UJehova Akayideleli Inhliziyo Edabukileyo
“Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo; inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo, Nkulunkulu, awuyikuyidelela.”—IHUBO 51:17.
1. UJehova ubabheka kanjani abakhulekeli bakhe abona ngokungathi sína kodwa abaphendukayo?
UJEHOVA ‘angazembesa ifu, ukuze imikhuleko ingafinyeleli kuye.’ (IsiLilo 3:44) Kodwa ufuna ukuba abantu bakhe bakwazi ukuxhumana naye. Ngisho nakuba omunye wabakhulekeli bakhe engase one ngokungathi sína kodwa aphenduke, uBaba wethu wasezulwini uyakukhumbula okuhle okuye kwenziwa yilowomuntu. Ngakho, umphostoli uPawulu wayengatshela amaKristu akanye nawo: “UNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe.”—Heberu 6:10.
2, 3. Yini abadala abangamaKristu okufanele bayicabangele lapho besebenzelana nabakholwa kanye nabo abonile?
2 Abadala abangamaKristu kufanele futhi bacabangele iminyaka yenkonzo yokwethembeka abakholwa nabo abayinikele kuNkulunkulu. Lokhu kuhlanganisa inkonzo engcwele eyenziwa abaphendukile abaye baphambuka noma abaye ngisho bona ngokungathi sína. Abelusi abangamaKristu bakhathalela inhlalakahle engokomoya yabo bonke abasemhlanjini kaNkulunkulu.—Galathiya 6:1, 2.
3 Umenzi wobubi ophendukile udinga isihe sikaJehova. Nokho, kunokwengeziwe okudingekayo. Amazwi kaDavide akumaHubo 51:10-19 akwenza kukhanye lokhu.
Kudingeka Inhliziyo Ehlanzekile
4. Kungani uDavide athandazela ukuba nenhliziyo ehlanzekileyo nomoya omusha?
4 Uma umKristu ozinikezele esesimweni esibi ngokomoya ngenxa yesono, yini angase ayidinge ngaphandle kwesihe nentethelelo kaJehova? UDavide wanxusa: “Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya [omusha, NW] phakathi kwami.” (IHubo 51:10) Ngokusobala, uDavide wenza lesicelo ngoba waqaphela ukuthi ukuthambekela kokwenza isono esibi kakhulu kwakusekhona enhliziyweni yakhe. Kungenzeka ukuthi asizange sihileleke ezinhlotsheni zesono ezayenga uDavide ngokuphathelene noBati-Sheba no-Uriya, kodwa sidinga usizo lukaJehova ukuze sigweme ukuvumela ukunqotshwa isilingo sokuhlanganyela kunoma yikuphi ukuziphatha okuyisono esingathi sína. Ngaphezu kwalokho, singase ngokomuntu siqu sidinge usizo lwaphezulu ukuze sisuse ezinhliziyweni zethu izici zesono ezinjengobugovu nenzondo—ubugebengu obuhlobene nokweba nokubulala.—Kolose 3:5, 6; 1 Johane 3:15.
5. (a) Kusho ukuthini ukuba nenhliziyo ehlanzekileyo? (b) Yini uDavide ayeyifisa lapho ecela umoya omusha?
5 UJehova ufuna ukuba izinceku zakhe zibe ‘nenhliziyo ehlanzekile,’ okungukuthi, ukuhlanzeka kwesisusa noma inhloso. Eqaphela ukuthi wayengabonisanga ukuhlanzeka okunjalo, uDavide wathandazela ukuba uNkulunkulu ahlanze inhliziyo yakhe futhi ayenze ivumelane nezindinganiso zaphezulu. Umhubi futhi wayefuna umoya noma ukuthambekela kwengqondo okusha, okuqotho. Wayedinga umoya owawuzomsiza ukuba amelane nesilingo futhi abambelele ngokuqinile emithethweni nasezimisweni zikaJehova.
Umoya Ongcwele Ubalulekile
6. Kungani uDavide anxusa ukuba uJehova angawususi umoya ongcwele kuye?
6 Lapho siphelelwe yithemba ngenxa yamaphutha noma ukona kwethu, singase sibe nomuzwa wokuthi uNkulunkulu usezosilahla futhi asuse kithi umoya wakhe ongcwele, noma amandla ayisiphekupheku. UDavide wazizwa ngaleyondlela, ngoba wanxusa uJehova: “Ungangilahli ebusweni bakho, ungangamuki uMoya wakho oNgcwele.” (IHubo 51:11) UDavide ozisolayo nothobekile waba nomuzwa wokuthi izono zakhe zazimenze wangakufanelekela ukukhonza uJehova. Ukulahlwa ebusweni bukaNkulunkulu kwakungase kusho ukulahlekelwa umusa, induduzo, nesibusiso sakhe. Ukuze uDavide abuyiselwe ngokomoya, wayedinga umoya ongcwele kaJehova. Ngokuba nomoya ongcwele, inkosi yayingafuna ngomthandazo isiqondiso saphezulu ukuze ijabulise uJehova, yayingagwema isono, futhi yayingabusa ngokuhlakanipha. Eqaphela izono zakhe kuMniki womoya ongcwele, uDavide ngokufanelekile wanxusa ukuba uJehova angawususi kuye.
7. Kungani kufanele sithandazele ukuthola umoya ongcwele futhi siqaphele ukuba singawukhubekisi?
7 Kuthiwani ngathi? Kufanele sithandazele ukuthola umoya ongcwele futhi kumelwe siqaphele ukuba singawukhubekisi ngokwehluleka ukulandela isiqondiso sawo. (Luka 11:13; Efesu 4:30) Ngaphandle kwalokho, singalahlekelwa yilomoya futhi singakwazi ukubonisa izithelo zawo ezivela kuNkulunkulu eziwuthando, ukujabula, ukuthula, ukubhekakade, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, nokuzithiba. UJehova uNkulunkulu uyosusa umoya wakhe ongcwele kithi ikakhulukazi uma ngokungaphenduki siqhubeka sona kuye.
Ukwethaba Kwensindiso
8. Uma sona kodwa sifuna ukuba nenjabulo yensindiso, yini okumelwe sibe nayo?
8 Isoni esiphendukile esijabulela ukubuyiselwa okungokomoya singaphinde sijabulele ilungiselelo likaJehova lensindiso. Elangazelela lokhu, uDavide wanxusa uNkulunkulu: “Buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho, ungiphase ngomoya ovumayo.” (IHubo 51:12) Yeka indlela okwakukuhle ngayo ukwethaba ngethemba eliqinisekile lensindiso elivela kuJehova uNkulunkulu! (IHubo 3:8) Ngemva kokona kuNkulunkulu, uDavide wafuna ukubuyiselwa kwenjabulo yensindiso evela kuYe. Kamuva, uJehova walungiselela insindiso ngomhlatshelo wesihlengo weNdodana yakhe, uJesu Kristu. Uma thina njengezinceku zikaNkulunkulu ezizinikezele sona ngokungathi sína kodwa sifuna ukuba injabulo yensindiso ibuyiselwe kithi, kudingeka sibe nesimo sengqondo sokuphenduka ukuze sigweme ukona umoya ongcwele.—Mathewu 12:31, 32; Heberu 6:4-6.
9. Yini uDavide ayeyicela lapho ecela ukuba uNkulunkulu amsekele “ngomoya ovumayo”?
9 UDavide wacela ukuba uJehova amsekele “ngomoya ovumayo.” Ngokusobala, lokhu akubhekiseli ekuvumeni kukaNkulunkulu ukusiza noma emoyeni wakhe ongcwele, kodwa kubhekisela ekuthambekeleni kwengqondo kukaDavide okushukumisayo. UDavide wayefuna ukuba uNkulunkulu amsekele ngokufaka kuye umoya ovumayo wokwenza okulungile angaphindi awele esonweni. UJehova uNkulunkulu uzisekela ngokuqhubekayo izinceku zakhe futhi uyabavusa labo abawiswe uvivinyo oluhlukahlukene. (IHubo 145:14) Yeka ukuthi kududuza kanjani ukukuqaphela lokhu, ikakhulukazi uma siye sona kodwa sizisola futhi sifisa ukukhonza uJehova ngokwethembeka phakade!
Ubafundisani Abaphambukayo?
10, 11. (a) Yini uDavide ayengayifundisa abaphambukayo abangama-Israyeli? (b) UDavide wayengafundisa izoni kuphela ngemva kokuba yena ngokwakhe enzeni?
10 Ukuba uNkulunkulu wayengakuvumela, uDavide ngokungenabugovu wayefuna ukwenza okuthile okwakuyobonisa ukwazisa kwakhe ngesihe sikaJehova futhi okwakuyosiza abanye. Iveza imizwa yayo kuJehova ngomthandazo, lenkosi ephendukile yathi ngokulandelayo: “Ngiyakufundisa abaphambukayo izindlela zakho; nezoni ziyakuphendukela kuwe.” (IHubo 51:13) UDavide oyisoni wayengabafundisa kanjani abaphambukayo uMthetho kaNkulunkulu? Yini ayengabatshela yona? Futhi iyiphi inzuzo lokhu okwakungayifeza?
11 Lapho ebonisa abaphambukayo abangama-Israyeli izindlela zikaJehova ngethemba lokubasusa endleleni embi, uDavide wayengaveza indlela esibi ngayo isono, lokho okushiwo ukuphenduka, nendlela yokuthola isihe sikaNkulunkulu. Njengoba ayebuzwile ubuhlungu bokungamukelwa uJehova nokuba nonembeza onecala, ngokungangabazeki uDavide wayeyoba umfundisi onesihawu wezoni eziphendukile, ezidabukile. Yebo, wayengasebenzisa isibonelo sakhe ekufundiseni abanye kuphela ngemva kokuba yena ngokwakhe esezamukele izindinganiso zikaJehova futhi esethole ukuthethelelwa nguYe, ngoba labo abenqaba ukuzithoba ezimfunekweni zaphezulu abanagunya ‘lokushumayela izimiso zikaNkulunkulu.’—IHubo 50:16, 17.
12. UDavide kwamzuzisa kanjani ukwazi ukuthi uNkulunkulu wayemkhululile ekubeni necala legazi?
12 Ephinda izinhloso zakhe ngenye indlela, uDavide wathi: “Ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu, Nkulunkulu wensindiso yami. Khona ulimi lwami luyakuhubela ukulunga kwakho.” (IHubo 51:14) Ukuba necala legazi kwakuletha isijeziso sokufa. (Genesise 9:5, 6) Ngakho ukwazi ukuthi uNkulunkulu wensindiso yakhe wayemkhululile ekubeni necala legazi ngokuphathelene no-Uriya kwakuyonikeza uDavide ukuthula kwenhliziyo nengqondo. Khona-ke ulimi lwakhe lwalungahlabelela ngenjabulo ngokulunga kukaNkulunkulu, hhayi okwakhe. (UmShumayeli 7:20; Roma 3:10) UDavide wayengenakukusula ukuziphatha kwakhe okubi noma avuse u-Uriya ethuneni, njengoba nje umuntu wanamuhla engenakububuyisela ubumsulwa bomuntu aye wamona noma avuse othile aye wambulala. Ingabe akufanele yini sicabange ngalokho lapho silingwa? Futhi yeka indlela okumelwe sisazise ngayo isihe sikaJehova esiye saboniswa sona ngokulunga! Eqinisweni, ukwazisa kufanele kusishukumisele ukuba siqondise abanye kuloMthombo oyinhloko wokulunga nokuthethelela.
13. Kungaphansi kwaziphi izimo kuphela lapho isoni singase sikwazi ukuvula izindebe zaso ngokufanelekile ukuze sidumise uJehova?
13 Akukho soni esingavula izindebe zaso ngokufanelekile ukuze sidumise uJehova uma uNkulunkulu ngesihe engazivuli, ukuze zikhulume amaqiniso aKhe. Ngakho-ke uDavide wahlabelela: “Nkosi, vula izindebe zami, ukuze umlomo wami ulande ngodumo lwakho.” (IHubo 51:15) Njengoba unembeza wakhe wawukhululekile ngenxa yokuthethelela kukaNkulunkulu, uDavide wayengase ashukunyiselwe ukuba afundise abaphambukayo izindlela zikaJehova, futhi wayengamdumisa ngokukhululekile. Bonke abaye bathethelelwa izono zabo njengoDavide kufanele bawazise umusa kaJehova ongabafanele abawubonisiwe, futhi kufanele basebenzise wonke amathuba ukuba bamemezele iqiniso likaNkulunkulu futhi ‘balande ngodumo lwakhe.’—IHubo 43:3.
Imihlatshelo Eyamukelekayo KuNkulunkulu
14. (a) Yimiphi imihlatshelo eyayifuneka ngokwesivumelwano soMthetho? (b) Kungani bekungaba yiphutha ukucabanga ukuthi singahlawula ngokwenziwa kobubi okuqhubekayo ngokwenza izinto ezithile ezinhle?
14 UDavide wayethole ukuqonda okujulile okwamenza wathi: “Ngokuba awuwuthandi umhlatshelo; noma bengizakukunika umnikelo wokushiswa, ubungayikuthokoza ngawo.” (IHubo 51:16) Isivumelwano soMthetho sasifuna ukuba imihlatshelo yezilwane inikelwe kuNkulunkulu. Kodwa izono zikaDavide zokuphinga nokubulala, ezinesijeziso sokufa, zazingenakuhlawulelwa ngemihlatshelo enjalo. Uma kwakungenjalo, wayengenakuyigodla ingcebo yakhe ukuze anikele imihlatshelo yezilwane kuJehova. Ngaphandle kokuphenduka okusuka enhliziyweni, imihlatshelo ayisho lutho. Ngakho-ke kungaba yiphutha ukucabanga ukuthi singahlawula ngokwenziwa kobubi okuqhubekayo ngokwenza izinto ezithile ezinhle.
15. Siyini isimo sengqondo somuntu ozinikezele onomoya owaphukileyo?
15 UDavide wanezela: “Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo; inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo, Nkulunkulu, awuyikuyidelela.” (IHubo 51:17) Endabeni yesoni esiphendukile, “iminikelo” eyamukelekayo ‘kuNkulunkulu ingumoya owaphukileyo.’ Umuntu onjalo akanaso isimo sengqondo sokulwa. Inhliziyo yomuntu ozinikezele onomoya owaphukileyo idabuka ngokujulile ngenxa yesono sakhe, yenziwa ibe phansi ngenxa yokuba nomuzwa wokungamukelwa uNkulunkulu, futhi izimisele ukwenza noma yini ukuze iphinde izuze umusa waphezulu. Akukho lutho oluyigugu esingalunikeza uNkulunkulu kuze kube yilapho siphenduka ezonweni zethu futhi simnike izinhliziyo zethu ngokuzinikela okuphelele.—Nahume 1:2.
16. UNkulunkulu umbheka kanjani umuntu onenhliziyo edabukile ngenxa yesono sakhe?
16 UNkulunkulu akawenqabi umhlatshelo onjengenhliziyo edabukile neyaphukileyo. Ngakho-ke, naphezu kwanoma yibuphi ubunzima esihlangabezana nabo njengabantu bakhe, masingakuvumeli ukuphelelwa yithemba. Uma siye sakhubeka endleleni yokuphila ngendlela ethile eyenza ukuba izinhliziyo zethu zifune isihe saphezulu, akumelwe silahle ithemba. Ngisho nakuba siye sona ngokungathi sína kodwa saphenduka, uJehova ngeke ayilahle inhliziyo yethu edabukile. Uyosithethelela ngesisekelo somhlatshelo kaKristu wesihlengo futhi uyosibuyisela emuseni waKhe. (Isaya 57:15; Heberu 4:16; 1 Johane 2:1) Nokho, njengoDavide, imithandazo yethu kufanele ibe ngeyokufuna ukubuyiselwa emuseni waphezulu kungabi ngeyokubalekela ukusolwa noma ukulungiswa okudingekile. UNkulunkulu wamthethelela uDavide, kodwa futhi wamjezisa.—2 Samuweli 12:11-14a.
Ukukhathalela Ukukhulekela Okuhlanzekile
17. Ngaphandle kokunxusela ukuthethelelwa uNkulunkulu, yini izoni okufanele ziyenze?
17 Uma siye senza isono esingathi sína, ngokungangabazeki lokhu kuyosiphazamisa kakhulu ezingqondweni zethu, futhi inhliziyo ezisolayo iyosishukumisela ukuba sinxuse ukuba uNkulunkulu asithethelele. Nakuba kunjalo, masibathandazele nabanye. Nakuba uDavide ayebheke phambili ekubeni aphinde akhulekele uNkulunkulu ngokwamukelekayo, ihubo lakhe alizange ngobugovu lishiye abanye ngaphandle. Lihlanganisa lokhu kunxusa kuJehova: “Lenzele iSiyoni okuhle ngokomusa wakho, uzakhe izingange zaseJerusalema.”—IHubo 51:18.
18. Kungani uDavide ophendukile athandazela iSiyoni?
18 Yebo, uDavide wayebheke phambili ekubuyiselweni kwakhe emuseni waphezulu. Nokho, umhubi othobekile wayethandazela futhi ukuba ‘ngomusa uNkulunkulu alenzele okuhle iSiyoni,’ inhlokodolobha yakwa-Israyeli, iJerusalema, lapho uDavide ayenethemba lokwakha khona ithempeli likaNkulunkulu. Izono ezingathi sína zikaDavide zazisongele sonke isizwe, ngoba bonke abantu babengahlupheka ngenxa yokona kwenkosi. (Qhathanisa neyesi-2 Samuweli, isahluko 24.) Empeleni, izono zakhe zazizenze zaba buthakathaka “izingange zaseJerusalema,” kangangokuthi manje zase zidinga ukwakhiwa kabusha.
19. Uma siye sona kodwa sathethelelwa, yini okungaba okufanelekile ukuyithandazela?
19 Uma siye sona ngokungathi sína kodwa sathethelelwa uNkulunkulu, kungaba okufanelekile ukuthandazela ukuba ngandlela-thile alungise noma yimuphi umonakalo oye wabangelwa ukuziphatha kwethu. Kungenzeka siye saletha isihlamba egameni lakhe elingcwele, kungenzeka siye salulaza ibandla, futhi kungenzeka siye saletha ukudabuka emkhayeni wethu. UBaba wethu wasezulwini onothando angasusa noma yisiphi isihlamba esilethwe egameni lakhe, angalivuselela ibandla ngomoya wakhe ongcwele, futhi angaziduduza izinhliziyo zabathandekayo bethu abamthandayo nabamkhonzayo. Yebo, kungakhathaliseki ukuthi isono sihilelekile noma cha, ukungcweliswa kwegama likaJehova nenhlala-kahle yabantu bakhe kufanele sikukhathalele ngaso sonke isikhathi.—Mathewu 6:9.
20. Kungaphansi kwaziphi izimo uJehova ayeyojabula ngemihlatshelo neminikelo ka-Israyeli?
20 Uma uJehova ayakhé kabusha izingange zaseSiyoni, yini enye eyayiyokwenzeka? UDavide wahlabelela: “Khona uyakuyijabulela [Jehova] iminikelo yokulunga eshiswayo neshiswa yonke; khona bayakunikela ngezinkunzi phezu kwealtare lakho.” (IHubo 51:19) UDavide wayefisa ngobuqotho ukuba yena nesizwe bajabulele umusa kaJehova ukuze bakwazi ukumkhulekela ngokwamukelekayo. Khona-ke uNkulunkulu wayeyojabula ngemihlatshelo yabo yokushiswa neminikelo ephelele. Lokhu kwakuyoba njalo ngenxa yokuthi lena kwakuyoba yimihlatshelo yokulunga enikelwa ngabantu abazinikezele, abaqotho, nabaphendukile abajabulela isihe sikaNkulunkulu. Bebonga isihe sikaJehova, babeyonikela ngezinkabi e-altare lakhe—imihlatshelo engcono kakhulu nebiza kakhulu. Namuhla, sidumisa uJehova ngokumnika okungcono kakhulu kwalokho esinakho. Futhi iminikelo yethu ihlanganisa ‘izinkunzi eziyimilomo yethu,’ imihlatshelo yokubonga eya kuNkulunkulu wethu onesihe, uJehova.—Hoseya 14:2; Heberu 13:15.
UJehova Uyakuzwa Ukukhala Kwethu
21, 22. IHubo 51 liqukethe ziphi izifundo eziyinzuzo kithi?
21 Umthandazo kaDavide osuka enhliziyweni olotshwe kumaHubo 51 usibonisa ukuthi kufanele sisabele esonweni sethu ngomoya wokuphenduka weqiniso. Lelihubo futhi liqukethe izifundo ezingagwegwesi eziyinzuzo kithi. Ngokwesibonelo, uma sona kodwa siphenduka, singathembela esiheni sikaNkulunkulu. Nokho, ngokuyinhloko masikhathazeke nganoma yisiphi isihlamba okungenzeka siye sasiletha egameni likaJehova. (Amavesi 1-4) NjengoDavide, singanxusela ukuthola isihe kuBaba wethu wasezulwini ngesisekelo sokuba kwethu nesono esakuzuza njengefa. (Ivesi 5) Kufanele sibe neqiniso, futhi kudingeka sifune ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu. (Ivesi 6) Uma siye sona, kumelwe sinxuse ukuba uJehova asihlanze, sinxusele ukuthola inhliziyo ehlanzekile, nomoya ongaguquguquki.—Amavesi 7-10.
22 KumaHubo 51 singabona futhi ukuthi akumelwe sizivumele ukuba sigxile esonweni. Uma besingenza kanjalo, uJehova ubeyowususa kithi umoya wakhe ongcwele, noma amandla ayisiphekupheku. Nokho, njengoba sinomoya kaNkulunkulu, singafundisa abanye izindlela zakhe ngokuphumelelayo. (Amavesi 11-13) Uma sona kodwa siphenduke, uJehova uyosivumela ukuba siqhubeke simdumisa ngoba akalokothi ayidelele inhliziyo edabukile neyaphukileyo. (Amavesi 14-17) Lelihubo futhi libonisa ukuthi imithandazo yethu akufanele nje igxile kithi kuphela. Kunalokho, kufanele sithandazele isibusiso nenhlala-kahle engokomoya yabo bonke labo abahlanganyela ekukhulekelweni kukaJehova okuhlanzekile.—Amavesi 18, 19.
23. Kungani iHubo 51 kufanele lisishukumisele ukuba sibe nesibindi nethemba?
23 Lelihubo likaDavide elithinta inhliziyo kufanele lisishukumisele ukuba sibe nesibindi nethemba. Lisisiza ukuba siqaphele ukuthi akudingeki sicabange ukuthi alisekho ithemba ngisho noma siwela esonweni. Ngani? Ngoba uma siphenduka, isihe sikaJehova singasivikela ekuphelelweni yithemba. Uma sizisola futhi sizinikele ngokuphelele kuBaba wethu wasezulwini onothando, uyakuzwa ukukhalela kwethu isihe. Futhi yeka indlela okududuza ngayo ukwazi ukuthi uJehova akayideleli inhliziyo edabukileyo!
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Kungani amaKristu edinga inhliziyo ehlanzekile nomoya ongcwele kaNkulunkulu?
◻ Yini umuntu ophendukile angayifundisa abaphambukayo ngomthetho kaJehova?
◻ UJehova uyibheka kanjani inhliziyo edabukile neyaphukileyo?
◻ Yiziphi izifundo ezitholakala kumaHubo 51?
[Isithombe ekhasini 15]
Ingabe uyawuthandazela umoya ongcwele futhi uqaphele ukuba ungawukhubekisi?
[Isithombe ekhasini 17]
Bonisa ukwazisa ngomusa kaJehova ongasifanele ngokumemezela iqiniso lakhe