Ingoma kaDavide yokudumisa.
א [Aleph]
145 Ngizokuphakamisa, Nkulunkulu wami Nkosi, +
Ngizolidumisa igama lakho kuze kube phakade naphakade. +
ב [Beth]
2 Usuku lonke ngizokudumisa; +
Ngizolidumisa igama lakho kuze kube phakade naphakade. +
ג [Gimel]
3 UJehova mkhulu futhi kumele adunyiswe kakhulu; +
Ubukhulu bakhe abuphenyeki. +
ד [Daleth]
4 Isizukulwane ngesizukulwane siyodumisa imisebenzi yakho;
Siyolandisa ngezenzo zakho zamandla. +
ה [He]
5 Siyokhuluma ngobukhazikhazi bobukhulu bakho +
Ngizozindla ngemisebenzi yakho emangalisayo.
ו [Waw]
6 Siyokhuluma ngezenzo zakho ezimangalisayo,
Ngizomemezela ngobukhulu bakho.
ז [Zayin]
7 Ngeke siwuvale umlomo lapho sikhumbula ubukhulu bobuhle bakho, +
Siyomemeza ngenjabulo ngenxa yokulunga kwakho. +
ח [Heth]
8 UJehova unozwela nesihe, +
Uyephuza ukuthukuthela futhi lukhulu uthando lwakhe oluqotho. +
ט [Teth]
9 UJehova muhle kubo bonke, +
Isihe sakhe sibonakala kuyo yonke imisebenzi yakhe.
י [Yod]
10 Yonke imisebenzi yakho iyokudumisa, Jehova, +
Abantu bakho abaqotho bayokudumisa. +
כ [Kaph]
11 Bayomemezela ngenkazimulo yobukhosi bakho +
Bakhulume nangamandla akho, +
ל [Lamed]
12 Ukuze benze izenzo zakho zamandla zaziwe kubantu +
Nenkazimulo yobukhosi bakho. +
מ [Mem]
13 Ubukhosi bakho buwubukhosi baphakade,
Nombuso wakho uhlala kuzo zonke izizukulwane. +
ס [Samekh]
14 UJehova usekela bonke abawayo +
Uvusa bonke abakhotheme. +
ע [Ayin]
15 Yonke indalo ibheka kuwe ngethemba;
Uyinika ukudla kwayo ngenkathi yako. +
פ [Pe]
16 Uvula isandla sakho
Wanelise isifiso sayo yonke into ephilayo. +
צ [Tsade]
17 UJehova ulungile kuzo zonke izindlela zakhe +
Uqotho kukho konke akwenzayo. +
ק [Qoph]
18 UJehova useduze nabo bonke abambizayo, +
Useduze nabo bonke abambiza ngeqiniso. +
ר [Resh]
19 Wanelisa isifiso salabo abamesabayo; +
Uyakuzwa ukukhalela kwabo usizo, abakhulule. +
ש [Shin]
20 UJehova uqapha bonke abamthandayo, +
Kodwa bonke ababi uyobabhuqa. +
ת [Taw]
21 Umlomo wami uyokhuluma ngodumo lukaJehova; +
Yonke into ephilayo mayidumise igama lakhe elingcwele kuze kube phakade naphakade. +