Umvuzo KaJobe—Umthombo Wethemba
“UJehova wabusisa ukugcina kukaJobe kunokuqala kwakhe.”—JOBE 42:12.
1. UJehova ubenzelani abantu bakhe, ngisho nalapho ukulingwa kubenza babe buthaka kakhulu?
UJEHOVA “ungumvuzi walabo abamfunayo.” (Heberu 11:6) Futhi ushukumisa abantu bakhe abazinikele ukuba bafakaze ngesibindi, ngisho noma ukulingwa kuye kwabenza baba buthaka njengabafile. (Jobe 26:5; IsAmbulo 11:3, 7, 11) Lokho kwabonakala kuyiqiniso endabeni kaJobe owayehlupheka. Nakuba ayenyundelwa abaduduzi abathathu bamanga, akazange athuliswe ukwesaba abantu. Kunalokho, wafakaza ngesibindi.
2. Nakuba beye babhekana nokushushiswa nobunzima, oFakazi BakaJehova baye babhekana kanjani ngokuphumelelayo nokulingwa kwabo?
2 OFakazi BakaJehova abaningi bosuku lwanamuhla baye babhekana nokushushiswa nobunzima obukhulu obunjalo kangangokuba baye bacishe bafa nokufa. (2 Korinte 11:23) Nokho, njengoJobe baye babonisa uthando ngoNkulunkulu futhi benza ukulunga. (Hezekeli 14:14, 20) Futhi baye babhekana ngokuphumelelayo nokulingwa bezimisele ukujabulisa uJehova, beqiniselwe ukufakaza ngesibindi, futhi begcwele ithemba loqobo.
UJobe Ufakaza Ngesibindi
3. Hlobo luni lobufakazi uJobe alunikeza enkulumweni yakhe yokugcina?
3 Enkulumweni yakhe yokugcina, uJobe wanikeza ubufakazi obukhulu kunokuba ayenzile ngaphambili. Wabathulisa ngokuphelele abaduduzi bakhe bamanga. Ngokubhinqa okuntinyelayo, wathi: “Usizile kanjani ongenamandla!” (Jobe 26:2) UJobe wababaza uJehova, omandla akhe aphanyeké umhlaba wethu ezeni emkhathini nolengisele amafu agcwele amanzi ngaphezu komhlaba. (Jobe 26:7-9) Nokho, uJobe wathi izimangaliso ezinjalo ‘zingamaphethelo nje ezindlela zikaJehova.’—Jobe 26:14.
4. UJobe wathini ngobuqotho, futhi kungani ayengakhuluma ngaleyondlela?
4 Eqiniseka ngobumsulwa bakhe, uJobe wathi: “Angiyikuzaphuca ukuphelela [ubuqotho, NW] kwami ngize ngife.” (Jobe 27:5) Ngokuphambene nokumangalela okungamanga ayemangalelwa ngakho, wayengenzanga lutho olwalufanele lokho okwamehlela. UJobe wayazi ukuthi uJehova akayizwa imikhuleko yezihlubuki kodwa uyovuza abagcini bobuqotho. Lokhu kungase kusikhumbuze ukuthi ngokushesha ulaka lwe-Armagedoni luyongquzula ababi emandleni abo okubusa, futhi abanakuphunyuka esandleni sikaNkulunkulu esingahawukeli. Kuze kube yilesosikhathi, abantu bakaJehova bayohamba ebuqothweni babo.—Jobe 27:11-23.
5. UJobe wakuchaza kanjani ukuhlakanipha kweqiniso?
5 Cabanga ngalezozihlakaniphi zezwe ezintathu zilalele njengoba uJobe ayebonisa ukuthi umuntu uye wasebenzisa amakhono akhe ukuze athole igolide, isiliva, nenye ingcebo emhlabeni nasolwandle. Wathi: “Kodwa intengo yokuhlakanipha ingaphezu kweyamarubi.” (Jobe 28:18, qhathanisa ne-NW.) Abaduduzi bamanga bakaJobe babengenakukuthenga ukuhlakanipha kweqiniso. Umthombo wakho uMdali womoya ovunguzayo, imvula, umbani, nokuduma. Ngempela, “ukwesaba [uJehova okunenhlonipho] lokhu kungukuhlakanipha; ukusuka ebubini kungukuqonda.”—Jobe 28:28.
6. Kungani uJobe akhuluma ngokuphila kwakhe kwangaphambili?
6 Naphezu kokuhlupheka kwakhe, uJobe akazange ayeke ukukhonza uJehova. Kunokuba ishiye oPhezukonke, lendoda yobuqotho yalangazelela ‘ubuhlobo bayo bangaphambili noNkulunkulu.’ (Jobe 29:4) UJobe wayengazigabisi lapho elandisa indlela ‘akhulula ngayo abampofu, wembatha ukulunga, waba nguyise wabampofu.’ (Jobe 29:12-16) Kunalokho, wayebhekisela emaqinisweni okuphila kwakhe njengenceku ethembekile kaJehova. Ingabe uye wazakhela umlando omuhle kanjalo? Yiqiniso, uJobe futhi wayedalula ukungabi naqiniso kokumangalelwa okwakwenziwa yilababakhohlisi abathathu abanobuzenzisi.
7. UJobe wayeluhlobo luni lomuntu?
7 UJobe wahlekwa izinsizwa ‘oyise ayengasoze ababeka naphakathi kwezinja zezimvu zakhe.’ Wayenyanywa futhi ekhafulelwa ngamathe. Nakuba ayehlupheka kakhulu, uJobe akazange akhathalelwe. (Jobe 30:1, 10, 30) Nokho, ngenxa yokuthi wayezinikele ngokuphelele kuJehova, wayenonembeza ohlanzekile futhi wayengase athi: “Mangilinganiswe ngesilinganiso esilungileyo, ukuze uNkulunkulu azi ukuphelela kwami.” (Jobe 31:6) UJobe wayengesona isiphingi noma umsongozi wamacebo, futhi wayengazange ahluleke ukusiza abampofu. Nakuba ayecebile, akazange neze athembele engcebweni yezinto ezibonakalayo. Ngaphezu kwalokho, uJobe akazange ahileleke ekukhonzeni izithombe ngokukhulekela izinto ezingaphili ezinjengenyanga. (Jobe 31:26-28) Ethembela kuNkulunkulu, wabeka isibonelo esihle njengomgcini wobuqotho. Naphezu kwakho konke ukuhlupheka kwakhe nokuba khona kwabaduduzi bamanga, uJobe wazivikela ngobuciko futhi wanikeza ubufakazi obuhle kakhulu. Eseqedile ukukhuluma, wabheka kuNkulunkulu njengoMahluleli noMvuzi wakhe.—Jobe 31:35-40.
U-Elihu Uyakhuluma
8. Wayengubani u-Elihu, futhi wayibonisa kanjani inhlonipho nesibindi?
8 Eduze kwakunensizwa u-Elihu, engeyozalo lwendodana kaNahori uBuzi futhi ngaleyondlela iyisihlobo esingasondele kangako somngane kaJehova u-Abrahama. (Isaya 41:8) U-Elihu wabonisa inhlonipho ngamadoda amadala ngokulalela nhlangothi zombili zalenkulumo-mpikiswano. Nokho, wakhuluma ngesibindi ngokuphathelene nezinto ababenza iphutha kuzo. Ngokwesibonelo, ulaka lwakhe lwavuthela uJobe ngokuba “wazithetha yena kunoNkulunkulu.” U-Elihu wayethukuthelele ikakhulukazi abaduduzi bamanga. Izinkulumo zabo zazibonakala ziphakamisa uNkulunkulu kodwa eqinisweni zazimhlambalaza ngokuthatha uhlangothi lukaSathane kulempikiswano. ‘Egcwele amazwi’ futhi eshukunyiswa umoya ongcwele, u-Elihu wayengufakazi kaJehova ongakhethi-buso.—Jobe 32:2, 18, 21.
9. U-Elihu wasinikeza kanjani isibonakaliso sokubuyiselwa kukaJobe?
9 UJobe wayekhathazeke kakhulu ngokulwelwa kwakhe siqu kunokukaNkulunkulu. Eqinisweni, wayebangisana noNkulunkulu. Nokho, njengoba umphefumulo kaJobe wawususondela ekufeni, kwakunesibonakaliso sokubuyiselwa. Kanjani? Phela, u-Elihu washukunyiswa ukuba athi uJehova wayemthandile uJobe ngalesisigijimi: “Mkhulule ukuba angehleli egodini, sengitholile ihlawulo, inyama yakhe ibentsha kuneyomntwana, abuyele emihleni yobusha bakhe.”—Jobe 33:24, 25.
10. UJobe wayezovivinywa ngezinga elingakanani, kodwa yini esingaqiniseka ngayo uma kucatshangelwa eyoku-1 Korinte 10:13?
10 U-Elihu walungisa inkulumo kaJobe yokuthi akuzuzisi ukujabula ngoNkulunkulu ngokugcina ubuqotho. U-Elihu wathi: “Makube-kude noNkulunkulu ukuba enze okubi, nakuSomandla ukuba enze ukona. Ngokuba uyabuyisela kumuntu njengokwenza kwakhe.” UJobe wenza ngamawala ngokugcizelela ukulunga kwakhe, kodwa wenza kanjalo engenalwazi olwanele nokuqonda. U-Elihu wenezela: “Sengathi uJobe angavivinywa kuze kube-sekupheleni ngokuba uphendula njengabantu ababi.” (Jobe 34:10, 11, 35, 36) Ngokufanayo, ukholo nobuqotho bethu kungaqinisekiswa ngokugcwele kuphela uma ngandlela-thile ‘sivivinywa kuze kube sekupheleni.’ Nakuba kunjalo, uBaba wethu onothando wasezulwini akanakuvuma ukuba silingwe ngaphezu kwalokho esingakubekezelela.—1 Korinte 10:13.
11. Lapho sivivinywa kakhulu, yini okufanele siyikhumbule?
11 Njengoba u-Elihu ayeqhubeka, wabonisa futhi ukuthi uJobe wayegcizelela kakhulu ukulunga kwakhe. Ukunakekela kufanele kugxiliswe kuMenzi wethu Omuhle. (Jobe 35:2, 6, 10) UNkulunkulu “akenzi ukuba omubi aphile, kepha abampofu uyabanika ukwahlulelwa,” kusho u-Elihu. (Jobe 36:6) Akekho ongasola indlela kaNkulunkulu futhi athi ubengalungile. Uphakeme kakhulu kunalokho esingase sikwazi, futhi iminyaka yakhe ayinasiphelo ngokungaphenyekiyo. (Jobe 36:22-26) Lapho uvivinywa kakhulu, khumbula ukuthi uNkulunkulu wethu ohlala phakade ulungile futhi uyosivuza ngemisebenzi yethu yokwethembeka eletha udumo kuye.
12. Amazwi ka-Elihu okuphetha abonisani ngokukhipha kukaNkulunkulu isahlulelo kwababi?
12 Lapho u-Elihu esakhuluma, isivunguvungu sasivunguza. Njengoba sisondela, inhliziyo yakhe yaqala ukugxumagxuma nokuthuthumela. Wakhuluma ngezinto ezinkulu ezenziwa uJehova wayesethi: “Beka indlebe kulokhu, Jobe; yima, uqonde izimangaliso zikaNkulunkulu.” NjengoJobe, kudingeka sicabangele imisebenzi kaNkulunkulu emangalisayo nesithunzi esisabekayo. “USomandla singemqonde,” kusho u-Elihu. “Mkhulu ngamandla nangokwahlulela; ngokulunga kwakhe okukhulu akoni-lutho. Ngalokho abantu bayamesaba.” (Jobe 37:1, 14, 23, 24) Amazwi ka-Elihu okuphetha asikhumbuza ukuthi lapho uNkulunkulu ngokushesha ekhipha isahlulelo kwababi, akanakubululaza ubulungisa nokulunga futhi uyolondoloza labo abamesabayo njengabakhulekeli bakhe abamhloniphayo. Yeka ilungelo okuyilo ukuba phakathi kwabagcini bobuqotho abanjalo abaqaphela uJehova njengoMbusi Wendawo Yonke! Khuthazela njengoJobe, futhi ungalokothi uvumele uDeveli akususe endaweni yakho ebusisekile phakathi kwalezizixuku ezijabulayo.
UJehova Uphendula UJobe
13, 14. (a) UJehova waqala ukubuza uJobe ngokuphathelene nani? (b) Imaphi amaphuzu angase afundwe kweminye imibuzo uNkulunkulu ayibuza uJobe?
13 Yeka ukuthi kumelwe ukuba uJobe wamangala kanjani lapho uJehova ekhuluma naye esesivunguvungwini! Lesosivunguvungu sasiyisenzo sikaNkulunkulu, ngokungafani nomoya omkhulu uSathane awusebenzisa ukuze awise indlu futhi abulale izingane zikaJobe. UJobe wayengenamazwi njengoba uNkulunkulu ayebuza: “Wawukuphi, lapho ngasekela umhlaba, na? . . . Ngubani owabeka itshe lawo legumbi, lapho izinkanyezi zokusa zahlabelela kanyekanye, nawo onke amadodana kaNkulunkulu ajabula, na?” (Jobe 38:4, 6, 7) UJehova wabuza uJobe imibuzo eminingi ngokuphathelene nolwandle, ingubo yalo engamafu, intathakusa, amasango okufa, ukukhanya nobumnyama, nomumo wezinkanyezi. Inkukhu yayinqunywe umlomo kuJobe lapho ebuzwa: “Uyazazi izimiso zasezulwini . . . na?”—Jobe 38:33.
14 Eminye imibuzo yabonisa ukuthi ngaphambi kokuba umuntu adalwe futhi anikezwe ukubusa phezu kwezinhlanzi, izinyoni, izilwane, nezinto ezinwabuzelayo, uNkulunkulu wayezinakekela—engasizwa futhi engalulekwa muntu. Eminye imibuzo kaJehova yabhekisela ezidalweni ezinjengenyathi, intshe, nehhashi. UJobe wabuzwa: “Ukhozi lwenyukela phezulu ngezwi lakho, lwakhe isidleke salo phezulu, na?” (Jobe 39:27) Lutho neze! Cabanga ngokusabela kukaJobe lapho uNkulunkulu embuza: “Osolayo uyakuphikisana noSomandla na?” Akumangalisi ukuthi kungani uJobe athi: “Bheka, angiyinto yalutho; ngingakuphendula ngokuthini na? Ngibeka isandla sami emlonyeni wami.” (Jobe 40:2, 4) Njengoba uJehova elungile njalo, uma kungenzeka silingelwe ekubeni sikhononde ngaye, kufanele ‘sibeke isandla sethu emlonyeni wethu.’ Futhi imibuzo kaNkulunkulu yaphakamisa ukuphakama, isithunzi, namandla akhe, njengoba kuboniswe endalweni.
UBehemoti NoLeviyathani
15. Ngokuvamile uBehemoti ucatshangelwa njengasiphi isilwane, futhi iziphi ezinye zezici zakhe?
15 Ngokulandelayo uJehova ukhuluma ngoBehemoti, ngokuvamile ocatshangelwa njengemvubu. (Jobe 40:15-24) Njengoba siphawuleka ngobukhulu baso obukhulu kakhulu, isisindo esikhulu, nesikhumba esiqatha, lesisilwane esiphila ngohlaza ‘sidla utshani.’ Imithombo yamandla aso isezinqulwini nasemisipheni yesisu saso. Amathambo ezinyawo zaso aqine “njengemibhobho yethusi.” UBehemoti akethuki emifuleni eyizikhukhula kodwa ubhukuda kalula nje aphambane nokugeleza kwamanzi.
16. (a) Isiphi isilwane esifanelwa incazelo kaLeviyathani, futhi ayini amaqiniso athile ngokuphathelene naye? (b) Yini engase isikiselwe amandla kaBehemoti noLeviyathani ngokuphathelene nokufezwa kwezabelo enkonzweni kaJehova?
16 UNkulunkulu wabuye wabuza uJobe: “Ungakhipha uLeviyathani ngodobo, ucindezele phansi ulimi lwakhe ngentambo, na?” Incazelo kaLeviyathani ifanela ingwenya. (Jobe 41:1-34) Akasoze enza isivumelwano sokuthula nanoma ubani, futhi akukho muntu ohlakaniphile ongaba nesibindi sokuvusa lomhuquzeli. Akaxoshwa imicibisholo, futhi “uyahleka ukugunquza kwengcula.” ULeviyathani ovuk’ umbhejazane wenza inzulu ibile njengekhanzi. Iqiniso lokuthi uLeviyathani noBehemoti babenamandla kakhulu kunoJobe lasiza ekumenzeni athobeke. Nathi ngokuzithoba kumelwe siqaphele ukuthi asinawo amandla ngokwethu. Sidinga ukuhlakanipha namandla okunikezwa uNkulunkulu ukuze siphunyuke emazinyweni kaSathane, iNyoka, futhi sifeze izabelo zethu enkonzweni kaJehova.—Filipi 4:13; IsAmbulo 12:9.
17. (a) UJobe ‘wambuka kanjani uNkulunkulu’? (b) Yini eyafakazelwa imibuzo uJobe angakwazanga ukuyiphendula, futhi lokhu kungasisiza kanjani?
17 Ethotshiswé ngokuphelele, uJobe wawuqaphela umbono wakhe oyiphutha futhi wavuma ukuthi wayekhulumé ngokungabi nalwazi. Nokho, wayebonise ukholo ngokuthi ‘uyakumbuka uNkulunkulu.’ (Jobe 19:25-27) Kwakungenzeka kanjani lokho, njengoba kungekho muntu ongabona uJehova aphile? (Eksodusi 33:20) Eqinisweni, uJobe wabona ukubonakaliswa kwamandla aphezulu, wezwa izwi likaNkulunkulu, futhi amehlo akhe okuqonda avulwa ukuze abone iqiniso ngoJehova. Ngakho-ke uJobe ‘wazinenga futhi wazisola othulini nasemlotheni.’ (Jobe 42:1-6) Imibuzo eminingi angakwazanga ukuyiphendula yayifakazele ukuphakama kukaNkulunkulu futhi yayibonise ubuncane bomuntu, ngisho nomuntu ozinikele kuJehova njengoba kwakunjalo ngoJobe. Lokhu kusisiza ukuba sibone ukuthi akumelwe sibeke izithakazelo zethu ngaphezu kokungcweliswa kwegama likaJehova nokulwelwa kobukhosi bakhe. (Mathewu 6:9, 10) Kufanele sikhathalele kakhulu ukugcina ubuqotho kuJehova nokudumisa igama lakhe.
18. Yini abaduduzi bamanga bakaJobe okwadingeka bayenze?
18 Nokho, kuthiwani ngabaduduzi bamanga ababezibona belungile? UJehova wayengababulala ngokufanele o-Elifazi, uBilidadi, noSofari ngokungakhulumi iqiniso ngaye, njengoba kwakwenze uJobe. “Zithatheleni izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa, niye encekwini yami uJobe,” kusho uNkulunkulu, “nizinikelele ngazo zibe-ngumnikelo wokushiswa; uJobe inceku yami uyakunikhulekela.” Lababantu abathathu kwadingeka bazithobe ukuze bavumelane nalokho. UJobe ogcina ubuqotho kwakumelwe abakhulekele, futhi uJehova wawamukela umkhuleko wakhe. (Jobe 42:7-9) Kodwa kuthiwani ngomkaJobe, owayemnxuse ukuba athuke uNkulunkulu afe? Kubonakala sengathi wabuyisana naye ngomusa kaNkulunkulu.
Imivuzo Ethenjisiwe Isinikeza Ithemba
19. Ngokuphathelene noJobe, uJehova wakubonisa kanjani ukuphakama kwaKhe ngaphezu kukaDeveli?
19 Ngokushesha nje lapho uJobe eseyekile ukukhathazeka ngokuhlupheka kwakhe futhi esevuselelwe enkonzweni kaNkulunkulu, uJehova waguqula izimo zikaJobe. Ngemva kokuba uJobe esethandazele lababantu abathathu, uNkulunkulu ‘wambuyisa ekuhluphekeni’ futhi wamnikeza ‘konke ayenakho ngokukuphinda kabili.’ UJehova wabonisa ukuphakama kwaKhe ngaphezu kukaDeveli ngokuvimba isandla sikaSathane esibangela izifo nangokuphulukisa uJobe ngokuyisimangaliso. UNkulunkulu wabuye wavimbela amabutho amademoni futhi wawadedisela kude ngokuphinde avikele uJobe nxazonke ngokukanisisa izingelosi zaKhe.—Jobe 42:10; IHubo 34:7.
20. Kungaziphi izindlela uJehova avuza futhi wabusisa ngazo uJobe?
20 Abafowabo, odadewabo, nabangane bakaJobe bangaphambili beza ukuzodla naye, bazwelana naye, futhi bamduduza ngosizi uJehova ayevumele ukuba lumehlele. Ngamunye wabo wanikeza uJobe imali nendandatho yegolide. UJehova wakubusisa kakhulu ukugcina kukaJobe kunokuqala kwakhe, kangangokuba waba nezimvu ezingu-14 000, amakamela angu-6 000, amabhangqa ezinkabi angu-1 000, nezimbongolokazi ezingu-1 000. UJobe wabuye waba namadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu, inani elifana nalelo ayenalo ngaphambili. Amadodakazi akhe—uJemima, uKesiya, noKereni-Haphuki—ayengabesifazane abahle ukubedlula bonke ezweni, futhi uJobe wawanikeza ifa phakathi kwabafowabo. (Jobe 42:11-15) Ngaphezu kwalokho, uJobe waphila eminye iminyaka engu-140 futhi wabona izizukulwane ezine zenzalo yakhe. Lokhu kulandisa kuphetha ngokuthi: “Wafa-ke uJobe esemdala, esanelisiwe yizinsuku.” (Jobe 42:16, 17) Ukunwetshwa kokuphila kwakhe kwakuwumsebenzi omangalisayo kaJehova uNkulunkulu.
21. Ukulandisa okungokomBhalo okuphathelene noJobe kusisiza kanjani, futhi yini okufanele sizimisele ukuyenza?
21 Ukulandisa okungokomBhalo okuphathelene noJobe kusenza siwaqaphele ngokwengeziwe amacebo kaSathane futhi kusisiza ukuba sibone indlela ubukhosi bendawo yonke obuhlobene ngayo nobuqotho bomuntu. NjengoJobe, bonke abathanda uNkulunkulu bayovivinywa. Kodwa singakhuthazela njengoJobe. Waphumelela ekulingweni kwakhe enokholo nethemba, futhi wathola imivuzo eminingi. Njengezinceku zikaJehova namuhla, sinokholo nethemba leqiniso. Futhi yeka ithemba elihle uMvuzi Omkhulu alibeke phambi kwethu ngabanye! Ukukhumbula umvuzo wasezulwini kuyosiza abagcotshiwe ukuba bakhonze uNkulunkulu ngokwethembeka kukho konke ukuphila kwabo emhlabeni. Abaningi abanamathemba okuphila emhlabeni abasoze bafa nanini, kodwa labo abafayo bayovuzwa ngokuvuselwa ePharadesi emhlabeni, kanye noJobe ngokwakhe. Benethemba elinjalo elingokoqobo enhliziyweni nasengqondweni, makuthi bonke abathanda uNkulunkulu babonakalise uSathane engumqambimanga ngokuma beqinile ngasohlangothini lukaJehova njengabagcini bobuqotho nabasekeli abazinikele bobukhosi bakhe bendawo yonke.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Imaphi amaphuzu avezwa uJobe empendulweni yakhe yokugcina ayinikeza abaduduzi bakhe bamanga?
◻ U-Elihu wazibonakalisa kanjani engufakazi kaJehova ongakhethi-buso?
◻ Imiphi eminye yemibuzo uNkulunkulu ayibuza uJobe, futhi yaba namuphi umphumela?
◻ Uye wazuza kanjani ekulandiseni okungokomBhalo okuphathelene noJobe?
[Izithombe ekhasini 18]
Amazwi kaJehova ngokuphathelene noBehemoti noLeviyathani asiza ekwenzeni ukuba uJobe athobeke