-
UJehova Uyisiphephelo SethuINqabayokulinda—2001 | Novemba 15
-
-
9. Kungani ubusuku bungase bube yisikhathi esesabekayo, kodwa kungani singesabi?
9 Ngenxa yesivikelo sikaNkulunkulu, umhubi uthi: “Awuyikwesaba ivuso lasebusuku, nomcibisholo ondizayo emini,
-
-
UJehova Uyisiphephelo SethuINqabayokulinda—2001 | Novemba 15
-
-
Njengoba izenzo eziningi ezimbi zenziwa ebumnyameni ebusuku, ubusuku bungaba yisikhathi esesabekayo. Ebumnyameni obungokomoya obugubuzele umhlaba manje, izitha zethu ngokuvamile ziphendukela ezenzweni ezicashile lapho zizama ukonakalisa ingokomoya lethu nokusiyekisa umsebenzi wethu wokushumayela. Kodwa ‘asilesabi ivuso lasebusuku’ ngoba uJehova uyasilonda.—IHubo 64:1, 2; 121:4; Isaya 60:2.
10. (a) Kubonakala sengathi ubhekiselephi ‘umcibisholo ondiza emini,’ futhi sisabela kanjani kuwo? (b) Lunjani ‘ubhadane oluhamba ebumnyameni,’ futhi kungani singalwesabi?
10 ‘Umcibisholo ondiza emini’ kubonakala sengathi ubhekisele ekuhlaselweni ngamazwi. (IHubo 64:3-5; 94:20) Njengoba siphikelela ekuvezeni lokho okuyiqiniso, lokho kuphikiswa okuyingcaca kwenkonzo yethu engcwele kuphelela ezeni.
-