Umbono WeBhayibheli
Ukuphila Komuntu Kuqala Nini?
USEPTEMBER 21, 1989, kwakuwusuku olungavamile lwesiFunda Senkantolo Yokwahlulela Yesihlanu Yombuso WaseTennessee, eU.S.A. Ngalolosuku inkantolo yesigodi yaveza umbono ecaleni lobuzali ngokuqondene nemibungu yabantu eyisikhombisa eyayinjengefa eligodliwe. Inkantolo kwakumelwe inqume ukuthi imuphi phakathi kwabazali abahlukanisayo owayezonikezwa ilungelo lobuzali. Nokho, okokuqala kwavela enye impikiswano okwakumelwe ilungiswe: Ingabe lemibungu kumelwe ibhekwe njengempahla noma abantu?
UProfesa uJerome Lejeune waseParis, isazi esidumile sesayensi yofuzo, safakaza phambi kwenkantolo ukuthi umuntu ngamunye unesiqalo esingavamile, esenzeka ngesikhathi sokukhulelwa nokuthi “ngokushesha nje lapho umuntu esakhekile, umuntu ungumuntu.” Ngamanye amazwi, kusukela ezingeni lamangqamuzana amathathu (zygote), imibungu, njengoba atshela inkantolo, “ingabantu abancinyane”!—Omalukeke sizenzele.
Lapho ebuzwa ukuthi ingabe wayefakazela ukuthi izygote kufanele iphathwe ngendlela efanayo nomuntu omdala, uDkt. Lejeune waphendula: “Anginitsheli lokho ngoba angikho esimweni sokwazi lokho. Nginitshela ukuthi ungumuntu, khona-ke ukwaHlulela Ngokulunga okuyosho ukuthi lomuntu unamalungelo afanayo yini nawabanye. . . . Kodwa njengesazi sesayensi yofuzo nokwahlukana kwezinto ningibuza ukuthi lomuntu ophilayo ungumuntu yini, futhi ngizonitshela ukuthi ngenxa yokuthi uyinto ephilayo futhi ungumuntu, ungumuntu ophilayo.”
Ngokusekelwe ngokuyinhloko ebufakazini bukaDkt. Lejeune obungenakuphikwa, iziphetho ezintathu ezisobala zenkantolo yilezi:
◻ “Kusukela ekukhulelweni, amangqamuzana ombungu womuntu ayahlukaniswa, awafani futhi ngalinye linenjongo ekhetheke ngokwezinga eliphakeme kakhulu lokwehluka.”
◻ “Imibungu yabantu ayiyona impahla.”
◻ “Ukuphila komuntu kuqala ngesikhathi sokukhulelwa.”
Ingabe lokhu kuyavumelana nalokho iBhayibheli elikushoyo ngesiqalo sokuphila komuntu?
Ukuphila Kuqala Ngesikhathi Sokukhulelwa
UJehova uNkulunkulu ‘ungumthombo wokuphila’ futhi “siphila, sihamba, sikhona ngaye.” (IHubo 36:9; IzEnzo 17:28) UMdali uthi ukuphila kuqala nini? Ubheka ukuphila komntwana njengokuyigugu ngisho nasemazingeni okuqala okukhula ngemva kokukhulelwa. Eminyakeni engaphezu kuka-3 000 ngaphambi kwesinqumo esingenhla senkantolo, waphefumlela umprofethi wakhe uDavide, ukuba abhale:
“Wangaluka esiswini sikamame. Ngiyakukubonga, ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo, imisebenzi yakho iyamangalisa, umphefumulo wami uyakwazi kahle. Amathambo ami ayengafihlekile kuwe, lapho ngenziwa ekusithekeni [esibelethweni], ngibunjwa [ebhekisela emithanjeni, eyelukwe emzimbeni njengemicu yendwangu emibalabala] ezindaweni ezijulileyo zomhlaba [ukuchaza ngendlela esankondlo ubumnyama obusesibelethweni]. Amehlo akho angibona ngiseyihlule, zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho.”—IHubo 139:13-16.
Kusukela esikhathini sokukhulelwa, ukuphila okukhulayo kulandela indlela ecacile njengokungathi kuhlonipha iziyalezo ezibekwe encwadini enkulu. “Isilinganiso sokwaziswa okukuzygote,” kusho uDkt. Lejeune, “uma kuthathwa ngakunye kufakwe kucomputer bese kutshela icomputer indlela yokubala lokho okuzokwenzeka ngokulandelayo, lokhu kwaziswa kungaba kukhulu kangangokuthi akukho muntu ongakulinganisa.”
Ukuphila Kongakazalwa Kuyigugu
Ngakho, umntwana ongakazalwa osakhula esizalweni uyinto enkulu kakhulu kunesigaxa senyama nje kuphela. Ubaluleke kakhulu, futhi ngenxa yalesizathu, uNkulunkulu uye waphawula ukuthi umuntu uyolandisa ngokulimala komntwana ongakazalwa. Umthetho wakhe kuEksodusi 21:22, 23 uyaxwayisa: “Uma abantu belwa, balimaze owesifazane okhulelweyo, size siphuphume isisu sakhe, kungaveli enye ingozi kodwa, wohlawuliswa impela njengalokho indoda yomfazi iyakubeka kuye, akhokhe njengesinqumo sabahluleli. Uma kuvela ingozi, wokwenana ukuphila ngokuphila.”
Amanye amaBhayibheli ahumusha lamavesi angenhla ngendlela yokuthi okwenzeka kowesifazane kube yiyonanto eyinhloko okubhekiselwa kuyo emthethweni. Nokho, umbhalo wesiHeberu wokuqala uqondisa ukunaka engozini eyenzeka kumama noma kumntwana.a Ngakho-ke, ukukhipha isisu ngamabomu ukuze kugwenywe ukuzalwa komntwana ongafunwa kuwukubulala ngamabomu.
Abanye abantu bangagomela ngokuthi umbungu womuntu awusikho ukuphila komuntu ngenxa yokuthi ngeke ukwazi ukuziphilela wona ngaphandle kwesibeletho. Lokhu ukuphikisa okuyize. Akekho noyedwa ongabazayo ukuthi umntwana osanda kuzalwa—onemizuzu ezelwe—ungumuntu ophilayo. Nokho, uma lowomntwana engabekwa enqunu ebaleni ngaphandle, ubengaphila isikhathi eside kangakanani? Akanakuzisiza ngokuphelele, futhi njengombungu noma ihlule, untula amandla okuziphilisa ngokwakhe. Umntwana osanda kuzalwa udinga indawo yokukhosela, ukufudumala, nokudla—ukondliwa, usizo, nosizo olunganikezwa umuntu omdala, njengomama kuphela.
Ngakho-ke, isinqumo somthetho okukhulunywe ngaso ngaphambili siyavumelana nombono weBhayibheli wokuthi ukuphila komuntu kuqala ekuqaleni kokukhulelwa. Ukuphila kongakazalwa akukhona okuthile okuyize okungasuswa nje ngenhloso njengento engalungile nengafanelekile. Ukuphila komuntu kungcwele hhayi nje ngemva kokuphuma esibelethweni kuphela kodwa nalapho kusesesibelethweni.
[Umbhalo waphansi]
a Ibizo elithi “ingozi” (ngesiHeberu, ʼa·sohnʹ) alinakho ukuhlangana okuqondile ‘nowesifazane okhulelweyo’; ngakho, ingozi ebulalayo ayithinti nje kuphela owesifazane kodwa ngokufanelekile ingahlanganisa “nomntwana wakhe” osesibelethweni.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 26]
Windsor Castle, Royal Library. ©1970 Her Majesty The Queen