Eyesibili KaSamuweli
12 Ngakho uJehova wathumela uNathani + kuDavide. Wafika kuye + wathi: “Kwakukhona amadoda amabili kwelinye idolobha, enye yayicebile enye ihlupheka.* 2 Indoda ecebile yayinezimvu nezinkomo eziningi kakhulu; + 3 kodwa indoda ehluphekayo yayingenalutho ngaphandle kwewundlu elilodwa lensikazi, elincane, eyayilithengile. + Yayilinakekela, likhulela phambi kwayo namadodana ayo. Lalidla ukudla okuncane eyayinako, liphuza enkomishini yayo, lilala esifubeni sayo. Laba njengendodakazi kuyo. 4 Ngemva kwesikhathi indoda ecebile yafikelwa yisivakashi, kodwa ayizange ithathe ezimvwini nasezinkomeni zayo ukuze yenzele isihambi esasifike kuyo ukudla. Kunalokho, yathatha leliya wundlu lendoda ehluphekayo yaliphekela isivakashi esasifikile.” +
5 Lapho ezwa lokhu uDavide wayithukuthelela kakhulu leyo ndoda, wathi kuNathani: “Ngimfunge uJehova, + le ndoda eyenze le nto kufanele ife! 6 Kufanele ikhokhe amawundlu amane esikhundleni salo, + ngenxa yale nto eyenzile nangenxa yokuthi ayizange ilubonise uzwela.”
7 UNathani wathi kuDavide: “Nguwe leyo ndoda! Yilokhu uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akushoyo: ‘Mina uqobo ngakugcoba ukuba ube yinkosi phezu kuka-Israyeli, + ngakukhulula esandleni sikaSawule. + 8 Ngakunika indlu yenkosi yakho + nabafazi benkosi yakho, + ngakunika nendlu ka-Israyeli nekaJuda. + Uma kuwukuthi lokho bekungenele, bengizimisele ukukwenzela nezinye izinto. + 9 Kungani udelele izwi likaJehova ngokwenza okubi emehlweni akhe? U-Uriya umHeti umbulale ngenkemba! + Ngemva kokumbulala ngenkemba yama-Amoni, + uthathe umkakhe waba ngumkakho. + 10 Manje inkemba ayisoze yasuka endlini yakho, + ngenxa yokuthi ungidelelile ngokuthatha umka-Uriya umHeti wamenza umkakho.’ 11 Yilokhu uJehova akushoyo, ‘Ngikulethela inhlekelele evela khona kanye endlini yakho; + ngizothatha abafazi bakho phambi kwamehlo akho ngibanike omunye umuntu, *+ uyolala nabo emini bebade. *+ 12 Nakuba le nto wena uyenze ekusithekeni, + mina ngizoyenza phambi kwawo wonke u-Israyeli emini libalele.’ ”*
13 UDavide wathi kuNathani: “Ngonile kuJehova.” + UNathani wamphendula uDavide wathi: “UJehova naye uyasithethelela isono sakho. *+ Ngeke ufe. + 14 Noma kunjalo, ngenxa yokuthi umdelele ingcaca uJehova kule ndaba, indodana osanda kuzalelwa yona izofa nakanjani.”
15 Ngemva kwalokho uNathani wabuyela emzini wakhe.
UJehova wabangela umntwana umka-Uriya ayemzalele uDavide ukuba agule. 16 UDavide wancenga uNkulunkulu weqiniso ngenxa yomfana. UDavide wazila ukudla ngokuphelele, wangena ekamelweni lakhe walala phansi ubusuku bonke. + 17 Ngakho amadoda amadala endlu yakhe aya kuye azama ukumncenga ukuba avuke phansi, kodwa akavumanga futhi akayanga ukuyodla nawo. 18 Ngosuku lwesikhombisa umntwana wafa, kodwa izinceku zikaDavide zazesaba ukumtshela ukuthi umntwana usefile. Zathi: “Ngesikhathi umntwana esaphila sikhulumile naye, kodwa akasilalelanga. Pho singamtshela kanjani ukuthi umntwana usefile? Angase enze into embi kakhulu.”
19 Lapho uDavide eqaphela ukuthi izinceku zakhe zazihlebelana, wavele wabona ukuthi umntwana usefile. UDavide wathi ezincekwini zakhe: “Useshonile yini umntwana?” Zaphendula zathi: “Useshonile.” 20 Ngakho uDavide wasukuma phansi. Wageza wagcoba amafutha, + washintsha izingubo zakhe waya endlini + kaJehova wafike wakhuleka. Ngemva kwalokho, waya endlini* yakhe wacela ukuba bamlethele ukudla, wadla. 21 Izinceku zakhe zambuza zathi: “Kungani wenze ngale ndlela? Ngesikhathi umntwana esaphila uzile ukudla wakhala; kodwa ngokushesha nje lapho umntwana eseshonile, uvukile wadla.” 22 Waphendula wathi: “Lapho umntwana esaphila ngizile ukudla + ngakhala, ngoba bengizitshela ukuthi, ‘Ubani owaziyo ukuthi uJehova angase angibonise yini umusa, umntwana aphile?’ + 23 Manje njengoba eseshonile, kungani kufanele ngizile ukudla? Ngingambuyisa yini? + Ngolunye usuku nami ngizofa, + kodwa yena ngeke ngikwazi ukumvusa.” +
24 UDavide waduduza uBhati-sheba umkakhe. + Waya kuye walala naye. Ngemva kwesikhathi wazala indodana, bayiqamba ngokuthi uSolomoni. *+ UJehova wayithanda, + 25 wathumela uNathani + umprofethi ukuba ayiqambe ngokuthi uJedidiya,* ngoba uJehova wayeyithanda.
26 UJowabe waqhubeka elwa neRaba + lama-Amoni, + walithatha idolobha lasebukhosini. *+ 27 Ngakho uJowabe wathumela izithunywa kuDavide wathi: “Ngilwile neRaba, + ngalithatha idolobha lamanzi.* 28 Manje butha wonke amanye amasosha ulivimbezele idolobha ulithathe. Ngaphandle kwalokho lizothathwa yimi, bese kuba yimi othola udumo ngalo.”*
29 Ngakho uDavide waqoqa wonke amasosha wahamba waya eRaba wafike walwa nalo walithatha. 30 Ngemva kwalokho wathatha umqhele kaMalkamu* owawusekhanda lakhe, isisindo sawo siyithalenta* legolide, unamatshe ayigugu, wabekwa ekhanda likaDavide. Wathatha nempahla eningi + kulelo dolobha. + 31 Wakhipha abantu ababekulo, wabanika umsebenzi wokusika amatshe nowokusebenza ngamathuluzi abukhali ensimbi nangezimbazo zensimbi, nowokwenza izitini. Yilokho akwenza kuwo wonke amadolobha ama-Amoni. Ekugcineni uDavide nawo wonke amasosha babuyela eJerusalema.