Isihlengo
Incazelo: Inani elikhokhelwa ukubuyisa noma ukubangela ukukhululwa esibophweni esithile noma esimweni esingathandeki. Inani lesihlengo eliphawuleka kakhulu ilelo legazi likaJesu Kristu elachithwa. Ngokukhokha inani laleso sihlengo ezulwini, uJesu wavula indlela ngenzalo ka-Adamu ukuba ikhululwe esonweni nokufa sonke esakuzuza ngenxa yesono sikakhokho wethu uAdamu.
Ukufa kukaJesu Kristu kwakuhluke kanjani kulokho okwabanye abaye baba abafel’ ukholo?
UJesu wayengumuntu ophelele. Wazalwa engenalo ngisho nebala lesono futhi walondoloza lokho kuphelela kukho konke ukuphila kwakhe. “Ongenzanga isono.” ‘Wayengenacala, ehlukanisiwe nezoni.’—1 Pet. 2:22; Heb. 7:26.
WayeyiNdodana kaNkulunkulu ehlukile. UNkulunkulu ngokwakhe wakufakazela ngomlomo lokhu esezulwini. (Math. 3:17; 17:5) LeNdodana yayike yaphila ngaphambili ezulwini; ngayo uNkulunkulu wayebangele kwaba khona bonke abanye abantu abadaliwe nezinto ezisendaweni yonke. Ukuze afeze intando yaKhe, uNkulunkulu wayegudluzele ngokuyisimangaliso ukuphila kwaleNdodana yakhe esizalweni sentombi eyincasakazi ukuze izalwe njengomuntu. Ukuze agcizelele ukuthi ngempela wayengumuntu, uJesu wabhekisela kuye ngokwakhe njengeNdodana yomuntu.—Kol. 1:15-20; Joh. 1:14; Luka 5:24.
Akazange angabi namandla phambi kwababulali bakhe. Wathi: “Ngidela ukuphila kwami . . . Akakho ongangamuka ukuphila kwami, kodwa ngikudela ngokwami.” (Joh. 10:17, 18) Wenqaba ukunxusa amabutho ezingelosi ukuba amlwele. (Math. 26:53, 54) Nakuba abantu ababi bavunyelwa ukuba bafeze amacebo abo okuba bambulale, ukufa kwakhe eqinisweni kwakungokomhlatshelo.
Igazi lakhe elachithwa linenani lokukhulula abanye. “INdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube-yisihlengo sabaningi.” (Marku 10:45) Ngakho ukufa kwakhe kwakukude kakhulu nendaba yokufel’ ukholo ngenxa yokwenqaba ukuhlehla ezinkolelweni zakhe.
Bheka futhi amakhasi 142, 143, ngaphansi kwesihloko esithi “ISikhumbuzo.”
Kungani kwadingeka ukuba isihlengo silungiselelwe ngendlela esalungiselelwa ngayo ukuze thina sibe nokuphila okuphakade?
Roma 5:12: “Isono sangena ezweni ngamuntu munye [uAdamu], nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile.” (Kungakhathaliseki ukuthi singaphila ngobuqotho kangakanani, sonke siyizoni kusukela ekuzalweni. [IHu. 51:5] Akukho-ndlela esingazenza ngayo sifanelekele ilungelo lokuphila phakade.)
Roma 6:23: “Inkokhelo yesono ingukufa.”
IHu. 49:6-9: “Labo abathemba imfuyo yabo bezigabisa ngomcebo wabo omkhulu, na? Umuntu angemhlenge umfowabo, angemnike uNkulunkulu inhlawulo ngaye. Ngokuba ukuhlengwa komphefumulo wabo kubiza kakhulu; akunakuphela nanini ukuba aphile njalo, angaboni ukubola.” (Akekho umuntu ongaphelele ongalungiselela indlela yokukhulula omunye esonweni nokufa. Imali yakhe ayinakukuthenga ukuphila okuphakade, futhi umphefumulo wakhe obekwa phansi ngokufa, njengoba kuyinkokhelo okumelwe ayikhokhe ngenxa yesono, awunalo inani lokukhulula noma ubani.)
Kungani uNkulunkulu engamanange wamemezela ukuthi, nakuba uAdamu noEva kumelwe bafe ngokuhlubuka kwabo, yonke inzalo yabo eyayizolalela uNkulunkulu yayingaphila phakade?
Kungenxa yokuthi uJehova “uthanda ukulunga nokwahlulela.” (IHu. 33:5; Dut. 32:4; Jer. 9:24) Ngakho-ke, indlela abhekana ngayo nalesisimo yasekela ukulunga kwakhe, yahlangabezana nezimfuneko zokwahlulela okuphelele, futhi, ngesikhathi esifanayo, yadumisa uthando lwakhe nomusa. Kanjani?
(1) UAdamu noEva babengenabantwana ngaphambi kokona kwabo, ngakho abekho abazalwa bephelele. Yonke inzalo ka-Adamu yazalelwa esonweni, futhi isono siholela ekufeni. Ukuba uJehova wayemane wangakunaka lokhu, lokho kwakuyosho ukungazinaki izindinganiso zakhe siqu zokulunga. UNkulunkulu wayengenakukwenza lokho ngaleyondlela ahlanganyele ekungalungini. Akazange azigudluzele eceleni izimfuneko zokwahlulela okuphelele; ngakho akukho sidalwa esihlakaniphile esasingathola iphutha elifanelekile kulokhu.—Roma 3:21-26.
(2) Lalingenziwa kanjani ilungiselelo lokukhulula labo benzalo ka-Adamu ababeyobonisa ukulalela uJehova kothando, ngaphandle kokungazinaki izimfuneko zokwahlulela ngokulunga? Uma umuntu ophelele ayengafa njengomhlatshelo, ukwahlulela kokulunga kwakuyovumela ukuba lokho kuphila okuphelele kusibekele izono zalabo okwakuyothi ngokholo bamukele lelilungiselelo. Njengoba isono somuntu oyedwa (leso sika-Adamu) sasiyimbangela yokuba wonke umkhaya wesintu ube yizoni, igazi elichithiwe lomunye umuntu ophelele (ngamanye amazwi, uAdamu wesibili), eliyinani elilinganayo, laliyogcwalisa ukulunga. Ngenxa yokuthi uAdamu wona ngokuzithandela, wayengenakuzuza; kodwa ngenxa yokuthi inkokhelo sonke isintu esasizoyikhokha ngenxa yesono ngalendlela yayizokhokhwa ngomunye umuntu, inzalo ka-Adamu yayingakhululwa. Kodwa wayengekho umuntu onjalo ophelele. Isintu sasingenakukwazi ukuhlangabezana nalezozimfuneko zokwahlulela okuphelele. Ngakho-ke, njengokubonakaliswa kothando olumangalisayo nangokulahlekelwa okukhulu kuye siqu, uJehova ngokwakhe wenza lelolungiselelo. (1 Kor. 15:45; 1 Thim. 2:5, 6; Joh. 3:16; Roma 5:8) INdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa yazimisela ukuba ifeze ingxenye yayo. Eshiya inkazimulo yakhe yasezulwini ngokuthobeka, eba ngumuntu ophelele, uJesu wafela isintu.—Fil. 2:7, 8.
Umfanekiso: Inhloko yekhaya ingase ibe isigebengu igwetshelwe intambo. Izingane zayo zingase zisale zingenalutho, zinesikweleti ezingenakusikhokha. Mhlawumbe umkhulu wazo onomusa angenele ngenxa yazo, enze ilungiselelo ngeNdodana ehlala naye ukuba ikhokhe izikweleti zazo futhi izivulele ithuba lokuphila okusha. Yebo, ukuze zizuze, lezingane kumelwe zilamukele lelilungiselelo, futhi umkhulu wazo ngokufanelekile angase adinge izinto ezithile njengesiqinisekiso sokuthi lezingane ngeke zilingise inkambo kayise.
Inani lomhlatshelo kaJesu lasetshenziswa kobani kuqala, futhi ngayiphi injongo?
Roma 1:16: ‘Ivangeli [eliphathelene noJesu Kristu nendima yakhe enjongweni kaJehova]; . . . lingamandla kaNkulunkulu, kube-yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala, nakumGreki.’ (Isimemo sokuzuza elungiselelweni lensindiso ngoKristu ladluliselwa kumaJuda kuqala, kwase kuba kwabangemaJuda.)
Efe. 1:11-14: “Kuyena [uKristu] esabelwa [amaJuda, kuhlanganise nomphostoli uPawulu] futhi ifa kuye [Ifa lani? LoMbuso wasezulwini], . . . ukuze sibe-ludumo lwenkazimulo yakhe, thina esethemba ngaphambili kuKristu; kuye nani [amaKristu athathwa kwabeZizwe, njengoba kwakunjalo ngamaningi ase-Efesu] esenizwile izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu, enakholwa nguye futhi, nani nabekwa uphawu olunguMoya oNgcwele wesithembiso oyisibambiso sefa lethu, kube-ngukuhlengwa kokungokwakhe, ukuze kutuswe inkazimulo yakhe.” (Lelofa, njengoba kuboniswe kweyoku-1 Petru 1:4, ligcinwe emazulwini. IsAmbulo 14:1-4 sibonisa ukuthi labo abahlanganyela kulo bayizi-144 000 ngenani. Kanye noKristu, laba bayokhonza njengamakhosi nabapristi phezu kwesintu iminyaka eyi-1 000, okuyothi kuyo injongo kaNkulunkulu ngomhlaba ukuba ube yipharadesi elinabantu abayinzalo ephelele yabantu bokuqala ababili iyofezwa khona.)
Obani abanye osukwini lwethu abathola izinzuzo emhlatshelweni kaJesu?
1 Joh. 2:2: “Yena [uJesu Kristu] uyinhlawulo ngezono zethu [lezo zikamphostoli uJohane namanye amaKristu agcotshwe ngomoya], kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke [abanye besintu, labo ngaleyondlela okwenziwa kube nokwenzeka ngabo ukuba namathemba okuphila okuphakade emhlabeni].”
Joh. 10:16: “Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesisibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube-mhlambi munye nomalusi munye.” (Lezi “ezinye izimvu” ziba ngaphansi kokunakekela kothando kukaJesu Kristu lapho insali ‘yomhlambi omncane’ wezindlalifa zoMbuso isesemhlabeni; ngakho-ke “ezinye izimvu” zingahlanganiswa nezindlalifa zoMbuso njengengxenye ‘yamhlambi munye.’ Bonke bajabulela eziningi zezinzuzo ezifanayo emhlatshelweni kaJesu, kodwa hhayi ngokufana ncamashí ngoba isiphetho sabo asifani.)
IsAm. 7:9, 14: “Emva kwalokho ngabona, bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa-muntu, sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi, . . . Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba-mhlophe egazini leWundlu.” (Ngakho-ke, amalungu alesixuku esikhulu ayobe ephila lapho usizi olukhulu luqala, futhi enokuma okuhlanzekile phambi kukaNkulunkulu ngoba anokholo esihlengweni. Ukulunga ababalelwa khona ngenxa yalokhu kwanele ukuba balondolozwe baphile emhlabeni badlule osizini olukhulu.)
Iziphi izibusiso zesikhathi esizayo eziyojatshulelwa ngenxa yesihlengo?
IsAm. 5:9, 10: “Ahlabelela igama elisha, athi: Ufanele wena [Wundlu, Jesu Kristu] ukuyithabatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe, wabenza babe-ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu wethu, babuse emhlabeni.” (Isihlengo sasiyisici esibalulekile ekuvuleni indlela yokuphila ezulwini kulabo abayobusa noKristu. Ngokushesha bonke ababusi kuhulumeni omusha womhlaba bayoba sezihlalweni zabo zobukhosi ezulwini.)
IsAm. 7:9, 10: “Bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa-muntu, sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu [uJesu Kristu, owafa njengokungathi uyiwundlu lomhlatshelo], sembethe izingubo ezinde ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla zaso, samemeza ngezwi elikhulu, sithi: Insindiso ngekaNkulunkulu wethu ohlezi esihlalweni sobukhosi neyeWundlu.” (Ukholo emhlatshelweni kaKristu luyisici esiyinhloko ekusindeni kwalesixuku esikhulu sidlule osizini olukhulu.)
IsAm. 22:1, 2: “Wayesengikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu, uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu. Phakathi kwesitaladi sawo nomfula emaceleni omabili kukhona umuthi wokuphila, uthela izithelo eziyishumi nambili, uthela izithelo zawo izinyanga ngezinyanga, namaqabunga omuthi angawokuphulukisa izizwe.” (Kanjalo, ukusebenza kwenani lomhlatshelo weWundlu likaNkulunkulu, uJesu Kristu, kuyingxenye ebalulekile yelungiselelo elenziwa uNkulunkulu lokuphulukisa isintu kuyo yonke imiphumela yesono nokusenza sikwazi ukujabulela ukuphila okuphakade.)
Roma 8:21: “Nakho okudaliweyo [isintu] kuyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, kube-ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu.”
Yini edingekayo kithina ukuze sizuze phakade emhlatshelweni ophelele kaJesu?
Joh. 3:36: “Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”
Heb. 5:9: “Esephelelisiwe [uJesu Kristu] waba-yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo.”
Ilungiselelo lesihlengo lembulani ngokuqondene nendlela uNkulunkulu azizwa ngayo ngesintu?
1 Joh. 4:9, 10: “Uthando lukaNkulunkulu lwabonakaliswa kithi ngalokho ukuthi uNkulunkulu wathumela ezweni iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba siphile ngayo. Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kepha ukuthi yena wasithanda thina, wathuma iNdodana yakhe ibe-yinhlawulo ngezono zethu.”
Roma 5:7, 8: “Cishe kungenzeki ukuba umuntu afele olungileyo, kodwa mhlawumbe kungase kube-khona ongaba-nesibindi sokufela omuhle; kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.”
Imuphi umphumela lelilungiselelo okumelwe libe nawo endleleni esisebenzisa ngayo ukuphila kwethu?
1 Pet. 2:24: “Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni.” (Ngokucabangela konke lokho uJehova neNdodana yakhe abaye bakwenza ekusihlanzeni esonweni, kumelwe silwele ngenkuthalo ukunqoba ukuthambekela esonweni. Kumelwe kube okungenakwenzeka ngathi ukwenza ngamabomu into esaziyo ukuthi iyisono!)
Thithu 2:13, 14: “UJesu Kristu owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.” (Ukwazisa ngalelilungiselelo elimangalisayo kumelwe kusishukumisele ukuba sihlanganyele ngentshiseko kuleyomisebenzi uKristu ayabela abalandeli bakhe beqiniso.)
2 Kor. 5:14, 15: “Uthando lukaKristu luyasiqhubezela, sikubona lokhu ukuthi munye owafela bonke; ngakho-ke bonke sebafa; wafela bonke, ukuze abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele yena owabafelayo, wabuye wavuka.”