‘Amehlo KaJehova Akhanyayo’ Ahlola Konke
‘Amehlo kaJehova akhanyayo ahlola abantwana babantu.”—IHU. 11:4.
1. Sidonseleka kubantu abanjani?
UZIZWA kanjani ngabantu abanesithakazelo esiqotho kuwe? Uma ucela umbono wabo ngokuthile, abaqambi amanga. Lapho udinga usizo, bakusiza ngenhliziyo emhlophe. Lapho udinga iseluleko, bakunikeza sona ngothando. (IHu. 141:5; Gal. 6:1) Awuzizwa yini udonseleka kubantu abanjalo? UJehova neNdodana yakhe banjalo. Empeleni, isithakazelo abanaso kuwe sidlula esanoma imuphi umuntu, futhi isisusa sabo asinabugovu; bafuna ukukusiza ukuba ‘ubambisise ukuphila kwangempela.’—1 Thim. 6:19; IsAm. 3:19.
2. Singakanani isithakazelo uJehova anaso ezincekwini zakhe?
2 Umhubi uDavide wabonisa ukuthi uJehova unesithakazelo esijulile kithi lapho ethi: “Amehlo [kaJehova] ayabona, amehlo akhe akhanyayo ahlola abantwana babantu.” (IHu. 11:4) Yebo, uJehova akamane nje asibuke; uyasihlola. Nakhu okunye uDavide akubhala: “Uyihlolile inhliziyo yami, uhlolile ebusuku, . . . uzothola ukuthi angizange ngicebe amacebo.” (IHu. 17:3) Kusobala ukuthi uDavide wayazi ukuthi uJehova unesithakazelo esijulile kuye. Wayazi ukuthi uma ayehlala ecabanga imicabango emibi noma eba nenhliziyo eceba amacebo, wayeyozwisa uJehova ubuhlungu, kwenze angamjabuleli. Ingabe uJehova ungokoqobo kuwe njengoba ayenjalo kuDavide?
UJehova Ufunda Inhliziyo
3. UJehova ubonisa kanjani ukuthi uyalinganisela endleleni abheka ngayo ukungapheleli kwethu?
3 UJehova unesithakazelo kakhulu kumuntu ongaphakathi—lokho esiyikho ngempela enhliziyweni. (IHu. 19:14; 26:2) Ngenxa yothando analo, akagxili emaphutheni amancane. Ngokwesibonelo, lapho uSara, umka-Abrahama, engakhulumi iqiniso eliphelele engelosini eyayibonakale kuye ingumuntu, kubonakala ingelosi yabona ukuthi wayesaba futhi enamahloni, ngakho yavele yamkhuza ngamazwi athambile. (Gen. 18:12-15) Lapho uJobe, inzalamizi, ethi “umphefumulo wakhe ulungile kunokuba athi nguNkulunkulu olungile,” uJehova akazange amgodlele isibusiso ngoba wayazi ukuthi uSathane wayemvivinye kakhulu. (Jobe 32:2; 42:12) Ngokufanayo, uJehova akazange aphatheke kabi ngamazwi angagunci umfelokazi waseZarefati awasho kumprofethi u-Eliya. UNkulunkulu waqonda ukuthi wayesosizini olukhulu njengoba kwakushone okuwukuphela kwengane ayenayo.—1 AmaKh. 17:8-24.
4, 5. UJehova wawubonisa kanjani umusa endleleni asebenzelana ngayo no-Abhimeleki?
4 Ngenxa yokuthi uJehova uhlola inhliziyo uye wababonisa umusa ngisho nabangakholwa. Cabanga ngendlela asebenzelana ngayo no-Abhimeleki, inkosi yomuzi wamaFilisti, iGerari. Engazi ukuthi u-Abrahama noSara bashadile, u-Abhimeleki wathatha uSara ukuba abe umkakhe. Nokho, ngaphambi kokuba alale noSara, uJehova wakhuluma naye ephusheni: “Nami ngazile ukuthi ukwenzé ngokwethembeka kwenhliziyo yakho, futhi bengikuvimbile ukuba ungoni kimi. Yingakho ngingakuvumelanga ukuba umthinte. Kodwa manje buyisela umfazi wale ndoda, ngoba ingumprofethi, futhi izokunxusela. Ngakho qhubeka uphila.”—Gen. 20:1-7.
5 Ngokuqinisekile, uJehova wayengamjezisa kabuhlungu u-Abhimeleki, umkhulekeli wonkulunkulu bamanga. Kodwa wabona ukuthi le ndoda yayingenzanga bugebengu kulesi senzakalo. Wakucabangela ngomusa lokhu, wabe esetshela le nkosi indlela yokuthola intethelelo futhi ‘iqhubeke iphila.’ Ingabe lona akayena yini uNkulunkulu othanda ukumkhulekela?
6. UJesu wamlingisa ngaziphi izindlela uYise?
6 UJesu wamlingisa ngokuphelele uYise, wagxila ebuhleni babafundi bakhe futhi wayeshesha ukuthethelela amaphutha abo. (Marku 10:35-45; 14:66-72; Luka 22:31, 32; Joh. 15:15) Isimo sengqondo sikaJesu sasivumelana namazwi akhe akuJohane 3:17: “UNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ezweni, kungekhona ukuba yahlulele izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo.” Yebo, uthando uJehova noJesu abanalo ngathi lujulile futhi alupheli. Lubonakala esifisweni sabo sokuba sithole ukuphila. (Jobe 14:15) Lolu thando lusenza siqonde ukuthi kungani uJehova esihlola futhi siqonde indlela asibheka nasabela ngayo kulokho akubonayo.—Funda eyoku-1 Johane 4:8, 19.
UJehova Usihlola Ngoba Esithanda
7. UJehova usibheka ngayiphi injongo?
7 Yeka indlela okungafaneleki ngayo-ke ukubheka uJehova njengephoyisa elisezulwini elisibuka liphezulu ukuze lisibambe oqotsheni! NguSathane ongasethembi futhi osibeka izici. (IsAm. 12:10) Uze athi sinezisusa ezimbi, esho ehubhuza amanga! (Jobe 1:9-11; 2:4, 5) Nakhu umhubi akusho ngoNkulunkulu: “O Jah, ukube ububheka iziphambeko, Jehova ubani obengama?” (IHu. 130:3) Impendulo esobala yalo mbuzo ithi, Akekho! (UmSh. 7:20) Kunokuba abheke iziphambeko zethu, uJehova usibheka ngamehlo anesihe nanomusa, afana nawomzali okhathalelayo ofuna ukuvikela izingane zakhe azithandayo ekulimaleni. Usiqaphelisa njalo ngokungapheleli nangobuthaka bethu ukuze sigweme ukuzilimaza.—IHu. 103:10-14; Math. 26:41.
8. UJehova uzifundisa futhi aziyale kanjani izinceku zakhe?
8 UNkulunkulu ubonisa uthando lwakhe ngemfundo nangesiyalo akunikeza ngemiBhalo nangokudla okungokomoya okwabiwa “inceku ethembekileyo neqondayo.” (Math. 24:45; Heb. 12:5, 6) UJehova usisiza nangebandla lobuKristu ‘nangezipho zalo ezingabantu.’ (Efe. 4:8) Ngaphezu kwalokho, uJehova uyasibheka ukuze abone indlela esisabela ngayo ekuqeqesheni kwakhe njengobaba wethu, futhi ufuna ukusisiza nangezinye izindlela. IHubo 32:8 lithi: “Ngizokwenza ube nokuqondisisa ngikufundise indlela okufanele uhambe ngayo. Ngiyonika iseluleko iso lami likubhekile.” Yeka indlela okubaluleke ngayo-ke ukuba simlalele ngaso sonke isikhathi uJehova! Kudingeka sihlale sithobekile phambi kwakhe, sazi ukuthi unguMfundisi noBaba wethu onothando.—Funda uMathewu 18:4.
9. Iziphi izici okumelwe sizigweme, futhi ngani?
9 Ngakolunye uhlangothi, kwangathi singelokothe sivumele ukuqhosha, ukuntula ukholo, ‘namandla okukhohlisa esono’ kusenze sibe nenhliziyo elukhuni. (Heb. 3:13; Jak. 4:6) Ngokuvamile, lezi zici ziqala lapho umuntu efukamela imicabango noma izifiso ezingcolile. Angase afike ngisho naseqophelweni lokwenqaba iseluleko semiBhalo esifanele. Okubi nakakhulu, angase angafuni ukushintsha isimo sakhe sengqondo esibi noma izindlela zakhe ezimbi aze azenze isitha sikaNkulunkulu—isimo esethusa ngempela! (IzAga 1:22-31) Cabanga ngesibonelo sikaKhayini, izibulo lika-Adamu no-Eva.
UJehova Ubona Konke, Athathe Isinyathelo Esifanele
10. Kungani uJehova engawamukelanga umnikelo kaKhayini, futhi uKhayini wasabela kanjani?
10 Lapho uKhayini no-Abela beletha iminikelo yabo kuJehova, akazange abe nesithakazelo eziphweni zabo kuphela, kodwa nasezisuseni zabo. Ngenxa yalokho, uNkulunkulu wabonisa ukuthi wamukela umnikelo ka-Abela, awunikela ngokholo, kodwa akawamukelanga okaKhayini, ngandlela-thile owawubonisa ukuntula ukholo. (Gen. 4:4, 5; Heb. 11:4) Kunokufunda kuleso senzakalo futhi ashintshe isimo sakhe sengqondo, uKhayini wathukuthelela umfowabo kakhulu.—Gen. 4:6.
11. UKhayini wabonisa kanjani ukuthi inhliziyo yakhe yayiyimbi, futhi isiphi isifundo esisitholayo?
11 UJehova wasibona lesi simo sengqondo sikaKhayini esiyingozi futhi wakhuluma naye ngomusa, embonisa ukuthi uma enza okuhle uyophakanyiswa. Okudabukisayo ukuthi uKhayini wasishaya indiva iseluleko soMdali wakhe, wabulala umfowabo. Inhliziyo kaKhayini embi yabonakala nasendleleni aphendula ngayo ngendelelo lapho uNkulunkulu embuza: “Uphi u-Abela umfowenu?” Waphendula ngentukuthelo: “Angazi. Ngingumqaphi womfowethu yini mina?” (Gen. 4:7-9) Yeka indlela inhliziyo engakhohlisa ngayo—kuze kube ngisho naseqophelweni lokungasinaki iseluleko esivela kuNkulunkulu ngokuqondile! (Jer. 17:9) Ngakho-ke, masifunde kulezi zindaba futhi sisheshe siyilahle imicabango nezifiso ezingalungile. (Funda uJakobe 1:14, 15.) Uma sithola iseluleko esingokomBhalo, kwangathi singasazisa, sisibheke njengobufakazi bothando lukaJehova.
Asikho Isono Esifihlekile
12. UJehova usabela kanjani lapho umuntu enza ububi?
12 Abanye bangase bacabange ukuthi uma bengabonwa muntu lapho benza okubi, ngeke bajeziswe. (IHu. 19:12) Empeleni asikho isono esifihlekile. “Zonke izinto zíze futhi zenekwe obala emehlweni alowo esiyolandisa kuye.” (Heb. 4:13) UJehova unguMahluleli ohlola izisusa zethu ezijule kakhulu, futhi indlela asabela ngayo lapho umuntu enza ububi ibonisa ukuthi unobulungisa obuphelele. ‘UnguNkulunkulu onesihe nomusa, owephuza ukuthukuthela nochichima umusa wothando neqiniso.’ Noma kunjalo, ‘ngeke neze abakhulule esijezisweni’ abantu abangaphenduki—‘abenza isono ngamabomu’ noma abaceba iziphambeko ngobuqili. (Eks. 34:6, 7; Heb. 10:26) Leli qiniso labonakala endleleni uJehova asebenzelana ngayo no-Akhani kanye no-Ananiya noSafira.
13. Ukucabanga okungalungile kubonakala kwaba kanjani nomthelela esonweni sika-Akhani?
13 U-Akhani wephula umthetho kaNkulunkulu ngokuqondile, wazithathela impango emzini waseJeriko wayifihla etendeni lakhe, cishe nomkhaya wakhe wazi ngalokhu. Lapho isono sakhe sivezwa obala, u-Akhani wabonisa ukuthi wayebona ukuthi wayenze into embi kangakanani, ngoba wathi: “Ngonile kuJehova.” (Josh. 7:20) NjengoKhayini, u-Akhani wavumela ukuba inhliziyo yakhe ibe yimbi. Ukuhaha yikona ngokuyinhloko okwamshukumisa futhi kwaba nomthelela ekukhohliseni kwakhe. Njengoba impango yaseJeriko kwakungekaJehova, empeleni u-Akhani wayentshontsha okungokukaNkulunkulu, futhi lokhu kwaholela ekufeni kwakhe nomkhaya wakhe.—Josh. 7:25.
14, 15. Kungani u-Ananiya noSafira bafanelwa isijeziso sikaNkulunkulu, futhi isiphi isifundo esisitholayo?
14 U-Ananiya nomkakhe uSafira babengamalungu ebandla lamaKristu lekhulu lokuqala eJerusalema. Ngemva kwePhentekoste lika-33 C.E., kwavulwa isikhwama sokunakekela izidingo zababesanda kuba amakholwa ababevela ezindaweni ezikude ababesahlezi eJerusalema. Lesi sikhwama sasisekelwa ngeminikelo yokuzithandela. U-Ananiya wathengisa insimu futhi wanikela ngengxenye yemali kulesi sikhwama. Nokho, nomkakhe azi, waqamba amanga wathi wayenikele ngayo yonke imali ayethengise ngayo insimu. Akungabazeki ukuthi lo mbhangqwana wawufuna ukuqashelwa ngaphezu kwabanye ebandleni. Kodwa owakwenza kwakuwukukhohlisa. UJehova wembulela umphostoli uPetru ngendlela eyisimangaliso ngokukhohlisa kwabo, owabe esebuza u-Ananiya ngalesi sono. U-Ananiya wawela khona lapho wafa. Ngemva nje kwalokho, noSafira wafa.—IzE. 5:1-11.
15 U-Ananiya noSafira abazange bahlulwe ubuthaka nje obafika ngaleso sikhathi. Bahlela futhi baqamba amanga ukuze bakhohlise abaphostoli. Okubi nakakhulu ukuthi ‘bakhohlisa umoya ongcwele noNkulunkulu.’ Indlela uJehova asabela ngayo ibonisa ngokucacile ukuthi angenza noma yini ukuze avikele ibandla kubazenzisi. Ngempela, “kuyinto esabekayo ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo”!—Heb. 10:31.
Londoloza Ubuqotho Zikhathi Zonke
16. (a) USathane uzama kanjani ukonakalisa abantu bakaNkulunkulu? (b) Iziphi izindlela ezisetshenziswa uDeveli ukuze onakalise abantu endaweni ohlala kuyo?
16 USathane wenza konke angakwenza ukuze asonakalise futhi asenze singamukeleki kuJehova. (IsAm. 12:12, 17) Izinhloso ezimbi zikaDeveli sizibona ngokucacile ezweni elihlanyiswa ukuziphatha okubi kobulili nobudlova. Izithombe ezingcolile zobulili manje sezitholakala kalula kuma-computer noma kwezinye izinto zobuchwepheshe. Kwangathi singelokothe sinqotshwe ukuhlasela kukaSathane. Kunalokho, kwangathi singazizwa njengomhubi uDavide, owabhala: “Ngizokwenza ngokuqonda ngendlela engenaphutha. . . . Ngizohambahamba ngobuqotho benhliziyo yami ngaphakathi endlini yami.”—IHu. 101:2.
17. (a) Kungani uJehova eziveza obala izono ngokuhamba kwesikhathi? (b) Yini okufanele sizimisele ukuyenza?
17 Namuhla, uJehova akazivezi ngokuyisimangaliso izono ezingathí sina nokukhohlisa njengoba ayenza ngezinye izikhathi endulo. Noma kunjalo, ubona konke, futhi ngesikhathi sakhe nangendlela yakhe uyazidalula izinto ezifihliwe. UPawulu wathi: “Izono zabanye abantu zibonakala obala, ziholela ngokuqondile ekwahlulelweni, kodwa abanye abantu izono zabo nazo zibonakala kamuva.” (1 Thim. 5:24) Isizathu esiyinhloko esenza uJehova azibeke obala izenzo ezimbi uthando. Uthanda ibandla futhi ufuna ukuligcina lihlanzekile. Ngaphezu kwalokho, ubabonisa isihe labo abaye banqotshwa isono, kodwa asebephenduke ngobuqotho. (IzAga 28:13) Ngakho, masilwele ukuba inhliziyo yethu ihlale iphelele kuNkulunkulu, senqabe wonke amathonya onakalisayo.
Londoloza Inhliziyo Ephelele
18. INkosi uDavide yayifuna indodana yayo izizwe kanjani ngoNkulunkulu?
18 INkosi uDavide yathi kuSolomoni, indodana yayo: “Yazi uNkulunkulu kayihlo futhi umkhonze ngenhliziyo ephelele nangomphefumulo ojabulayo; ngoba uJehova uhlola zonke izinhliziyo, futhi ubona konke ukuthambekela kwemicabango.” (1 IziKr. 28:9) UDavide wayefuna indodana yakhe yenze okungaphezu nje kokukholelwa kuNkulunkulu. Wayefuna ukuba iqonde ukuthi uJehova unesithakazelo esijulile ezincekwini zaKhe. Ingabe nawe uyasazisa isithakazelo uJehova anaso kithi?
19, 20. NgokweHubo 19:7-11, yini eyasiza uDavide ukuba asondele kuNkulunkulu, futhi singamlingisa kanjani?
19 UJehova uyazi ukuthi abantu abathambekele ngokufanele bayodonseleka kuye nokuthi ukwazi izimfanelo zakhe ezinhle kuyobenza basondelane naye. Ngakho, uJehova ufuna simazi, sazi nobuntu bakhe obumangalisayo. Sikwenza kanjani lokho? Ngokutadisha iZwi lakhe nangokuqaphela izibusiso zakhe ekuphileni kwethu.—IzAga 10:22; Joh. 14:9.
20 Ingabe ulifunda nsuku zonke iZwi likaNkulunkulu ngokwazisa nangomthandazo? Uyakubona yini ukubaluleka kokuphila ngezimiso zeBhayibheli? (Funda iHubo 19:7-11.) Uma kunjalo, ukholo lwakho kuJehova nothando lwakho ngaye kuyokhula. Yena uyobe esesondela kuwe nakakhulu, kube njengokungathi nihamba nibambene ngezandla. (Isaya 42:6; Jak. 4:8) Yebo, uJehova uyobonisa ukuthi uyakuthanda ngokukubusisa nangokukuvikela ngokomoya njengoba uhamba endleleni enyinyekile eholela ekuphileni.—IHu. 91:1, 2; Math. 7:13, 14.
Ungaphendula Kanjani?
• Kungani uJehova esihlola?
• Yini eyabangela ukuba abantu abathile babe izitha zikaNkulunkulu?
• Singabonisa kanjani ukuthi uJehova ungokoqobo kithi?
• Singenze njani ukuze inhliziyo yethu ihlale iphelele kuNkulunkulu?
[Isithombe ekhasini 4]
UJehova usinakekela kanjani njengomzali onothando?
[Isithombe ekhasini 5]
Isiphi isifundo esisithola esibonelweni sika-Ananiya?
[Isithombe ekhasini 6]
Yini eyosisiza ukuba siqhubeke sikhonza uJehova ngenhliziyo ephelele?