni sabanikeza ithemba lekusasa elingcono. Omunye walabakhulekeli abathembekile, uAbrahama, waze wabizwa nangokuthi “umhlobo kaNkulunkulu.”—Jakobe 2:23.
UNkulunkulu wathembisa uAbrahama ukuthi inzalo yakhe yayiyokwanda ibe yizizwe eziningi nokuthi uhlu oluyinhloko lwenzalo yakhe lwaluyodla ifa lezwe laseKhanani. Ekugcwalisekeni kwalokhu, amaIsrayeli, inzalo ka-Abrahama, kamuva ahlelwa aba isizwe. (Genesise 17:3-8; Eksodusi 19:6) Futhi, uNkulunkulu wayemuhle kulesizwe esisha, esikhulula ebugqilini baseGibithe, esivikela ehlane, esinikeza umthetho nobupristi, futhi ekugcineni esinikeza izwe elivundile laseKhanani njengefa.
Ekugcineni, uIsrayeli waba umbuso, futhi uJehova wathuma inkosi yaso yesithathu engumuntu, uSolomoni, ukuba yakhe ithempeli eJerusalema njengesikhungo somhlaba sokukhulekelwa kwaKhe. Lapho ithempeli seliphelile, kwaba nomgidi omkhulu wokunikezela nomkhosi ojabulisayo. Ngemva kwalokho, umlando uthi, amaIsrayeli ‘ayibusisa inkosi, aya ematendeni awo ejabula, ethokoza ngenhliziyo ngakho konke okuhle uJehova akwenzile.’ (1 AmaKhosi 8:66) Kwakunezinye izehlakalo lapho izinhliziyo zamaIsrayeli zazichichima khona ngenxa yobuhle bukaNkulunkulu kuwo.
Nokho, ngokudabukisayo awazange alazise ngaso sonke isikhathi ilungelo lokuba abakhulekeli bakaNkulunkulu oyedwa weqiniso. Ekugcineni, wonke amaIsrayeli awathembekanga, futhi ngo-607 B.C.E., uJehova wavumela ukuba asiwe eBabiloni engabathunjwa. Njengoba uNkulunkulu ayeshilo kuMose, ngenxa yobuhle baKhe ‘akayikumyeka onecala.’—Eksodusi 34:7.
Nokho, ngemva kweminyaka engama-70 uNkulunkulu ngomusa waphindisela insali ethembekile yamaIsrayeli ezweni lawo siqu. Yini eyamshukumisela ukuba enze njalo? Ubuhle baKhe. UJeremiya wabhala isiprofetho ngokubuya kwamaIsrayeli evela eBabiloni: “Bayakufika, bahlabelele ngokujabula ekuphakameni kwaseSiyoni, bagobhozele kukho okuhle kukaJehova.” Lomprofethi waqhubeka: “Abantu bami basuthe ngokuhle kwami, usho uJehova.”—Jeremiya 31:12, 14.
Ekugcineni, uJesu weza emhlabeni futhi wazibonakalisa ‘eyimbewu’ eyabikezelwa kulesosiprofetho esasishiwo emuva e-Edene. (Genesise 3:15) IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi kodwa abe-nokuphila okuphakade.” (Johane 3:16) Ukufa kukaJesu kwalungiselela isihlengo sokuthenga abantu esonweni futhi ababuyisele ekupheleleni. Kanjalo, imiphumela emibi yesono sika-Adamu ekugcineni yayiyonqotshwa. Njengoba uPawulu abhalela abaseRoma: “Ngokungalaleli kwamuntu munye abaningi benziwa izoni, kanjalo ngokulalela kwamuntu munye abaningi bayakwenziwa abalungileyo.” (Roma 5:19) Ngobuhle bukaNkulunkulu, abantu abanezinhliziyo ezilungileyo manje baye baba nethemba lokufinyelela ukuphila okuphakade. Bangaba ngisho nangabangane bakaNkulunkulu, njengoba kwenza uAbrahama.
UNkulunkulu uyaqhubeka ebonisa ubuhle ngisho nanamuhla kulabo abamkhulekelayo. Unikeza iseluleko ngeBhayibheli ukuze abasize bakwazi ukusingatha izinkinga zabo. (IHubo 119:105) Unikeza isipho sesihle somoya wakhe ukuze abasize bafinyelele izindinganiso zakhe ezilungileyo. Futhi wembula izinjongo zakhe, ukuze amaKristu eqiniso abheke phambili ezweni elisha lokulunga eliyolethwa ngemva kokuba lelizwe elidala selidlulile. (IzAga 4:18; 2 Petru 3:13) AmaKristu ayaqiniseka ngezinto ezinjalo ngoba uNkulunkulu, ngobuhle bakhe, uzembulile eZwini lakhe elingaphuthi.—2 Thimothewu 3:16.
Yebo, ukucabanga ngobuhle bukaNkulunkulu ngokuqinisekile kwenza ukuba simthande. Kodwa futhi kuphakamisa umbuzo:
Uyozuza Kangakanani Ebuhleni BukaNkulunkulu?
Eqinisweni, kungakhathaliseki ukuthi ungubani, uyazuza kakade ebuhleni bukaNkulunkulu. Uyaphefumula, uyadla, uyaphuza, ujabulela ukuphila—konke kuyizipho ezivela kuNkulunkulu. Kodwa ingabe uzuza ngokugcwele ngangokunokwenzeka? Khumbula, ubuhle bukaNkulunkulu kuAdamu noEva babekelwa imingcele ngemva kokuba bonile. Ngokufanayo, uyokubekela imingcele ukupha kwakhe kithi uma singasabeli ngendlela eqondile emseni wakhe. Singakwenza kanjani lokhu?
Umhubi wathandaza: “Ngifundise ukuqonda okuhle nokwazi, ngokuba ngikholwa yimiyalo yakho.” (IHubo 119:66) Nathi kufanele sithandaze kanjalo. Njengoba uNkulunkulu emuhle, sidinga ukufunda ukuba muhle njengaye. UPawulu wanxusa: “Yibani-ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo.”—Efesu 5:1.
Lokhu sikwenza, okokuqala ngokutadisha iBhayibheli ukuze sifunde ukuthi ubuhle buyini. Khona-ke, sicela usizo lukaNkulunkulu ekuthuthukiseni lemfanelo. Ubuhle buyisithelo somoya, esihambisana “[no]thando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, . . . nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba.” (Galathiya 5:22, 23) Singazihlakulela zonke lezimfanelo ngokuthembela emoyeni kaNkulunkulu, sitadishe iBhayibheli elaphefumlelwa uNkulunkulu, sithandaze sicele usizo kuye, futhi sihlanganyele namaKristu anomqondo onjalo.—IHubo 1:1-3; 1 Thesalonika 5:17; Heberu 10:24, 25.
IBhayibheli futhi lithi: “Bayakuphubuka lapho kukhulunywa ngokuchichima kobuhle bakho, futhi bayakumemeza ngenjabulo ngenxa yokulunga kwakho.” (IHubo 145:7, NW) Yebo, uNkulunkulu ulindele ukuba sitshele abanye ngobuhle bakhe. Kufanele sikhulume ngokukhululeka ngoBaba wethu wasezulwini.
Okokugcina, akufanele sibusebenzise kabi ubuhle bukaNkulunkulu. Yiqiniso, uJehova uyazithethelela izoni. INkosi uDavide yaqiniseka ukuthi yayizothola impendulo enhle lapho ithandaza: “Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami; ngikhumbule ngokomusa wakho ngenxa yobubele bakho, Jehova.” (IHubo 25:7) Ingabe lokhu kusho ukuthi singona ngamabomu sinethemba eliqinisekile lokuthi uNkulunkulu uzosithethelela? Lutho neze. Khumbula, ubuhle bukaNkulunkulu busho ukuthi ‘akayikuziyeka’ izoni ezingaphenduki.
Ukujabulela Ubuhle BukaNkulunkulu
Uma nje sesibujabulela ngokugcwele ubuhle bukaNkulunkulu, yeka indlela izinhliziyo zethu ezimthanda ngayo! Sikhuthazwa ukuba silandele isiyalo esihle somphostoli uPawulu: “Hambani njengabantwana bokukhanya, ngokuba izithelo zokukhanya zisebuhleni bonke nasekulungeni naseqinisweni.”—Efesu 5:8, 9.
Nsuku zonke, siyakuqaphela ukusikhathalela kothando kukaNkulunkulu. Ngisho nangaphansi kwezimo ezinzima kakhulu, siyazi ukuthi akabashiyi labo abamthandayo. Yebo, sijabulela ukuthula kwengqondo okukhulu umhubi ayenakho: “Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami; ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube-phakade.”—IHubo 23:6.