Ubuqotho Bakho Bujabulisa Inhliziyo KaJehova
“Hlakanipha, ndodana yami, wenze inhliziyo yami ijabule, ukuze ngimphendule ongiklolodelayo.”—IZAGA 27:11.
1, 2. (a) Iyiphi inselele eyabekwa uSathane echazwa encwadini kaJobe? (b) Yini ebonisa ukuthi uSathane waqhubeka eklolodela uJehova ngemva kokufa kukaJobe?
UJEHOVA wavumela uSathane ukuba avivinye ubuqotho benceku yakhe ethembekile uJobe. Ngenxa yalokho, uJobe walahlekelwa imfuyo, washonelwa abantabakhe futhi wagula kakhulu. Kodwa lapho uSathane ebekela ubuqotho bukaJobe inselele wayengacabangi ngoJobe kuphela. USathane wathi: “Isikhumba ngesikhumba, futhi umuntu uyokhipha konke anakho ngenxa yomphefumulo wakhe.” Le nselele yaphakamisa impikiswano eyahilela nabanye abantu ngaphandle kukaJobe neyaqhubeka isikhathi eside nangemva kokufa kwakhe.—Jobe 2:4.
2 Ngemva kweminyaka engaba ngu-600 uJobe avivinywa, uSolomoni waphefumulelwa ukuba abhale: “Hlakanipha, ndodana yami, wenze inhliziyo yami ijabule, ukuze ngimphendule ongiklolodelayo.” (IzAga 27:11) Kusobala ukuthi ngaleso sikhathi uSathane wayesabekela uJehova inselele. Ngaphezu kwalokho, embonweni awunikezwa ngemva kokumiswa koMbuso kaNkulunkulu ezulwini ngo-1914 nokuxoshwa kukaSathane, umphostoli uJohane wabona uSathane emangalela izinceku zikaNkulunkulu. Yebo, ngisho nanamuhla, nakuba sesingene shí kulezi zinsuku zokugcina zalesi simiso esibi, uSathane usabekela ubuqotho bezinceku zikaNkulunkulu inselele!—IsAm. 12:10.
3. Iziphi izifundo ezibalulekile esingazithola encwadini kaJobe?
3 Cabanga ngezintathu zezifundo ezibalulekile esizithola encwadini kaJobe. Esokuqala, uvivinyo lukaJobe ludalula isitha sangempela sesintu nomthombo wokuphikiswa kwabantu bakaNkulunkulu. Leso sitha nguSathane uDeveli. Esesibili, kungakhathaliseki ukuthi sibhekana naluphi uvivinyo, ukuba nobuhlobo obuhle noNkulunkulu kuyosenza sikwazi ukulondoloza ubuqotho bethu. Esesithathu, lapho silingwa noma sivivinywa ngandlela-thile, uNkulunkulu uyasisekela njengoba asekela uJobe. Namuhla, uJehova usisekela ngeZwi lakhe, ngenhlangano yakhe nangomoya wakhe ongcwele.
Hlala Ukhumbula Ukuthi Ubani Isitha Sangempela
4. Ubani obangela izimo zezwe ezikhona namuhla?
4 Abantu abaningi abakholelwa ukuthi uSathane ukhona. Ngakho, nakuba zingase zibethuse izimo zezwe, abazi ukuthi empeleni zibangelwa uSathane uDeveli. Yiqiniso, usizi oluningi isintu esibhekene nalo lubangelwa yiso ngokwaso. Abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, bakhetha ukungabuswa uMdali wabo. Kusukela ngaleso sikhathi, izizukulwane ezalandela ziqhubeka zenza ngobuwula obukhulu. Kodwa nguDeveli owakhohlisa u-Eva ukuba ahlubuke kuNkulunkulu. Nguye owasungula isimiso sezwe esakhiwa abantu abangaphelele nabafayo futhi uyasilawula. Ngenxa yokuthi ‘ungunkulunkulu walesi simiso sezinto,’ umphakathi wabantu ubonisa izici ezifana nezakhe—ukuqhosha, ukubanga, umhawu, ukuhaha, ukukhohlisa nokuvukela. (2 Kor. 4:4; 1 Thim. 2:14; 3:6; funda uJakobe 3:14, 15.) Lezo zici ziye zaholela ezingxabanweni zezombusazwe nezenkolo, enzondweni, enkohlakalweni nasesiyaluyalwini, okunomthelela omkhulu osizini lwesintu.
5. Yini esifuna ukuyenza ngolwazi oluyigugu esinalo?
5 Yeka ukuthi thina njengezinceku zikaJehova sinolwazi oluyigugu kangakanani! Yebo, siyazi ukuthi ubani obangela ukuwohloka kwezimo zezwe. Ngakho, asizizwa yini sishukumiseleka ukuba sihlanganyele enkonzweni yasensimini ukuze sitshele abantu ukuthi ubani ngokuyinhloko obangela izinkinga? Akusijabulisi yini ukumelela uNkulunkulu weqiniso, uJehova, nokuchazela abanye indlela ayoqeda ngayo uSathane nomaye esintwini?
6, 7. (a) Ubani obangela ukushushiswa kwabakhulekeli beqiniso? (b) Singasilingisa kanjani isibonelo sika-Elihu wasendulo?
6 USathane akabangeli nje kuphela usizi oluningi ezweni, kodwa ubangela nokuphikiswa kwabantu bakaNkulunkulu. Uzimisele ukusivivinya. UJesu Kristu watshela umphostoli uPetru: “Simoni, Simoni, bheka! uSathane uyanifuna ukuze anihlunge njengokolweni nina madoda.” (Luka 22:31) Ngokufanayo, ngamunye wethu olandela ezinyathelweni zikaJesu uyobhekana novivinyo ngandlela-thile. UPetru wafanisa uDeveli ‘nengonyama ebhongayo, efuna engamshwabadela.’ UPawulu naye wathi: “Bonke labo abafisa ukuphila ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kanye noKristu Jesu nabo futhi bayoshushiswa.”—1 Pet. 5:8; 2 Thim. 3:12.
7 Singabonisa kanjani ukuthi sihlale sikhumbula ukuthi ubani isitha sethu sangempela lapho omunye umKristu ehlelwa usizi? Kunokuba sigweme umfowethu ososizini, senza njengo-Elihu wasendulo owakhuluma noJobe njengomngane weqiniso. Siyamsekela ekulweni nesitha sethu uSathane. (IzAga 3:27; 1 Thes. 5:25) Umgomo wethu uwukusiza inceku esikanye nayo ukuba ilondoloze ubuqotho bayo, kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani, futhi ngaleyo ndlela ijabulise inhliziyo kaJehova.
8. Kungani uSathane engaphumelelanga ukwenza uJobe ukuba ayeke ukudumisa uJehova?
8 Into yokuqala uSathane ayenza kuJobe kwaba ukumphuca imfuyo yakhe. Leyo mfuyo yayibalulekile, mhlawumbe eziphilisa ngayo. Kodwa uJobe wayeyisebenzisa nasekukhulekeleni. Ngemva kokuba uJobe engcwelise abantabakhe, “wayevuka ekuseni anikele ngemihlatshelo yokushiswa ngokwesibalo sawo wonke; ngoba, kusho uJobe, ‘mhlawumbe amadodana ami onile futhi athuké uNkulunkulu enhliziyweni yawo.’ UJobe wayenza ngaleyo ndlela ngaso sonke isikhathi.” (Jobe 1:4, 5) Ngakho, ngaso sonke isikhathi wayenikela ngemihlatshelo yezilwane kuJehova, kodwa kwathi kungaqala uvivinyo, akabange esakwazi. Wayengasenazo ‘izinto zenani elikhulu’ ayengadumisa ngazo uJehova. (IzAga 3:9) Kodwa wayesengakwazi ukudumisa uJehova, futhi wamdumisa ngezindebe zakhe!
Hlakulela Ubuhlobo Obuhle NoJehova
9. Iyiphi into eyigugu kunazo zonke ekuphileni kwethu?
9 Kungakhathaliseki ukuthi sicebile noma simpofu, sibasha noma sibadala, siyimiqemane noma sinempilo ebuthaka, sonke singabuhlakulela ubuhlobo obuhle noJehova. Ukuba nobuhlobo obuhle noJehova kuyosenza sikwazi ukulondoloza ubuqotho bethu futhi sijabulise inhliziyo yakhe kungakhathaliseki ukuthi sibhekene naluphi uvivinyo. Ngisho nabantu ababenolwazi oluncane lweqiniso baba nesibindi futhi bagcina ubuqotho babo.
10, 11. (a) Omunye udadewethu wabhekana kanjani novivinyo lobuqotho bakhe? (b) Iyiphi impendulo enamandla lo dade ayinikeza uSathane?
10 Cabanga ngesibonelo sikaDade Valentina Garnovskaya, omunye woFakazi abaningi eRussia owagcina ubuqotho bakhe naphezu kovivinyo olunzima njengoJobe othembekile. Ngo-1945, lapho eneminyaka engaba ngu-20 ubudala, umzalwane othile wamshumayeza. Waphindela kuye kabili ukuze axoxe naye ngeBhayibheli, kodwa ngemva kwalokho akaphindange wambona. Noma kunjalo, uValentina waqala ukushumayeza omakhelwane. Ngenxa yalokho, waboshwa futhi wagwetshwa iminyaka engu-8 ekamu elithile. Ngo-1953, wadedelwa futhi ngokushesha waqala umsebenzi wakhe wokushumayela. Waphinde waboshwa—kulokhu iminyaka eyishumi. Ngemva kokuhlala iminyaka eminingana ekamu elilodwa, wayiswa kwelinye. Kulelo kamu, kwakunodade ababeneBhayibheli. Ngolunye usuku omunye udade wabonisa uValentina iBhayibheli. Yeka ukuthi wajabula kangakanani! Cabanga nje, ukuphela kweBhayibheli uValentina ayeke walibona yilelo elaliphethwe yilowaya mzalwane owamshumayeza ngo-1945!
11 Ngo-1967, uValentina wakhululwa futhi ekugcineni wakwazi ukubonakalisa ukuzinikezela kwakhe kuJehova ngokubhapathizwa emanzini. Wasebenzisa inkululeko yakhe ngokuhlanganyela ngentshiseko enkonzweni kwaze kwaba ngo-1969. Nokho, ngalowo nyaka waphinde waboshwa, futhi kulokhu wagwetshwa iminyaka emithathu ejele. Noma kunjalo, uValentina waqhubeka nokushumayela. Washona ngo-2001, esesize abantu abangu-44 ukuba bazi iqiniso. Wayechithe iminyaka engu-21 emajele nasemakamu. Wayezimisele ukudela yonke into, kuhlanganise nenkululeko yakhe ukuze agcine ubuqotho bakhe. Lapho esezokufa, uValentina wathi: “Angikaze ngibe nendawo yokuhlala ethi mina. Zonke izimpahla zami zazihlala epotimendeni elilodwa, noma kunjalo ngangijabule futhi nganelisekile ngokuthi ngikhonza uJehova.” Yeka impendulo enamandla uValentina ayinika uSathane, owathi abantu ngeke bahlale beqotho kuNkulunkulu lapho bebhekene novivinyo! (Jobe 1:9-11) Singaqiniseka ngokuthi wajabulisa inhliziyo kaJehova nangokuthi uJehova ulangazelela isikhathi lapho eyovusa khona uValentina nabo bonke abaye bafa bethembekile.—Jobe 14:15.
12. Uthando lunayiphi indima ebuhlotsheni bethu noJehova?
12 Ubuhlobo bethu noJehova busekelwe othandweni lwethu ngaye. Siyazazisa izimfanelo zikaNkulunkulu futhi senza konke esingakwenza ukuze siphile ngokuvumelana nezinjongo zakhe. Ngokuphambene nalokho okushiwo uDeveli, sithanda uJehova ngokusuka enhliziyweni nangaphandle kwemibandela. Lolu thando olusuka enhliziyweni luyasiqinisa ukuze silondoloze ubuqotho lapho sibhekene novivinyo. UJehova yena “uyoyiqapha indlela yabathembekileyo bakhe.”—IzAga 2:8; IHu. 97:10.
13. UJehova ukubheka kanjani lokho esimenzela khona?
13 Uthando lusishukumisela ukuba sidumise igama likaJehova, kungakhathaliseki ukuthi izimo zisilinganisela kangakanani. Uyazibona izisusa zethu ezinhle futhi akasahluleli uma sehluleka ukwenza konke ebesingafisa ukukwenza. Okubalulekile akukhona nje lokho esikwenzayo kodwa nesizathu sokukwenza. Ngisho noma uJobe ayesosizini olukhulu futhi abhekana nokuningi, watshela abamangaleli bakhe ukuthi uyazithanda izindlela zikaJehova. (Funda uJobe 10:12; 28:28.) Esahlukweni sokugcina sencwadi kaJobe, uNkulunkulu wathi wayebathukuthelele o-Elifazi, uBhilidadi noSofari ngoba bengakhulumanga iqiniso. Ngesikhathi esifanayo, uJehova wabonisa ukumamukela uJobe ngokumbiza izikhathi ezine ngokuthi “inceku yami” nangokumyala ukuba abancengele laba benzi bokubi. (Jobe 42:7-9) Kwangathi nathi singenza ngendlela eyokwenza uJehova asamukele.
UJehova Uyazisekela Izinceku Zakhe Ezithembekile
14. UJehova wamsiza kanjani uJobe ukuba alungise ukucabanga kwakhe?
14 UJobe walondoloza ubuqotho bakhe nakuba ayengaphelele. Ngezinye izikhathi, lapho ecindezeleke kakhulu, wayeba nombono onganembile. Ngokwesibonelo, wathi kuJehova: “Ngikhala kuwe ngicela usizo, kodwa awungiphenduli . . . Ngamandla aphelele esandla sakho ufukamela inzondo ngami.” Ngaphezu kwalokho, uJobe wakubheka njengokubaluleke kakhulu ukuzibonisa elungile lapho ethi: “Anginaphutha,” wabuye wathi, ‘Abukho ubudlova ezintendeni zezandla zami, futhi umthandazo wami umsulwa.’ (Jobe 10:7; 16:17; 30:20, 21) Naphezu kwalokho, uJehova wamsiza ngomusa uJobe ngokumbuza imibuzo eminingi eyamsiza ukuba angacabangi ngaye ngokwakhe. Yamsiza nokuba abone ngokucace kakhudlwana ukuthi uNkulunkulu mkhulu kakhulu nokuthi umuntu akalutho uma eqhathaniswa naye. UJobe wasamukela isiqondiso futhi waxolisa.—Funda uJobe 40:8; 42:2, 6.
15, 16. UJehova uzisiza kanjani izinceku zakhe namuhla?
15 Nanamuhla, uJehova unikeza izinceku zakhe isiqondiso somusa kodwa futhi esiqinile lapho kudingeka. Ngaphezu kwalokho, kunezibusiso esizijabulelayo. Ngokwesibonelo, uJesu Kristu wenza umhlatshelo wesihlengo, ngaleyo ndlela wabeka isisekelo sokuthethelelwa kwezono. Ngesisekelo salowo mhlatshelo, singaba nobuhlobo obuhle noNkulunkulu naphezu kokungapheleli kwethu. (Jak. 4:8; 1 Joh. 2:1) Lapho sibhekene novivinyo, sithandazela ukuba uNkulunkulu asinike umoya wakhe ongcwele ukuze usisekele futhi usiqinise. Ngaphezu kwalokho, sineBhayibheli eliphelele, futhi uma silifunda futhi sizindle ngelikuqukethe, sizilungiselela uvivinyo lokholo. Ukutadisha kusisiza ukuba siqonde impikiswano yobukhosi bendawo yonke neyobuqotho bethu.
16 Sizuza kakhulu nangokuba ingxenye yabazalwane bomhlaba wonke uJehova abanikeza ukudla okungokomoya okulungiselelwa “inceku ethembekileyo neqondayo.” (Math. 24:45-47) Emabandleni oFakazi BakaJehova angaba ngu-100 000, kuqhutshwa imihlangano esifundisayo futhi isiqinisele ukubhekana novivinyo lokholo. Okuhlangenwe nakho kukaSheila, uFakazi osemusha waseJalimane, kuyisibonelo salokhu.
17. Nikeza isibonelo sokuhlakanipha kokusebenzisa imfundo enikezwa inhlangano kaJehova.
17 Ngolunye usuku esikoleni, uthisha engekho okwesikhashana ekilasini, izingane uSheila afunda nazo zanquma ukudlala i-Ouija board. USheila waphuma masinyane ekilasini, futhi akuzwa kamuva kwamenza wajabula ngokuthi wayehambile. Ngesikhathi besebenzisa i-Ouija board, abanye abafundi bezwa ukuthi kwase kunamademoni ekilasini futhi babaleka bethukile. Nokho, yini eyasiza uSheila ukuba anqume ukuphuma masinyane ekilasini? Uyachaza: “Ngaphambi nje kwalesi senzakalo, eHholo LoMbuso kwakuxoxwe ngezingozi zama-Ouija board. Ngakho ngangikwazi lokho okwakumelwe ngikwenze. Ngangifuna ukujabulisa uJehova, njengoba nje kusho iBhayibheli encwadini yezAga 27:11.” Yeka ukuthi kwamzuzisa kanjani uSheila ukuba semhlanganweni nokulalelisisa!
18. Yini ozimisele ukuyenza?
18 Ngamunye wethu makazimisele ukusebenzisa imfundo esiyinikezwa inhlangano kaNkulunkulu. Ngokuba khona njalo emihlanganweni, ngokufunda iBhayibheli, ngokutadisha izincwadi ezisekelwe kulo nangokuba nobudlelwane namaKristu avuthiwe, sithola isiqondiso nokusekelwa esikudingayo. UJehova ufuna sinqobe, futhi uyaqiniseka ukuthi sizoqhubeka siqotho. Yeka ilungelo esinalo lokudumisa igama likaJehova, lokulondoloza ubuqotho bethu nelokujabulisa inhliziyo yakhe!
Ingabe Uyakhumbula?
• Iziphi izimo novivinyo olubangelwa uSathane?
• Iyiphi into eyigugu kunazo zonke ekuphileni kwethu?
• Ubungane bethu noJehova busekelwephi?
• Iziphi ezinye zezindlela uJehova asisekela ngazo namuhla?
[Isithombe ekhasini 8]
Ingabe ushukumiseleka ukuba uhlanganyele nabanye ulwazi oluyigugu onalo?
[Isithombe ekhasini 9]
Singabasiza abakhulekeli esikanye nabo ukuba balondoloze ubuqotho babo
[Isithombe ekhasini 10]
UValentina wayezimisele ukudela yonke into ukuze alondoloze ubuqotho bakhe