28 Ababi bayabaleka kube kungekho muntu obajahayo,
Kodwa abalungile bazethemba njengebhubesi. +
2 Uma kunesiphambeko ezweni, izikhulu ziyobusa ngokushintshana, +
Kodwa ngosizo lomuntu onokuqonda nolwazi, isikhulu siyohlala isikhathi eside. +
3 Umuntu ompofu ophamba abantu abaphansi +
Unjengemvula ekhukhula konke ukudla.
4 Labo abawushiyayo umthetho bayamdumisa omubi,
Kodwa abawugcinayo bayabathukuthelela. +
5 Abantu ababi abanakubuqonda ubulungisa,
Kodwa abafuna uJehova baqonda konke. +
6 Ungcono ompofu ohamba ngobuqotho bakhe
Kunocebile onezindlela ezikhohlakele. +
7 Indodana eqondayo igcina umthetho,
Kodwa umngani weziminzi uhlaza uyise. +
8 Owandisa ingcebo yakhe ngenzalo + nangenzuzo eyeqile
Uyiqoqela lowo obonisa umusa kubantu abampofu. +
9 Owenqaba ukulalela umthetho
—Ngisho nomthandazo wakhe uyinto enengekayo. +
10 phambukisela abaqotho endleleni embi uyowela emgodini wakhe, +
Kodwa abangenaphutha bayodla ifa lokuhle. +
11 Umuntu ocebile uhlakaniphile emehlweni akhe, +
Kodwa ompofu oqondayo uyakwazi ukumbona. +
12 Lapho abalungile benqoba, kuba khona udumo olukhulu,
Kodwa lapho ababi bethola amandla, abantu bayacasha. +
13 Ofihla iziphambeko zakhe ngeke aphumelele, +
Kodwa ozivumayo azishiye uyoboniswa isihe. +
14 Uyajabula umuntu ohlale eqaphile,
Kodwa noma ubani oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyowela enhlekeleleni. +
15 Njengebhubesi eligwavumayo nebhere elihlaselayo
Unjalo umbusi omubi obusa abantu abangakwazi ukuzilwela. +
16 Umholi ongenakho ukuqonda uwasebenzisa kabi amandla akhe, +
Kodwa ozonda inzuzo engalungile uyokwelula ukuphila kwakhe. +
17 Umuntu onecala legazi ngokubulala umuntu uyobaleka aze angene ethuneni. +
Makungabi bikho muntu omsizayo.
18 Ohamba ngokungenaphutha uyosindiswa, +
Kodwa onezindlela ezigwegwile uyowa kungazelelwe. +
19 Olima umhlabathi wakhe uyoba nokudla okuningi,
Kodwa ofunana nezinto ezingasizi ngalutho uyosutha ubumpofu. +
20 Umuntu othembekile uyothola izibusiso eziningi, +
Kodwa ojaha ukuceba ngeke ahlale emsulwa. +
21 Akukuhle ukukhetha; +
Kodwa umuntu angenza okubi ngenxa yocezu lwesinkwa.
22 Umuntu onomona ushabashekela ingcebo,
Engazi ukuthi ukuswela kuyomfica.
23 Noma ubani osola umuntu, + kamuva uyothola umusa omkhulu +
Kunomuntu othophayo ngolimi lwakhe.
24 Noma ubani ophamba uyise nonina bese ethi: “Akukubi,” +
Uyafana nomuntu osebenza nezigilamkhuba. +
25 Umuntu oyigovu ubhebhezela ingxabano,
Kodwa noma ubani othembela kuJehova uyochuma. +
26 Noma ubani othemba inhliziyo yakhe uyisiphukuphuku, +
Kodwa ohamba ngokuhlakanipha uyophunyuka enhlekeleleni. +
27 Noma ubani opha abampofu ngeke aswele lutho, +
Kodwa ovala amehlo akhe ekuhluphekeni kwabo uyothola iziqalekiso eziningi.
28 Lapho ababi bethola amandla, umuntu uyacasha,
Kodwa lapho beshabalala abalungile bayanda. +