“Ukulwa KungokukaJehova”
‘Ngiza kuwe ngegama likaJehova-Sebawoti, uNkulunkulu wempi kaIsrayeli omeyisile.’—1 SAMUWELI 17:45.
1, 2. (a) Iyiphi inselele ebhekene nempi yamaIsrayeli ngaphansi kweNkosi uSawule? (b) Asabela kanjani amadoda empi akwaIsrayeli enseleleni kaGoliyati, futhi ubani manje ovelayo enkundleni?
AMABUTHO amabili anamandla agqolozelene ngaphesheya kwesigodi saseEla, eningizimu-ntshonalanga yeJerusalema. Kolunye uhlangothi kunebutho lamaIsrayeli, eliholwa iNkosi uSawule eyesabayo. Ngakolunye uhlangothi kunebutho lamaFilisti elineqhawe lalo elingumdondoshiya, uGoliyati. Cishe, igama likaGoliyati lisho ukuthi “Ovelele.” Unobude obucishe bube amamitha angu-2,7 futhi uhlome waphelela. UGoliyati umemeza uIsrayeli ngamazwi oku-hlambalaza kokweyisa.—1 Samuweli 17:1-11.
2 Ubani ozohlangabezana nenselele kaGoliyati? “Bonke abantu bakwaIsrayeli sebebo-nile lomuntu bambalekela, besaba kakhulu.” Kodwa bheka—kuvela umfana oseyibhungu nje enkundleni! Igama lakhe nguDavide, okusho ukuthi “Othandekayo.” Wazibonakalisa futhi ‘engothandekayo’ kuJehova ngenxa yokuzinikela kwakhe ekulungeni ngesibindi. Kakade uSamuweli usemgcobile uDavide ukuba abe yinkosi kaIsrayeli yesikhathi esizayo, nomoya kaJehova usebenza ngamandla kuye.—1 Samuweli 16:12, 13, 18-21; 17:24; IHubo 11:7; 108:6.
3. UDavide uzihlomisela kanjani impi, kodwa uGoliyati uhlome kanjani?
3 Lapho ezwa uGoliyati ‘eyisa impi kaNkulunkulu ophilayo,’ uDavide uyazinikela ukuba ayokulwa nalomdondoshiya. Lapho uSawule evuma, uDavide uyaphuma kodwa akazembethe izingubo zempi ezijwayelekile futhi akaziphethe nezikhali azinikezwa uSawule. Uhlome ngenduku kuphela, indwayimane, namatshe ayisihlanu abushelelezi—ngokuphambene noGoliyati, ophethe umkhonto nesigqoko sempi esingamakhilogremu angu-7 futhi ogqoke ibhantshi lensimbi elingamakhilogremu angu-57! Njengoba uGoliyati onamandla nodibi lwakhe olumthwalele isihlangu besondela, ‘umFilisti uqalekisa uDavide ngonkulunkulu bakhe.’—1 Samuweli 17:12-44.
4. UDavide uyiphendula kanjani inselele yomdondoshiya?
4 UDavide uphendula kanjani? Uphindisela inselele yomdondoshiya, ememeza: “Uza kimi nenkemba, nomkhonto, nengcula, kepha mina ngiza kuwe ngegama likaJehova-Sebawoti, uNkulunkulu wempi kaIsrayeli o[m]eyisile. Namuhla uJehova uyakukunikela esandleni sami; ngiyakukubulala, ngisuse ikhanda lakho kuwe, nginike namuhla izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba izidumbu zempi yamaFilisti, ukuze umhlaba wonke wazi ukuthi kukhona uNkulunkulu kwaIsrayeli, yazi yonke lenhlangano ukuthi uJehova akasindisi ngenkemba nangomkhonto; ngokuba UKULWA KUNGOKUKAJEHOVA; uyakuninikela esandleni sethu.”—1 Samuweli 17:45-47.
5. Uyini umphumela wempi, futhi udumo luya kubani?
5 UDavide usondela empini ngesibindi. Itshe lakhe lendwayimane lindizela esisulwini salo, futhi uGoliyati uwela emhlabathini. Yebo, uJehova uye wavuza ukholo lukaDavide nesibindi ngokuqondisa lesosikhali esincane esijikijelwayo ngokungageji ebunzini lomdondoshiya! UDavide ugijimela phambili, uhosha inkemba kaGoliyati emgodleni wayo, futhi anqume ikhanda lalesiqhwaga. AmaFilisti ayabaleka ekhungathekile. Ngempela, kungashiwo ukuthi: “UKULWA KUNGOKUKAJEHOVA”!—1 Samuweli 17:45-51.
6. (a) Kungani uJehova eye walondoloza iminini-ngwane yalempi yasendulo? (b) Yikuphi ukuqini-sekiswa izinceku zikaNkulunkulu ezikudingayo la-pho zibekezelela ukushushisa okuvela ezitheni ezi-ngase zifaniswe noGoliyati?
6 Kungani uJehova eye walondoloza lomlando oningiliziwe wempi eZwini lakhe, ngisho nakuba lempi yalwiwa cishe eminyakeni eyizi-3 000 edlule? Umphostoli uPawulu uyasitshela: “Konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe-nethemba.” (Roma 15:4) Namuhla, izinceku eziningi zikaNkulunkulu ezithembekile zibekezelela ukuhlanjalazwa nokushushiswa okuqondile okuvela ezitheni ezingafaniswa noGoliyati. Njengoba ukucindezela kwesitha kwanda, sonke sidinga ukuqinisekiswa okududuzayo kokuthi “UKULWA KUNGOKUKAJEHOVA.”
Impikiswano Yobukhosi
7. Iyiphi impikiswano bonke abantu bakaNkulu-nkulu abayikhathalelayo kuzo zonke izizwe, futhi ngani?
7 UGoliyati waphumela ukudelela uNkulunkulu kaIsrayeli. Ngokufanayo, kulelikhulu lama-20 leminyaka isimiso sezombangazwe sokubusa kobushiqela siye savelela, sibekela ubukhosi bukaJehova inselele futhi sizama ukucindezela izinceku zakhe ekuzithobeni kokukhulekela uMbuso. Abantu bakaNkulunkulu kuzo zonke izizwe bayakhathazeka ngalenselele. Kungani kunjalo? Ngenxa yokuthi iziKhathi zabeZizwe ezaprofethwa, noma “izikhathi [ezimisiwe, NW] zabezizwe,” zaphela ngo-1914, zingenisa lenkathi yamanje ‘yosizi lwezizwe, nokuxakeka.’ (Luka 21:24-26) IziKhathi zabeZizwe zaqala lapho izizwe ziqala ukunyathela iJerusalema lasemhlabeni ngo-607 B.C.E. futhi zahlanganisa iminyaka eyalandela engu-2 520 kuya ku-1914, lapho uJehova ebeka uJesu esihlalweni sobukhosi njengeNkosi yakhe yobuMesiya eJerusalema lasezulwini.—Heberu 12:22, 28; IsAmbulo 11:15, 17.a
8. (a) Amakhosi omhlaba asabela kanjani emyalweni ongokwesiprofetho ‘wokukhonza uJehova ngokwesaba’? (b) Yiziphi iziqhwaga zezwe namu-hla ezeyisa uJehova futhi zicindezele oFakazi bakhe?
8 Ngo-1914 kwaba noshintsho olukhulu. Izizwe zabeZizwe zazingasenakubusa ngaphandle kokungenela kwaphezulu. Kodwa ingabe “amakhosi” ayebusa ngalesosikhathi awulalela umyalo ongokwesiprofetho ‘wokukhonza uJehova ngokwesaba,’ evuma iNkosi yakhe esanda kumiswa? Cha! Kunalokho, ‘aceba icebo ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe,’ uJesu. Ephishekela izifiso zawo siqu, ‘axokozela’ eMpini Enkulu ka-1914-18. (IHubo 2:1-6, 10-12) Kuze kube namuhla, ukubuswa kwezwe kuyimpikiswano evuthayo phambi kwesintu. Izwe likaSathane liqhubeka liveza iziqhwaga zezombangazwe, ezifana nezihlobo zikaGoliyati, amaRefa. Lababusi abangomashiqela beyisa uJehova futhi bazame ukucindezela oFakazi bakhe ukuba bazithobe kubo, kodwa njengenhlala-yenza, impi nokunqoba kungokukaJehova.—2 Samuweli 21:15-22.
“USawule” Wanamuhla
9. Obani namuhla abaye bavumelana nendlela yeNkosi uSawule yokwenza izinto, futhi ngaziphi izindlela?
9 INkosi uSawule ingena kanjani kulendaba? Ngaphambidlana, ngenxa yokuhlubuka kwayo, uJehova wayenqume ‘ukuklebhula umbuso kaIsrayeli kuyo.’ (1 Samuweli 15:22, 28) Manje, uSawule wayehlulekile ukuphakamisa ubukhosi bukaJehova lapho ebhekene nenselele kaGoliyati. Ngaphezu kwalokho, ngokulandelayo waqhubeka eshushisa uDavide, umnqobi kaGoliyati nogcotshwe uJehova ukuba athathe isikhundla sohlu lukaSawule lokubusa. Yeka ukuthi abefundisi beLobukholwa baye bayifanela ngokumangalisayo kanjani lendlela yokwenza! Bahlubukile eqinisweni leBhayibheli, beyingxenye yokuhlubuka okukhulu ‘kokungazilaleli izindaba ezinhle’ ngeNkosi yethu uJesu noMbuso wayo ozayo. Bahluleke ngokuphelele ukumelela ubukhosi bukaJehova bendawo yonke futhi babashushise kabuhlungu oFakazi BakaJehova abagcotshiwe nabangane babo, isixuku esikhulu. UJehova uyozisusa lezozihlubuki ‘ngolaka lwakhe.’—2 Thesalonika 1:6-9; 2:3; Hoseya 13:11.
10. (a) Ngo-1918, iyiphi incwadi yezinhloso eye yanyatheliswa eLondon iqembu labefundisi abavelele? (b) Esikhundleni sokuyilandelela leyoncwadi yezinhloso ka-1918, iyiphi inkambo eye yaphishe-kelwa abefundisi?
10 Phakathi nempi yezwe yokuqala, izindlela zokuyekethisa zabefundisi beLobukholwa zaba sobala ngokucacile. Ngokusobala, kwakugcwaliseka isiprofetho sikaJesu esikuMathewu izahluko 24 no-25, noLuka isahluko 21. Eqinisweni, ngo-1918 iqembu labefundisi abavelele eLondon, eNgilandi, ababemelele amaSonto amaBaptist, amaCongregational, abaseHabe, abaseSheshi, namaWeseli, banyathelisa incwadi yezinhloso. Lencwadi yathi: “Isimo samanje esibucayi sikhomba ekupheleni kwezikhathi zabeZizwe.” Kodwa abazange bayilandelele leyoncwadi yezinhloso. Kakade, abefundisi beLobukholwa babehileleke ngokujulile ekusekeleni zombili izinhlangothi zempi yezwe yokuqala. Esikhundleni sokuqaphela ukuba khona kukaJesu emandleni oMbuso, bavumelana nokucabanga kwezizwe zalomhlaba—kokuthi abantu kufanele baqhubeke bebuswa imibuso yabeZizwe yezombangazwe ehlukanisayo, ngisho nangomashiqela abanjengoGoliyati, kunokuhlangana ngobunye ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu.—Mathewu 25:31-33.
Abahlehli!
11. Obani abangazange bahlehle empikiswaneni yobukhosi, futhi balandela isibonelo sikabani?
11 Ingabe izinceku zikaNkulunkulu ezizini-kele ziyahlehla kulempikiswano yobukhosi? Phinde neze, njengoba umbhalo ogciniwe weBhayibheli ubonisa ngokucacile! (Daniyeli 3:28; 6:25-27; Heberu 11:32-38; IsAmbulo 2:2, 3, 13, 19) AmaKristu athembekile namuhla amelela ubukhosi bukaJehova noMbuso naphezu kwakho konke ukuhlanjalazwa nokushushiswa konya uGoliyati wanamuhla ocindezelayo awagidlabeza ngakho. Ngalendlela,alandela ezinyathelweni zikaJesu, “iNdodana kaDavide,” eyalwa impi engokomoya ngesibindi ekumeleleni ubukhosi bukaJehova, kuyilapho ngesikhathi esifanayo ilondoloza ukungathathi-hlangothi okuqinile ezimpikiswaneni zezwe nezombangazwe. Lapho ethandaza kuYise, uJesu waphawula ukuthi abalandeli bakhe, amaKristu eqiniso, nabo futhi “abasibo abezwe.”—Mathewu 4:8-10, 17; 21:9; Johane 6:15; 17:14, 16; 18:36, 37; 1 Petru 2:21.
12. (a) Obani abaye bamlahla phansi uGoliyati wanamuhla, futhi kanjani? (b) Ukubheka kwabo “uGoliyati” njengofile kuye kwaba namuphi um-phumela kubantu bakaJehova?
12 Namuhla insali enjengoDavide yamaKristu agcotshiwe iye yamlahla phansi uGoliyati wanamuhla. Kanjani? Ngokuthi iye yazifungela ukuba ngasohlangothini lukaJehova ngokuphelele kulempikiswano yokubuswa kwezwe. “IZWI LESINQUMO (Elamukelwa iNhlangano YabaFundi BeBhayibheli Bezizwe Zonke eMhlanganweni waseCedar Point, eOhio, ngeSonto, September 10, 1922)” labeka isibonelo. Lahlanganisa okulandelayo:
“10. Ngaphezu kwalokho sibambelela futhi sifakazele ukuthi lolu usuku lwempindiselo kaNkulunkulu embusweni kaSathane obonakalayo nongabonakali;
“11. Ukuthi ukumiswa kabusha kwezwe elidala noma uhlelo kuyinto engenakwenzeka; ukuthi sesifikile isikhathi sokumiswa koMbuso kaNkulunkulu ngoKristu Jesu; nokuthi izobhujiswa yonke imibuso nezinhlangano ezingazithobi ngokuzithandela ekubuseni kokuLunga kweNkosi.”
Ngokungangabazeki “iNdodana kaDavide,” njengeNhloko yebandla lobuKristu, yaqondisa ukuphonswa ‘kwalelotshe’ leqiniso loMbuso. (Mathewu 12:23; Johane 16:33; Kolose 1:18) Amazwi esinqumo amukelwa emihlanganweni yaminyaka yonke kusukela ngo-1922 kuya ku-1928 akugcizelela lokhu kuma. Ngokubona kwabantu bakaJehova, “uGoliyati” wayedindilizile, enqunywe ikhanda. Ukubusa kwabantu kobushiqela kuye kwehluleka ukucindezela abameleli abanesibindi bobukhosi bukaJehova ekubeni bahlehle.—Qhathanisa nesAmbulo 20:4.
13. (a) Abefundisi beLobukholwa baye bayekethi-sa kanjani phakathi nokucindezela eJalimane likaHitler? (b) Yini eyabikwa incwadi ethi Mothers in the Fatherland ngokungahlehli koFakazi?
13 Isibonelo sanamuhla esivelele sokucindezela kwemibuso yezombangazwe enjengoGoliyati senzeka eJalimane likaHitler. Izinkolo ezinkulu, kokubili zobuKatolika nezobuProthestani, zahlehla ngokudabukisayo zakhulekela ubuNazi, zenza umbusi waba unkulunkulu, zakhulekela ifulege lakhe lobuNazi, futhi zabusisa amabutho akhe njengoba ephumela ukuyobulala akholwa nawo ezizweni ezingomakhelwane. AmaKristu okuzisholo azo zonke izinkolo—ngaphandle koFakazi BakaJehova—ayebanjwe ugqozi lokushisekela ubuzwe. Incwadi ethi Mothers in the Fatherland yabika: “[OFakazi BakaJehova] bathunyelwa emakamu okuhlushwa, abayinkulungwane babo babulawa, nenye inkulungwane yafa phakathi kuka-1933 no-1945. . . . AmaKatolika namaProthestani ezwa abefundisi bawo bewagqugquzela ukuba abambisane noHitler. Uma enqaba, ayekwenza lokho ngokuphambene neziyalezo ezivela kokubili esontweni nasembusweni.” Yeka ukuthi kokubili iSonto noMbuso kwaba necala legazi elingakanani!—Jeremiya 2:34.b
14. Kungani oFakazi BakaJehova ngokuvamile beshushiswa?
14 Kuze kube namuhla, ukucindezelwa ngonya koFakazi BakaJehova kuyaqhubeka emazweni amaningi, njengoba nje uJesu abikezela. Kodwa ngaphansi kwazo zonke izimo, lamaKristu aqhubeka ngentshiseko eshumayela “lelivangeli lombuso.” (Mathewu 24:9, 13, 14) Okuhlekisayo ngalesimo ukuthi emazweni amaningi oFakazi baqashelwa njengezakhamuzi ezithembekile, eziphila ukuphila okuhlanzekile, eziyisibonelo ekusekeleni umthetho nokuhleleka. (Roma 13:1-7) Kodwa, ngokuvamile bayashushiswa. Ngani? Njengoba ukukhulekelwa kungokukaJehova kuphela, bayakugwema ukukhothamela imifanekiso emelele uMbuso noma ukuyikhulekela. (Duteronomi 4:23, 24; 5:8-10; 6:13-15) Ngokungahlehli, bakhulekela uJehova, “yena yedwa,” benza uJehova iNkosi enguMbusi wokuphila kwabo. (Mathewu 4:8-10; IHubo 71:5; 73:28) Njengoba ‘bengesibo abezwe,’ balondoloza ukungathathi-hlangothi kobuKristu kwezombangazwe nasezimpini zezwe.—Johane 15:18-21; 16:33.
15, 16. (a) Isibonelo sobani esingase silandelwe oFakazi babo bonke ubudala lapho uGoliyati wanamuhla ebasongela, futhi lokhu kuye kwaboniswa kanjani intombazanyana engumKristu eneminyaka eyisithupha? (b) Abazali abangamaKristu bafuna ukuqeqesha abantwana babo ukuba bafane nobani?
15 UGoliyati wanamuhla ngokuvamile uyabasongela labagcini bobuqotho, ababeka ukukhulekela uJehova kuqala kunemikhuba yokukhonza izithombe. (Qhathanisa nesAmbulo 13:16, 17.) Kodwa oFakazi, abasha nabadala, bangalandela isibonelo sikaDavide ngokuphendula lenselele ngokungesabi. Ezweni laseLatin America, intombazanyana engumKristu eneminyaka eyisithupha ubudala yayithole ukuqeqeshwa okuhle kwasekhaya kusukela ebuntwaneni. (Qhathanisa nabase-Efesu 6:4; 2 Thimothewu 3:14, 15.) Lokhu kwakube nengxenye ekuyenzeni ibe umfundi okhaliphe kakhulu ekilasini layo esikoleni. Kodwa unembeza wayo oqeqeshwe ngeBhayibheli wayibangela ukuba igweme ukuba nengxenye emikhosini yasekilasini yokukhonza izithombe. Lapho ichaza ukuma kwayo, uthisha waphawula ukuthi intombazane engangayo yayisencane kakhulu ukuba ingaba nonembeza! Lentombazane eneminyaka eyisithupha yabonisa ukuthi uthisha usephutheni ngokunikeza ubufakazi obuhlaba umxhwele.
16 Kwethenjwa ukuthi bonke abazali abangamaKristu bayoqeqesha abantwana babo ukuze bakwazi ukulandela isibonelo sikaDavide osemusha ngokuthatha ukuma kwabo lapho umbuso wezwe onjengoGoliyati ubasongela. Sengathi bangaba njengabantwana abathathu abathembekile abangamaHeberu, njengoDaniyeli nabanye abaningi bombhalo ogciniwe weBhayibheli ‘ekulondolozeni unembeza omuhle’ ngesibindi ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli.—1 Petru 2:19; 3:16, qhathanisa neNW; Daniyeli 3:16-18.
Njengoba Izazi-mlando Ziyibona
17. (a) Isazi-mlando esiyiNgisi uToynbee saxwayisa ngokukhula kwani? (b) Isigaba sikaGoliyati wanamuhla sakuvivinya kanjani ukwethembeka kwabantu bakaNkulunkulu?
17 Isazi-mlando esidumile esiyiNgisi uArnold Toynbee saxwayisa ngokukhula esikhathini sethu “kwesithunzi esisabekayo sokukhulekela kobuqaba imibuso yezizwe ebusayo,” sisichaza futhi “njengemvubelo emuncu yewayini elisha lesimiso sokubusa ngentando yeningi esezimvabeni ezindala zobuzwe.” Labo abathi isizwe sabo siphakeme kunazo zonke ezinye, kuze kube ngisho nasephuzwini lokukhulekela uMbuso, baye bathonywa ababusi futhi bahlelwa ukuze baphumelelise izimiso zabo, kungakhathaliseki ukuthi zinhle noma zimbi. Ngenxa yalokho, isigaba sikaGoliyati siye savukela ukuvivinya ukwethembeka kwabantu bakaNkulunkulu, abathanda izwe lakubo nakuba benqaba ukukhulekela uMbuso nezimpawu zawo.
18. Imiphi imibuzo yokuzihlola okudingeka iphendulwe umKristu oqhutshwa unembeza?
18 Njengoba kwakunjalo eJalimane lobuNazi, namuhla kunemibuzo yokuzihlola okudingeka iphendulwe umKristu oqhutshwa unembeza: Ingabe kufanele ngikholelwe ukuthi isizwe engihlala kuso sithandwa kakhulu uNkulunkulu kunanoma isiphi esinye? Ikakhulukazi manje, kulenkathi eyingozi kunazo zonke emlandweni wesintu, ingabe kuwukuhlakanipha futhi kunengqondo ukubheka ingxenye eyodwa encane yomhlaba njengephakeme kunazo zonke ezinye izingxenye? Noma ukubheka ingxenye eyodwa yomkhaya wesintu njengephakeme kunazo zonke ezinye izingxenye?
19. ISazi-mlando esikhulu kunazo zonke, uJehova, sisitshelani ngokucabanga nangokwenza ngokungathi esinye isizwe sabantu siphakeme kunazo zonke ezinye?
19 Ake sicabangele umbono weSazi-mlando esikhulu kunazo zonke—uJehova uNkulunkulu, uMlobi weBhayibheli. Umphostoli uPetru uyasitshela: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu, kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.” Futhi akufanele yini ngaso sonke isikhathi senze ngokuvumelana namazwi aphefumlelwe kamphostoli uPawulu okuthi uNkulunkulu “wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bonke bomhlaba”? Kungani isizwe esisodwa sabantu k’afanele sicabange futhi senze njengokungathi siphakeme kunazo zonke ezinye izizwe? Ekhulumela bonke abantu, uPawulu wathi: “Siyinzalo kaNkulunkulu.”—IzEnzo 10:34, 35; 17:26, 29.
20. Yini engeke iphinde ibekele abantu bakaNkulunkulu inselele esimisweni esisha sikaJehova, futhi isifundo sethu esilandelayo sizoxoxa ngani?
20 Esimisweni sikaJehova esisha, abathandi bokulunga abasayikuphinde babekelwe inselele izimiso zezombangazwe zobushiqela ezinjengoGoliyati, ngoba ukuqhosha kobuzwe nenzondo kuyobe kuyizinto zesikhathi esidlule. (IHubo 11:5-7) Nomaphi lapho behlala khona emhlabeni, abantu bakaNkulunkulu kakade sebeye bashiya ukushisekela ubuzwe okunjalo, belalela umyalo kaJesu ‘wokuthandana njengoba abathanda.’ (Johane 13:34, 35; Isaya 2:4) Isifundo sethu esilandelayo sizobonisa ukuthi luhlobo luni lothando lolo!
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe ngalokubalwa kwezikhathi zeBhayibheli, bheka emakhasini 138-41 encwadi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, eyakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
b Ukuze uthole izibonelo ezivusa amadlingozi zobuqotho boFakazi BakaJehova, abasha nabadala, lapho bephendula inselele ‘kaGoliyati’ ongumNazi, bheka iYearbook of Jehovah’s Witnesses ka-1974, amakhasi 117-21, 164-9.
Imibuzo Yokubukeza
◻ Yini efanekiselwa uGoliyati ongumdondoshiya oyisiqhwaga?
◻ Kungaziphi izindlela izinceku zikaNkulunkulu ezingahlehli ngazo empikiswaneni yobukhosi?
◻ Kungani abantu bakaNkulunkulu bengasho ukuthi uGoliyati wanamuhla uwiswe phansi?
◻ Obani abalandela indlela yeNkosi uSawule yokwenza izinto, futhi kanjani?
◻ Abantu bakaJehova baye benza kanjani njengoDavide lapho bebhekene nokucindezelwa uGoliyati wanamuhla?