Benza Intando KaJehova
Isibonelo Sokuzidela Nokwethembeka
KUMLIMI osemusha okuthiwa u-Elisha, lokho okwaqala njengosuku oluvamile lokulima kwaphenduka usuku olubaluleke kunazo zonke ekuphileni kwakhe. Esebenza ensimini, u-Elisha wavakashelwa u-Eliya engazelele, umprofethi ovelele wakwa-Israyeli. Kungenzeka u-Elisha wazibuza: ‘Ingabe uzofunani kimi?’ Kwakungadingekile ukuba alinde isikhathi eside ngaphambi kokuba athole impendulo. U-Eliya waphonsa ingubo yakhe ku-Elisha, ebonisa ukuthi ngolunye usuku wayezolandela ezinyathelweni zakhe. U-Elisha akazange aluthathe kalula lolu bizo. Khona manjalo, washiya insimu yakhe wayoba inceku ka-Eliya.—1 AmaKhosi 19:19-21.
Eminyakeni engaba yisithupha kamuva, kwafika isikhathi sokuba u-Eliya ahambe. Ukulandisa okuphathelene nalokho kuhamba kwakhe kuye kwabizwa ngokuthi “okunye kokulandisa okuthakazelisa kakhulu” emiBhalweni YesiHeberu.
U-Eliya Ulungiselela Ukuhamba
U-Eliya wayefisa ukuvakashela okokugcina eBethele, eJeriko naseJordani. Lokhu kwakuyohilela ukuhamba amakhilomitha amaningi, enqamula nasezindaweni ezithile ezimagebhugebhu ezinezintaba. Esikhathini esithile sohambo ngalunye, u-Eliya wakhuthaza u-Elisha ukuba asale. Kodwa u-Elisha waphikelela efuna ukuba nenkosi yakhe kuze kube sekugcineni.—2 AmaKhosi 2:1, 2, 4, 6.
Lapho eseBethele naseJeriko, “amadodana abaprofethi” eza ku-Elisha.a Ambuza: “Uyazi yini ukuthi uJehova uyakususa inkosi yakho kuwe namuhla na?” Ephendula wathi: “Yebo, ngiyakwazi; thulani.”—2 AmaKhosi 2:3, 5.
U-Eliya no-Elisha babe sebelibangisa eMfuleni iJordani. Lapho befika eJordani, u-Eliya wenza isimangaliso ebukelwe amadodana abaprofethi angaba ngu-50 ayemé buqamamana. “UEliya wathatha ingubo yakhe, wayisonga, washaya amanzi, ahlukana ngalapha nangalapha, bawela bobabili emhlabathini owomileyo.”—2 AmaKhosi 2:8.
Lapho sebewelile, u-Eliya wathi ku-Elisha: “Cela engiyakukwenzela khona ngingakasuswa kuwe.” U-Elisha wacela ingxenye ‘ephindwe kabili’ yomoya ka-Eliya—okuwukuthi, ingxenye ephindwe kabili ngokuvamile eyayinikwa indodana eyizibulo. Ngempela, u-Elisha wayazise u-Eliya ngayo kanye indlela indodana eyizibulo eyayingazisa ngayo uyise. Ngaphezu kwalokho, wayegcotshelwe ukuba abe umprofethi kaJehova kwa-Israyeli olandela u-Eliya. Ngakho isicelo sakhe kwakungesona esobugovu noma esasingafanele. Nokho, azi ukuthi uJehova kuphela owayengamnika lokho ayekucela, u-Eliya waphendula ngenhlonipho: “Ucelé into elukhuni.” Wabe esenezela: “Uma ungibona lapha ngisuswa kuwe, kuyakuba-njalo kuwe; kodwa uma ungangiboni, akuyikuba-njalo.”—2 AmaKhosi 2:9, 10; Duteronomi 21:17.
Ngokungangabazeki u-Elisha wazimisela kakhulu kunanini ngaphambili ukuhlala eseduze nenkosi yakhe. Khona-ke, kwavela “inqola yomlilo namahashi omlilo.” Phambi kuka-Elisha owayekhexile, u-Eliya wathathwa ngesivunguvungu—edluliselwa kwenye indawo ngokuyisimangaliso.b U-Elisha wacosha ingubo ka-Eliya wabuyela ogwini loMfula iJordani. Washaya amanzi, ethi: “Uphi uJehova uNkulunkulu kaEliya na?” Amanzi ahlukana, enikeza ubufakazi obusobala bokuthi u-Elisha wayesekelwa ngokwaphezulu njengolandela u-Eliya.—2 AmaKhosi 2:11-14.
Isifundo Esisitholayo
Lapho emenyelwa enkonzweni ekhethekile yokusebenza no-Eliya, u-Elisha wayishiya ngokushesha insimu yakhe wayokhonza umprofethi ka-Israyeli ovelele. Kusobala ukuthi eminye yemisebenzi yakhe yayiphansi, ngoba wayaziwa ‘njengowathela amanzi ezandleni zikaEliya.’c (2 AmaKhosi 3:11) Noma kunjalo, u-Elisha wayebheka umsebenzi wakhe njengelungelo, futhi wanamathela ku-Eliya ngokwethembeka.
Eziningi zezinceku zikaNkulunkulu namuhla zibonisa umoya ofanayo wokuzidela. Ezinye ziye zashiya “amasimu” azo, indlela yokuziphilisa, ukuze ziyoshumayela izindaba ezinhle emasimini akude noma ukuze ziyokhonza njengamalungu omkhaya waseBethel. Ezinye ziye zaya kwamanye amazwe ukuze ziyosebenza emisebenzini yokwakha yeNhlangano. Eziningi ziye zamukela lokho okungase kubizwe ngokuthi imisebenzi ephansi. Nokho, asikho isigqila sikaJehova esenza inkonzo engabalulekile. UJehova uyabazisa bonke abamkhonza ngokuzithandela, futhi uyowubusisa umoya wabo wokuzidela.—Marku 10:29, 30.
U-Elisha wanamathela ku-Eliya kwaze kwaba sekugcineni. Wenqaba ukushiya lomprofethi osekhulile ngisho nalapho enikwa lelo thuba. Ngokungangabazeki, ubuhlobo obuseduze abuhlakulela no-Eliya benza kwajabulisa ukubonisa uthando olunjalo lokwethembeka. Namuhla, izinceku zikaNkulunkulu zilwela ukuqinisa ubuhlobo bazo noNkulunkulu nokusondelana nabakholwa nazo. Isibopho esiqinile sobunye siyobusiswa, ngoba iBhayibheli lithi ngoJehova: “Kothembekileyo uyazibonakalisa ethembekile.”—2 Samuweli 22:26.
[Imibhalo yaphansi]
a Amazwi athi “amadodana abaprofethi” angase asho iqembu eliqeqesha labo ababebizelwe lomsebenzi noma angase asho nje inhlangano yabaprofethi enobunye.
b Umyalezo ka-Eliya oya enkosini yakwaJuda uJehoramu wabhalwa eminyakeni ethile kamuva.—2 IziKronike 21:12-15.
c Kwakuvamile ngenceku ukuba ithele amanzi ezandleni zenkosi yayo ukuze izigeze, ikakhulukazi ngemva kokudla. Lomkhuba wawufana nowokugeza izinyawo, owawuyisenzo sokungenisa izihambi, senhlonipho, futhi ebuhlotsheni obuthile, sokuthobeka.—Genesise 24:31, 32; Johane 13:5.