Amazwi Ahlakaniphile Ayisikhombisa
AMAZWI angezansi atholakala encwadini yasendulo egcwele izaga eziye zabonakala zisebenza kuze kuba namuhla. Cabanga indlela lezi zaga ezingakusiza ngayo ekuphatheni imali yakho.
1. “Umthandi wesiliva nje ngeke aneliseke ngesiliva, nanoma ubani ongumthandi womcebo ngeke aneliswe yinzuzo engenayo.” (UmShumayeli 5:10) La mazwi akuwona awendoda empofu enomona. Enye yamadoda acebe kunawo wonke ake aphila, iNkosi uSolomoni yakwa-Israyeli, yawabhala ikhuluma ngalokho eyayibhekane nakho futhi yakubona. Amadoda acebile aphila kule nkathi esiphila kuyo nawo aye asho amazwi afanayo.
2. “Uma sinokudla nokokwembatha, siyokwaneliswa yikho. Kodwa, labo abafuna ukuceba bawela esilingweni.” (1 Thimothewu 6:8, 9, NET Bible) La mazwi alotshwa umphostoli uPawulu, owashiya umsebenzi ophakeme waba umlandeli kaJesu Kristu. Ngokungafani nabaholi benkolo banamuhla, uPawulu wamelana nesilingo sokufuna inzuzo kulabo ayebafundisa noma abangane bakhe. Kunalokho, wakwazi ukusho la mazwi ngobuqotho: “Angifisanga siliva nagolide nasambatho samuntu. Nina ngokwenu niyazi ukuthi lezi zandla ziye zakhonza izidingo zami nezalabo abanami.”—IzEnzo 20:33, 34.
3. “Ngubani kini othi efuna ukwakha umbhoshongo angahlali phansi kuqala abale izindleko, ukuze abone ukuthi unakho yini okwanele ukuba awuqede?” (Luka 14:28) Umfanekiso kaJesu ungase usetshenziswe esimweni ongase ubhekane naso: Lapho uthenga, ikakhulukazi ngekhadi lesikweleti, ingabe uyothenga ngokuphamazela noma uyoba nesineke futhi ubale izindleko? Ingabe uyidinga ngempela yini leyo nto, futhi unayo yini imali yokuyithenga?
4. “Labo ababolekayo, bayizigqila zababolekisa ngemali.” (IzAga 22:7, Contemporary English Version) Ukuwohloka kwamuva kwesimo somnotho kuye kwabonisa ubuwula bokuthenga ngekhadi lesikweleti nezinye izinhlobo zezikweleti. Encwadini yakhe yango-2009, ethi Your Money, Day One, uMichael Wagner uthi: “Kuyinto evamile namuhla ukuba umuntu abe nesikweleti esingaphezu kwamaRandi angu-61 000 ngokwesilinganiso, emakhadini okukweleta amane noma ngaphezulu.”
5. “Omubi uyaboleka angabuyiseli, kodwa olungile ubonisa umusa futhi uyaphana.” (IHubo 37:21) Ukufaka isicelo esisemthethweni sokuba ubhekwe njengomuntu ongenamali, abaningi bakubheka njengendlela elula yokubalekela ukukhokha izikweleti abanazo. Ngakolunye uhlangothi, labo ababazisayo ubuhlobo obuhle noNkulunkulu abaqikeleli nje kuphela ukuthi bayazikhokha izikweleti uma bengase bakwazi, kodwa futhi bayaphana ngalokho abanakho.
6. “Ngangiyinsizwa, manje ngikhulile, nokho angizange ngimbone olungileyo eshiywe ngokuphelele, noma inzalo yakhe iphanza isinkwa.” (IHubo 37:25) La mazwi abhalwa yindoda eyayibhekane nokuphathwa kabi. Kwaphela iminyaka iwumbaleki, ngezinye izikhathi ihlala emigedeni, kokunye icele ukukhoseliswa ezweni engalazi. Ekugcineni, lo mbaleki, uDavide, waba yinkosi yakwa-Israyeli wasendulo. Phakathi nokuphila kwakhe wazibonela ukuthi ayiqiniso kangakanani amazwi angenhla.
7. “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) La mazwi akhulunywa umuntu omkhulu kunabo bonke awake waphila. UJesu wachitha ukuphila kwakhe emhlabeni ekhonza abanye, “ngenxa yenjabulo eyayibekwe phambi kwakhe.” Manje ujabulela ukuphila okungakupheli njengesidalwa somoya ezulwini ngakwesokunene ‘sikaNkulunkulu ojabulayo,’ uJehova.—Hebheru 12:2; 1 Thimothewu 1:11.
Asinakuba nenjongo enkulu ekuphileni ukwedlula eyokulingisa isibonelo sikaJesu ngokwenza konke okusemandleni ethu ukuze sibe sesimweni sokukhonza abanye. Akungabazeki ukuthi uzovuma ukuthi kungcono ukulondoloza imali ngokuhlakanipha, ukuze ukwazi ukupha abanye ngesandla esivulekile, kunokuyisaphaza ngobugovu.